Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
JULAYI 4-10
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 18-19
“UBharizilayi—Isibonelo Sokuba Nesizotha”
UBharizilayi—Indoda Eyayikwazi Ukulinganiselwa Kwayo
Akungatshazwa ukuthi uDavide wayelwazisa kakhulu usizo lukaBharizilayi. Akubonakali sengathi inkosi yayimane nje ifuna ukubonga uBharizilayi ngokumsiza ngezinto ezithile ayezidinga. UBharizilayi ocebile wayengaludingi lolo sizo. Kungenzeka ukuthi uDavide wayefuna ukuba le ndoda esikhulile ibe ilungu lasebukhosini ngenxa yezimfanelo zayo ezinhle. Ukuba kukaBharizilayi yilungu lasebukhosini kwakuyoba ilungelo elikhulu, kumbeke emathubeni okuthola izinzuzo zokuba umngane wenkosi.
UBharizilayi—Indoda Eyayikwazi Ukulinganiselwa Kwayo
Esinye isizathu okungenzeka senza uBharizilayi wanquma ngendlela anquma ngayo ukuthi wayesekhulile futhi enokulinganiselwa okuhambisana nokuguga. Kungenzeka ukuthi uBharizilayi wayenomuzwa wokuthi wayengeke esaphila isikhathi eside. (IHubo 90:10) Wayenze konke ayengakwenza ukuze asekele uDavide, kodwa futhi wayekwazi ukulinganiselwa ayenakho njengoba ayesekhulile. UBharizilayi akazange avumele ukucabanga ngesikhundla nodumo ukuba kumenze angabhekani namaqiniso futhi angacabangeli amandla akhe. Ngokungafani no-Absalomu owayefuna ukuvelela, uBharizilayi wahlakanipha wabonisa ukuthobeka.—IzAga 11:2.
UBharizilayi—Indoda Eyayikwazi Ukulinganiselwa Kwayo
Le ndaba kaBharizilayi igcizelela isidingo sokulinganisela. Akufanele senqabe ilungelo lenkonzo noma sigweme ukuzama ukulithola ngoba singafuni ziphazamiso noma sinomuzwa wokuthi asinakukwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo. UNkulunkulu angasisiza lapho sintula khona uma sincika kuye ukuze sithole amandla nokuhlakanipha.—Filipi 4:13; Jakobe 4:17; 1 Petru 4:11.
Ngakolunye uhlangothi, kudingeka sikuvume ukulinganiselwa kwethu. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi kakade umKristu umatasa kakhulu ngezinto ezingokomoya. Uyaqaphela ukuthi uma amukela amalungelo engeziwe, angase angayifezi kahle imithwalo yakhe yemfanelo engokomBhalo enjengokunakekela umkhaya wakhe. Esimweni esinjalo, ukwenqaba amanye amalungelo bekungeke yini kube inkomba yokuthobeka nokulinganisela?—Filipi 4:5; 1 Thimothewu 5:8.
Ingcebo Engokomoya
‘Gijima Uze Uyoqeda’
19 Uma kunezinto ongasakwazi ukuzenza futhi unomuzwa wokuthi abanye abakuqondi kahle, kungase kukukhuthaze ukucabanga ngesibonelo sikaMefibhosheti. (2 Sa. 4:4) Wayekhubazekile futhi wahlulelwa kabi iNkosi uDavide. Lezi zinto ezenzeka ekuphileni kwakhe azenzekanga ngenxa yakhe. Noma kunjalo, akazange athukuthele; kunalokho wayezazisa zonke izinto ezinhle ezazenzeka ekuphileni kwakhe. Wayebonga ngomusa uDavide ayembonise wona esikhathini esidlule. (2 Sa. 9:6-10) Ngakho ngesikhathi iNkosi uDavide imahlulela kabi, uMefibhosheti wazama ukuqonda konke okwakuhilelekile. Akalivumelanga iphutha likaDavide limphuce injabulo. Akazange asole uJehova ngalokho okwenziwa uDavide. UMefibhosheti wagxila kulokho ayengakwenza ukuze asekele inkosi eyayigcotshwe uJehova. (2 Sa. 16:1-4; 19:24-30) UJehova wabhala lesi sibonelo esihle sikaMefibhosheti eBhayibhelini ukuze sizuze kuso.—Roma 15:4.
