ISIFUNDO 19
Ukuzama Ukufinyelela Inhliziyo
IzAga 3:1
OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zakho zikujabulele lokho ezikufundayo futhi zizimisele ukukwenza.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Siza izilaleli zakho zizihlole. Sebenzisa imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zihlole imizwa yazo ngokuqondene nendaba okhuluma ngayo.
Bonisa ukubaluleka kokuba nezisusa ezinhle. Khuthaza izilaleli zakho ukuba zizihlole ukuthi kungani ngempela zenza imisebenzi emihle. Zisize zifune ukwenza okuhle ngoba zithanda uJehova, omakhelwane nezimfundiso zeBhayibheli. Bonisana nezilaleli zakho; ungazishumayezi. Kunokuzibangela amahloni noma uzenze zizizwe zinecala, inkulumo yakho mayishiye izilaleli zikhuthazekile futhi zifuna ukwenza nakangcono.
Yenza izilaleli zicabange ngoJehova. Bonisa indlela izimfundiso, nemiyalo eseBhayibhelini eveza ngayo ubuntu bukaJehova nendlela asithanda ngayo. Siza izilaleli zakho zizimisele ukucabanga ngemizwa kaJehova nangendlela ezingamjabulisa ngayo.