Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ip-2 isahl. 22 kk. 321-334
  • Ukulunga Kuyahluma EZiyoni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulunga Kuyahluma EZiyoni
  • Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Unyaka Wokuthakazelelwa”
  • Izithelo Ezingokomoya Ezikhazimulisa UNkulunkulu
  • Ihlazo Nokuthunaza, Bese Kuba Ukuthokoza
  • Ukwethaba Ngezibusiso ZikaJehova
  • “Memezela Unyaka Wokuthakazelelwa NguJehova”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • “Isikhathi Sokuthakazelelwa”
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
  • ‘U-Israyeli KaNkulunkulu’ ‘Nesixuku Esikhulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • “Igama Elisha”
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
Bheka Okunye
Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
ip-2 isahl. 22 kk. 321-334

Isahluko Samashumi Amabili Nambili

Ukulunga Kuyahluma EZiyoni

Isaya 61:1-11

1, 2. Yiziphi izinguquko esezizokwenzeka ku-Israyeli, futhi ziyolethwa ubani?

INKULULEKO mayimenyezelwe! UJehova unqume ukukhulula abantu bakhe ababuyisele ezweni lokhokho babo. Njengembewu ehluma ngemva kwesihlambi semvula, ukukhulekela kweqiniso nako kuzophinde kube khona. Lapho lufika lolo suku, esikhundleni sokuphela kwethemba kuyoba nezindumiso zenjabulo, amakhanda ayevuvuzelwe ngomlotha wokulila ayofakwa umqhele wokwamukelwa kwaphezulu.

2 Ubani oyokwenza lezi zinguquko ezimangalisayo? NguJehova kuphela ongenza into enjalo. (IHubo 9:19, 20; Isaya 40:25) Umprofethi uZefaniya wakhipha umyalo ongokwesiprofetho: “Khamuluka ngenjabulo, ndodakazi yaseZiyoni! Qhumuka ngokwenama, Israyeli! Jabula wethabe ngayo yonke inhliziyo, ndodakazi yaseJerusalema! UJehova uzisusile izahlulelo phezu kwakho.” (Zefaniya 3:14, 15) Yeka isikhathi sentokozo okuyoba yiso leso! Lapho uJehova ebutha insali ebuyiselwe evela eBabiloni ngo-537 B.C.E., kuyoba sengathi kufezeka iphupho.—IHubo 126:1.

3. Amazwi esiprofetho ka-Isaya isahluko 61 anakuphi ukugcwaliseka?

3 Loku kubuyiselwa kwabikezelwa ku-Isaya isahluko 61. Nokho, nakuba kusobala ukuthi leso siprofetho sagcwaliseka ngo-537 B.C.E., saba nokugcwaliseka okukhudlwana kamuva. Lokhu kugcwaliseka okukhulu kuhilela uJesu nabalandeli bakhe ngekhulu lokuqala nabantu bakaJehova namuhla. Yeka indlela abaluleke ngayo-ke la mazwi aphefumulelwe!

“Unyaka Wokuthakazelelwa”

4. Ekugcwalisekeni kokuqala nokwesibili kuka-Isaya 61:1, ubani othunyelwe ukumemezela izindaba ezinhle?

4 U-Isaya uyabhala: “Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, ngenxa yokuthi uJehova ungigcobile ukuba ngitshele abanobuvi izindaba ezinhle. Ungithumé ukuba ngibophe abanhliziyo zaphukileyo, ukuba ngimemezele inkululeko kulabo abathunjiwe nokuvulwa kakhulu kwamehlo ngisho naseziboshweni.” (Isaya 61:1) Ubani lo othunywa ukuba amemezele izindaba ezinhle? Cishe ekuqaleni ngu-Isaya, ophefumulelwa uNkulunkulu ukuba alobele izithunjwa eziseBabiloni izindaba ezinhle. Nokho, uJesu wakhuluma ngokugcwaliseka okubaluleke kakhulu lapho ethi amazwi ka-Isaya asebenza kuye. (Luka 4:16-21) Yebo, uJesu wathunyelwa ukuba atshele abanobuvi izindaba ezinhle, futhi ukuze enze lokhu, wagcotshwa ngomoya ongcwele ngesikhathi ebhapathizwa.—Mathewu 3:16, 17.

