Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 1/1 kk. 25-29
  • Qhubekani Nishumayela UMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qhubekani Nishumayela UMbuso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Siphikelela?
  • ‘Bayokuzwa Kanjani?’
  • Ukugwema Icala Legazi
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Qhubeka Ushumayela!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Kungani Inkonzo Yendlu Ngendlu Ibalulekile Manje?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 1/1 kk. 25-29

Qhubekani Nishumayela UMbuso

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe; khona-ke ukuphela kuyofika.”—MATHEWU 24:14, NW.

1, 2. (a) Yimuphi umsebenzi obaluleke kakhulu walelikhulu leminyaka, futhi wenziwa ngaliphi izinga? (b) Yibuphi ubufakazi obukhona besibusiso sikaJehova kulomsebenzi?

UKUSHUMAYELA izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwumsebenzi obaluleke kakhulu walelikhulu leminyaka. Yilokho uNkulunkulu uMninimandla onke afuna ukuba kwenziwe manje, futhi kuyafezwa ekugcwalisekeni kweZwi lakhe lesiprofetho. Ukusabela kwakho kuwo kuyothinta ikusasa lakho laphakade.—1 Korinte 9:16, 23.

2 Kuvusa amadlingozi ukubona ukuthi inani lalabo abanengxenye kulomsebenzi wokushumayela liyaqhubeka landa, manje sekunabangaphezu kwezigidi ezintathu ababa nengxenye. Amanani amakhulu angenela inkonzo yesikhathi esigcwele kunanini ngaphambili. Futhi abantu abaningi ngokwengeziwe abanesithakazelo bamukela isifundo seBhayibheli futhi benza umzamo wokufunda ukwenza intando kaNkulunkulu.

3. Yini abanye abangase bayisho ngesidingo sokuqhubeka nokushumayela izindaba ezinhle?

3 Nokho, ngezinye izikhathi, abanye bangase ‘bakhathale ekwenzeni okuhle’ futhi ‘bakhathale’ ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela. (Galathiya 6:9; Heberu 12:3) Bangase bathi kakade izindaba ezinhle sezishunyayelwe kakhulu ensimini yabo nokuthi abantu sebeye bathatha ukuma kwabo futhi manje bayacasuka lapho sihambela amakhaya abo. Labo abenza umsebenzi wokushumayela lapho bathola imiphumela emincane kakhulu noma ingabikho kwanhlobo. Ngakho, banomuzwa wokuthi, mhlawumbe ngokuyisisekelo umsebenzi sewenziwe, futhi asisekho isidingo sokuqhubeka. Yini engalungile ngalendlela yokucabanga?

Kungani Siphikelela?

4. Yini okumelwe isishukumisele ukuba siqhubeke sishumayela ngisho nasensimini lapho ukusabela kungekuhle?

4 Okokuqala, ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka emsebenzini wokushumayela akumelwe kwencike ephuzwini lokuthi abantu bayasilalela noma cha. UJeremiya washumayela iminyaka engama-40 eJerusalema ngisho nakuba abambalwa kakhulu kuphela abalalela futhi abaningi bamphikisa ngobudlova. Kungani aphikelela? Ngoba wayenza umsebenzi ayewuyalezwe uJehova nangenxa yokuthi ulwazi lwakhe olungokwesiprofetho lwalokho okwakuzokwenzeka eJerusalema lwalumphoqa ukuba aqhubeke ekhuluma. (Jeremiya 1:17-19) Wathi: “Kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.” (Jeremiya 20:7-10) Isimo sethu singesifanayo. UJehova, ngoJesu Kristu, oyaleze ukuthi “izindaba ezinhle” kumelwe zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe. (Mathewu 24:14) Lapho abantu benqaba ukulalela, lokhu kusinikeza ithuba lokubonisa ukujula kothando lwethu nokuzinikela kuJehova ngokuphikelela senza okulungile. (1 Johane 5:3) Ngaphandle kwalokho, uma sizindla ngalokho ikusasa eliseduze elikuphathele isintu, singazibamba kanjani ekuzameni ukuxwayisa omakhelwane bethu?—2 Thimothewu 4:2.

