ISIFUNDO 06
Kwaqala Kanjani Ukuphila?
“[UNkulunkulu] ungumthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) Ingabe uyakukholwa lokho? Abanye bacabanga ukuthi ukuphila kwazivelela. Uma kunjalo kusho ukuthi kwakungahleliwe ukuba sibe khona. Kodwa uma kunguJehova uNkulunkulu owadala ukuphila kusho ukuthi ukuphila kunenjongo, akunjalo?a Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngokuthi ukuphila kwavelaphi, nokuthi kungani kunezizathu zokuba sikukholelwe lokho.
1. Umhlaba nezinkanyezi kwaba khona kanjani?
IBhayibheli lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Ososayensi abaningi bayavuma ukuthi umhlaba nezinkanyezi kwaba nesiqalo. UNkulunkulu wakudala kanjani? Wasebenzisa ‘umoya wakhe’—umoya ongcwele—ukuze enze yonke into, okuhlanganisa imithala nezinkanyezi namaplanethi.—Genesise 1:2.
2. Kungani uNkulunkulu adala umhlaba?
UJehova ‘akawudalelanga ize umhlaba kodwa wawubumba ukuze kuhlalwe kuwo.’ (Isaya 45:18) Wenza umhlaba waba yindawo enhle, enayo yonke into abantu abayidingayo ukuze baphile phakade. (Funda u-Isaya 40:28; 42:5.) Ososayensi bathi umhlaba uhlukile kwamanye amaplanethi. Yiwona kuphela onezinto abantu abazidingayo ukuze baphile.
3. Yini eyenza abantu bahluke ezilwaneni?
Ngemva kokuba uJehova enze umhlaba, wabe esedala izinto eziphilayo ezikuwo. Waqala ngokugcwalisa umhlaba ngezitshalo nezilwane. “UNkulunkulu wabe esedala umuntu ngomfanekiso wakhe.” (Funda uGenesise 1:27.) Yini eyenza abantu bahluke? Njengoba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu siyakwazi ukuthanda nokuba nobulungisa njengaye. Wasenza sakwazi ukufunda izilimi, ukuthanda izinto ezinhle nokujabulela umculo. Ngokungafani nezilwane, thina siyakwazi ukukhonza uMdali wethu.
FUNDA OKWENGEZIWE
Cabangela ubufakazi bokuthi ukuphila kwadalwa nokuthi sinezizathu zokukukholwa okushiwo yiBhayibheli ngendalo. Funda ukuthi izimfanelo abantu abanazo zisifundisani ngoNkulunkulu.
4. Ukuphila kwadalwa
Abantu bayanconywa ngezinto abazenzayo abazikopele endalweni. Kodwa ubani okufanele anconywe ngendalo abazikopele kuyo? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Yiziphi izinto abantu abaye bazikopela endalweni?
Indlu idwetshwa futhi yakhiwe othile. Kodwa ubani owadweba futhi wenza zonke izinto? Fundani eyamaHebheru 3:4, bese nixoxa ngale mibuzo:
Yini oyithandayo ngendlela izinto ezisendalweni ezenziwe ngayo?
Ingabe kuhlakaniphile ukholelwa ukuthi umhlaba nezinkanyezi nazo zonke izinto kwadalwa? Kungani usho kanjalo?
Ingabe bewazi?
Ungathola izihloko namavidiyo akhuluma ngale ndaba kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu, ngaphansi kochungechunge oluthi “Ingabe Kwadalwa?” noluthi “Imibono Yabathile Ngomsuka Wokuphila.”
“Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa owakha zonke izinto uNkulunkulu”
5. Kunezizathu ezinhle zokukukholwa okushiwo iBhayibheli ngendalo
KuGenesise isahluko 1, iBhayibheli lichaza ukuthi umhlaba nezinto eziphilayo ezikuwo kwavela kanjani. Ungakuthemba yini elikushoyo, noma kumane kuyinganekwane nje? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi umhlaba nezinto eziphilayo ezikuwo kwadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezingamahora angu-24?
Ucabanga ukuthi kuhlakaniphile futhi kunezizathu ezinhle ukukholelwa yilokho iBhayibheli elikushoyo ngendalo? Kungani usho kanjalo?
Fundani uGenesise 1:1, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ososayensi bathi umhlaba nezinkanyezi kwaba nesiqalo. Kungani ungathi lokho abakushoyo kuyavumelana nalokho osanda kukufunda eBhayibhelini?
Abanye abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze adale izinto eziphilayo. Fundani uGenesise 1:21, 25, 27, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu wadala i-cell eyodwa wabe eseyiyeka yaziphendukela yaba izilwane nabantu? Noma ingabe wadala zonke ‘izinhlobo’ zezinto eziphilayo?b
6. Abantu bayindalo kaNkulunkulu ehlukile kwenye
Asifani nezilwane uJehova azidalile. Fundani uGenesise 1:26, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Njengoba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ukuthi siyakwazi ukubonisa uthando nozwela kusitshelani ngobuntu bukaNkulunkulu?
ABANYE ABANTU BATHI: “Lokho iBhayibheli elikushoyo ngendalo kuyinganekwane.”
Wena ucabangani, futhi kungani?
UKUBUYEKEZA
UJehova wadala umhlaba nezinkanyezi nazo zonke izinto eziphilayo.
Ufundeni?
Yini efundiswa yiBhayibheli mayelana nesiqalo somhlaba nezinkanyezi?
Ingabe uNkulunkulu wavumela ukuba izinhlobo ezihlukahlukene zezinto eziphilayo ziziphendukele zisuka ekubeni i-cell eyodwa, noma ingabe wazidala zonke?
Yini eyenza abantu bahluke kwezinye izinto ezidaliwe?
HLOLA OKWENGEZIWE
Bona izibonelo ezisendalweni ezibonisa ukuthi ukhona uMdali wazo.
Bona indlela ubaba angachazela ngayo umfana wakhe lokho okushiwo yiBhayibheli ngendalo.
Cabanga ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyavumelana yini neBhayibheli.
a ISifundo 25 sizoxoxa ngenjongo kaNkulunkulu ngabantu.
b EBhayibhelini igama elithi “izinhlobo” libhekisela eqenjini elikhulu lezinto eziphilayo.