Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwbr22 Meyi kk. 1-12
  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2022
  • Izihlokwana
  • MEYI 2-8
  • MEYI 9-15
  • MEYI 16-22
  • MEYI 23-29
  • MEYI 30–JUNI 5
  • JUNI 6-12
  • JUNI 13-19
  • JUNI 20-26
  • JUNI 27–JULAYI 3
Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2022
mwbr22 Meyi kk. 1-12

Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo

MEYI 2-8

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 SAMUWELI 27-29

“Icebo LikaDavide Lokulwa Impi”

it-1-E 41

U-Akhishi

Izikhathi ezimbili uDavide abalekela ngazo uSawulu waphephela embusweni weNkosi u-Akhishi. Ngesikhathi ebaleka okokuqala, lapho esolwa ngokuthi uyisitha, uDavide wazishaya ongaphilile engqondweni futhi u-Akhishi wamdedela ngoba wayecabanga ukuthi uyahlanya. (1Sa 21:10-15; Hu 34:UmBhalo Ongenhla; 56: UmBhalo Ongenhla) Ngesikhathi eseya okwesibili, uDavide wayehamba namasosha angu-600 nemindeni yawo ngakho u-Akhishi wababela ukuba bahlale eZikilagi. Isikhathi esingangonyaka nezinyanga ezine belapho, u-Akhishi wayecabanga ukuthi uDavide namabutho akhe babehlasela amadolobhana aseJudiya, kodwa empeleni uDavide wayephanga impahla yamaGeshuri, amaGerizi‵ nama-Amaleki. (1Sa 27:1-12) Ngakho uDavide waphumelela ekukhohliseni u-Akhishi kangangokuthi u-Akhishi wamenza umqaphi wakhe lapho amaFilisti ehlela ukuhlasela iNkosi uSawule. Ekugcineni, ngenxa yokuphikelela ‘kwamakhosi amaFilisti,’ uDavide namadoda ayekanye naye babuyiselwa emuva eZikilagi. (1Sa 28:2; 29:1-11) Lapho uDavide eba yinkosi futhi elwa neGati, kubonakala sengathi u-Akhishi akabulawanga. Waphila kwaze kwabusa uSolomoni.​—1Kh 2:39-41; bheka elithi GATH.

w21.03 4 ¶8

Zinsizwa​—Ningabenza Kanjani Abanye Banethembe?

8 Cabanga ngenye inselele uDavide abhekana nayo. Ngemva kokugcotshwa njengenkosi, uDavide kwadingeka alinde iminyaka eminingi ngaphambi kokuba aqale ukubusa kwaJuda. (1 Sam. 16:13; 2 Sam. 2:3, 4) Phakathi naleso sikhathi, yini eyamsiza walinda ngesineke? Kunokuba ukudikibala kumqede amandla, wagxila kulokho ayengakwenza. Ngokwesibonelo, njengoba ayephila njengombaleki endaweni yamaFilisti, uDavide walisebenzisa ithuba lokulwa nezitha zama-Israyeli. Ngokwenza kanjalo, wavikela imingcele yakwaJuda.​—1 Sam. 27:1-12.

it-2-E 245 ¶6

Amanga

Nakuba iBhayibheli likwenqabela ukuqamba amanga ayingozi, akusho ukuthi umuntu uphoqelekile ukuba adalule amaqiniso okungafanele awadalule. UJesu Kristu weluleka: “Ningaziniki izinja okungcwele, futhi ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, ukuze zingalokothi ziwanyathele ngezinyawo bese ziphenduka zinidephuna.” (Mat 7:6) Yingakho ngezinye izikhathi uJesu ayekugwema ukusho yonke imininingwane noma ukuphendula imibuzo ethile ngokuqondile uma ukwenza kanjalo kwakungafaka abanye engozini ngokungadingekile. (Mat 15:1-6; 21:23-27; Joh 7:3-10) Ngokusobala, kufanele kubhekwe ngendlela efanayo lokho okwenziwa u-Abrahama, u-Isaka, uRahabi no-Elisha lapho bengasho okuyikho noma begodlela abantu abangamkhonzi uJehova amaqiniso athile.​—Gen 12:10-19; isahl. 20; 26:1-10; Jos 2:1-6; Jak 2:25; 2Kh 6:11-23.

Ingcebo Engokomoya

w10 1/1 20 ¶5-6

Ingabe Abafileyo Bangabasiza Abaphilayo?

Cabanga ngalokhu. IBhayibheli lithi lapho umuntu efa ‘uphindela emhlabathini’ futhi ‘imicabango yakhe iyashabalala.’ (IHubo 146:4) Bobabili uSawule noSamuweli babazi ukuthi uNkulunkulu akakuvumeli ukufuna usizo kwabasebenzelana nemimoya. Phela ngaphambili uSawule wayethathe isinyathelo sokususa abantu ababesebenzelana nemimoya!​—Levitikusi 19:31.

Cabangisisa ngale ndaba. Ukube uSamuweli othembekile wayesaphila, ingabe wayeyowuphula umthetho kaNkulunkulu abambisane nalesi sangoma ukuze axhumane noSawule? UJehova wayenqabile ukukhuluma noSawule. Ingabe isangoma sasingakwazi ukuphoqa uNkulunkulu uMninimandla onke ukuba akhulume noSawule sisebenzisa uSamuweli ofile? Cha. Kusobala ukuthi lo “Samuweli” wayengeyena neze umprofethi othembekile kaNkulunkulu. Kunalokho, wayeyidemoni elibi elalizenza uSamuweli ofile.

MEYI 9-15

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 SAMUWELI 30-31

“Ziqinise NgoJehova UNkulunkulu Wakho”

w06 8/1 28 ¶12

Yesaba UJehova​—Ujabule!

12 Ukwesaba kukaDavide uJehova akugcinanga nje ngokumvimbela ukuba angenzi okubi. Kwamqinisa ukuba athathe izinyathelo eziwujuqu nezihlakaniphile lapho ebhekene nezimo ezinzima. Ngesikhathi uDavide namadoda akhe bebalekela uSawule baphephela emaphandleni amaFilisti, eZikilagi, isikhathi esingangonyaka nezinyanga ezine. (1 Samuweli 27:5-7) Ngesinye isikhathi abesilisa besahambile, kwafika iqembu labaphangi abangama-Amaleki lashisa umuzi lathumba wonke amakhosikazi ala madoda, izingane nemihlambi. Lapho bebuya futhi bebona okwakwenzekile, uDavide namadoda akhe bakhala. Masinyane usizi lwaphenduka intukuthelo, futhi amadoda kaDavide athi makakhandwe ngamatshe. Nakuba ayecindezelekile, uDavide akazange aphelelwe ithemba. (IzAga 24:10) Ukwesaba kwakhe uNkulunkulu kwamshukumisela ukuba aphendukele kuJehova, futhi “waziqinisa ngoJehova.” Ngosizo lukaNkulunkulu, uDavide namadoda akhe bawafica ama-Amaleki futhi babuyisa konke okwakuthunjiwe.​—1 Samuweli 30:1-20.

w12 4/15 30 ¶14

UJehova Uyasilonda Ukuze Sisindiswe

14 UDavide wabhekana nezimo eziningi ezicindezelayo ekuphileni kwakhe. (1 Sam. 30:3-6) Amazwi akhe aphefumulelwe embula ukuthi uJehova wayeyazi imizwa yakhe. (Funda iHubo 34:18; 56:8.) UNkulunkulu uyayazi neyethu. Lapho ‘sinenhliziyo eyaphukileyo’ noma ‘sinomoya ochobozekile,’ uyasondela kithi. Lokhu ngokwakho kungasinika induduzo ethile, njengoba kwamduduza noDavide, owahlabelela: “Ngizojabula ngithokoze ngomusa wakho wothando, ngokuthi ukubonile ukuhlupheka kwami; wazile ngezingcindezi zomphefumulo wami.” (IHu. 31:7) Kodwa uJehova wenza okungaphezu kokuqaphela ukucindezeleka kwethu. Uyasiqinisa ngokusiduduza nangokusikhuthaza. Enye indlela akwenza ngayo lokhu iyimihlangano yobuKristu.

Ingcebo Engokomoya

w05 3/15 24 ¶9

Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wokuqala

30:23, 24. Lesi sinqumo esisekelwe kuNumeri 31:27, sibonisa ukuthi uJehova uyabazisa labo abafeza ezinye izindima eziwusizo ebandleni. Ngakho, noma ngabe senzani, ‘masiyenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi senzela uJehova, hhayi abantu.’​—Kolose 3:23.

MEYI 16-22

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 1-3

“‘UMnsalo’ Usifundisani?”

w00 6/15 13 ¶9

Bahlonipheni Labo Abanikwe Igunya Phezu Kwenu

9 Ingabe uDavide wayekhathazekile lapho ephathwa kabi? “Izidlova zifuna umphefumulo wami,” esho ekhala kuJehova. (IHubo 54:3) Wathululela inhliziyo yakhe kuJehova: “Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, . . . iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova. Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.” (IHubo 59:1-4) Ingabe wake wazizwa ngendlela efanayo​—ungenzanga lutho kumuntu othile osegunyeni kodwa elokhu ekubangela izinkinga? UDavide akayekanga ukumhlonipha uSawule. Lapho uSawule efa, kunokuba ajabule, uDavide waqamba ingoma yokulila: “OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni . . . Babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama. Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule.” (2 Samuweli 1:23, 24) Yeka isibonelo esihle sokumhlonipha ngobuqotho ogcotshiwe kaJehova, yize uSawule ayemonile uDavide!

w12 4/15 10 ¶8

Ukukhaphela​—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!

8 IBhayibheli likhuluma nangabantu abaningi abathembekile. Ake sixoxe ngababili balaba futhi sibone ukuthi singafundani kubo, siqale ngomuntu owathembeka kuDavide. Ukube izinto azenzekanga ngendlela ehlukile, cishe uJonathani, indodana endala yeNkosi uSawule, wayezoba inkosi elandelayo ka-Israyeli. Kodwa uJehova wakhetha uDavide ukuba abe inkosi yakwa-Israyeli elandelayo. UJonathani wasihlonipha isinqumo sikaNkulunkulu. Akazange abe nomhawu ngoDavide ambheke njengembangi. Kunalokho, “umphefumulo kaJonathani wanamathelana nomphefumulo kaDavide” njengoba afunga ukuthi wayezothembeka kuye. Waze wanikeza uDavide izingubo zakhe, inkemba, umnsalo nebhande, ngaleyo ndlela emnikeza udumo lwasebukhosini. (1 Sam. 18:1-4) UJonathani wenza konke ayengakwenza ukuze ‘aqinise isandla sikaDavide,’ waze wafaka ngisho nokuphila kwakhe engozini emvikela kuSawule. Ngokwethembeka uJonathani watshela uDavide: “Wena ngokwakho uzoba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngokwami ngibe ngowesibili ukusuka kuwe.” (1 Sam. 20:30-34; 23:16, 17) Akumangalisi ukuthi ngemva kokufa kukaJonathani, uDavide wazwakalisa usizi nothando ayenalo ngaye ngengoma yokulila.​—2 Sam. 1:17, 26.

Ingcebo Engokomoya

it-1-E 369 ¶2

Umfowethu

Igama elithi “umfowethu” liyasebenza nakubantu abahlangene ukuze bafeze okuthile futhi abanomgomo owodwa. Ngokwesibonelo, iNkosi uHiramu yaseThire yabiza iNkosi uSolomoni ngokuthi umfowabo, hhayi ngoba babelingana ngokwezikhundla kodwa mhlawumbe ngenxa yokuthi bobabili babefuna ukuletha izingodo nezinye izinto zokwakha ithempeli. (1Kh 9:13; 5:1-12) UDavide wathi, “Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlale ndawonye ngobunye!” ebonisa ukuthi ubuhlobo begazi kuphela, akuzenzi izinsizwa zandawonye zibe nokuthula nobunye. (Hu 133:1) Eqinisweni ukuthandana kwabo nokuthanda izinto ezifanayo kwenza uDavide wabiza uJonathani ngokuthi umfowabo, hhayi ngoba bezalwa umzali oyedwa. (2Sa 1:26) Abangane abanobuntu obufanayo futhi abacabanga ngendlela efanayo, ngisho lapho kukubi, babizana kufanele ngokuthi mfowethu.​—IzA 18:9.

MEYI 23-29

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 4-6

“Hlala Ukwesaba Ukudumaza UJehova”

w05 5/15 17 ¶8

Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wesibili

6:1-7. Nakuba uDavide ayenezinhloso ezinhle, umzamo wakhe wokuthutha uMphongolo ngenqola wawungqubuzana nomyalo kaNkulunkulu futhi awuzange uphumelele. (Eksodusi 25:13, 14; Numeri 4:15, 19; 7:7-9) Futhi ukubamba kuka-Uza uMphongolo kubonisa ukuthi izinhloso ezinhle azizishintshi izimfuneko zikaNkulunkulu.

w05 2/1 27 ¶20

UJehova Wenza Okulungile Ngaso Sonke Isikhathi

20 Khumbula ukuthi u-Uza kwakufanele ukuthi wayewazi uMthetho. UMphongolo wawumelela ukuba khona kukaJehova. UMthetho wawusho ngokucacile ukuthi akumelwe uthintwe abantu abangagunyaziwe, uxwayisa ngokucacile ngokuthi abawephulayo lo mthetho babeyojeziswa ngokufa. (Numeri 4:18-20; 7:89) Ngakho, ukuthuthwa kwalelo bhokisi elingcwele kwakungeyona indaba yokuthathwa kalula. Kusobala ukuthi u-Uza wayengumLevi (nakuba ayengeyena umpristi), ngakho kumelwe ukuba wayewazi uMthetho. Ngaphandle kwalokho, eminyakeni ethile ngaphambili uMphongolo wawuthuthelwe endlini kayise ukuba ugcinwe khona. (1 Samuweli 6:20–7:1) Wahlala lapho iminyaka engaba ngu-70, kwaze kwaba ilapho uDavide ewuthutha. Ngakho kumelwe ukuthi kusukela ebuntwaneni, u-Uza wayeyazi imithetho ephathelene noMphongolo.

w05 2/1 27 ¶21

UJehova Wenza Okulungile Ngaso Sonke Isikhathi

21 Njengoba kushiwo ngaphambili, uJehova uyakwazi ukufunda izinhliziyo. Njengoba iZwi lakhe libiza isenzo sika-Uza ngokuthi “isenzo sokungabi nanhlonipho,” kungenzeka ukuthi uJehova wabona isisusa esithile sobugovu esingavezwanga ngokucacile endabeni. Ingabe mhlawumbe u-Uza wayengumuntu ogabadelayo, ojwayele ukweqa imingcele emisiwe? (IzAga 11:2) Ingabe ukuhamba phambi kwabantu ehola uMphongolo umkhaya wakubo owawuwugcine ngasese kwamenza wazizwa ebalulekile? (IzAga 8:13) Ingabe u-Uza wayenokholo oluncane kangangokuthi wayecabanga ukuthi isandla sikaJehova sifushane, ngeke sikwazi ukubamba leli bhokisi elingcwele elifanekisela ukuba khona kwakhe? Noma ngabe ikuphi, singaqiniseka ukuthi uJehova wenza into efanele. Kungenzeka ukuthi wabona okuthile enhliziyweni ka-Uza okwamenza wakhipha isahlulelo esisheshayo.​—IzAga 21:2.

Ingcebo Engokomoya

w96 4/1 29 ¶1

Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi

UDavide njengenkosi kwakudingeka athwale icala elithile ngenxa yalokhu. Indlela asabela ngayo ibonisa ukuthi ngisho nalabo abanobuhlobo obuhle noJehova ngezinye izikhathi bangasabela kabi ezimweni ezivivinyayo. Okokuqala uDavide wathukuthela. Ngemva kwalokho wesaba. (2 Samuweli 6:8, 9, qhathanisa ne-NW.) Ubuhlobo bakhe noJehova, obunokumethemba bavivinywa kanzima. Yilesi sikhathi okubonakala sengathi wahluleka ngaso ukuphonsa umthwalo wakhe phezu kukaJehova, lapho engayilaleli imiyalo yakhe. Kungenzeka yini ukuthi nathi siba naleso simo ngezinye izikhathi? Sike simsole yini uJehova ngezinkinga ezibangelwa ukunganaki kwethu iziyalezo zakhe?​—IzAga 19:3.

w05 10/1 23-24 ¶14-15

“Mesabeni UNkulunkulu Nimnike Inkazimulo”

14 Njengoba sihlala silindile, yini esingayilindela? Incwadi yesAmbulo ichaza izenzakalo ezilandelanayo ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Ukwenza ngokuvumelana nalokho ekushoyo kubalulekile uma sifuna ukuba abakulungele. Lesi siprofetho sizichaza ngokucacile izenzakalo ezaziyokwenzeka “osukwini lweNkosi,” olwaqala lapho uKristu ebekwa esihlalweni sobukhosi ezulwini ngo-1914. (IsAmbulo 1:10) IsAmbulo sidonsela ukunakekela kwethu engelosini ephathiswe ‘izindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele.’ Imemezela ngezwi elikhulu: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.” (IsAmbulo 14:6, 7) Lelo “hora” lokwahlulela liyinkathi emfushane; lihlanganisa kokubili ukumenyezelwa nokukhishwa kwezahlulelo eziboniswe kuleso siprofetho. Yiyo le nkathi esiphila kuyo manje.

15Nakhu esikhuthazwa ukuba sikwenze ngaphambi kokuba lelo hora lokwahlulela liphele: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo.” Kuhilelani lokhu? Ukwesaba uNkulunkulu okufanele kufanele kusenze sifulathele okubi. (IzAga 8:13) Uma sesaba uNkulunkulu, siyomlalela ngenhlonipho ejulile. Ngeke sibe matasa kakhulu size singalifundi njalo iZwi lakhe, iBhayibheli. Ngeke sisithathe kancane iseluleko sakhe sokuba siye emihlanganweni yobuKristu. (Hebheru 10:24, 25) Siyolazisa ilungelo lokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya futhi siyokwenza ngentshiseko. Siyothembela kuJehova ngenhliziyo yethu yonke ngazo zonke izikhathi. (IHubo 62:8) Siqaphela ukuthi uJehova unguMbusi Wendawo Yonke, simdumisa ngokuzithoba kuye ngokuzithandela njengoba enguMbusi wokuphila kwethu. Ingabe umesaba ngempela uNkulunkulu futhi umnika inkazimulo ngazo zonke lezi zindlela?

MEYI 30–JUNI 5

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 7-8

“UJehova Wenza Isivumelwano NoDavide”

w10 4/1 20 ¶3

‘Umbuso Wakho Uyokuma Ugxile’

UJehova uyajabula ngesifiso sikaDavide esisuka enhliziyweni. Esabela ekuzinikeleni kwakhe nangokuvumelana nesiprofetho, uNkulunkulu wenza isivumelwano noDavide sokuthi uyovusa othile ohlwini lobukhosi bakhe oyobusa kuze kube phakade. UNathani ube esetshela uDavide lesi sithembiso sikaNkulunkulu esiqinisekisiwe: “Indlu yakho nombuso wakho kuyoma kugxile phambi kwakho kuze kube nini nanini; sona kanye isihlalo sakho sobukhosi siyoma siqine kuze kube nini nanini.” (Ivesi 16) Ubani iNdlalifa yaphakade yalesi sivumelwano eyobusa phakade?​—IHubo 89:20, 29, 34-36.

w10 4/1 20 ¶4

‘Umbuso Wakho Uyokuma Ugxile’

UJesu waseNazaretha wayengowozalo lukaDavide. Lapho ingelosi imemezela ukuzalwa kwakhe yathi: ‘UJehova uNkulunkulu uyomnika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi uyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe ngeke uphele.’ (Luka 1:32, 33) Isivumelwano noDavide sagcwaliseka kuJesu Kristu. Ngakho, akakhethwanga abantu kodwa ubusa ngenxa yesithembiso sikaNkulunkulu esiqinisekisiwe esimnika ilungelo lokubusa phakade. Kumelwe sikhumbule ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseka njalo.​—Isaya 55:10, 11.

w14 10/15 10-11 ¶14

Yiba Nokholo Olungenakunyakaziswa EMbusweni

14 Cabanga ngalokho uJehova akuthembisa iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo ngesivumelwano sikaDavide. (Funda eyesi-2 Samuweli 7:12, 16.) UJehova wenza lesi sivumelwano noDavide ngesikhathi uDavide ebusa eJerusalema, wamthembisa ukuthi uMesiya wayeyovela ohlwini lozalo lwakhe. (Luka 1:30-33) Ngakho, uJehova waqhubeka eveza uhlu lwale nzalo futhi waqinisekisa ukuthi othile oyindlalifa kaDavide wayeyothola ‘ilungelo elingokomthetho’ lesihlalo sobukhosi soMbuso KaMesiya. (Hez. 21:25-27) NgoJesu, ubukhosi bukaDavide ‘buyomiswa buqine kuze kube nini nanini.’ Impela, inzalo kaDavide “iyohlala kuze kube nini nanini, nesihlalo sakhe sobukhosi siyohlala njengelanga.” (IHu. 89:34-37) Yebo, ukubusa kukaMesiya akusoze konakala, futhi lokho okuzokufeza kuyohlala phakade!

Ingcebo Engokomoya

it-2-E 206 ¶2

Izinsuku Zokugcina

Isiprofetho SikaBhalami. Kwakungaphambi kokuba u-Israyeli angene eZweni Lesithembiso ngenkathi umprofethi uBhalami ethi eNkosini yakwaMowabi uBhalaki: “Woza ngikutshele lokho lesi sizwe esiyokwenza kubantu bakho esikhathini esizayo. . . . Kuyophuma inkanyezi kuJakobe, kuyovela intonga ku-Israyeli. Nakanjani uyoqhekeza isiphongo sikaMowabi Nogebhezi lwawo wonke amadodana okuxokozela.” (Num 24:14-17) Ekugcwalisekeni kokuqala kwalesi siprofetho, “inkanyezi” kwaba iNkosi uDavide, eyanqoba isizwe sakwaMowabi. (2Sa 8:2) Ngakho-ke, kusobala ukuthi ekugcwalisekeni kwaleso siprofetho, ‘ukuphela kwezinsuku’ kwaqala lapho uDavide eba yinkosi. Njengoba uDavide ayeyisithunzi seNkosi enguMesiya uJesu, lesi siprofetho sasiyosebenza lapho uJesu enqoba izitha zakhe.​—Isay 9:7; Hu 2:8, 9.

JUNI 6-12

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 9-10

“UDavide Wabonisa Uthando Oluqotho”

w06 6/15 14 ¶6

Yebo, Ungayithola Injabulo

UDavide wabhala: “Uyajabula umuntu owenza ngokumcabangela ophansi.” Waqhubeka: “Ngosuku lwenhlekelele uJehova uyomenzela indlela yokuphunyuka. UJehova ngokwakhe uyomqapha futhi amlonde. Kuyothiwa uyajabula.” (IHubo 41:1, 2) UDavide wasinikeza isibonelo sesimo sengqondo esifanele kubantu abaphansi lapho ebonisa ukumcabangela uMefibosheti, indodana ekhubazekile kaJonathani, umngane wakhe.​—2 Samuweli 9:1-13.

w05 5/15 17 ¶12

Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wesibili

9:1, 6, 7. UDavide wasifeza isithembiso sakhe. Nathi kumelwe sizame ukukufeza lokho esikuthembisayo.

w02 2/15 14 ¶10

Báphila Nameva Enyameni

10 Ngemva kweminyaka ethile, ngenxa yothando lwayo olukhulu ngoJonathani, iNkosi uDavide yabonisa umusa wothando kuMefibosheti. UDavide wamnika wonke umhlaba kaSawule, wabeka inceku kaSawule uSiba njengomnakekeli walowo mhlaba. UDavide wathi futhi kuMefibosheti: ‘Uyakudla njalo etafuleni lami.’ (2 Samuweli 9:6-10) Ngokungangabazeki umusa wothando kaDavide wamduduza uMefibosheti, wadambisa nobuhlungu bokukhubazeka kwakhe. Yeka isifundo esihle! Nathi kufanele sibonise umusa kulabo abashikashikana neva enyameni.

Ingcebo Engokomoya

it-1-E 266

Intshebe

Phakathi kwezizwe zasendulo zaseMpumalanga, kuhlanganise nama-Israyeli, intshebe yayaziswa kakhulu njengophawu lobudoda. Umthetho kaNkulunkulu wawukwenqabela ukugunda ‘ihwanqa’ nomkhawulo wentshebe. (Lev 19:27; 21:5) Akungabazeki ukuthi lokhu kwakwenziwa phakathi kwabantu abangamaqaba njengoba kwakuwumkhuba ongokwenkolo.

JUNI 13-19

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 11-12

“Ungazivumeli Izifiso Ezingafanele Zikulawule”

w21.06 17 ¶10

Ungaphunyuka Ezingibeni ZikaSathane!

10 Ubugovu benza iNkosi uDavide yakhohlwa izinto uJehova ayeyinike zona, okuhlanganisa, ingcebo, udumo kanye nokunqoba izitha zayo eziningi. Ebonisa ukwazisa, uDavide wavuma ukuthi izipho zikaNkulunkulu ‘zaziziningi kakhulu ukuba angazibala.’ (IHu. 40:5) Kodwa kunesikhathi lapho uDavide akhohlwa ukuthi uJehova wayemnikeni. Wayengasanelisekile, wayefuna okwengeziwe. Nakuba uDavide ayenamakhosikazi amaningi, wavumela isifiso esibi sokufuna inkosikazi yenye indoda sakheke enhliziyweni yakhe. Leyo nkosikazi kwakunguBhati-sheba, umyeni wayo kungu-Uriya umHeti. Ngobugovu, uDavide walala noBhati-sheba futhi wakhulelwa. Okwaba kubi nakakhulu ukuthi naphezu kobubi uDavide abenza, wayala ukuba kubulawe u-Uriya! (2 Sam. 11:2-15) Wayecabangani uDavide? Ingabe wayecabanga ukuthi uJehova akaboni? Leyo nceku kaJehova eyayithembekile, yaba nobugovu futhi yabhekana nemiphumela ebuhlungu. Kodwa okujabulisayo, ngokuhamba kwesikhathi uDavide walivuma iphutha lakhe futhi waphenduka. Wayazisa kakhulu intethelelo kaJehova!​—2 Sam. 12:7-13.

w19.09 17 ¶15

Zithobe Ngokuzithandela KuJehova

15 UJehova wabeka uDavide ukuba abe inhloko yomndeni wakhe neyaso sonke isizwe sakwa-Israyeli. Njengoba ayeyinkosi, wayenegunya elikhulu. Ngezinye izikhathi wayelisebenzisa kabi lelo gunya, enze amaphutha amabi kakhulu. (2 Sam. 11:14, 15) Kodwa wabonisa ukuthi uyazithoba kuJehova ngokulalela lapho emlungisa. Wathandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. Wenza konke ayengakwenza ukuze alalele iseluleko sakhe. (IHu. 51:1-4) Ngaphezu kwalokho, wathobeka, wavuma ukusizwa abesilisa kanye nabesifazane. (1 Sam. 19:11, 12; 25:32, 33) UDavide wafunda emaphutheni akhe futhi wagxilisa ukuphila kwakhe ekukhonzeni uJehova.

w18.06 17-18 ¶7

Vumela Imithetho KaNkulunkulu Nezimiso Zakhe Kuqeqeshe Unembeza Wakho

7 Ngokujabulisayo, akudingeki sibhekane nemiphumela yokwephula imithetho kaNkulunkulu ukuze sifunde izifundo ezibalulekile. Singafunda emaphutheni abanye alotshwe eZwini likaNkulunkulu. IzAga 1:5 zithi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe.” Ngempela, sithola iziqondiso ezingcono kakhulu kuNkulunkulu, njengalezo esizithola lapho sifunda futhi sicabangisisa ngokulandisa kwabantu abaseBhayibhelini. Cabanga nje ngobuhlungu obehlela iNkosi uDavide ngemva kokwephula umthetho kaJehova futhi yaphinga noBhati-sheba. (2 Sam. 12:7-14) Lapho sifunda futhi sicabangisisa ngalokhu kulandisa, singase sizibuze: ‘INkosi uDavide yayingabugwema kanjani ubuhlungu obabangelwa ukuphinga noBhati-sheba? Uma ngibhekana nesilingo esifanayo, ngizoba nawo yini amandla okusibalekela? Ingabe ngizobaleka njengoJosefa noma ingabe ngizonqotshwa yisono njengoDavide?’ (Gen. 39:11-15) Ngokucabanga ngemiphumela ebuhlungu yesono, singafundisa izinhliziyo zethu ‘ukuzonda okubi.’

Ingcebo Engokomoya

it-1-E 590 ¶1

UDavide

UJehova wayebhekile futhi wadalula bonke lobo bubi. Ukube uJehova wavumela ukuba lolu daba lukaDavide noBhati-sheba lusingathwe abahluleli abangabantu ngaphansi koMthetho KaMose, bobabili abenzi bokubi babezobulawa futhi umntwana ongakazalwa owumphumela wokuphinga wayezofa kanye nonina. (Dut 5:18; 22:22) Nokho, uJehova wazisingathela yena lolu daba futhi wambonisa umusa uDavide ngenxa yesivumelwano soMbuso (2Sa 7:11-16) nangenxa yokuthi uDavide naye wayebonise umusa (1Sa 24:4-7; qhathanisa noJak 2:13) nangenxa yokuphenduka uJehova akubona ngokuqondene nabenzi bokubi. (Hu 51:1-4) Kodwa isijeziso basithola. Esebenzisa umprofethi uNathani, uJehova wamemezela: “Ngikulethela inhlekelele evela khona kanye endlini yakho.”​—2Sa 12:1-12.

JUNI 20-26

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 13-14

“Ubugovu Buka-Amnoni Baholela Enhlekeleleni”

it-1-E 32

U-Absalomu

Ukubulawa Kuka-Amnoni. Ubuhle bukadadewabo ka-Absalomu uThamari babangela ukuba umfowabo omdala ngamzali-munye ashiswe uthando lokuthatheka ngaye. U-Amnoni wenza sengathi uyagula, ngobuqili wacela ukuba kuthunyelwe uThamari endlini yakhe ukuba azomphekela, wabe esemdlwengula. Uthando luka-Amnoni olwalushukunyiswa yinkanuko lwaphenduka inzondo futhi wamxosha uThamari. UThamari wahlangana no-Absalomu njengoba ayedabula ingubo yakhe enemisho eyayimhlukanisa njengendodakazi yenkosi eyintombi nto, ikhanda lakhe ligcwele umlotha. U-Absalomu wazifundela kwezakhe futhi washo ukuthi kumelwe ukuba ngu-Amnoni owenze le nto ngenxa yokuthi wayazi ukuthi wayemkhanukela udadewabo. U-Absalomu wayala udadewabo wakhe ukuba angasheshe ammangalele, wamthatha waya naye emzini wakhe wahlala naye.​—2Sa 13:1-20.

w17.09 5 ¶11

Hlakulela Ukuzithiba

11 IBhayibheli linezibonelo eziyisixwayiso zabantu abehluleka ukuzithiba ngokocansi. Lisibonisa nemiphumela ebuhlungu engaba khona lapho sihluleka ukuzithiba. Noma ubani obhekene nesimo esifana nesikaKim, kuyomsiza ukucabanga ngensizwa eyisiwula okukhulunywa ngayo encwadini yezAga isahluko 7. Cabanga nangezinto ezenziwa u-Amnoni nemiphumela ebuhlungu ayithola. (2 Sam. 13:1, 2, 10-15, 28-32) Abazali bangase basize izingane zabo ukuba zihlakulele ukuzithiba nokuhlakanipha lapho kuziwa endabeni yokuthandana ngokuxoxa ngalezi zibonelo ekukhulekeni komkhaya.

it-1-E 33 ¶1

U-Absalomu

Kwadlula iminyaka emibili. Safika isikhathi somkhosi wokugundwa kwezimvu futhi u-Absalomu wahlela idili eBhali-hazori, elicishe libe ngamakhilomitha angu-22 uma usuka eJerusalema, wamema amadodana enkosi kanye noDavide. Lapho uyise ecela ukungabi khona, u-Absalomu wayelokhu emncenga ukuba athumele u-Amnoni, oyizibulo, ukuba abe khona esikhundleni sakhe. (IzA 10:18) Kulelo dili, lapho u-Amnoni ‘esejabule ngenxa yewayini,’ u-Absalomu wayala izinceku zakhe ukuba zimbulale. Amanye amadodana abuyela emuva eJerusalema futhi u-Absalomu wahamba nomkhulu wakhe ongumSiriya baya ekudingisweni embusweni waseGeshuri, empumalanga yoLwandle LwaseGalile. (2Sa 13:23-38) “Inkemba” eyabikezelwa umprofethi uNathani yase ingenile “endlini” kaDavide futhi yayizoqhubeka ikhona ukuphila kwakhe konke.​—2Sa 12:10.

Ingcebo Engokomoya

g05 1/8 24-25

Uhlobo Lobuhle Obubaluleke Kakhulu

Ngakolunye uhlangothi, cabanga ngo-Absalomu, omunye wamadodana kaDavide. Waba umuntu ongathandeki naphezu kokuthi wayebukeka ngale ndlela evusa umhobholo. IBhayibheli lithi ngaye: “Uma kuqhathaniswa no-Absalomu akekho umuntu owayemuhle njengaye ku-Israyeli wonke ukuba adunyiswe kangakaya. Kusukela ematheni onyawo lwakhe kuze kube sokhakhayini kwakungekho sici kuye.” (2 Samuweli 14:25) Nokho, ukuhaha kuka-Absalomu kwamqhubela ekubeni avukele uyise omzalayo futhi agagamele isihlalo sakhe sobukhosi. Waze ngisho wadlwengula izancinza zikayise. Ngenxa yalokho, u-Absalomu wazibizela ulaka lukaNkulunkulu futhi wafa kabuhlungu.​—2 Samuweli 15:10-14; 16:13-22; 17:14; 18:9, 15.

