Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
EPHRELI 2-8
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 26
“IPhasika NeSikhumbuzo—Ukufana Nomehluko Okhona”
(Mathewu 26:17-20) Ngosuku lokuqala lwamaqebelengwane angenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Ufuna sikulungisele kuphi ukuba udle iphasika?” 18 Wathi: “Ngenani emzini kuSibanibani nithi, UMfundisi uthi, ‘Isikhathi sami esimisiwe siseduze; ngizogubha umkhosi wephasika kanye nabafundi bami kwakho.’” 19 Abafundi benza njengoba nje uJesu ebayalile, bazilungisa izinto zephasika. 20 Lapho sekuhlwile, wayehlezi etafuleni nabafundi abayishumi nambili.
okubukwayo kuyi-nwtsty-E
Isidlo SePhasika
Izinto ezazibalulekile esidlweni sePhasika kwakuyilezi: imvu eyosiwe (awekho amathambo emvu okwakufanele aphulwe) (1); isinkwa esingenamvubelo (2); nemifino ebabayo (3). (Eks 12:5, 8; Num 9:11) Ngokwe-Mishna, imifino ebabayo, okungenzeka ukuthi kwakuwulethisi, i-chicory, i-pepperwort, i-endive noma i-dandelion, kwakukhumbuza ama-Israyeli ngokugqilazwa kwawo kabuhlungu eGibhithe. UJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo njengesifanekisela umzimba wakhe ongenasono. (Math 26:26) Futhi umphostoli uPawulu wabiza uJesu ngokuthi ‘imvu yethu yePhasika.’ (1Ko 5:7, NWT) Ngekhulu lokuqala, iwayini (4) nalo laba ingxenye yesidlo sePhasika. UJesu wasebenzisa iwayini ukuze afanekisele igazi lakhe elalizochitheka njengomhlatshelo.—Math 26:27, 28.
(Mathewu 26:26) Njengoba beqhubeka bedla, uJesu wathatha isinkwa, futhi ngemva kokusho isibusiso, wasihlephula, wasinikeza abafundi, wathi: “Thathani, yidlani. Lokhu kusho umzimba wami.”
iphuzu lokucwaninga uMath 26:26 kuyi-nwtsty-E
kusho: Igama lesiGreki elithi e·stinʹ (ngokwezwi nezwi elisho ukuthi “yiwo”) lapha lisho ukuthi “kubonisa; kufanekisela; kumelela.” Le ncazelo yayisobala kubaphostoli, njengoba kulesi senzakalo umzimba kaJesu ongenasono kanye nesinkwa esingenamvubelo ababezosidla kwakuphambi kwabo. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuthi isinkwa sasiwumzimba kaJesu ongokoqobo. Kubalulekile ukuphawula ukuthi leli gama lesiGreki lisetshenzisiwe nakuMath 12:7, futhi izinguqulo eziningi zeBhayibheli zilihumusha ngokuthi “kusho.”
(Mathewu 26:27, 28) Wathatha nendebe, esebongile, wabanika yona, wathi: “Phuzani kuyo, nonke; 28 ngoba lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.
iphuzu lokucwaninga uMath 26:28 kuyi-nwtsty-E
igazi . . . lesivumelwano: Isivumelwano esisha esiphakathi kukaJehova namaKristu agcotshiwe senziwa sasebenza ngomhlatshelo kaJesu. (Heb 8:10) Lapha uJesu usebenzisa inkulumo efanayo naleyo uMose ayisebenzisa lapho esebenza njengomlamuleli ngesikhathi emisa isivumelwano soMthetho no-Israyeli eNtabeni iSinayi. (Eks 24:8; Heb 9:19-21) Njengoba nje igazi lezinkunzi nelezimbuzi lasenza sasebenza isivumelwano soMthetho esasiphakathi kukaNkulunkulu nesizwe sakwa-Israyeli, igazi likaJesu lasenza sasebenza isivumelwano esisha leso uJehova ayezosenza no-Israyeli ongokomoya. Leso sivumelwano saqala ukusebenza ngePhentekoste lika-33 C.E.—Heb 9:14, 15.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mathewu 26:17) Ngosuku lokuqala lwamaqebelengwane angenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Ufuna sikulungisele kuphi ukuba udle iphasika?”
iphuzu lokucwaninga uMath 26:17 kuyi-nwtsty-E
Ngosuku lokuqala lwamaqebelengwane angenamvubelo: UmKhosi Wamaqebelengwane Angenamvubelo wawuqala ngoNisani 15, ngosuku olungemva kwePhasika (ngoNisani 14), futhi lo mkhosi wawuthatha izinsuku ezingu-7. (Bheka Ingxenye 19 ye-Nsiza Kufunda YeZwi LikaNkulunkulu) Nokho, ngesikhathi sikaJesu iPhasika lalihlobene kakhulu nalo mkhosi, kangangokuba zonke izinsuku ezingu-8, kuhlanganise noNisani 14 ngezinye izikhathi kwakubizwa ngokuthi “umkhosi wamaqebelengwane angenamvubelo.” (Luka 22:1) Ngokwaleyo ncazelo, inkulumo ethi “Ngosuku lokuqala” ingaphinde ihunyushwe ngokuthi “Ngosuku olungaphambi kwalolo.” (Qhathanisa noJoh 1:15, 30, onendaba enomqondo othi awufane. Kula mavesi igama lesiGreki elithi “lokuqala” [proʹtos] lihunyushwe ngokuthi “ngaphambi,” ngamazwi athi “waba khona ngaphambi [proʹtos] kwami.”) Ngakho, isiGreki sokuqala kanye nendlela amaJuda ayebheka ngayo izinto kwenza kuqondakale ukuthi kungani abafundi babuza uJesu lo mbuzo ngoNisani 13. Phakathi nosuku lukaNisani 13, abafundi benza amalungiselelo ePhasika elagujwa kamuva, “sekuhlwile” ekuqaleni kukaNisani 14.—Mar 14:16, 17.