5. Obani abebelokhu beshumayela izindaba ezinhle iminyaka engaba ngu-2 000?

5 Ngaphezu kwalokho, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba babe abavangeli, noma abashumayeli bezindaba ezinhle. NgePhentekoste lika-33 C.E., cishe abangu-120 kulaba bagcotshwa ngomoya ongcwele futhi baba amadodana kaNkulunkulu angokomoya. (IzEnzo 2:1-4, 14-42; Roma 8:14-16) Nabo bathunywe ukuba bamemezele izindaba ezinhle kwabanobuvi nabanhliziyo zaphukileyo. Labo abangu-120 baba abokuqala kwabangu-144 000 abagcotshwa kanjena. Abokugcina kuleli qembu basakhuthele emhlabeni namuhla. Ngakho, sekuyiminyaka ecela ku-2 000 abalandeli bakaJesu abagcotshiwe befakaza ‘ngokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.’—IzEnzo 20:21.

6. Obani abathola impumuzo ngokuzwa izindaba ezinhle zishunyayelwa endulo, futhi isimo sinjani namuhla?

6 Isigijimi sika-Isaya esiphefumulelwe sawalethela impumuzo amaJuda aphendukayo eBabiloni. Ngezinsuku zikaJesu nabafundi bakhe sawalethela impumuzo amaJuda azinhliziyo zawo zaziphulwe ububi obabukwa-Israyeli futhi edangaliswe ukubanjwa kwawo ngamasiko enkolo yamanga obuJuda bekhulu lokuqala. (Mathewu 15:3-6) Namuhla izigidi ezibanjwe imikhuba yobuqaba yeLobukholwa namasiko angamhloniphi uNkulunkulu ‘ziyabubula futhi ziqume’ ngenxa yezinto ezinengekayo ezenziwa kulesi simiso senkolo. (Hezekeli 9:4) Labo abazamukelayo izindaba ezinhle bayakhululwa kuleso simo esidabukisayo. (Mathewu 9:35-38) Amehlo abo okuqonda avuleka kakhulu lapho efunda ukukhulekela uJehova “ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:24.

7, 8. (a) Yimiphi ‘iminyaka’ emibili ‘yokuthakazelelwa’? (b) Yiziphi ‘izinsuku’ zikaJehova ‘zempindiselo’?

7 Kunohlelo lwesikhathi sokushumayela izindaba ezinhle. UJesu nabalandeli bakhe bathunywa: “[Memezelani] unyaka wokuthakazelelwa nguJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu; ukuba ngiduduze bonke abalilayo.” (Isaya 61:2) Unyaka uyisikhathi eside, kodwa unesiqalo nesiphetho. “Unyaka” kaJehova “wokuthakazelelwa” yinkathi anika ngayo abanobuvi ithuba lokusabela esimemezelweni sakhe senkululeko.

8 Ekhulwini lokuqala, unyaka wokuthakazelelwa kwesizwe samaJuda waqala ngo-29 C.E. ngesikhathi uJesu eqala inkonzo yakhe yasemhlabeni. Watshela amaJuda: “Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.” (Mathewu 4:17) Lowo nyaka wokuthakazelelwa waze waphela ‘ngosuku lwempindiselo’ kaJehova, olwafinyelela umvuthwandaba ngo-70 C.E. lapho uJehova evumela amabutho amaRoma ukuba abhubhise iJerusalema nethempeli lalo. (Mathewu 24:3-22) Nathi namuhla siphila phakathi nomunye unyaka wokuthakazelelwa, owaqala ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu emazulwini ngo-1914. Lo nyaka wokuthakazelelwa uyophetha ngolunye usuku lwempindiselo, oluyothinta zonke izindawo, lapho uJehova ebhubhisa sonke lesi simiso sezwe sezinto ‘ngosizi olukhulu.’—Mathewu 24:21.