5. (a) Kungasiphi esinye isizathu kumelwe sikhuthazele emsebenzini wokushumayela? (b) Umsebenzi wokushumayela uyisisekelo sokwahlulela ngayiphi indlela?

5 Ngaphezu kwalokho, ukushumayela kukaJeremiya kwakuwumsebenzi wokwahlulela ngempela. Ngo-607 B.C.E., abekho kulabo ababulawa noma abathunjwa lapho iJerusalema liwa ababengathi babengazi ukuthi kungani lokho kwenzeka kubo. Iminyaka engama-40 ngaphambili, uJeremiya wayebaxwayisa ngomphumela onjalo kanye uma babezoqhubeka behlubuka kuJehova. (Qhathanisa noHezekeli 2:5.) Kungokufanayo namuhla, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle “ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe” kuyisisekelo sokwahlulela. Umphostoli uPawulu wenza lokhu kukhanye uma ethi uKristu Jesu uzoletha impindiselo “kulabo abangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:8, 9) Abantu bayokwahlulelwa ngendlela abasabela ngayo ezindabeni ezinhle. Ngakho-ke, umsebenzi wokushumayela kumelwe uqhubeke ngezwi elikhulu nelizwakalayo kuze kube sekugcineni. (IsAmbulo 14:6, 7) Akukho okumelwe kuphazamise lesigijimi esibalulekile ekubeni siyiswe kubantu njalo ngangokunokwenzeka. Lokhu kubeka umthwalo wemfanelo omkhulu kuzo zonke izisebenzi zikaJehova ezizinikezele.

6. Nakuba isigijimi sethu singase saziwe kabanzi, kungani sidinga ukuqhubeka sishumayela?

6 Yiqiniso, kungenzeka ukuthi kakade sesiye sazishumayela kakhulu izindaba ezinhle endaweni yakithi. Kodwa kunezinto eziningi ezenzekayo emhlabeni kangangokuthi ngisho nakuba abantu abaningi beye basizwa isigijimi sethu, bangasikhohlwa ngokushesha uma siyeka ukushumayela. Cabanga ngezenzo zokuvukela umbuso, izenzo zobuphekula, ukubhikisha, izinto eziyihlazo, nezinye izenzakalo ezisakazwa kakhulu. Khona-ke futhi kunezindlela eziningi zokuzijabulisa ezithandwayo nezinye izinto ezithumba ingqondo. Kumelwe siqhubeke sishumayela ukuze isigijimi sethu sihlale sisobala emehlweni abantu naphezu kwazo zonke lezizinto ezibizela ukunakekela kwabo.

7. Ukusabela kwabantu abaningi namuhla kufana kanjani nalokho kwamaIsrayeli ngesikhathi sokuprofetha kukaIsaya, kodwa kungani lokhu kungafanele kusivimbele ukuba sishumayele?

7 Lapho abaningi bezama ukungasinaki, kumelwe sikhumbule ukuthi hlobo luni lwabantu umprofethi uIsaya okwakufanele ukuba abashumayeze. UJehova wamtshela: “Bangabantwana abahlubukayo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova, abathi kubaboni: Ningabe nisabona, nakubaprofethi: Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso, phambukani endleleni, nichezuke emkhondweni, nimdedisele kithi oNgcwele kaIsrayeli.” Noma kunjalo, ngokwethembeka uIsaya watshela abantu: “UJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlalelayo.” (Isaya 30:9-11, 18) Nathi kumelwe senze okufanayo. Uma nje sisaphikelela, isigijimi sethu sizongena kubo ngokwezinga elithile. Abanye bayolalela abanye ngeke. Kodwa bonke bayoba nethuba lokuzwa.