(Mathewu 26:39) Eya phambili kancane, wawa ngobuso, wathandaza wathi: “Baba, uma kungenzeka, le ndebe mayidlule kimi. Nokho, kungabi njengoba kuthanda mina, kodwa kube njengoba kuthanda wena.”
iphuzu lokucwaninga uMath 26:39 kuyi-nwtsty-E
le ndebe mayidlule: EBhayibhelini, ‘indebe’ ivame ukusetshenziswa ngokomfanekiso lapho kukhulunywa ngentando kaNkulunkulu, noma “ingxenye” umuntu “ayabelwe.” (Bheka iphuzu lokucwaninga uMath 20:22.) Akungabazeki ukuthi uJesu wayekhathazeke kakhulu ngendlela igama likaNkulunkulu elalizohlanjalazwa ngayo njengoba ayezobulawelwa amacala okuhlambalaza nokuvukela, okwamenza wathandazela ukuba “le ndebe” idlule kuye.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mathewu 26:1-19) Manje lapho uJesu esewaqedile wonke la mazwi, wathi kubafundi bakhe: 2 “Niyazi ukuthi ezinsukwini ezimbili kusukela manje yiphasika, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa ukuba ibethelwe.” 3 Abapristi abakhulu namadoda amadala esizwe babuthana ndawonye egcekeni lompristi ophakeme owayebizwa ngokuthi uKayafase, 4 bacebisana ngokuba babambe uJesu ngeqhinga bambulale. 5 Nokho, babelokhu bethi: “Kungabi ngomkhosi, ukuze kungaveli siyaluyalu phakathi kwabantu.” 6 Lapho uJesu eseBhethaniya endlini kaSimoni onochoko, 7 kwasondela kuye owesifazane othile nomfuma we-alabhaste wamafutha abizayo anamakha, wawathela ekhanda lakhe njengoba ehlezi etafuleni. 8 Lapho bebona lokhu abafundi bathukuthela bathi: “Okwani lokhu kusaphaza okungaka? 9 Ngoba la mafutha ngabe athengiswe ngemali enkulu yaphiwa abantu abampofu.” 10 Ekuqaphela lokhu, uJesu wathi kubo: “Kungani nizama ukumkhathaza lona wesifazane? Ngoba wenze isenzo esihle kimi. 11 Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi, kodwa ngeke nibe nami ngaso sonke isikhathi. 12 Ngoba lapho lona wesifazane ethela la mafutha anamakha phezu komzimba wami, ukwenze ngenjongo yokungilungiselela ukungcwatshwa. 13 Ngiqinisile ngithi kini, Nomaphi lapho lezi zindaba ezinhle zishunyayelwa khona emhlabeni wonke, lokhu akwenzile lona wesifazane nakho kuyokhulunywa ngakho njengento ayokhunjulwa ngayo.” 14 Khona-ke omunye kwabayishumi nambili, lowo obizwa ngokuthi uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu 15 wathi: “Nizonginikani ukuze ngimkhaphele kini?” Bamnqumela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. 16 Ngakho kusukela ngaleso sikhathi wayelokhu efuna ithuba elihle lokumkhaphela. 17 Ngosuku lokuqala lwamaqebelengwane angenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Ufuna sikulungisele kuphi ukuba udle iphasika?” 18 Wathi: “Ngenani emzini kuSibanibani nithi, UMfundisi uthi, ‘Isikhathi sami esimisiwe siseduze; ngizogubha umkhosi wephasika kanye nabafundi bami kwakho.’” 19 Abafundi benza njengoba nje uJesu ebayalile, bazilungisa izinto zephasika.
ISITHASISELO
Ukushayela Ifulege Indesheni, Ukuvota, Nenkonzo Yomphakathi
Ukushayela ifulege indesheni. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ukukhothamela ifulege noma ukulishayela indesheni, ngokuvamile okusuke kuhambisana neculo lesizwe, kuyisenzo esingokwenkolo esithi insindiso ivela eMbusweni noma kubaholi bawo, hhayi kuNkulunkulu. (Isaya 43:11; 1 Korinte 10:14; 1 Johane 5:21) Omunye umholi onjalo kwakuyiNkosi yaseBhabhiloni lasendulo uNebukhadinezari. Ukuze ahlabe abantu umxhwele ngobukhulu bakhe nangokushisekela kwakhe inkolo, le nkosi enamandla yamisa isizemazema sesithombe futhi yaphoqa izikhonzi zayo ukuba zisikhothamele lapho kukhala umculo, onjengeculo lesizwe. Nokho, amaHebheru amathathu—uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego—enqaba ukukhothamela lesi sithombe, naphezu kokusongelwa ngokufa.—Daniyeli, isahluko 3.
Osukwini lwethu, “uphawu oluyinhloko lokholo nento ekhulekelwayo ebalulekile yobuzwe ifulege,” kubhala isazimlando uCarlton Hayes. “Amadoda ethula izigqoko emakhanda lapho kudlula ifulege; futhi ngenjongo yokudumisa ifulege, izimbongi zibhala izinkondlo nabantwana bahlabelela amaculo.” Wanezela ngokuthi ubuzwe futhi “bunezinsuku ezingcwele,” njengoMhla Wesine Ku-July (Fourth of July) e-United States, kanye “nosanta namaqhawe” kuhlanganise “namathempeli,” noma izindawo zokukhulekela. Emcimbini othile womphakathi eBrazil, umqondisi-jikelele wezempi wavuma: “Ifulege liyahlonishwa futhi likhulekelwe . . . njengoba nje neZwe Lobabamkhulu likhulekelwa.” I-Encyclopedia Americana yake yathi “ifulege, njengesiphambano, lingcwele.”
Muva nje, le-encyclopedia ecashunwe ngenhla iphawule ukuthi amaculo esizwe “aveza imizwa yokushisekela izwe futhi ngokuvamile ahlanganisa nesicelo sokuba abantu noma ababusi babo baqondiswe futhi bavikelwe uNkulunkulu.” Ngakho-ke izinceku zikaJehova azeqisi njengoba ziyibheka njengeyenkolo imikhosi yokushisekela izwe ehlanganisa ukushayela ifulege indesheni kanye nokucula iculo lesizwe. Eqinisweni, lapho iphawula ngokwenqaba kwezingane zoFakazi BakaJehova ezikoleni zase-United States ukushayela ifulege indesheni noma ukwenza isifungo sokuzinikela, incwadi ethi The American Character yathi: “Ukuthi le mikhuba yansuku zonke ingokwenkolo ekugcineni kuye kwaqinisekiswa iNkantolo Ephakeme ochungechungeni lwamacala.”
Nakuba bengahlanganyeli emikhosini abayibheka njengenqatshelwe emiBhalweni, abantu bakaJehova ngokuqinisekile bayalihlonipha ilungelo labanye lokwenza kanjalo. Bayawahlonipha namafulege esizwe njengayizimpawu futhi baqaphela ohulumeni abamiswe ngokomthetho ‘njengamagunya aphakeme’ akhonza ‘njengesikhonzi sikaNkulunkulu.’ (Roma 13:1-4) Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova balalela isiyalo sokuthandazela “amakhosi nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme.” Nokho, isisusa sethu ukuba “siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokungathathi izinto kalula.”—1 Thimothewu 2:2.
Ukuvota okhethweni lwezombusazwe. AmaKristu eqiniso ayalihlonipha ilungelo labanye lokuvota. Awakhankaseli ukuba lungabi khona ukhetho futhi ayabambisana neziphathimandla ezikhethiwe. Noma kunjalo, awathathi hlangothi nhlobo ezindabeni zezombusazwe zezizwe. (Mathewu 22:21; 1 Petru 3:16) Kufanele enzenjani umKristu ohlala ezweni lapho ukuvota kuphoqelelwe khona noma esendaweni lapho izakhamuzi ziwoth’ ubomvu uma abantu bengayi esikhungweni sokuvota? Ekhumbula ukuthi uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baya ethafeni laseDura, nomKristu osesimweni esifanayo angase anqume ukuya esikhungweni sokuvota uma unembeza wakhe umvumela.
Nokho, uyoqaphela ukuba angathathi hlangothi. Kufanele akhumbule lezi zimiso eziyisithupha ezilandelayo:
1. Abalandeli bakaJesu ‘abayona ingxenye yezwe.’—Johane 15:19.
2. AmaKristu amelela uKristu noMbuso wakhe.—Johane 18:36; 2 Korinte 5:20.
3. Ibandla lobuKristu limunye ekukhulekeleni futhi amalungu alo ahlanganiswe uthando olufana nolukaKristu.—1 Korinte 1:10; Kolose 3:14.
4. Labo abakhetha isiphathimandla esithile banesandla kulokho esikwenzayo.—Phawula izimiso ezibhalwe kweyoku-1 Samuweli 8:5, 10-18 neyoku-1 Thimothewu 5:22.
5. UJehova wabheka isifiso sama-Israyeli sokuba nombusi ongumuntu njengophawu lokuthi ayesemnqabile.—1 Samuweli 8:7.
6. AmaKristu kumelwe abe nenkululeko yokukhuluma lapho exoxa ngoMbuso kaNkulunkulu nabantu bawo wonke amaqembu ezombusazwe.—Mathewu 24:14; 28:19, 20; Hebheru 10:35.
Inkonzo yomphakathi. Kwamanye amazwe, uMbuso ufuna ukuba abantu abenqaba ukungenela inkonzo yezempi benze uhlobo oluthile lwenkonzo yomphakathi isikhathi esithile. Lapho kufanele senze isinqumo ngale ndaba, kufanele sithandaze ngayo, mhlawumbe sixoxe ngayo nomKristu ovuthiwe, bese senza isinqumo esisekelwe kunembeza ofundisiwe.—IzAga 2:1-5; Filipi 4:5.
IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuba ‘sizithobe futhi silalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi, ukuba silungele yonke imisebenzi emihle, sibe abalinganiselayo.’ (Thithu 3:1, 2) Sinalokhu engqondweni, singazibuza le mibuzo elandelayo: ‘Ingabe ukwamukela le nkonzo yomphakathi kuyongenza ngithathe uhlangothi noma ngihileleke enkolweni yamanga?’ (Mika 4:3, 5; 2 Korinte 6:16, 17) ‘Ukwenza kwami lo msebenzi ngeke yini kwenze kube nzima ukufeza imithwalo yami yobuKristu, noma kuze kungivimbe ekuyifezeni?’ (Mathewu 28:19, 20; Efesu 6:4; Hebheru 10:24, 25) ‘Ngakolunye uhlangothi, ingabe ukuhlanganyela kwami emsebenzini onjalo kuyongenza ngibe nesimiso sokwenza okuthé xaxa ezicini ezingokomoya, mhlawumbe ngize ngingenele nenkonzo yesikhathi esigcwele?’—Hebheru 6:11, 12.
Uma, ngenxa kanembeza, umKristu ephetha ngokuthi kungcono ukwenza inkonzo yomphakathi kunokuya ejele, amanye amaKristu kufanele asihloniphe isinqumo sakhe. (Roma 14:10) Kepha uma enomuzwa wokuthi ngeke ayenze inkonzo enjalo, abanye kufanele basihloniphe naleso sinqumo sakhe.—1 Korinte 10:29; 2 Korinte 1:24.
EPHRELI 9-15
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 27-28
“Hambani Niyokwenza Abafundi—Kungani, Kuphi Futhi Kanjani?”
(Mathewu 28:18) UJesu wasondela wakhuluma nabo, wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.
‘Hambani Niyokwenza Abafundi’
4 UJesu unegunya phezu kwebandla lakhe, futhi kusukela ngo-1914 waba negunya phezu koMbuso kaNkulunkulu owawusanda kumiswa. (Kolose 1:13; IsAmbulo 11:15) Uyingelosi enkulu, ngakho ulawula ibutho lasezulwini lezigidigidi zezingelosi. (1 Thesalonika 4:16; 1 Petru 3:22; IsAmbulo 19:14-16) UYise umnike igunya lokubhubhisa “bonke ohulumeni nalo lonke igunya namandla” aphikisa izimiso zokulunga. (1 Korinte 15:24-26; Efesu 1:20-23) Igunya likaJesu alipheleli kwabaphilayo. Ubuye abe “umahluleli wabaphilayo nabafileyo” futhi unamandla awanikwe uNkulunkulu okuvusa labo abalele ekufeni. (IzEnzo 10:42; Johane 5:26-28) Ngokuqinisekile, umyalo okhishwa yiLowo onikwe igunya elikhulu kangako kumelwe ubhekwe njengobaluleke kunayo yonke. Ngakho, siwulalela ngenhlonipho nangokuzithandela umyalo kaKristu wokuba ‘sihambe siyokwenza abafundi.’
(Mathewu 28:19) Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele,
amaphuzu okucwaninga uMath 28:19 kuyi-nwtsty-E
niyokwenza . . . abafundi: Isenzo sesiGreki esithi-ma·the·teuʹo singahunyushwa ngokuthi “fundisa” ukuze wenze abafundi. (Qhathanisa nendlela lesi senzo esisetshenziswe ngayo kuMath 13:52, lapho sihunyushwe khona ngokuthi “efundiswa.”) Isenzo esithi “nibabhaphathize” nesithi “nibafundise” zibonisa lokho okufanele kwenziwe kulo myalo ‘wokwenza abafundi.’
abantu bazo zonke izizwe: Ngokwezwi nezwi la mazwi ahunyushwa ngokuthi “zonke izizwe,” kodwa uma ufunda lonke leli vesi uthola ukuthi la mazwi asho abantu abavela kuzo zonke izizwe. Lokhu kubonakala egameni elithi “nibabhaphathize” elinesabizwana sesiGreki esithi “ba” esibhekisela kumuntu wesilisa noma kubantu. Igama lesiGreki elithi ‘izizwe’ alibhekiseli kumuntu wesilisa noma kowesifazane. Lo myalo wokuya ‘kubantu bazo zonke izizwe’ kwakuwumyalo omusha. Ngaphambi kwenkonzo kaJesu, imiBhalo ibonisa ukuthi abantu beZizwe babevunyelwe ukuba bangene kwa-Israyeli uma nje bezokhonza uJehova. (1Kho 8:41-43) Nokho, ngalo myalo uJesu uyala abafundi bakhe ukuba bayoshumayeza nabantu abangewona amaJuda, egcizelela ukuthi umsebenzi wamaKristu wokwenza abafundi wawuzokwenziwa emhlabeni wonke.—Math 10:1, 5-7; IsAm 7:9; bheka iphuzu lokucwaninga uMath 24:14.
(Mathewu 28:20) nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”
iphuzu lokucwaninga uMath 28:20 kuyi-nwtsty-E
nibafundise: Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuth “ukufundisa” lihlanganisa ukunikeza iziqondiso, ukuchaza nokunikeza ubufakazi. (Bheka amaphuzu okucwaninga uMath 3:1; 4:23.) Ukubafundisa ukugcina konke uJesu abayala ngakho, kwakuyoba yinto eqhubekayo, ehlanganisa ukufundisa lokho uJesu akufundisa, ukusebenzisa izimfundiso zakhe nokulandela isibonelo sakhe.—Joh 13:17; Efe 4:21; 1Pet 2:21.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Mathewu 27:51) Futhi, bheka! isihenqo sendlu engcwele sadabuka saba yizingxenye ezimbili, kusukela phezulu kuya phansi, umhlaba wazamazama, namadwala aqhekeka.
amaphuzu okucwaninga uMath 27:51 kuyi-nwtsty-E
isihenqo: Leli ikhethini elihlotshiswe kahle elalihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele ethempelini. Umlando wamaJuda ubonisa ukuthi leli khethini elisindayo lalinobude obungamamitha angu-18, linobubanzi obungamamitha angu-9 liwugqinsi olungamasentimitha angu-7,4. Ngokuhlukanisa kabili leli khethini, uJehova wayebonisa ukuthi wayebathukuthelele labo ababulala iNdodana yakhe, ebonisa nokuthi abantu base bezokwazi ukungena ezulwini.—Heb 10:19, 20; bheka i-Glossary ye-NWT.
sendlu engcwele: Igama lesiGreki elithi na·osʹ lapha libhekisela engxenyeni enkulu nekhangayo emaphakathi nethempeli eneNgcwele neNgcwelengcwele.
(Mathewu 28:7) Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe kwabafileyo, futhi, bhekani! uyanandulela uya eGalile; nizombona khona. Bhekani! Nginitshelile.”
iphuzu lokucwaninga uMath 28:7 kuyi-nwtsty-E
nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe: Laba besifazane yibo abatshelwa kuqala ukuthi uJesu uvusiwe futhi yibo abayalwa ukuba bayotshela nabanye abafundi. (Math 28:2, 5, 7) Ngokwesiko lamaJuda elingasekelwe emiBhalweni, ubufakazi bomuntu wesifazane babungamukeleki enkantolo. Ngokuphambene nalokho, ingelosi kaJehova ibenza bahlonipheke laba besifazane ngokubanika lesi sabelo esijabulisayo.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Mathewu 27:38-54) Khona-ke abaphangi ababili babethelwa kanye naye, omunye ngakwesokunene sakhe omunye ngakwesobunxele sakhe. 39 Abantu abadlulayo bamhlambalaza, benikina amakhanda 40 bethi: “O wena owawuzoba umdilizi wethempeli nomakhi walo ngezinsuku ezintathu, zisindise! Uma uyindodana kaNkulunkulu, yehla esigxotsheni sokuhlushwa!” 41 Ngendlela efanayo nabapristi abakhulu kanye nababhali namadoda amadala baqala ukuhlekisa ngaye bethi: 42 “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akakwazi ukuzisindisa! UyiNkosi yakwa-Israyeli; makehle manje esigxotsheni sokuhlushwa sizomkholwa. 43 Ubeké ithemba lakhe kuNkulunkulu; makamsindise manje uma Yena emfuna, ngoba wathi, ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’” 44 Ngendlela efanayo ngisho nabaphangi ababebethelwe kanye naye bamhlambalaza. 45 Kusukela ngehora lesithupha kuqhubeke kwehla ubumnyama phezu kwezwe lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 46 Cishe ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okuwukuthi, “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” 47 Lapho bezwa lokhu, abanye kwababemi lapho baqala ukuthi: “Lo muntu ubiza u-Eliya.” 48 Masinyane omunye kubo wagijima wathatha isiponji wasimanzisa ngewayini elimuncu wasihloma emhlangeni wayesemphuzisa. 49 Kodwa bonke abanye bathi: “Myeke! Make sibone ukuthi u-Eliya uyeza yini ukuzomsindisa.” [[Enye indoda yathatha umkhonto yamhlaba ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi.]] 50 UJesu waphinde wakhamuluka ngezwi elikhulu, wawudedela umoya wakhe. 51 Futhi, bheka! isihenqo sendlu engcwele sadabuka saba yizingxenye ezimbili, kusukela phezulu kuya phansi, umhlaba wazamazama, namadwala aqhekeka. 52 Amathuna avuleka nezidumbu eziningi zabangcwele ezazilele zakhuphuka, 53 (nabantu, ababephuma emathuneni ngemva kokuvuswa kwakhe, bangena emzini ongcwele,) futhi zabonakala kubantu abaningi. 54 Kodwa isikhulu sebutho nalabo ababenaso belinde uJesu, lapho bebona ukuzamazama komhlaba nezinto ezazenzeka, besaba kakhulu, bathi: “Ngokuqinisekile lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”
EPHRELI 16-22
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MARKU 1-2
“Izono Zakho Zithethelelwe”
(Marku 2:3-5) Kweza amadoda elethe kuye ofé uhlangothi ethwelwe ngamane. 4 Kodwa njengoba ayengakwazi ukufika naye kuJesu ngenxa yesixuku, asusa uphahla ngaphezu kwalapho ayekhona, kwathi lapho esembile avula imbobo, alwehlisa uhlaka okwakulele kulo ofé uhlangothi. 5 Lapho uJesu ebona ukholo lwawo wathi kofé uhlangothi: “Mntwana, izono zakho zithethelelwe.”
jy-E 67 ¶3-5
“Izono Zakho Zithethelelwe”
Ngesikhathi uJesu efundisa endlini eyayigcwele abantu, amadoda amane aletha ngohlaka umuntu owayefe uhlangothi. Ayefuna uJesu elaphe umngane wawo. Kodwa ngenxa yesixuku ayengakwazi “ukufika naye kuJesu.” (Marku 2:4) Cabanga nje indlela okwakudumaza ngayo lokhu. Agibela phezu kophahla lwendlu avula imbobo. Abe esehlisela endlini uhlaka olwalunendoda efe uhlangothi.
Ingabe ukuphazamiseka kwamcasula yini uJesu? Lutho neze! Lwamthinta kakhulu ukholo lwawo. Ube esethi endodeni efe uhlangothi: “Izono zakho zithethelelwe.” (Mathewu 9:2) Ingabe uJesu angazithethelela ngempela izono? Ababhali nabaFarisi, bephikisana nalokhu, bathi: Kungani lo muntu ekhuluma ngale ndlela? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?”—Marku 2:7.
UJesu azi ukuthi bacabangani, wathi kubo: “Kungani nizindla ngalezi zinto ezinhliziyweni zenu? Yikuphi okulula, ukuthi kofé uhlangothi, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’?” (Marku 2:8, 9) Yebo, uJesu angakwazi ukuthethelela abantu izono ngenxa yomhlatshelo ayezowunikela maduze.
(Marku 2:6-12) Kwakukhona abanye bababhali lapho, behlezi bezindla ezinhliziyweni zabo: 7 “Kungani lo muntu ekhuluma ngale ndlela? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?” 8 Kodwa uJesu, eseqonde masinyane ngomoya wakhe ukuthi babezindla ngaleyo ndlela ngaphakathi kubo, wathi kubo: “Kungani nizindla ngalezi zinto ezinhliziyweni zenu? 9 Yikuphi okulula, ukuthi kofé uhlangothi, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’? 10 Kodwa ukuze nazi nina madoda ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,”—wathi kofé uhlangothi: 11 “Ngithi kuwe, Vuka, thatha uhlaka lwakho, ugoduke.” 12 Nembala wavuka, waluthatha masinyane uhlaka lwakhe waphuma phambi kwabo bonke, bonke bamane bathatheka, bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: “Asikaze sikubone okunje.”
iphuzu lokucwaninga uMar 2:9 kuyi-nwtsty-E
Yikuphi okulula: Kungaba lula ngomuntu ukuba athi angathethelela izono, njengoba kungekho bufakazi obungadingeka ukuze aqinisekise lokho. Kodwa ukuthi, Vuka . . . uhambe kwenza kudingeke isimangaliso esizokwenza kucace kubo bonke ukuthi uJesu unegunya lokuthethelela izono. Le ndaba kanye no-Isaya 33:24 kuhlobanisa ukugula nesono esinaso.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Marku 1:11) Kwavela izwi emazulwini lithi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.”
amaphuzu okucwaninga uMar 1:11 kuyi-nwtsty-E
kwavela izwi emazulwini: Lena indawo yokuqala kwezintathu emaVangelini lapho kuvela khona ukuthi uJehova wakhuluma nabantu ngokuqondile.—Bheka amaphuzu okucwaninga uMar 9:7; Joh 12:28.
Wena uyiNdodana yami: Ngesikhathi uJesu eseyingelosi, wayeyiNdodana kaNkulunkulu. (Joh 3:16) Lapho ezalwa, ‘wayeyindodana kaNkulunkulu’ engenasono njengoba nje u-Adamu ayenjalo. (Luka 1:35; 3:38) Nokho, kuzwakala kunengqondo ukuthi izwi likaNkulunkulu lapha lenza okungaphezu nje kokubiza uJesu ngegama. Kusobala ukuthi ngalesi simemezelo esihambisana nokuthululwa komoya ongcwele, uNkulunkulu wayebonisa ukuthi uJesu wayeyiNdodana yaKhe engumoya ezelwe yodwa. Le ndodana ‘ephinde yazalwa,’ yayinethemba lokubuyela ezulwini isigcotshwe ngomoya ukuze ibe iNkosi noMpristi Ophakeme obekwe uNkulunkulu.—Qhathanisa noJoh 3:3-6; 6:51; Luka 1:31-33; Heb 2:17; 5:1, 4-10; 7:1-3.
ngikwamukele: Noma “ungenze nganeliseka kakhulu; uyangijabulisa.” Kusetshenziswe amazwi afanayo nakuMath 12:18, lapho kucashunwa khona u-Isaya 42:1 okhuluma ngoMesiya, noma uKristu othenjisiwe. Ukuthululwa komoya ongcwele nalokho uNkulunkulu akusho ngeNdodana yakhe kwakubonisa ngokucacile ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe.—Bheka amaphuzu okucwaninga uMath 3:17; 12:18.
(Marku 2:27, 28) Ngakho waqhubeka wathi kubo: “Isabatha laba khona ngenxa yomuntu, umuntu akabanga khona ngenxa yesabatha; 28 ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyesabatha.”
