Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 2 k. 16
  • Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani noma yini uDeveli?
  • Ingabe uDeveli angakwazi ukulawula abantu?
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • “Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UDeveli Akayona Nje Inkolelo-ze
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Melana NoSathane, Uyobaleka!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 2 k. 16
UJesu akavumi ukulingwa uSathane

Lithini IBhayibheli?

Ubani noma yini uDeveli?

UBUNGATHI uDeveli . . .

  • Yisidalwa somoya?

  • Uphawu lobubi olungaphakathi kumuntu?

  • Into ecatshangwa abantu?

LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI

UDeveli wakhuluma noJesu futhi ‘wamlinga.’ (Mathewu 4:1-4) Ngakho uDeveli akayona nje into ecatshangwayo noma uphawu lobubi. Uyisidalwa somoya esibi.

YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?

  • Ekuqaleni uDeveli wayeyingelosi engcwele, kodwa “akazange ame aqine eqinisweni.” (Johane 8:44) Waba umqambimanga futhi wavukela uNkulunkulu.

  • Ezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuvukeleni.—IsAmbulo 12:9.

  • UDeveli wenza abantu abaningi bakholelwe ukuthi ekekho.—2 Korinte 4:4.

Ingabe uDeveli angakwazi ukulawula abantu?

ABANYE ABANTU BATHI kuwukuzikhohlisa ukukholelwa ukuthi uDeveli angakulawula, kuyilapho abanye bekusaba ukulawulwa imimoya emibi. Wena ucabangani?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) UDeveli unalo ithonya kubantu, kodwa akalawuli bonke abantu.

YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?

  • UDeveli usebenzisa inkohliso ukuze adukise abaningi.—2 Korinte 11:14.

  • Ngezinye izikhathi imimoya emibi ingabalawula abantu.—Mathewu 12:22.

  • Ngosizo lukaNkulunkulu, ‘ungamelana noDeveli’ ngokuphumelelayo.—Jakobe 4:7.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe bheka isahluko 10 sale ncwadi enyatheliswa oFakazi BakaJehova, Ngicela ningithumelele incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela