ISIFUNDO 3
Ukusebenzisa Imibuzo
Mathewu 16:13-16
OKUFANELE UKWENZE: Buza imibuzo ecatshangelwe kahle ezokwenza izilaleli zakho zifise ukwazi okwengeziwe, ziveze imibono yazo, noma ukuze ugcizelele amaphuzu abalulekile.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Yenza izilaleli zakho zilangazelele ukulalela. Buza imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zicabangisise ngephuzu oxoxa ngalo futhi zifune ukwazi impendulo yombuzo.
Sihlaziye kahle isihloko sakho. Siza izilaleli zakho zithole umqondo ophelele wephuzu okhuluma ngalo, ngokubuza imibuzo ezisiza zifinyelele eziphethweni ezinengqondo.
Gcizelela amaphuzu abalulekile. Lapho wethula iphuzu eliyinhloko, buza umbuzo ozokwenza izilaleli zakho zilalelisise. Ngemva kokuxoxa ngephuzu elibalulekile noma kokuphetha inkulumo yakho, buza imibuzo ezokhumbuza izilaleli zakho amaphuzu abalulekile.