iphuzu lokucwaninga uMar 2:28 kuyi-nwtsty-E
iyiNkosi . . . yesabatha: UJesu wayibhekisa kuye le nkulumo (Math 12:8; Luka 6:5), ebonisa ukuthi iSabatha wayengalisebenzisela ukwenza umsebenzi ayewunikwe uYise wasezulwini. (Qhathanisa noJoh 5:19; 10:37, 38.) UJesu wenza ezinye zezimangaliso zakhe eziphawuleka kakhulu ngesabatha, ezinjengokwelapha abagulayo. (Luka 13:10-13; Joh 5:5-9; 9:1-14) Ngokusobala, lokhu kwakufanekisela indlela azobaphumuza ngayo abantu phakathi nokubusa koMbuso wakhe, okuzoba njengokuphumula kwesabatha.—Heb 10:1.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Marku 1:1-15) Isiqalo sezindaba ezinhle mayelana noJesu Kristu: 2 Njengoba nje kulotshiwe ku-Isaya umprofethi: “(Bheka! Ngithuma isithunywa sami phambi kwakho, esizolungisa indlela yakho;) 3 lalela! kukhona omemezayo ehlane ethi, ‘Lungisani indlela kaJehova, yenzani izindlela zakhe ziqonde,’” 4 uJohane umbhapathizi wavela ehlane, eshumayela ngokubhapathizwa njengesibonakaliso sokuphenduka ngenjongo yokuthethelelwa kwezono. 5 Ngenxa yalokho yonke indawo yaseJudiya nabo bonke abakhileyo eJerusalema baphuma baya kuye, wababhapathiza eMfuleni iJordani, bevuma izono zabo obala. 6 UJohane wayegqoké uboya bekamela futhi enebhande lesikhumba okhalweni, edla izinkumbi noju lwezinyosi zasendle. 7 Wayeshumayela, ethi: “Ngemva kwami kuza onamandla kunami; angikufanelekele ukufola ngithukulule imichilo yezimbadada zakhe. 8 Mina nginibhapathizé ngamanzi, kodwa yena uzonibhapathiza ngomoya ongcwele.” 9 Phakathi nalezo zinsuku uJesu weza evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. 10 Masinyane lapho ekhuphuka emanzini wabona amazulu ehlukana phakathi, nomoya wehlela kuye njengejuba; 11 kwavela izwi emazulwini lithi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.” 12 Masinyane umoya wamqhubela ukuba aye ehlane. 13 Ngakho wayelokhu esehlane izinsuku ezingamashumi amane, elingwa uSathane, futhi ekanye nezilwane zasendle, kodwa izingelosi zimkhonza. 14 Manje ngemva kokuboshwa kukaJohane uJesu waya eGalile, eshumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu 15 ethi: “Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele. Phendukani, nibe nokholo ezindabeni ezinhle.”
EPHRELI 23-29
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MARKU 3-4
“Ukuphulukisa NgeSabatha”
(Marku 3:1, 2) Waphinde wangena esinagogeni, lapho kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. 2 Ngakho babembukisisa ukuze babone ukuthi uzomelapha yini lo muntu ngesabatha, ukuze bambeke icala.
jy-E 78 ¶1-2
Yini Evumelekile NgeSabatha?
UJesu ngelinye iSabatha uvakashela isinagoge okungenzeka laliseGalile. Lapho, uthola indoda enesandla esishwabene. (Luka 6:6) Ababhali nabaFarisi bambhekisisile. Kungani? Baveza lokho abakuhlosile ngokubuza umbuzo othi: “Ingabe kungokomthetho ukwelapha ngesabatha?”—Mathewu 12:10.
Abaholi benkolo yobuJuda bakholelwa ukuthi ukwelapha ngeSabatha kuvumeleke kuphela lapho ukuphila kusengozini. Ngokwesibonelo, kwakungavumelekile ngeSabatha ukwelula umuntu noma ukumbhandisha, okuyizinto ezingeke zambulala umuntu. Ngokusobala, ababhali nabaFarisi abambuzi lo mbuzo uJesu ngoba bekhathalela le ndoda empofu egulayo. Bafuna nje ibhaxa lokumbeka icala.
(Marku 3:3, 4) Wathi kulo muntu onesandla esishwabene: “Sukuma uze phakathi nendawo.” 4 Ngokulandelayo wathi kubo: “Ingabe kungokomthetho ukwenza isenzo esihle noma ukwenza isenzo esibi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala umphefumulo?” Kodwa bathula.
jy-E 78 ¶3
Yini Evumelekile NgeSabatha?
Nokho, uJesu uyayazi indlela esontekile abacabanga ngayo. Uyazi ukuthi banombono oweqisayo nongasekelwe embhalweni ngokuphathelene nokuthi imiphi imisebenzi eyenqatshelwe ngeSabatha. (Eksodusi 20:8-10) Kakade usegxekwe kakhulu ngokungafanele ngokwenza izinto ezinjalo ezinhle. Ngakho uJesu wenza ababhali nabaFarisi bakwazi ukukubona kahle lokho afuna ukukwenza ngokuthi kule ndoda eshwabene isandla: “Sukuma uze phakathi nendawo”—Marku 3:3.
(Marku 3:5) Ngemva kokubaqalaza ethukuthele, elusizi impela ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zabo, wathi kulo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, isandla sakhe saphila.
iphuzu lokucwaninga uMar 3:5 kuyi-nwtsty-E
ethukuthele, elusizi impela: UMarku kuphela obhala lokho uJesu akwenza lapho ebona ukungabi nazwela kwabaholi benkolo lapho. (Math 12:13; Luka 6:10) Kungenzeka ukuthi uPetru njengoba ayengumuntu ozwela ngokushesha, uyena owayichaza ngokucace kangaka indlela uJesu azizwa ngayo.—Bheka “Isethulo SikaMarku.”
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Marku 3:29) Nokho, noma ubani ohlambalaza umoya ongcwele akanayo intethelelo kuze kube phakade, kodwa unecala lesono saphakade.”
iphuzu lokucwaninga uMar 3:29 kuyi-nwtsty-E
ohlambalaza umoya ongcwele: Ukuhlambalaza kusho inkulumo elimazayo, yokwedelela noma ukukhuluma kabi ngoNkulunkulu noma ngezinto ezingcwele. Njengoba umoya ongcwele uvela kuNkulunkulu ngokwakhe, ukuphikisana nawo ngamabomu noma ukuphika ukuthi uyasebenza kwakuwukuhlambazala uNkulunkulu. Abaholi benkolo yobuJuda bawubona umoya kaNkulunkulu usebenza kuJesu lapho enza izimangaliso njengoba kuboniswa kuMath 12:24, 28 nakuMar 3:22; kodwa bathi lawo kwakungamandla kaSathane uDeveli.
unecala lesono saphakade: La mazwi abonakala ebhekisela esonweni esinziwa ngamabomu esinemiphumela yaphakade; awukho umhlatshelo ongenza isono esinjalo sithethelelwe.—Bheka iphuzu lokucwaninga amazwi athi ohlambalaza umoya ongcwele kulo leli vesi nephuzu lokucwaninga uMath 12:31, okhuluma ngendaba efanayo.
(Marku 4:26-29) Waqhubeka wathi: “Ngale ndlela umbuso kaNkulunkulu ufana nje nalapho umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, 27 uyalala ebusuku avuke ekuseni, imbewu iyahluma ikhule ibe yinde, ukuthi kanjani akazi. 28 Umhlabathi uzithelela ngokwawo isithelo kancane kancane, okokuqala udwani, bese kuba isihloko sesiqu, ekugcineni kube izinhlamvu ezigcwele esihlokweni. 29 Kodwa ngokushesha lapho isithelo sivuthwa, ufaka isikela, ngoba isikhathi sokuvuna sesifikile.”
Ingabe ‘Uyakuqonda Okushiwoyo’?
6 Yini esingayifunda kulo mfanekiso? Okokuqala, kufanele sivume ukuthi asikwazi ukulawula ukukhula okungokomoya komuntu esimfundelayo. Isizotha siyosisiza sigweme isilingo sokucindezela noma ukuphoqa esimfundelayo ukuba abhapathizwe. Senza konke esingakwenza ukusiza nokusekela esimfundelayo, kodwa ngokuthobeka siyavuma ukuthi uyena okumelwe enze isinqumo sokuzinikezela. Ukuzinikezela kumelwe kusuke enhliziyweni evumayo eshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu. Noma yini engaphansi kwalokho ngeke yamukeleke kuJehova.—IHu. 51:12; 54:6; 110:3.
7 Okwesibili, ukuqonda isifundo esikulo mfanekiso kuzosisiza singadumali uma singayiboni imiphumela emihle yomsebenzi wethu ekuqaleni. Kudingeka sibe nesineke. (Jak. 5:7, 8) Ngisho noma imbewu ingatheli, uma sikwenze konke okusemandleni ethu ukusiza umfundi, siyaqaphela ukuthi lokho akusho ukuthi asithembekile. UJehova uvumela imbewu yeqiniso ukuba ichume kuphela enhliziyweni ethobekile ezimisele ukwenza izinguquko. (Math. 13:23) Ngakho akufanele silinganise ukuphumelela kwenkonzo yethu ngemiphumela kuphela. KuJehova, ukuphumelela kwenkonzo yethu akunqunywa indlela abantu esibafundisayo abasabela ngayo. Kunalokho, uyayazisa imizamo yethu yokwethembeka kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iyin.—Funda uLuka 10:17-20; 1 Korinte 3:8.
8 Okwesithathu, asiziboni njalo izinguquko ezenzeka kumuntu. Ngokwesibonelo, umbhangqwana owawufundelwa isithunywa sevangeli wasitshela ukuthi usufisa ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Sawukhumbuza ukuthi ukuze ufanelekele ukushumayela kuzomelwe uyeke ukubhema. Samangala lapho lo mbhangqwana usitshela ukuthi sekuphele izinyanga wayeka ukubhema. Kungani wayeka? Waqaphela ukuthi uJehova uyawubona ubhema nokuthi uyabuzonda ubuzenzisi. Ngakho izinhliziyo zawo zawushukumisela ukuba wenze isinqumo—ukuba ubheme phambi kwesithunywa sevangeli noma uyeke ngokuphelele. Uthando owawusanda kuluhlakulela ngoJehova lwawusiza wakwazi ukwenza isinqumo esifanele. Wawuye wakhula ngokomoya, nakuba isithunywa sevangeli sasingazi ngoshintsho olwalwenzekile.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Marku 3:1-19a) Waphinde wangena esinagogeni, lapho kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. 2 Ngakho babembukisisa ukuze babone ukuthi uzomelapha yini lo muntu ngesabatha, ukuze bambeke icala. 3 Wathi kulo muntu onesandla esishwabene: “Sukuma uze phakathi nendawo.” 4 Ngokulandelayo wathi kubo: “Ingabe kungokomthetho ukwenza isenzo esihle noma ukwenza isenzo esibi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala umphefumulo?” Kodwa bathula. 5 Ngemva kokubaqalaza ethukuthele, elusizi impela ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zabo, wathi kulo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, isandla sakhe saphila. 6 Khona-ke abaFarisi baphuma futhi masinyane baqala ukucebisana ngaye namalungu eqembu likaHerode, ukuze bambulale. 7 Kodwa uJesu kanye nabafundi bakhe basuka baya olwandle; futhi uquqaba oluvela eGalile naseJudiya lwamlandela. 8 Lapho bezwa ukuthi zingakanani izinto ayezenza, kweza kuye ngisho nabavela eJerusalema nase-Idumiya nangaphesheya kweJordani nasemaphethelweni eThire neSidoni, uquqaba olukhulu. 9 Watshela abafundi bakhe ukuba bahlale benesikebhe esincane angasisebenzisa ukuze isixuku singamcindezeli. 10 Welapha abaningi, kangangokuba bonke ababenezifo ezimbi babewela phezu kwakhe ukuze bamthinte. 11 Ngisho nemimoya engcolile, noma nini lapho imbona, yayiziwisa phansi phambi kwakhe, ikhamuluke, ithi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” 12 Kodwa wayeyidonsa ngendlebe ukuba ingamenzi aziwe. 13 Wanyuka intaba wabiza labo abafunayo, baya kuye. 14 Wakha iqembu labayishumi nambili, aliqamba nangokuthi “abaphostoli,” ukuze baqhubeke benaye futhi abathume ukuba bayoshumayela, 15 babenanegunya lokuxosha amademoni. 16 Leli qembu alakha labayishumi nambili kwakunguSimoni, amnika futhi isibongo esithi Petru, 17 noJakobe indodana kaZebedewu noJohane umfowabo kaJakobe (nalaba wabanika isibongo esithi Bowanergesi, okusho ukuthi amaDodana Okuduma), 18 no-Andreya noFiliphu noBartolomewu noMathewu noTomase noJakobe indodana ka-Alfewu noThadewu noSimoni umKhanana 19 noJuda Iskariyothe, lowo kamuva owamkhaphela.
Onezindlebe zokulalela makalalele: Ngaphambi kokuba uJesu asho umfanekiso womhlwanyeli, wathi: “Lalelani.” (Mar 4:3) Uphetha lo mfanekiso ngesikhuthazo esikuleli vesi, egcizelela kubalandeli bakhe ukubaluleka kokusilalela ngokucophelela iseluleko sakhe. Izikhuthazo ezifanayo ziyatholakala nakula mavesi: Math 11:15; 13:9, 43; Mar 4:23; Luka 8:8; 14:35; IsAm 2:7, 11, 17, 29; 3:6, 13, 22; 13:9.
EPHRELI 30–MEYI 6
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MARKU 5-6
“UJesu Unamandla Okuvusa Abantu Esibathandayo Asebafa”
(Marku 5:38) Ngakho bafika endlini yesikhulu esengamele sesinagoge, wabona isiphithiphithi esinomsindo nalabo abakhalayo futhi bebangalasa bengathuli,
(Marku 5:39-41) kwathi ngemva kokuba engenile, wathi kubo: “Kungani nibanga isiphithiphithi esinomsindo futhi nikhala? Umntwana akafile, ulele.” 40 Khona-ke bamhleka usulu. Kodwa, esebakhiphele ngaphandle bonke, wathatha uyise nonina womntwana nalabo ababekanye naye, wayongena lapho umntwana ayekhona. 41 Ebamba isandla somntwana, wathi kuye: “Thalitha khumi,” uma kuhunyushwa okusho ukuthi: “Ntombazane, ngithi kuwe, Vuka!”
iphuzu lokucwaninga uMar 5:39 kuyi-nwtsty-E
akafile, ulele: EBhayibhelini ukufa kuvame ukufaniswa nokulala. (IHu 13:3; Joh 11:11-14; IzE 7:60; 1Kor 7:39; 15:51; 1Thes 4:13) UJesu wayezoyivusa le ntombazane, ngakho kungenzeka lokhu wakusho ngoba wayezobonisa ukuthi njengoba nje abantu bengavuswa lapho belele ubuthongo, bangavuswa nalapho befile. Amandla okuvusa intombazane uJesu wawathola kuYise, “ophilisa abafileyo futhi abize izinto ezingekho njengokungathi zikhona.”—Ro 4:17.
(Marku 5:42) Masinyane intombazane yavuka yahamba, ngoba yayineminyaka eyishumi nambili ubudala. Ngaso leso sikhathi bagajwa yinjabulo enkulu.
jy-E 118 ¶6
Intombazane Isiyaphila!
Ngaphambilini, uJesu watshela labo abelapha ukuba bangatsheli muntu ngalokho abenzele kona, ubatshela okufanayo nalaba bazali. Noma kunjalo, laba bazali abajabule kakhulu kanye nabanye abantu bayisakaza “kuso sonke leso sifunda” le ndaba. (Mathewu 9:26) Lapho ubona umuntu omthandayo evuswa, ngeke yini wakhuluma ngakho ngenjabulo? Lena indaba yesibili ebhaliwe lapho uJesu evusa khona obefile.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Marku 5:19, 20) Nokho, akamvumelanga, kodwa wathi kuye: “Hamba uye ekhaya ezihlotsheni zakho, uzibikele konke uJehova akwenzele khona nesihe abe naso kuwe.” 20 Wahamba wamemezela eDekapholi konke uJesu amenzele khona, futhi bonke abantu bamangala.
iphuzu lokucwaninga uMar 5:19 kuyi-nwtsty-E
uzibikele: Ngokuphambene nomyalo uJesu avame ukuwusho wokungatsheli muntu ngezimangaliso azenzile (Mar 1:44; 3:12; 7:36), wayala le ndoda ukuba ixoxele izihlobo zayo ngalokho okwenzekile. Kungenzeka kwakungenxa yokuthi uJesu wayecelwe ukuba ahambe kuleso sifunda futhi wayengeke esakwazi ukushumayela kuso; kwakuzosiza ekuqedeni imibiko eyiphutha eyayingase isakazeke ngokulahleka kwezingulube.
(Marku 6:11) Futhi nomaphi lapho indawo inganamukeli noma inganizwa, anothi lapho niphuma nithuntuthe inhlabathi engaphansi kwezinyawo zenu ukuze kube ngubufakazi kubo.”
iphuzu lokucwaninga uMar 6:11 kuyi-nwtsty-E
nithuntuthe inhlabathi engaphansi kwezinyawo zenu: Lesi senzo sibonisa ukuthi abafundi abanacala ngomphumela ozolwethwa uNkulunkulu. Inkulumo efanayo iyatholakala nakuMath 10:14; Luka 9:5. UMarku noLuka banezela inkulumo ethi ukuze kube ubufakazi kubo [noma, “obumelene nabo”]. UPawulu noBarnaba basisebenzisa lesi siqondiso e-Antiyokiya yasePhisidiya. (IzE 13:51) Lapho uPawulu enza into ethi ayifane eKorinte ngokuthuntutha izingubo zakhe, wanezela amazwi achazayo athi: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu. Ngimsulwa.” (IzE 18:6) Kungenzeka abafundi babezijwayele izenzo ezinjalo; amaJuda azinikele ayedlule endaweni yabeZizwe ayethuntutha lokho acabanga ukuthi uthuli olungahlanzekile ezimbadadeni zawo ngaphambi kokungena endaweni yamaJuda. Kodwa kusobala ukuthi uJesu wayecabanga okuhlukile lapho enikeza abafundi bakhe lezi ziqondiso.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Marku 6:1-13) Wamuka lapho wafika endaweni yakubo, abafundi bakhe bemlandela. 2 Lapho kuba isabatha, wafundisa esinagogeni; abaningi kulabo ababelalele bakhexa bathi: “Lo muntu uzithathephi lezi zinto? Futhi kungani lo muntu enikwe lokhu kuhlakanipha, nemisebenzi yamandla enje yenzeka ngezandla zakhe? 3 Lona ngumbazi indodana kaMariya futhi ngumfowabo kaJakobe noJosefa noJuda noSimoni, akunjalo? Odadewabo bakanye nathi lapha, akunjalo?” Ngakho bakhubeka ngaye. 4 Kodwa uJesu wathi kubo: “Umprofethi uyahlonishwa kwenye indawo ngaphandle kwasendaweni yakubo naphakathi kwezihlobo zakhe nasendlini yakubo.” 5 Ngakho awukho umsebenzi wamandla akwazi ukuwenza lapho ngaphandle kokubeka izandla abambalwa abaxhwalile abelaphe. 6 Impela, wamangala ngokuntula kwabo ukholo. Wahambahamba emizaneni ejikeleza, efundisa. 7 Manje wabiza abayishumi nambili, wasungula ukubathuma ngababili, futhi wabanika igunya phezu kwemimoya engcolileyo. 8 Wabayala ukuba bangaphathi lutho lohambo ngaphandle kodondolo kuphela, bangaphathi sinkwa, bangaphathi sikhwama sokudla, bangaphathi mali emixhakeni yabo, 9 kodwa ukuba bafake izimbadada, futhi bangagqoki izingubo zangaphansi ezimbili. 10 Ngokuqhubekayo, wathi kubo: “Nomaphi lapho ningena emzini womuntu, hlalani khona nize niphume kuleyo ndawo. 11 Futhi nomaphi lapho indawo inganamukeli noma inganizwa, anothi lapho niphuma nithuntuthe inhlabathi engaphansi kwezinyawo zenu ukuze kube ngubufakazi kubo.” 12 Ngakho basuka futhi bashumayela ukuze abantu baphenduke; 13 babexosha amademoni amaningi futhi begcoba abantu abaningi abaxhwalile ngamafutha babelaphe.