‘Bayokuzwa Kanjani?’

8. Nakuba abantu bengase babonakale sengathi sebethathe ukuma kwabo ngokumelene neqiniso, yiziphi izici ezingase zishintshe izingqondo zabo?

8 Mhlawumbe sinomuzwa wokuthi abantu ensimini ethile sebeye bathatha ukuma okuqondile futhi bazimisele ukwenqaba isigijimi sethu noma ngisho ukusiphikisa. Kodwa khumbula, isimo ekuphileni kwabantu sishintshashintsha njalo. Bangase babhekane nezinkinga ezintsha noma izimo kusasa, ngesonto elizayo, noma ngenyanga ezayo ezingabenza ukuba bamukele iqiniso. Bangase bezwe ngezenzakalo ezithusayo emhlabeni noma mhlawumbe bahlushwe ukwehla kwezomnotho, ukugula, noma ukufa emkhayeni. Izinto ezinjalo zingababangela ukuba baphaphame futhi bafune ukufunda ngembangela yosizi lwabo. Uma siqhubeka sishumayela, bayokwazi lapho bengaphendukela khona.

9. Umsebenzi wethu wokushumayela ungaqhathaniswa kanjani nalowo wezisebenzi zokuhlenga endaweni yenhlekelele?

9 Isimo sethu singafaniswa naleso sezisebenzi ezihlenga abantu endaweni yenhlekelele, njengasemuva kokuzamazama komhlaba. Abanye bangase basebenze endaweni lapho kutholakala abambalwa kuphela abasindile, kodwa iqiniso lokuthi abasebenza nabo bathola abaningi abasindile kwenye indawo ngeke libabangele ukuba bayekethise futhi bayeke. Kunalokho, zonke izisebenzi zokuhlenga zikhuthazela ngokungakhathali ngisho noma zinomuzwa wokuthi engxenyeni eziyabelwe abasekho abasaphila. Futhi-ke, ngezinye izikhathi bayamthola omunye osaphila. Ukuhlwaya kuyekiswa uma isikhathi esesidlulile sembula ukuthi alisekho ithemba. Ngakho, ukuhlwaya kwethu akukayekiswa, futhi sisathola izinkulungwane ngezinkulungwane ezifuna ukuhlengwa kulelizwe elidala futhi zisinde “osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:9, 14) Ngisho nasezindaweni eziye zasetshenzwa kakhulu futhi nalapho abantu abaningi bengasabeli, kusekhona imiphumela ethile. Futhi kunezizathu ezengeziwe zokuqhubeka nokushumayela.

10. NgokwabaseRoma 10:13, 14, kungayiphi indlela kuphela abantu abangazi ngayo ukuthi bangaphendukela kuphi uma befuna iqiniso?

10 Abantu badinga ukukhunjuzwa njalo njalo ukuthi “bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Nokho, njengoba uPawulu aqhubeka encwadini yakhe eya kwabaseRoma, “bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?” (Roma 10:13, 14) Lamazwi kumelwe agcizelele komunye nomunye wethu isidingo sokuphikelela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.

11. Yimuphi umthwalo wemfanelo esinawo entsheni ekhulela ebudaleni?

11 Njengoba isikhathi sesiphelo sesiqhubekile, izingane ziye zazalwa futhi zakhulela ebudaleni noma eminyakeni yomthwalo wemfanelo. Ngokuvamile labantu abasha abazange babonise noma yikuphi ukunakekela eqinisweni. Kungenzeka ukuthi abazali babo baye benqaba isigijimi futhi baze bakhuluma ngokumelene naso. Kodwa manje lentsha indala ngokwanele ukuba izicabangele ngokwayo ngokungathi sína ngezimo zezwe, ngekusasa, nangenjongo yayo ekuphileni. Nayo ngokufanayo kudingeka ukuba ibize igama likaJehova uma izosindiswa. Kodwa “bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na?” (Roma 10:14) Ezimweni eziningi lentsha iyasabela eqinisweni, ngakho sidinga ukuyifuna futhi siyishumayeze.