9. Obani namuhla abazuzayo onyakeni kaJehova wokuthakazelelwa?

9 Obani namuhla abazuzayo onyakeni kaNkulunkulu wokuthakazelelwa? Yilabo abamukela isigijimi, babonise ubuvi, futhi ngentshiseko basekele ukumenyezelwa koMbuso kaNkulunkulu “ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Abanjalo bathola ukuthi izindaba ezinhle ziletha induduzo yangempela. Nokho, labo abasenqabayo isigijimi, abenqaba ukusizakala onyakeni kaJehova wokuthakazelelwa, ngokushesha kuyodingeka babhekane nosuku lwakhe lwempindiselo.—2 Thesalonika 1:6-9.

Izithelo Ezingokomoya Ezikhazimulisa UNkulunkulu

10. AmaJuda abuya eBabiloni siwathinta kanjani isenzo esikhulu uJehova awenzele sona?

10 AmaJuda abuya eBabiloni ayaqaphela ukuthi uJehova uwenzele isenzo esikhulu. Ukulila kwawo njengezithunjwa kuphenduka ukwethaba nokudumisa ngoba asekhululekile ekugcineni. Ngaleyo ndlela, u-Isaya ufeza umsebenzi ongokwesiprofetho ayewuthunyiwe, oyilokhu, ‘ukuba abele abalilela iZiyoni, ukuba abanike umnqwazo esikhundleni somlotha, amafutha okwethaba esikhundleni sokulila, isiphuku sendumiso esikhundleni somoya odangele; bayobizwa ngokuthi imithi emikhulu yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze enziwe abe muhle.’—Isaya 61:3.

11. Ngekhulu lokuqala obani ababenesizathu esihle sokudumisa uJehova ngesenzo sakhe esikhulu?

11 Ngekhulu lokuqala, amaJuda akwamukela ukukhululwa ekugqilazweni yinkolo yamanga nawo adumisa uNkulunkulu ngenxa yesenzo esikhulu ayewenzele sona. Esikhundleni somoya odangele athola “isiphuku sendumiso” ngesikhathi ekhishwa esizweni esasifile ngokomoya. Ushintsho olunjalo lwaqale lwezwiwa abafundi bakaJesu lapho ukulilela kwabo ukufa kwakhe kuphenduka intokozo ngenxa yokugcotshwa kwabo ngomoya ongcwele yiNkosi yabo eyayisivusiwe. Ngemva nje kwalokho, ushintsho olufanayo lwezwiwa abantu abanobuvi abangu-3 000 abasabela ekushumayeleni kwalawo maKristu ayesanda kugcotshwa futhi babhapathizwa ngePhentekoste lika-33 C.E. (IzEnzo 2:41) Yeka indlela okwakujabulisa ngayo ukuqiniseka ngesibusiso sikaJehova! Esikhundleni ‘sokulilela iZiyoni,’ bathola umoya ongcwele futhi bavuselelwa ‘ngamafutha okwethaba,’ afanekisela ukwethaba kwalabo ababusiswe nguJehova ngokucebile.—Heberu 1:9.

12, 13. (a) Yayingobani “imithi emikhulu yokulunga” kumaJuda abuya ngo-537 B.C.E.? (b) Obani ‘abebeyimithi emikhulu yokulunga’ kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E.?

12 UJehova ubusisa abantu bakhe ‘ngemithi emikhulu yokulunga.’ Ingobani le mithi emikhulu? Eminyakeni eyalandela u-537 B.C.E., yayingabantu ababetadisha futhi bezindla ngeZwi likaNkulunkulu bese behlakulela izindinganiso zikaJehova zokulunga. (IHubo 1:1-3; Isaya 44:2-4; Jeremiya 17:7, 8) Amadoda anjengo-Ezra, uHagayi, uZakariya nomPristi Ophakeme uJoshuwa aba “imithi emikhulu” egqamile—izinsika zeqiniso nezokulwa nokungcoliswa kwesizwe ngokomoya.

13 Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke, uNkulunkulu watshala “imithi emikhulu yokulunga” efanayo—amaKristu agcotshiwe anesibindi—endaweni engokomoya yesizwe sakhe esisha, “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Galathiya 6:16) Emakhulwini eminyaka edlule, le “mithi” yandile yaba ngu-144 000, yathela izithelo zokulunga zokwenza uJehova uNkulunkulu abe muhle, noma zokumkhazimulisa. (IsAmbulo 14:3) Abokugcina bale “mithi” eyizizemazema baye bachuma kusukela ngo-1919, lapho uJehova evuselela abaseleyo baka-Israyeli kaNkulunkulu esimweni sabo sokungasebenzi okwesikhashana. Ngokubanika amathantala amanzi angokomoya, uJehova uye wenza kwaba nehlathi lemithi elungile, ethela izithelo.—Isaya 27:6.

14, 15. Imiphi imisebenzi eyenziwa abakhulekeli bakaJehova abakhululwa (a) ngo-537 B.C.E.? (b) ngo-33 C.E.? (c) ngo-1919?

14 Eqokomisa umsebenzi wale “mithi,” u-Isaya uyaqhubeka: “Bayokwakha kabusha izindawo osekukade zabhuqwa; bayovusa ngisho nezindawo ezenziwe incithakalo zezikhathi zangaphambili, futhi ngokuqinisekile bayoyenza kabusha imizi ebhuqiwe, izindawo ezenziwe incithakalo izizukulwane ngezizukulwane.” (Isaya 61:4) Ngomyalo wenkosi yasePheresiya uKoresi, amaJuda athembekile abuya eBabiloni akha kabusha iJerusalema nethempeli lalo, elase linesikhathi eside licekelwe phansi. Imisebenzi yokubuyisela yayizokwenzeka naseminyakeni engemva kuka-33 C.E. no-1919.

15 Ngo-33 C.E., ukuboshwa kukaJesu, ukuqulwa kwecala nokufa kwakhe kwabadabukisa kakhulu abafundi bakaJesu. (Mathewu 26:31) Kodwa, lapho efika kubo ngemva kokuvuswa kwakhe, umbono wabo washintsha. Futhi kwathi kungathululwa umoya ongcwele phezu kwabo, baba matasa nomsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle, “kokubili eJerusalema nakulo lonke iJudiya neSamariya nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Ngokwenza kanjalo baqala ukubuyisela ukukhulekela okumsulwa. Ngendlela efanayo, kusukela ngo-1919 kuqhubeke uJesu Kristu wenza ukuba insali yabafowabo abagcotshiwe yakhe kabusha “izindawo ezenziwe incithakalo izizukulwane ngezizukulwane.” Kwase kudlule amakhulu eminyaka abefundisi beLobukholwa behlulekile ukunika abantu ulwazi ngoJehova, esikhundleni salo babefundisa amasiko abantu nezimfundiso ezingasekelwe emiBhalweni. Emabandleni awo, amaKristu agcotshiwe ayeka yonke imikhuba eyayinindwe inkolo yamanga ukuze ukubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso kuqhubekele phambili. Futhi aqala umkhankaso wokufakaza omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona emhlabeni.—Marku 13:10.

16. Obani abebelokhu besiza amaKristu agcotshiwe emsebenzini wawo wokubuyisela, futhi baphathiswe miphi imisebenzi?

16 Kwakuwumsebenzi omkhulu lona. Idlanzana elisele lika-Israyeli kaNkulunkulu lalizowufeza kanjani lo msebenzi? UJehova waphefumulela u-Isaya ukuba amemezele: “Empeleni izihambi ziyosukuma zeluse imihlambi yenu, nabezinye izizwe bayoba abalimi benu nabagcini-zivini benu.” (Isaya 61:5) Lezi zihambi nabezinye izizwe abangokomfanekiso ‘bayisixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ zikaJesu.a (IsAmbulo 7:9; Johane 10:11, 16) Asigcotshwa ngomoya ngenjongo yokuba sidle ifa lasezulwini. Kunalokho, sinethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 21:3, 4) Yize kunjalo, siyamthanda uJehova futhi siphathiswe imisebenzi engokomoya yokwalusa, ukulima nokugcina izivini. Akuyona imisebenzi emincane lena. Ngaphansi kokuqondisa kwabasele baka-Israyeli kaNkulunkulu, lezi zisebenzi zisiza ekwaluseni, ekondleni nasekuvuneni abantu.—Luka 10:2; IzEnzo 20:28; 1 Petru 5:2; IsAmbulo 14:15, 16.

17. (a) Ayobizwa ngokuthini amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu? (b) Yimuphi umhlatshelo okuwukuphela kwawo odingekayo ukuze kuthethelelwe izono?

17 Kuthiwani ngo-Israyeli kaNkulunkulu? Ngo-Isaya, uJehova uthi kuye: “Kepha nina, niyobizwa ngokuthi ningabapristi bakaJehova; kuyothiwa niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu. Niyodla umnotho wezizwe; futhi niyokhuluma ngokuziqhenya ngani ngokwenu nisenkazimulweni yazo.” (Isaya 61:6) Kwa-Israyeli wasendulo, uJehova wamisa abapristi abangamaLevi ukuba banikele ngemihlatshelo benikelela abapristi ngokwabo namanye ama-Israyeli. Kodwa ngo-33 C.E., uJehova wayeka ukusebenzisa abapristi abangamaLevi wabe esemisa ilungiselelo elingcono. Wamukela ukuphila okuphelele kukaJesu njengomhlatshelo wezono zesintu. Kusukela ngaleso sikhathi, akubange kusadingeka omunye umhlatshelo. Umhlatshelo kaJesu uyohlale usebenza ngaso sonke isikhathi.—Johane 14:6; Kolose 2:13, 14; Heberu 9:11-14, 24.

18. U-Israyeli kaNkulunkulu wakha luhlobo luni lobupristi, futhi uthunyweni?

18 Amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu ‘angabapristi bakaJehova’ kanjani-ke? Ebhalela amanye amaKristu agcotshiwe, umphostoli uPetru wathi: “‘Niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, isizwe sokuba yimpahla ekhethekile, ukuze nimemezele kabanzi ubuhle’ balowo owanibiza ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.” (1 Petru 2:9) Ngakho, njengeqembu, amaKristu agcotshiwe akha abapristi abathunywe ngokuqondile: ukuba batshele izizwe inkazimulo kaJehova. Kumelwe babe ofakazi bakhe. (Isaya 43:10-12) Kulezi zinsuku zokugcina, amaKristu agcotshiwe aye awenza ngokwethembeka lo msebenzi obalulekile athunywe ukuba awenze. Umphumela uwukuthi izigidi manje zihlanganyela nawo emsebenzini wokufakaza ngoMbuso kaJehova.

19. Yiziphi izinkonzo amaKristu agcotshiwe ayoba nelungelo lokuzenza?

19 Ngaphezu kwalokho, amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu anethemba lokukhonza njengabapristi ngenye indlela. Ngemva kokufa, avuselwa ezulwini ekuphileni komoya okungenakufa. Lapho, awakhonzi nje kuphela njengababusi noJesu eMbusweni wakhe kodwa nanjengabapristi bakaNkulunkulu. (IsAmbulo 5:10; 20:6) Kuleso sikhundla ayothola ilungelo lokusebenzisa izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaJesu esintwini esithembekile emhlabeni. Embonweni womphostoli uJohane osencwadini yesAmbulo isahluko 22, babuye bachazwe ngokuthi “imithi.” Yonke le “mithi” engu-144 000 ibonakala isezulwini, ithela “izivuno eziyishumi nambili zezithelo, ithela izithelo [zayo] inyanga ngayinye. Futhi amaqabunga emithi [angawokwelapha] izizwe.” (IsAmbulo 22:1, 2) Yeka inkonzo yobupristi emangalisayo!

Ihlazo Nokuthunaza, Bese Kuba Ukuthokoza

20. Naphezu kokuphikiswa, ubupristi bobukhosi bulindelwe yiziphi izibusiso?

20 Kusukela ngo-1914 ngesikhathi kuqala unyaka kaJehova wokuthakazelelwa, ubupristi bobukhosi buye babhekana nokuphikiswa kodwa kuvela kubefundisi beLobukholwa. (IsAmbulo 12:17) Yize kunjalo, yonke imizamo yokumisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle igcine ibhuntshile. Isiprofetho sika-Isaya sakubikezela lokhu, sithi: “Esikhundleni sehlazo lenu kuyoba khona isabelo esiphindwe kabili, esikhundleni sokuthunazeka bayokhamuluka ngenjabulo ngesabelo sabo. Ngakho-ke ezweni labo bayothatha isabelo esiphindwe kabili. Ukuthokoza isikhathi esingapheli kuyoba ngokwabo.”—Isaya 61:7.

21. Kwenzeka kanjani ukuba amaKristu agcotshiwe athole izibusiso eziphindwe kabili?

21 Phakathi neMpi Yezwe I, eLobukholwa elinobuzwe lathela insali egcotshiwe ngehlazo futhi layithunaza. Abefundisi babephakathi kwalabo abamangalela ngamanga abazalwane abathembekile abangu-8 basendlunkulu eBrooklyn ngokuthi bavukela umbuso. Laba bazalwane baboshwa izinyanga ezingu-9 kungafanele. Ekugcineni, entwasahlobo ka-1919, bakhululwa, kamuva asulwa wonke amacala ababebekwe wona. Ngakho iqhinga lokumisa umsebenzi wokushumayela labhuntsha. Kunokuba avumele abakhulekeli bakhe bahlaziswe isikhathi esingapheli, uJehova wabakhulula futhi wababuyisela esimweni sabo esingokomoya, ‘izwe labo.’ Kulelo zwe bathola izibusiso eziphindwe kabili. Isibusiso sikaJehova abasithola savala isikhala sokuthi babeke bahlupheka. Ngempela, babenesizathu sokukhamuluka ngenjabulo!

22, 23. AmaKristu agcotshiwe amlingise kanjani uJehova, futhi uwavuze kanjani?

22 Lokhu uJehova akushoyo ngokulandelayo kunikeza amaKristu namuhla esinye isizathu sokuthokoza: “Mina Jehova, ngithanda ubulungisa, ngizonda ukuphanga kanye nokungalungi. Ngiyobanika inkokhelo yabo ngeqiniso, futhi ngiyokwenza nabo isivumelwano esiphakade.” (Isaya 61:8) Ngokutadisha kwayo iBhayibheli, insali egcotshiwe yafunda ukuthanda ubulungisa nokuzonda okubi. (IzAga 6:12-19; 11:20) Yafunda ‘ukukhanda izinkemba zayo zaba ngamageja,’ yangathatha hlangothi ezimpini zabantu nasezinxushunxushwini zezombusazwe. (Isaya 2:4) Yayeka nemikhuba yokungamhloniphi uNkulunkulu, njengokunyundela, ukuphinga, ukweba nokudakwa.—Galathiya 5:19-21.

23 Ngenxa yokuthi amaKristu agcotshiwe nawo athanda ubulungisa njengoMdali wawo, uJehova uwanikeze “inkokhelo [yawo] ngeqiniso.” Enye “inkokhelo” enjalo iyisivumelwano esiphakade—isivumelwano esisha—uJesu asimemezela kubalandeli bakhe ngobusuku obandulela ukufa kwakhe. Baba isizwe esingokomoya, abantu bakaNkulunkulu abakhethekile, ngenxa yalesi sivumelwano. (Jeremiya 31:31-34; Luka 22:20) Ngaphansi kwaso, uJehova uyosebenzisa zonke izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kaJesu, kuhlanganise nokuthethelelwa kwezono zabagcotshiwe nezaso sonke isintu esithembekile.

Ukwethaba Ngezibusiso ZikaJehova

24. Obani phakathi kwezizwe ‘abayinzalo’ ebusiswayo, futhi babe kanjani “yinzalo”?

24 Abathile ezizweni basibonile isibusiso sikaJehova kubantu bakhe. Lokhu kwabikezelwa yisithembiso sikaJehova: “Inzalo yabo empeleni iyokwaziwa ngisho naphakathi kwezizwe, nozalo lwabo phakathi kwamaqembu abantu. Bonke abababonayo bayobazi ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.” (Isaya 61:9) Amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu, amaKristu agcotshiwe, abelokhu ematasa ezizweni phakathi nonyaka kaJehova wokuthakazelelwa. Namuhla bafinyelela ezigidini labo abasabelile enkonzweni yawo. Ngokusebenzelana eduze no-Israyeli kaNkulunkulu, labo abavela ezizweni banelungelo lokuba “inzalo uJehova ayibusisile.” Sonke isintu siyababona ukuthi bajabulile.

25, 26. AmaKristu ewonke awenanela kanjani amazwi aku-Isaya 61:10?

25 Wonke amaKristu, agcotshiwe nezinye izimvu, abheke phambili ekudumiseni uJehova phakade. Avumelana ngenhliziyo yonke nomprofethi u-Isaya, owathi ngaphansi kokuphefumulelwa: “Nakanjani ngiyokwethaba ngoJehova. Umphefumulo wami uyojabula ngoNkulunkulu wami. Ngoba ungembathisé izingubo zensindiso; ungisongé ngejazi elingenamikhono lokulunga, njengomkhwenyana, ofaka umnqwazo njengabapristi, nanjengomakoti ovunula ngemihlobiso yakhe.”—Isaya 61:10.

26 Njengoba egqoke “ijazi elingenamikhono lokulunga,” amaKristu agcotshiwe azimisele ukuhlala emsulwa futhi ehlanzekile phambi kukaJehova. (2 Korinte 11:1, 2) Njengoba uJehova ethe alungile ngombono wokuba adle ifa lokuphila kwasezulwini, awasoze abuyela esimweni esiyincithakalo seBabiloni Elikhulu, lelo akhululwe kulo. (Roma 5:9; 8:30) Izingubo zensindiso ziyigugu kuwo. Abangane bawo bezinye izimvu nabo bazimisele ngokufanayo ukulondoloza izindinganiso eziphakeme zikaJehova uNkulunkulu zokukhulekela okumsulwa. Njengoba ‘sebegeze izivatho zabo bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu,’ kuthiwa balungile futhi bayosinda ‘osizini olukhulu.’ (IsAmbulo 7:14; Jakobe 2:23, 25) Kuze kube yileso sikhathi, balingisa abangane babo abagcotshiwe ekugwemeni noma yikuphi ukungcoliswa iBabiloni Elikhulu.

27. (a) Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, yikuphi ‘ukuhluma’ okuphawulekayo okuyokwenzeka? (b) Kungayiphi indlela ukulunga sekuhlumile kakade phakathi kwesintu?

27 Namuhla, abakhulekeli bakaJehova bayakuthokozela ukuba sepharadesi elingokomoya. Ngokushesha bazojabulela iPharadesi ngomqondo ongokoqobo. Sisibheke ngabomvu leso sikhathi esichazwe ngokucacile emazwini okuphetha ka-Isaya isahluko 61: “Njengoba nje umhlaba uveza okuhluma kuwo, nanjengoba nje insimu yenza ukuba izinto ezihlwanyelwe kuyo zihlume, ngendlela efanayo iNkosi EnguMbusi uJehova iyobangela ukuba kuhlume ukulunga nokudumisa phambi kwazo zonke izizwe.” (Isaya 61:11) Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, ‘kuyohluma ukulunga’ emhlabeni. Abantu bayomemeza behalalisa, nokulunga kuyokwenabela emaphethelweni omhlaba. (Isaya 26:9) Kodwa thina akudingeki silinde kuze kube yilolo suku lwenkazimulo andukuba sidumise phambi kwazo zonke izizwe. Kakade ukulunga sekuhlumile phakathi kwezigidi zabantu abanikeza uNkulunkulu wasezulwini udumo futhi bamemezele izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. Ngisho kwamanje ukholo lwethu nethemba lethu kusinika izizathu zokwethaba ngezibusiso zikaNkulunkulu wethu.

[Imibhalo yaphansi]

a Kungenzeka ukuthi u-Isaya 61:5 wagcwaliseka endulo, kwazise abangemaJuda bahamba namaJuda emvelo lapho ephindela eJerusalema futhi cishe basiza ekubuyiselweni kabusha kwezwe. (Ezra 2:43-58) Kodwa kusukela evesini 6, lesi siprofetho sibonakala sisebenza kuphela ku-Israyeli kaNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 322]

U-Isaya unezindaba ezinhle azozimemezela ezithunjweni ezingamaJuda

[Isithombe ekhasini 330]

Kusukela ngo-33 C.E., uJehova uye wahlwanyela “imithi emikhulu yokulunga” engu-144 000

[Isithombe ekhasini 334]

Kuyohluma ukulunga emhlabeni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela