AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 11-16
Ulwazi NgoJehova Luyogcwala Umhlaba
Indlela lesi siprofetho esasisebenza ngayo kuma-Israyeli
Ama-Israyeli akuzange kudingeke esabe izilwane zasendle noma abantu abanjengezilwane lapho esuka ekudingisweni eBhabhiloni nalapho esesezweni lawo elakhiwe kabusha.—Ezra 8:21, 22.
Indlela lesi siprofetho esisebenza ngayo osukwini lwethu
Ulwazi ngoJehova luye lwashintsha ubuntu babantu. Abantu ababenobudlova baye baba nokuthula. Ulwazi ngoNkulunkulu luye lwenza kwaba nepharadesi elingokomoya lomhlaba wonke
Indlela lesi siprofetho esiyogcwaliseka ngayo esikhathini esizayo
Umhlaba wonke uyoshintshwa ube ipharadesi elilondekile nelinokuthula ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni. Akukho lutho oluyoba usongo, kungakhathaliseki ukuthi umuntu noma isilwane
UPawulu washintshwa ulwazi ngoNkulunkulu
Ngesikhathi esengumFarisi, wayenezimfanelo zobulwane.—1Thim 1:13.
Ulwazi olunembile lwabushintsha ubuntu bakhe.—Kol 3:8-10.