12. Ukuqhubeka kwethu nomsebenzi wokushumayela kuhlangana ngayiphi indlela nokubonakaliswa komusa kaJehova?

12 Iqiniso lokuthi indlela yokushumayela isavulekile liyisibonakaliso somusa kaJehova. Umphostoli uPetru uyabhala: “INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni. Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa.” (2 Petru 3:9, 15) Isifiso sikaJehova sokuthi zonke izinhlobo zabantu zisindiswe asiboniswa nje kuphela ukuvumela kwakhe isikhathi ngokubekezela ngaphambi kokuba akhiphe isahlulelo kodwa futhi nangokuqhubeka enxusa abantu ukuba baphendukele kuye futhi basindiswe. (1 Thimothewu 2:4) Njengoba siqhubeka sishumayela izindaba ezinhle, siqokomisa umusa kaNkulunkulu, futhi ngalendlela siyamdumisa.

Ukugwema Icala Legazi

13, 14. (a) Umsebenzi wokushumayela ungaqhathaniswa ngayiphi indlela nomsebenzi womlindi, njengoba kuphawulwe esiprofethweni sikaHezekeli? (b) Kungani uPawulu ayengathi “akanacala egazini labo bonke abantu,” futhi kungayiphi indlela oFakazi BakaJehova abangakusho ngayo lokhu namuhla?

13 Umthwalo wemfanelo woFakazi BakaJehova abazinikezele wokuxwayisa abantu ngesahlulelo sikaNkulunkulu esizayo ungaqhathaniswa nalowo kaHezekeli ngesikhathi sakhe. Wayemiswe ukuba abe umlindi wendlu kaIsrayeli. Isabelo sakhe sasiwukuxwayisa amaIsrayeli ukuthi ayezokwehlelwa yimbubhiso uma engaphenduki ezindleleni zawo ezimbi. Ukuba yena njengomlindi wahluleka ukuzwakalisa isixwayiso, imbubhiso yayisayokuza phezu kwabantu ababi, kodwa igazi labo laliyokuba phezu kwekhanda lomlindi oyekelelayo. Kulokhu uJehova ubonisa isimo sakhe mayelana nokukhipha isahlulelo: “Angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina-ndlu yakwaIsrayeli na?”—Hezekeli 33:1-11.

14 Umphostoli uPawulu wawuqaphela umthwalo wakhe wemfanelo njengomlindi, ethi kubadala base-Efesu: “Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolusuku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke.” Kungani ayengasho kanjalo? Uyaqhubeka: “Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.” (IzEnzo 20:26, 27) Kunjalo nangesigaba somlindi namuhla, insali egcotshiwe yabalandeli bakaJesu Kristu. Bonke laba, kanye nabangane babo abangaphezu kwezigidi ezintathu abanethemba lokusinda esiphelweni salesimiso sezinto futhi bathole ukuphila okuphakade emhlabeni, akumelwe bayekethise ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu futhi nasekuxwayiseni ngokukhishwa kwesahlulelo sakhe okuzayo. Ngalendlela bagwema icala legazi.

15. NgokukaHezekeli isahluko 9, obani ababekwa uphawu, futhi ubani owayebeka uphawu?

15 Umsebenzi wokushumayela namuhla uchazwe ngokwesiprofetho encwadini kaHezekeli, isahluko 9. Lapha, isijeziso sikaJehova sasiqondiswe emzini waseJerusalema. Ngaphambi kokukhishwa kwalesosahlulelo, indoda embethe ilineni futhi inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo, itshelwa ukuba idabule emzini futhi ibeke uphawu emabunzini abo bonke labo ababebubula ngezinengiso ezazenziwa lapho. Lapho lomsebenzi wokubeka uphawu usuphelile, bonke emzini ngaphandle kwalabo abanophawu lokusinda babeyobhujiswa. Lapho iqeda umsebenzi wayo wokubeka uphawu ngempumelelo, lendoda yabika: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.” (Hezekeli 9:11) Yasifeza ngokwethembeka isabelo sayo kuze kube sekupheleni.

16. (a) Indoda embethe ilineni ifanekisela bani namuhla? (b) Impikiswano yokulwelwa kobukhosi bukaJehova isishukumisela kanjani ekubeni siqhubeke sishumayela?

16 Indoda embethe ilineni ifanekisela insali egcotshiweyo yabalandeli bakaKristu, futhi balekelelwa “yisixuku esikhulu” “sezinye izimvu.” Inselele enkulu namuhla, njengasesikhathini sikaHezekeli, iwukulwelwa kobukhosi bukaJehova. Mayelana nesiphelo salesimiso esibi sezinto empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova uthi: “Izizwe zazi ukuthi nginguJehova.” (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16; Hezekeli 39:7) Ukuze izizwe zikwazi lokhu, kufanele ukuba izinceku zikaJehova emhlabeni ziqhubeke zishumayela igama lakhe nenjongo njengobufakazi ezizweni zonke.

17, 18. (a) Ukuqhubeka kwethu sishumayela kusisiza ngayiphi indlela ukuba sihlale silindile? (b) Yimuphi umbiko sonke esifuna ukuwenza kuJehova lapho eletha umsebenzi wokushumayela esiphethweni sawo, futhi lokhu singakwenza ngayiphi indlela kuphela?

17 Ngokuqhubeka sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, silondoloza ukuqapha kwethu. Sihlala sikuqaphele ukubaluleka kwegama likaJehova nenjongo. Uma siyekethisa, ithemba lethu loMbuso lingaba buthakathaka, futhi sikhukhulwe “yiminako nengcebo nezinjabulo zalokuphila, singatheli izithelo ezivuthiwe.” (Luka 8:14) Ngokukhuthazela ngentshiseko ekumemezeleni “izindaba ezinhle,” silandela ngokwethembeka iziyalo zeNkosi yethu, uJesu Kristu: “Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba-nini. Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: Lindani.”—Marku 13:10, 33, 37.

18 Khona-ke, sonke, masiphikelele ukufuna ‘labo ababubulayo’ uma nje uJehova esavumela isikhathi salokho. Kwangathi sonke, kungakhathaliseki ukuthi singabensali egcotshiwe noma ‘abezinye izimvu,’ singathembeka ekufezeni isabelo sethu sokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe. (Mathewu 24:14) Lapho uJehova ngokwakhe eletha lomsebenzi esiphelweni sawo ngokuqalisa “usizi olukhulu,” kwangathi sonke ngabanye singakwazi ukusho kuJehova sithi, ‘Senzile njengokusiyala kwakho.’

Ingabe Uyakhumbula?

◻ Imiphumela ibonisani mayelana nokushumayela kwethu?

◻ Yiziphi ezinye izizathu zokuthi kungani kumelwe siqhubeke sishumayela?

◻ Kungayiphi indlela ukushumayela kwethu kuyisibonakaliso somusa kaJehova?

◻ Singazigcina kanjani simsulwa egazini labo bonke abantu?

◻ Ukushumayela kwethu kusisiza kanjani ukuba sihlale silindile?

[Ishadi ekhasini 28]

IMIPHUMELA YOKUSHUMAYELA PHAKATHI NEMINYAKA EYISIKHOMBISA

Inani Ababekhona Inani Lezifundo

Elabhapathizwa ESikhumbuzweni ZeBhayibheli

1981 119 836 5 987 893 1 475 177

1982 138 540 6 252 787 1 586 293

1983 161 896 6 767 707 1 797 112

1984 179 421 7 416 974 2 047 113

1985 189 800 7 792 109 2 379 146

1986 225 868 8 160 579 2 726 252

1987 230 843 8 965 221 3 005 048

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela