INGOMA 99
Abazalwane Abaningi
Uhlelo Oluprintiwe
1. Baningi abazalwane,
Izigidi zabo,
Ngamuny’ ungufakazi,
Ogcin’ ubuqotho.
Sibaningi kakhulu,
Siyis’ xuk’ es’khulu,
Sivela ezizweni zonke,
Sidumisa uJah.
2. Baningi abazalwane,
Eduze nakude
Bashumayela izwi,
Ezizweni zonke.
Sishumayela njalo,
Noma s’cindezelwa,
UJesu uyasiqabula;
Sithol’ impumuzo.
3. Baningi abazalwane,
Baphambi kukaJah,
Ubusuku nemini,
Bakhonza uBaba.
Siyis’ xuku es’khulu,
S’fakaza ngoMbuso,
Sisebenza noNkulunkulu,
Lapha emhlabeni.
(Bheka no-Isaya 52:7; Math. 11:29; IsAm. 7:15.)