JULAYI 11-17
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 20-21
“UJehova UnguNkulunkulu Wobulungisa”
it-1-E 932 ¶1
IGibheyoni
AbaseGibheyoni baqhubeka bekhona amakhulu eminyaka nakuba iNkosi uSawule yayiceba ukubaqothula. Nokho, abaseGibheyoni bamlinda ngesineke uJehova ukuba adalule ukungabi nabulungisa. Lokhu wakwenza ngokuletha indlala yeminyaka emithathu ngenkathi kubusa uDavide. Lapho uDavide ebuza uJehova futhi ethola ukuthi kwakuhileleke necala legazi, wakhuluma nabaseGibheyoni ukuze aqiniseke ukuthi kwakufanele kwenziweni ukuze kube khona ukubuyisana. AbaseGibheyoni baphendula kufanele ngokuthi bathi akuyona “indaba yesiliva noma yegolide,” ngoba, ngokuqondene noMthetho, kwakungamele kwamukelwe isihlengo ukuze kuvikelwe umbulali. (Num 35:30, 31) Babeqaphela nokuthi babengeke babulale umuntu bengalitholanga igunya elingokomthetho. Ngakho-ke, kwaze kwaba yilapho uDavide ebabuza okwenza bacela ukuba banikezwe “amadodana” kaSawulu. Ngenxa yokuthi uSawule nendlu yakhe babanecala legazi lokho kwakusho ukuthi, nakuba kungenzeka ukuthi uSawule owabulala, “amadodana” akhe kungenzeka aba nesandla ngandlela-thile kuleso senzo. (2Sa 21:1-9) Kuleso senzakalo, ngeke kube indaba yokubulawa kwamadodana ukuze afele izono zoyise (De 24:16) kodwa kuyohileleka indaba yokubuyisela ubulungisa ngokuvumelana nomthetho othi “kuyoba ukuphila ngokuphila.”—Dut 19:21.
Ingcebo Engokomoya
Abadala Abangamakristu—‘Izisebenzi Ezikanye Nathi Ukuze Sijabule’
14 Emhlabeni wonke, njengabantu bakaJehova sifeza inkonzo yethu naphezu kwezithiyo uSathane nezikhonzi zakhe abazibeka phambi kwethu. Abanye bethu baye babhekana nezinselele ezinkulu, kodwa ngokuncika ngokuphelele kuJehova, siye sabhekana ngesibindi nalezi zinselele ezifana “noGoliyati” futhi sanqoba. Nokho, ngezinye izikhathi, impi esiyilwa njalo nezingcindezi zaleli zwe isenza sikhathale futhi sidangale. Uma sikuleso simo sokuba buthaka, siba izisulu ezilula futhi sibe sengozini ‘yokubulawa’ izingcindezi ebesiyokwazi ukubhekana nazo ngokuphumelelayo ezimweni ezivamile. Ngalezo zikhathi, isikhuthazo esifike ngesikhathi somdala singasisiza ukuba siphinde sithole injabulo yethu namandla ethu njengoba kuye kwaba njalo ngabaningi. Udade oyiphayona oweve eminyakeni engu-60 walandisa: “Esikhathini esithile esidlule, ngake ngangazizwa kahle, futhi ngangibuya ngiyingcuba enkonzweni yasensimini. Umdala othile wakuphawula lokho kuphelelwa kwami amandla futhi waxoxa nami. Saba nengxoxo ekhuthazayo esekelwe endinyaneni ethile yeBhayibheli. Ngasebenzisa ukusikisela anginika khona futhi kwangizuzisa.” Wanezela: “Yeka ukuthi kube isenzo sothando kangakanani ukuba lowo mdala abuphawule lobo buthaka bami futhi anginike usizo!” Yebo, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi sinabadala abahlale besibhekile futhi abakulungele ‘ukusisiza’ njengo-Abhishayi wasendulo.’
JULAYI 18-24
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 22
“Thembela KuJehova Ukuze Akusize”
‘Ungasondela’ Ngempela Yini “KuNkulunkulu”?
11 Kukodwa ukufunda ukuthi uNkulunkulu ‘unamandla amakhulu.’ (Isaya 40:26) Kanti kungokunye ukufunda indlela akhulula ngayo u-Israyeli wanqamula uLwandle Olubomvu, wabe esesisekela leso sizwe ehlane iminyaka engu-40. Ungawabona ngeso lengqondo amanzi agubhayo ehlukana phakathi. Ungasibona lesi sizwe—mhlawumbe esinabantu abangu-3 000 000—sihamba emhlabathini owomile, amanzi ajiyile emi ngapha nangapha njengezindonga ezinkulu. (Eksodusi 14:21; 15:8) Ungabubona ubufakazi bokunakekela kukaNkulunkulu nesivikelo saKhe ehlane. Kwaphuma amanzi edwaleni. Emhlabathini kwavela ukudla okufana nembewu emhlophe. (Eksodusi 16:31; Numeri 20:11) UJehova lapha akembuli nje kuphela ukuthi unamandla kodwa nokuthi uwasebenzisela ukusiza abantu bakhe. Akududuzi yini ukwazi ukuthi imithandazo yethu ikhuphukela kuNkulunkulu onamandla ‘oyisiphephelo namandla ethu, usizo olutholakala ngokushesha ngezikhathi zokucindezeleka’?—IHubo 46:1.
“Uyokwenza Ngobuqotho”
Ake siwahlolisise la mazwi kaDavide. Igama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi ‘ukwenza ngobuqotho’ lingahunyushwa nangokuthi “ukwenza ngomusa wothando.” Ubuqotho bangempela busekelwe othandweni. UJehova ubabonisa uthando labo abaqotho kuye.
Phawula futhi ukuthi ubuqotho abuwona nje umzwelo; bubonakaliswa ngezenzo. UJehova wenza ngobuqotho, njengoba uDavide azibonela ngokwakhe. Phakathi nezikhathi ezazicindezela kakhulu ekuphileni kwale nkosi ethembekile, uJehova wayisekela, wayivikela futhi wayiqondisa ngobuqotho. UDavide owayenomoya wokwazisa wambonga uJehova ngokumkhulula “esandleni sazo zonke izitha zakhe.”—2 Samuweli 22:1.
Amazwi kaDavide asitshela ukuthini? UJehova akashintshashintshi. (Jakobe 1:17) Akayiguquguquli imithetho yakhe futhi uzifeza ngaso sonke isikhathi izithembiso zakhe. Kwelinye lamahubo akhe, uDavide wabhala: “UJehova . . . ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho.”—IHubo 37:28.
Ingcebo Engomoya
Hlakulela Umoya Wokuba Omncane
7 Isibonelo sikaNkulunkulu sokuthobeka saba nethonya elikhulu kumhubi uDavide. Wahlabelelela uJehova: “Unginika ihawu lakho lensindiso, ukuthobeka kwakho kungenza ngibe mkhulu.” (2 Sa. 22:36) UDavide wathi ubukhulu ayenabo kwa-Israyeli wayebuthole ngenxa yokuthobeka kukaJehova—ngenxa yokuthi uNkulunkulu wazehlisa noma wazithoba ukuze amnake. (IHu. 113:5-7) Ingabe kuhlukile ngathi? Ngokuphathelene nezimfanelo, amakhono namalungelo, yini esinayo ‘esingazange siyamukele’ kuJehova? (1 Ko. 4:7) Umuntu oziphatha njengomncane “mkhulu” ngoba uba usizo kakhulu njengenceku kaJehova. (Luka 9:48) Ake sicabangele ukuthi kwenzeka kanjani lokhu
JULAYI 25-31
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 SAMUWELI 23-24
“Ingabe Ukupha Kwakho Kuwumhlatshelo?”
it-1-E 146
U-Arawuna
Ngokusobala u-Arawuna wanikeza uDavide indawo, izinkomo nezingodo zokwenza umhlatshelo ngaphandle kokumkhokhisa kodwa uDavide waphikelela ngokuthi uzokhokha. Ukulandisa okusencwadini yesi-2 Samuweli 24:24 kubonisa ukuthi uDavide wathenga isibuya nezinkomo ngamashekeli esiliva angu-50 (R1, 709). Nokho, ukulandisa okusencwadini yoku-1 IziKronike 21:25 ikhuluma ngokuthi uDavide wakhokha amashekeli egolide angu 600 (c. R1 196 399) ukuze athole indawo. Umbhali wencwadi yeSibili kaSamuweli ukhuluma ngokuthengwa kwendawo ye-altare nezinto okwenziwa ngazo umhlatshelo kuphela futhi kubonakala sengathi yinani lazo kuphela akhuluma ngalo. Ngakolunye uhlangothi, umbhali weziKronike Zokuqala ukhuluma ngokwakhiwa kwethempeli kamuva elakhiwa kuleyo ndawo bese ehlobanisa ukuthengwa kwezinto nokwakhiwa kwalo. (1Kr 22:1-6; 2Kr 3:1) Njengoba indawo okwakhiwa kuyo ithempeli yayinkulu kakhulu, kubonakala sengathi inani lamashekeli angu-600 egolide lisebenza ekuthengweni kwayo kunendawo encane uDavide akha kuyo i-altare ekuqaleni.
Funda ‘Ohlakeni Lweqiniso’
8 Uma umhlatshelo womIsrayeli wawubonakalisa ngokuzithandela ukubonga okuqotho kuJehova noma, njengasendabeni yomnikelo wokushiswa, wawuyisicelo sokwamukelwa nguye, khona-ke ukukhetha isilwane esifanelekayo kwakungeke kube inkinga. Umkhulekeli wayeyokujabulela ukunikeza uJehova okuhle kunakho konke. AmaKristu namuhla awasanikeli ngemihlatshelo engokoqobo eyayifunwa uMthetho KaMose; kodwa ayayenza imihlatshelo ngomqondo wokuthi asebenzisa isikhathi sawo, amandla nezinto zawo ezibonakalayo ukuze akhonze uJehova. Umphostoli uPawulu wabiza ‘ukuvuma obala’ ithemba lobuKristu ‘nokwenza okuhle nokupha abanye ezintweni eninazo’ njengemihlatshelo ejabulisa uNkulunkulu. (Heb. 13:15, 16) Umoya abantu bakaJehova abenza ngawo imisebenzi enjalo, wembula ukuthi bakubonga futhi bakwazisa kangakanani konke uNkulunkulu abanike kona. Kunokufana phakathi kwesimo sengqondo nezisusa zalabo abasenkonzweni yobuKristu namuhla nezalabo ababenikela imihlatshelo yokuzithandela endulo.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wesibili
23:15-17. UDavide wayewuhlonipha ngokujulile umthetho kaNkulunkulu ophathelene nokuphila kanye negazi kangangokuthi kulesi senzakalo, wenqaba ngisho nokwenza into eyayifana nokwephula lowo mthetho. Kumelwe sihlakulele leso simo sengqondo ngayo yonke imiyalo kaNkulunkulu.
AGASTI 1-7
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 AMAKHOSI 1-2
“Ingabe Uyafunda Emaphutheni Akho?”
it-2-E 987 ¶4
USolomoni
Lapho bezwa umsindo womculo eGihoni, elingekude kakhulu, nokumemeza kwabantu bethi: “Mana njalo Nkosi uSolomoni,” u-Adoniya nalabo ayehlangene nabo babaleka ngenxa yokwesaba nokudideka. USolomoni wabikezela ukuthula okwakuzophawula ukubusa kwakhe ngokwenqaba ukugcolisa isihlalo sakhe sobukhosi ngokuba aziphindiselele. Ukuba izinto zazimi ngenye indlela, maningi amathuba okuthi uSolomoni wayengalahlekelwa ukuphila kwakhe. U-Adoniya wabalekela endlini engcwele ukuze athole isiphephelo, ngakho uSolomoni wathumela ukuba alandwe alethwe kuye. Etshela u-Adoniya ukuthi wayeyoqhubeka ephila uma nje kungatholakali ububi kuye, uSolomoni wamdedela wabuyela endlini yakhe.—1Kh 1:41-53.
it-1-E 49
U-Adoniya
Nokho, ngemva kokufa kukaDavide, u-Adoniya waya kuBati-sheba wamncenga ukuba azenze inceku yakhe phambi kukaSolomoni ukuze acele u-Abishagi, intombazanyana eyayinakekela uDavide futhi ihlala naye, ukuba ibe umkakhe. Amazwi ka-Adoniya athi “ubukhosi babuzoba ngobami, nokuthi wonke u-Israyeli wayelindele ukuba ngibe yinkosi” abonisa ukuthi wazizwa ephuciwe ilungelo lakhe, nakuba akuvuma ukuthi wasibona isandla sikaNkulunkulu kule ndaba. (1Kh 2:13-21) Kungenzeka ukuthi isicelo sakhe wasenza ngenxa yokufuna isinxephezelo njengoba ayelahlekelwe umbuso, okwakusho ngokucacile ukuthi u-Adoniya waqhubeka ekushisekela lokhu ngoba ngokomthetho waseMpumalanga yasendulo amakhosikazi nezancinza zenkosi zaziba ezalowo onelungelo elingokomthetho lokuthatha ubukhosi. (Qhathanisa 2Sa 3:7; 16:21.) USolomoni wasihlaziya lesi sicelo esenziwa ngunina futhi wayala ukuba kubulawe u-Adoniya, okwenziwa uBhenaya ngokushesha.—1Kh 2:22-25.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi YamaKhosi Okuqala
2:37, 41-46. Akuve kuyingozi ukucabanga ukuthi ungaphula umthetho kaNkulunkulu kodwa ungajezi! Labo ngamabomu abaphambukayo baphume ‘endleleni enyinyekile eholela ekuphileni’ bayovuna imiphumela yaleso sinqumo sabo esingahlakaniphile.—Mathewu 7:14.
AGASTI 8-14
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 AMAKHOSI 3-4
“Ukubaluleka Kokuhlakanipha”
Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
4 Ekuqaleni kokubusa kukaSolomoni, uNkulunkulu wabonakala kuye ephusheni wathi akenze isicelo. Eqaphela ukuthi wayenolwazi olulinganiselwe, uSolomoni wacela ukuhlakanipha. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 3:5-9.) UNkulunkulu wajabula ngokuthi le nkosi yacela ukuhlakanipha kunokucela ingcebo nodumo, futhi wanika uSolomoni “inhliziyo enokuhlakanipha nenokuqonda”—kanye nengcebo. (1 Kh. 3:10-14) Njengoba uJesu asho, ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakuvelele kakhulu kangangokuthi indlovukazi yaseSheba yezwa ngakho futhi yahamba ibanga elide izozizwela mathupha.—1 Kh. 10:1, 4-9.
5 Thina asilindele ukuthola ukuhlakanipha ngokuyisimangaliso. USolomoni wathi “uJehova unikeza ukuhlakanipha,” kodwa wabhala ukuthi kufanele silwele ukuyithola le mfanelo kaNkulunkulu, wathi: “Ngokwenza indlebe yakho inake ukuhlakanipha, nangokwenza inhliziyo yakho ifune ikhono lokwahlukanisa.” Ngokuhlobene nokuhlakanipha, wasebenzisa izinkulumo ezinjengokuthi ‘memeza ukufuna’ nethi “qhubeka ukufuna.” (IzA. 2:1-6) Kusobala ukuthi singakuthola ukuhlakanipha.
6 Kuyoba kuhle ukuzibuza, ‘Ngiyasilingisa yini isibonelo sikaSolomoni sokwazisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?’ Ukuntengantenga kwezomnotho kuye kwenza abaningi bagxila emsebenzini wabo nasemalini noma kwathonya izinqumo ngohlobo nobungako bemfundo abazoyiphishekela. Kuthiwani ngawe nangomkhaya wakho? Ingabe enikukhethayo kubonisa ukuthi nazisa futhi nifuna ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Ingabe ukulungisa umbono noma imigomo yenu kuyonenza nikwazi ukuthola ukuhlakanipha okwengeziwe? Ngempela, ukuthola nokusebenzisa ukuhlakanipha kuyonizuzisa phakade. USolomoni wabhala: “Uma wenza kanjalo uyokuqonda okulungile, okunobulungisa nokufanele, yonke inkambo yokuhle.”—IzAga 2:9.
Ingcebo Engokomoya
UJehova UnguNkulunkulu Wezivumelwano
15 Lapho inzalo ka-Abrahama yayisihleleké njengesizwe ngaphansi koMthetho, uJehova wayibusisa ngokuvumelana nesithembiso asenza kule nzalamizi. Ngo-1473 B.C.E. uJoshuwa owalandela uMose esikhundleni, waholela u-Israyeli eKhanani. Ukwabelwa kwezizwana izwe okwalandela kwagcwalisa isithembiso sikaJehova sokunika inzalo ka-Abrahama leli lizwe. Lapho u-Israyeli ethembeka, uJehova wayefeza isithembiso sakhe sokubenza banqobe izitha zabo. Lokhu kwaba njalo ikakhulukazi phakathi nokubusa kweNkosi uDavide. Ngesikhathi sendodana kaDavide uSolomoni, kwagcwaliseka isici sesithathu sesivumelwano sika-Abrahama. “UJuda no-Israyeli babebaningi, bengangezihlabathi zolwandle ngobuningi; babedla bephuza bejabula.”—1 AmaKhosi 4:20.
AGASTI 15-21
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 AMAKHOSI 5-6
“Balakha Ngezikhwepha Zabo Nangokusuka Enhliziyweni”
Ingabe Bewazi?
Umsedari waseLebhanoni wawuthandwa kakhulu ngenxa yokuthi uqinile, muhle futhi unephunga elimnandi, ingasaphathwa eyokuthi awudliwa umuhlwa. Ngakho, uSolomoni wakha ithempeli ngezinto zokwakha zezinga eliphezulu. Endulo, amahlathi ayegcwele izihlahla zomsedari ezintabeni zaseLebhanoni, kodwa namuhla kusele izihlahla ezimbalwa nje.
it-1-E 424
Umsedari
Ukusetshenziswa kakhulu kwezingodo zomsedari kwakuwumsebenzi odinga izinkulungwane zezisebenzi ezazigawula izihlahla, zizithuthe zizise eThire noma eSidoni, zigudle ulwandle lwaseMedithera ziboshelwe ndawonye bese zintantiswa ziye ngasogwini, cishe eJopha. Zazibe sezidonswa ziyiswe eJerusalema. Lokhu kwenzeka ngesivumelwano uSolomoni asenza noHiramu. (1Kh 5:6-18; 2Kr 2:3-10) Kusukela ngaleso sikhathi, ukuthuthwa kwezingodo kwaqhubeka kwaze kwathiwa uSolomoni ‘wenza nokhuni lomsedari lwaba luningi njengezihlahla zomsikhamori’ phakathi nokubusa kwakhe.—1Kh 10:27; qhathanisa no-Isay 9:9, 10
it-2-E 1077 ¶1
Ithempeli
Lapho elungiselela umsebenzi, uSolomoni wahlela amadoda akwa-Israyeli angu-30,000, wawathumela eLebhanoni ngokushintshana ngamaqembu angu-10,000 ngenyanga, lama qembu ayehlala izinyanga ezimbili ekhaya ngaphambi kokubuyela emsebenzini. (1Kh 5:13, 14) Wahlela abathwala imithwalo abangu-70,000 “ababengeyona ingxenye yesizwe sakwa-Israyeli” ezweni, nabasiki bamatshe abangu-80,000. (1Kh 5:15; 9:20, 21; 2Kr 2:2) USolomoni wabela amadoda angu-550 ukuba abe izinduna zomsebenzi namadoda acishe abe ngu 3,300 njengezisebenzi. (1Kh 5:16; 9:22, 23) Kubonakala sengathi angu-250 ayengama-Israyeli kanti angu-3,600 “ayeyizifiki.”—2Kr 2:17, 18.
Ingcebo Engokomoya
g 5/12 17, ibhokisi
IBhayibheli—INcwadi Yesiprofetho Esinembile, Ingxenye 1
UKUGCINWA KWESIKHATHI OKUNEMBILE
Isibonelo sokubaluleka kokugcinwa kwesikhathi okunembile eBhayibhelini kubonakala kweyoku-1 AmaKhosi 6:1, ebhekisela esikhathini iNkosi uSolomoni eyaqala ngaso umsebenzi wokwakha ithempeli eJerusalema. Siyafunda: “Ngonyaka ka-480 [iminyaka engu-479 egcwele] ngemva kokuba ama-Israyeli ephume ezweni laseGibhithe, ngonyaka wesine [wokubusa kukaSolomoni], ngenyanga kaZivi (okungukuthi, inyanga yesibili), uSolomoni waqala ukwakha indlu kaJehova.”
Ukulandelana kwezenzakalo ngokohlelo lwezikhathi zeBhayibheli kuthi unyaka wesine wokubusa kukaSolomoni kwakungu-1034 B.C.E. Uma sibala sihlehlela emuva ngeminyaka engu-479 kusukela ngalowo nyaka, sifinyelela onyakeni ka-1513 B.C.E. njengonyaka ama-Israyeli aqala ngawo ukufuduka.
AGASTI 22-28
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 AMAKHOSI 7
“Izinsika Ezimbili Zingasifundisani?”
‘Ezintabeni Uyokumba Ithusi’
INkosi uSolomoni yasebenzisa ithusi eliningi ekuhlobiseni ithempeli eJerusalema. Eliningi lalo laliqongelelwe uDavide uyise, elithola ezimpini ayezinqobe elwa neSiriya. (1 IziKronike 18:6-8) “Ulwandle lwensimbi” lwethusi okuyindishi enkulu eyayisetshenziswa ngabapristi uma begeza, lwalumumatha amalitha angu-66 000 futhi kungenzeka isisindo salo sasingamathani angu-30. (1 AmaKhosi 7:23-26, 44-46) Kwakukhona nezinsika ezimbili ezinkulukazi zethusi emnyango wethempeli. Zazingamamitha angu-8 ubude futhi zinezihloko ezingamamitha angaba ngu-2,2 ubude. Lezi zinsika zaziyimihubhe, zinezindonga ezingamasentimitha angu-7,5 ubukhulu futhi zingamamitha angu-1,7 ukuzungeza. (1 AmaKhosi 7:15, 16; 2 IziKronike 4:17) Kukushiya ubambe ongezansi ukucabanga ukuthi lingakanani ithusi elasetshenziswa ekwenzeni lezi zinto zodwa nje.
it-1-E 348
UBhowazi, II
Izinsika ezinkulu ezimbili zethusi ezazimiswe ngaphambi kompheme wethempeli likaSolomoni elikhazimulayo zazinamagama, esenyakatho yaqanjwa ngokuthi uBhowazi okungenzeka kusho ukuthi “Ngamandla.” Insika eseningizimu yaqanjwa ngokuthi uJakini, okusho ukuthi “Kwangathi [uJehova] Angakumisa Kuqine.” Ngakho uma zihlanganiswa ndawonye, uzifunde kusukela kwesokudla kuya kwesobunxele, uma umi ubheke eMpumalanga zizofundeka kanje ‘Kwangathi [uJehova] angakumisa kuqine [ithempeli] ngamandla.’—1Kh 7:15-21; bheka elithi CAPITAL.
Ingcebo Engokomoya
it-1-E 263
Ukugeza
Labo abakhonza uJehova ngomoya nangobumsulwa kudingeka bahlanzeke ngokomzimba. Lokhu kwaboniswa ngelungiselelo letabernakele, kamuva kwaba yinkonzo yasethempelini. Lapho bebekwa njengabapristi, uMpristi Ophakeme u-Aroni namadodana akhe bageza ngaphambi kokugqoka izingubo zabo zobupristi. (Eks 29:4-9; 40:12-15; Lev 8:6, 7) Ukuze bageze izandla nezinyawo, abapristi babesebenzisa amanzi endishi yethusi esegcekeni letabernakele futhi kamuva basebenzisa amanzi olwandle olukhulu lwensimbi ethempelini likaSolomoni. (Eks 30:18-21; 40:30-32; 2Kr 4:2-6) NgoSuku Lokuhlawulelwa umpristi ophakeme wayegeza kabili. (Lev 16:4, 23, 24) Labo ababehambise imbuzi ka-Azazeli, izinsalela zezilwane zokwenza umhlatshelo nokukhiphela inkomo ebomvu ngaphandle kwekamu, kwakufanele bageze futhi bawashe nezembatho zabo ngaphambi kokuba bangene ekamu.—Lev 16:26-28; Num19:2-10.
AGASTI 29–SEPTHEMBA 4
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 AMAKHOSI 8
“Umthandazo KaSolomoni Osuka Enhliziyweni Awenza Obala Ngokuthobeka”
Thuthukisa Imithandazo Yakho Ngokutadisha IBhayibheli
9 Ukuze uNkulunkulu awuzwe umthandazo, kumelwe usuke enhliziyweni. Kweyoku-1 AmaKhosi isahluko 8, uSolomoni wathandaza ngokusuka enhliziyweni phambi kwezixuku ezazibuthene eJerusalema ngenkathi kunikezelwa ithempeli likaJehova ngo-1026 B.C.E. Ngemva kokuba umphongolo wesivumelwano ubekwe eNgcwelengcwele nefu likaJehova ligcwalise ithempeli, uSolomoni wadumisa uNkulunkulu.
10 Funda ngokucophelela umthandazo kaSolomoni futhi uphawule indlela obhekisela ngayo enhliziyweni. USolomoni wavuma ukuthi nguJehova kuphela owazi inhliziyo yomuntu. (1 Kh. 8:38, 39) Wona lo mthandazo ubonisa ukuthi isoni ‘esibuyela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yaso’ singaba nethemba lokuthethelelwa. Uma abantu bakaNkulunkulu babethunjwe isitha, uJehova wayeyozizwa izicelo zabo uma inhliziyo yabo iphelele kuye. (1 Kh. 8:48, 58, 61) Ngokuqinisekile, imithandazo yakho kufanele isuke enhliziyweni.
Phakamisa Izandla Ezithembekile Ngomthandazo
7 Kungakhathaliseki ukuthi sithandaza obala noma ngasese, isimiso esibalulekile esingokomBhalo okufanele sisikhumbule siwukuthi kufanele sibonise isimo sengqondo sokuthobeka emithandazweni yethu. (2 IziKronike 7:13, 14) INkosi uSolomoni yabonisa ukuthobeka emthandazweni eyawenza obala lapho kunikezelwa ithempeli likaJehova eJerusalema. USolomoni wayesanda kuqeda ukwakha esinye sezakhiwo ezinhle kunazo zonke ezake zakhiwa emhlabeni. Nokho, wathandaza ngokuthobeka: “Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala emhlabeni? Bheka! Amazulu, yebo, izulu lamazulu, awakwazi ukukuthwala; kangakanani-ke le ndlu engiyakhile!”—1 AmaKhosi 8:27.
8 NjengoSolomoni, kufanele sithobeke lapho simelela abanye ngomthandazo wasobala. Nakuba kufanele sikugweme ukuzwakala sinokulunga kokuzenzisa, ukuthobeka singakubonisa ngesimo sezwi. Imithandazo yokuthobeka ayinakho ukubukisa noma ukuzenzisa. Ayenzi kunakwe lowo muntu othandazayo, kodwa yenza kunakwe Lowo okukhulunywa naye. (Mathewu 6:5) Ukuthobeka kuboniswa nayilokho esikushoyo emthandazweni. Uma sithandaza ngokuthobeka, ngeke sizwakale sengathi siphoqelela ukuba uNkulunkulu enze izinto ezithile ngendlela yethu. Kunalokho, siyonxusa uJehova ukuba enze ngendlela evumelana nentando yakhe engcwele. Umhubi wabeka isibonelo ngokubonisa isimo sengqondo esifanele lapho enxusa: “Jehova, sicela usisindise, siyakunxusa! Jehova, sicela usisize sinqobe!”—IHubo 118:25; Luka 18:9-14.
Ingcebo Engokomoya
it-1-E 1060 ¶4
Amazulu
USolomoni, umakhi wethempeli eJerusalema, wathi “amazulu, yebo, izulu lamazulu” awakwazi ukuthwala uNkulunkulu. (1Kh 8:27) NjengongoMdali wamazulu, isikhundla sikaJehova sizedlula zonke futhi “igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa. Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu.” (Hu 148:13) UJehova ukala amazulu njengalapho umuntu ekala into ethile evula isandla sakhe ayikale kusukela esithupheni kuye kucikicane. (Isay 40:12) Inkulumo kaSolomoni ayisho ukuthi uNkulunkulu akanayo indawo eqondile yokuhlala. Ayisho nokuthi ukuyo yonke indawo ngomqondo wokuthi ukhona kuyoyonke into. Lokhu sikubona kulokho uSolomoni aphinde akusho ngoJehova ngokuthi uyezwa ‘esendaweni yakhe yokuhlala, emazulwini,’ okuwukuthi, emazulwini indawo yomoya.—1Kh 8:30, 39.