Ingabe uzizwa umthanda u-Absalomu? Lutho neze. Wayengumuntu onyanyekayo nje kwaphela. Ubuhle bakhe obuvelele abuzange bumboze ukuzidla nokungathembeki kwakhe, futhi abuzange buyivimbele incithakalo yakhe. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi zabantu abahlakaniphile, abakhangayo elingasho lutho ngokubukeka kwabo. Kusobala ukuthi okwakubaluleke kakhulu kwakuwubuhle babo bangaphakathi.

JUNI 27–JULAYI 3

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 15-17

“U-Absalomu Wavukela Ngenxa Yokuqhosha”

it-1-E 860

Abagijima Phambili

Kwakuyisiko laseMpumalanga ukuba kube nabagijimi abagijima phambi kwenqola yasebukhosini ukuze balungiselele futhi bamemezele ukuza kwenkosi nokuba bayisize ngezinto ezidingayo. (1Sa 8:11) U-Absalomu no-Adoniya bavukela, babeka abagijimi abangu-50 phambi kwezinqola njengoba babezenza amakhosi futhi befuna udumo nokuhlonishwa.​—2Sa 15:1; 1Kh 1:5; bheka elithi RUNNERS.

w12 7/15 13 ¶5

Khonza UNkulunkulu Wenkululeko

5 IBhayibheli linezibonelo eziningi zalabo ababa ithonya elibi kwabanye. Esinye sazo u-Absalomu, indodana yeNkosi uDavide. U-Absalomu wayeyindoda ebukeka kahle kakhulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, njengoSathane, wavumela isifiso sokuhaha sakhula enhliziyweni yakhe, ngoba waqala ukufisa isihlalo sobukhosi sikayise, ayengenalo ilungelo lokusithola. Emzamweni wakhe wobuqili wokuqhwaga ubukhosi, u-Absalomu wenza sengathi wayewakhathalela kakhulu ama-Israyeli akubo, ngesikhathi esifanayo esikisela ngeziphansi ukuthi inkosi nezinduna zayo yayingenandaba nawo. Yebo, njengoba nje uDeveli enza ensimini yase-Edene, u-Absalomu wazishaya umuntu osizayo, ebe enyundela uyise omzalayo ngonya.​—2 Sam. 15:1-5.

it-1-E 1083-1084

IHebroni

Ngemva kweminyaka ethile kamuva, indodana kaDavide u-Absalomu yabuyela eHebroni futhi yafuna ukuthatha ubukhosi bukayise ngobuqili. (2Sa 15:7-10) U-Absalomu wakhetha iHebroni ukuba aqale ukwenza lobu buqili kulo cishe ngenxa yokuthi leli dolobha lalinomlando obalulekile njengoba laliyinhloko-dolobha yakwaJuda nangenxa yokuthi wayevela kulo. Ngokuhamba kwesikhathi, umzukulu kaDavide iNkosi uRehobowamu walakha kabusha iHebroni. (2Kr 11:5-10) Ngemva kokuba uJuda ebhujiswe yiBhabhiloni nangemva kokubuya kwamaJuda ayedingisiwe, amanye amaJuda ayebuyile ahlala eHebroni (eKiriyati-ariba).​—Neh 11:25.

Ingcebo Engokomoya

w18.08 6 ¶11

Ingabe Unamaqiniso Aphelele Ngendaba?

11 Njengabantu, singaphathwa ngokungenabulungisa lapho abanye bekhuluma amaqiniso angaphelele ngathi. Cabanga ngesibonelo seNkosi uDavide noMefibhosheti. UDavide wabonisa uMefibhosheti umusa, wabuyisela kuye wonke umhlaba owawungokamkhulu wakhe, uSawule. (2 Sam. 9:6, 7) Nokho, kamuva uDavide wathola umbiko omubi ngoMefibhosheti. Ngaphandle kokuhlolisisa ukuthi imininingwane iyiqiniso yini, uDavide wanquma ukuphuca uMefibhosheti konke okungokwakhe. (2 Sam. 16:1-4) Lapho ekugcineni uDavide ekhuluma naye, waliqaphela iphutha lakhe wabe esebuyisela uMefibhosheti ingxenye yezinto zakhe. (2 Sam. 19:24-29) Kodwa lokhu kungabi nabulungisa kwakungagwenywa ukube uDavide wayezinike isikhathi sokuthola amaqiniso aphelele kunokuba enze isinqumo enamaqiniso angaphelele.

w09 5/15 27-28

Lingisa Ubuqotho Buka-Ithayi

Cishe u-Ithayi wayedabuka emzini odumile wamaFilisti waseGati, umuzi womdondoshiya uGoliyati kanye nezinye izitha ezinkulu zika-Israyeli. Sifunda ngokokuqala ngo-Ithayi, iqhawe elimnkantsh’ ubomvu, lapho u-Absalomu evukela iNkosi uDavide. Ngaleso sikhathi, u-Ithayi namadoda angamaFilisti angu-600 akanye naye babesekudingisweni endaweni engaseJerusalema.

Isimo sika-Ithayi nabalandeli bakhe kungenzeka sakhumbuza uDavide isikhathi lapho yena namabutho akwa-Israyeli angu-600 bebalekela ezweni lamaFilisti futhi behlala endaweni ka-Akhishi, inkosi yaseGati. (1 Sam. 27:2, 3) Yini u-Ithayi namadoda akanye naye ababezoyenza njengoba uDavide evukelwa indodana yakhe u-Absalomu? Ingabe babeyosekela u-Absalomu, noma babengeke bathathe uhlangothi noma babeyosekela uDavide namadoda akhe?

Bona ngeso lengqondo njengoba uDavide ebaleka eJerusalema futhi ema endaweni ebizwa ngokuthi iBheti-merihaki, okusho ukuthi “Indlu Eqhelile.” Lena cishe indlu yokugcina eJerusalema ngaseNtabeni Yeminqumo ngaphambi kokuba unqamule iSigodi SaseKidroni. (2 Sam. 15:17) Uma efika lapha, uDavide uhlola amabutho akhe njengoba edlula. Bheka! Ngaphandle nje kwama-Israyeli aqotho, kukhona namaKhereti nawo wonke amaPheleti. Ngaphezu kwalokho, kukhona wonke amaGiti—u-Ithayi namabutho akhe angu-600.​—2 Sam. 15:18.

Eshukunyiswa uzwela olusuka enhliziyweni, uDavide uthi ku-Ithayi: “Kungani nawe kufanele uhambe nathi? Phindela emuva uhlale nenkosi [cishe wayesho u-Absalomu]; ngoba wena ungowesinye isizwe, futhi ngaphandle kwalokho, udingisiwe endaweni yakini. Bekuyizolo lapho ufika, ingabe namuhla kufanele ngikwenze uzulazule kanye nathi, ukuba uhambe lapho ngihamba khona futhi uye nomaphi lapho ngiya khona? Buyela emuva uthathe abafowenu kanye nawe, [futhi kwangathi uJehova angakubonisa] umusa wothando nokwethembeka!”​—2 Sam. 15:19, 20.

Amazwi u-Ithayi aphendula ngawo uDavide abonisa ubuqotho obungantengantengi. Uthi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami inkosi, lapho inkosi yami inkosi ingaba khona, kungakhathaliseki ukuthi kungenjongo yokuba ife noma ukuba iphile, yilapho inceku yakho iyoba khona!” (2 Sam. 15:21) La mazwi kungenzeka akhumbuza uDavide amazwi acishe afane nawo ashiwo ukhokho wakhe uRuthe. (Ruthe 1:16, 17) Amazwi ka-Ithayi amthinta inhliziyo uDavide, futhi wathi kuye: “Hamba uwele” iSigodi SaseKidroni. Ngakho, “u-Ithayi umGiti wawela, kanjalo nawo wonke amadoda ayengaphansi kwakhe nabo bonke abancane ababenaye.”​—2 Sam. 15:22.

“Ukuba Kufundiswe Thina”

AmaRoma 15:4 athi: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina.” Ngakho senza kahle ngokuzibuza, Yiziphi izifundo esingazifunda esibonelweni sika-Ithayi? Cabanga ngokuthi yini okungenzeka yamshukumisela ukuba abe qotho kuDavide. Nakuba ayengumFilisti futhi edingisiwe, u-Ithayi waqaphela ukuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo nokuthi uDavide ungogcotshiweyo wakhe. U-Ithayi akazange agxile ebutheni obabukhona phakathi kwama-Israyeli namaFilisti. Akazange abheke uDavide njengendoda nje eyabulala iqhawe lamaFilisti uGoliyati kanye nenqwaba yabantu bakubo. (1 Sam. 18:6, 7) U-Ithayi wabheka uDavide njengomuntu owayethanda uJehova futhi ngokungangabazeki waqaphela izimfanelo zikaDavide ezinhle kakhulu. NoDavide wamazisa kakhulu u-Ithayi. Phela, uDavide waze wabeka ingxenye yesithathu yamabutho akhe “ngaphansi kwesandla sika-Ithayi” empini engumnqamulajuqu abayilwa namabutho ka-Absalomu!​—2 Sam. 18:2.

Nathi kufanele silwele ukungabheki ukungafani kwamasiko, uhlanga noma ubuzwe—ubandlululo noma ubutha okungenzeka sisenakho—kodwa sibheke izimfanelo ezinhle kwabanye. Ubuhlobo obakheka phakathi kukaDavide no-Ithayi bubonisa ukuthi ukwazi nokuthanda uJehova kungasisiza sinqobe imizwa enjalo yobandlululo.

Njengoba sicabanga ngesibonelo sika-Ithayi, singazibuza: ‘Ingabe ngibonisa ubuqotho obunjengobuka-Ithayi kuDavide Omkhulu, uKristu Jesu? Ingabe ngibonisa ubuqotho bami ngokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi?’ (Math. 24:14; 28:19, 20) ‘Ngizimisele ukukhuthazela kangakanani ukuze ngibonise ubuqotho bami?’

Izinhloko zemikhaya nazo ziyazuza ngokuzindla ngesibonelo sika-Ithayi sokuba qotho. Ukwethembeka kwakhe kuDavide kanye nesinqumo sakhe sokuhamba nenkosi egcotshwe uNkulunkulu kwawathinta amadoda ka-Ithayi. Ngendlela efanayo, izinqumo ezenziwa izinhloko zemikhaya ukuze zisekele ukukhulekela kweqiniso zithinta imikhaya yazo futhi zingase zilethe ngisho nobunzima besikhashana. Noma kunjalo, siyaqinisekiswa: “Koqotho [uJehova] uyokwenza ngobuqotho.”​—IHu. 18:25.

Ngemva kwempi kaDavide no-Absalomu, imiBhalo ayibe isasho lutho ngo-Ithayi. Noma kunjalo, lokho okuncane esitshelwa khona ngaye eZwini likaNkulunkulu kusenza siqonde ubuntu bakhe obuhle phakathi naleso sikhathi esinzima ekuphileni kukaDavide. Ukufakwa kwendaba ka-Ithayi emlandweni ophefumulelwe kuwubufakazi bokuthi uJehova uyabuqaphela futhi uyabuvuza ubuqotho obunjalo.​—Heb. 6:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela