ISIFUNDO 20
Isiphetho Esiphumelelayo
UmShumayeli 12:13, 14
OKUFANELE UKWENZE: Lapho usuphetha, khuthaza izilaleli zakho ukuba zikwamukele futhi zikusebenzise ezikufundile.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Isiphetho sakho masixhumane kahle nayo yonke indaba. Phinda isihloko namaphuzu abalulekile.
Khuthaza izilaleli zakho. Bonisa izilaleli zakho lokho okufanele zikwenze nezizathu zokukwenza. Khuluma ngendlela ebonisa ukuthi uyakukholelwa lokho okushoyo.
Isiphetho sakho masibe lula futhi singabi side. Ungafaki amaphuzu amasha esiphethweni. Usebenzisa amagama ambalwa, khuthaza izilaleli zakho ukuba zenze lokho okufanele zikwenze.