Ungaba Yini NjengoFinehasi Lapho Ubhekana Nezinselele?
KUYILUNGELO eliyigugu ukukhonza njengomdala webandla. Nokho, iZwi likaNkulunkulu liyavuma ukuthi abadala babhekana nezinselele. Ngezinye izikhathi, kumelwe basingathe amacala obubi ‘abahlulelela uJehova’ kuwo. (2 IziKr. 19:6) Noma, umbonisi angase athole isabelo anomuzwa wokuthi akasilungele, njengoba kwenza uMose, ngokuthobeka owabuza ngokuphathelene nesabelo esithile: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro?”—Eks. 3:11.
ImiBhalo, eyabhalwa kusetshenziswa amandla asebenzayo afanayo nalawo amisa abadala, inezibonelo ezingokoqobo zababonisi ababhekana nezinselele ngokuphumelelayo. UFinehasi wayeyindodana ka-Eleyazare futhi engumzukulu ka-Aroni, ngakho wayesohlwini lokuba umpristi ophakeme. Izenzakalo ezintathu ezenzeka ekuphileni kwakhe ziqokomisa isidingo sokuba abadala namuhla babhekane nezinselele ngesibindi, ngokuqondisisa nangokuthembela kuJehova.
“Khona Manjalo Wasukuma”
UFinehasi wayeseyinsizwa lapho ama-Israyeli ekanise emaThafeni AkwaMowabi. IBhayibheli liyabika: “Abantu baqala ukuziphatha kabi namadodakazi akwaMowabi. . . . Abantu baqala ukudla nokukhothamela onkulunkulu babo.” (Num. 25:1, 2) UJehova washaya abenzi bobubi ngesishayo esibulalayo. Ucabanga ukuthi umbiko wobubi babo nesishayo obasibangela wamthinta kanjani uFinehasi?
Ukulandisa kuyaqhubeka: “Bheka! indoda ethile kubantwana bakwa-Israyeli yeza, futhi yayisondela kubafowabo inowesifazane wakwaMidiyani phambi kwamehlo kaMose naphambi kwamehlo ayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, ngesikhathi inhlangano ikhala emnyango wetende lokuhlangana.” (Num. 25:6) Wayezokwenzani umpristi uFinehasi? Wayemncane kanti lo mIsrayeli owayona wayeyisikhulu esasihola abantu ekukhulekeleni.—Num. 25:14.
Nokho, uFinehasi wayesaba uJehova hhayi abantu. Lapho ebabona laba ababili, khona manjalo wathatha isijula wabalandela waze wayongena etendeni wafike wababhokoda. UJehova wakubheka kanjani ukuba nesibindi nokunganqikazi kukaFinehasi? Ngokushesha uJehova wasimisa isishayo futhi wavuza uFinehasi ngesivumelwano sokuthi ubupristi babungeke busuke ozalweni lwakhe “kuze kube nini nanini.”—Num. 25:7-13.
Yiqiniso, abadala abangamaKristu ababusebenzisi ubudlova. Kodwa njengoFinehasi, kumelwe bahlale bekulungele ukuthatha isinyathelo ngokunganqikazi futhi babe nesibindi. Ngokwesibonelo, uGuilherme wayenezinyanga ezimbalwa kuphela ekhonza njengomdala lapho ecelwa ukuba akhonze ekomitini yokwahlulela. Leli cala lalihilela umdala owayemsizile lapho esemncane. Uthi: “Ngazizwa ngingakhululekile. Kwakunzima nokulala ebusuku. Ngangihlale ngicabanga izindlela zokusingatha lolu daba ngaphandle kokuba imizwelo yami ifiphaze iso lami elingokomoya. Ngathandaza izinsuku eziningana futhi ngacwaninga ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini.” Lokhu kwamsiza ukuba abe nesibindi ayesidinga ukuze asingathe lesi simo esingavamile futhi anikeze usizo olungokomoya kumfowabo owonile.—1 Thim. 4:11, 12.
Ngokubonisa isibindi nangokuthatha isinyathelo ngokunqikazi lapho izimo ebandleni zidinga lokho, abadala baba izibonelo zokholo nezobuqotho. Yiqiniso, namanye amaKristu kudingeka abonise isibindi, abike ukona okungathí sina okungenzeka akwazi. Ngokufanayo, kudinga ubuqotho ukuyeka ukuzihlanganisa nomngane noma isihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni.—1 Kor. 5:11-13.
Wagwema Inhlekelele Ngokuba Nokuqondisisa
Isibindi sikaFinehasi sasingewona amagangangozi obuntwana. Cabanga ngendlela abonisa ngayo ukuqondisisa—ukwenza ngokuhlakanipha nangokuqonda—lapho ezwa ngomunye umbiko. Isizwe sakwaRubeni, esakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase zakha i-altare eduze koMfula iJordani. Amanye ama-Israyeli aphetha ngokuthi zazilakhele ukukhulekela kwamanga futhi azilungiselela ukulwa nazo.—Josh. 22:11, 12.
UFinehasi wasabela kanjani? Ekanye nezikhulu zakwa-Israyeli, ngokuhlakanipha baxoxa ngalolu daba nalabo ababakhe i-altare. Izizwe ezazibekwe icala zasicacisa isimo, zachaza ukuthi empeleni zazilakhele “inkonzo kaJehova.” Yagwemeka kanjalo-ke inhlekelele.—Josh. 22:13-34.
Uma umKristu ezwa ukuthi enye inceku kaJehova ibekwa icala noma kunombiko omubi ngayo, yeka ukuthi kuyoba ukuhlakanipha kanjani ukulingisa uFinehasi! Ukuqondisisa kusivimbela ukuba singacasuki noma sisho izinto ezimbi ngabafowethu.—IzAga 19:11.
Ukuqondisisa kungabasiza kanjani abadala ukuba benze njengoFinehasi? UJaime, osebe ngumdala iminyaka engaphezu kweyishumi uthi: “Lapho ummemezeli eqala ukukhuluma ngokungezwani kwakhe nomunye, ngiye ngicele uJehova ngokushesha ukuba angisize ngingathathi hlangothi kodwa nginikeze isiqondiso esingokomBhalo. Omunye udade wake weza kimi ezongitshela ngenkinga ayenayo ngendlela umzalwane othile onomthwalo wemfanelo wakwelinye ibandla ayemphathe ngayo. Njengoba lo mzalwane ayengumngane wami, kwakungaba lula ngami ukukhuluma naye. Kunalokho, mina nalo dade saxoxa ngezimiso ezingokomBhalo eziningana. Ngemva kwalokho, wavuma ukuyokhuluma nalo mzalwane kuqala. (Math. 5:23, 24) Abazange baxolelane ngokushesha. Ngakho, ngamnxusa ukuba acabangele ezinye izimiso ezingokomBhalo. Wanquma ukuphinde athandaze ngale ndaba futhi alwele ukuthethelela.”
Waba yini umphumela? UJaime uyakhumbula: “Ngemva kwezinyanga eziningana lo dade weza kimi. Wachaza ukuthi lo mzalwane uye wazisola ngalokho ayekushilo ngokuhamba kwesikhathi. Lo mzalwane wahlela ukusebenza naye enkonzweni yasensimini futhi wamtshela indlela amazisa ngayo. Indaba yaxazululwa. Ukube ngazigaxa kule ndaba, bese kusoleka sengathi ngithathe uhlangothi, ingabe umphumela wawuyoba muhle ngale ndlela?” IBhayibheli liyeluleka: “Ungaphumi uyosingatha icala lomthetho ngokubhuduzela.” (IzAga 25:8) Abadala abanokuqondisisa ngokuhlakanipha bakhuthaza amaKristu axabene ukuba asebenzise izimiso ezingokomBhalo ukuze aphishekele ukuthula futhi akufinyelele.
Wabuza UJehova
UFinehasi waba nelungelo lokukhonza njengompristi wabantu bakaNkulunkulu abakhethiwe. Njengoba sibonile, wabonisa isibindi nokuqondisisa okungaphezu kokuvamile, ngisho nalapho ayesemncane. Noma kunjalo, impumelelo yakhe ekubhekaneni nezinselele yayixhomeke ekuthembeleni kwakhe kuJehova.
Ngemva kokuba amadoda aseGibheya, esizwe sakwaBhenjamini, edlwengule futhi abulala ngonya isancinza somLevi, ezinye izizwe zahlela ukuyolwa nesizwe sakwaBhenjamini. (AbaHl. 20:1-11) Ngaphambi kokuyolwa, zathandaza kuJehova zicela usizo kodwa zanqotshwa kabili futhi kwaba nabantu abaningi kakhulu abafayo. (AbaHl. 20:14-25) Ingabe zaphetha ngokuthi imithandazo yazo yayingasizi? Ingabe uJehova wayenesithakazelo sangempela sokubona ukuthi zaziyosabela kanjani kulobu bubi obabenziwe?
UFinehasi waphinde wabonisa ukuthembela kwakhe kuJehova okungantengantengi manje esengumpristi ophakeme kwa-Israyeli. Wathandaza: “Ingabe namanje kufanele ngiphinde ngiphume ngilwe nabantwana bakwaBhenjamini umfowethu noma kufanele ngiyeke?” UJehova waphendula ngokunikela abakwaBhenjamini esandleni sabo, futhi iGibheya lashiswa lalotha.—AbaHl. 20:27-48.
Isiphi isifundo esingasifunda kulokhu? Ezinye izinkinga ebandleni ziyaqhubeka nakuba abadala benza imizamo eqotho futhi bethandazela usizo kuNkulunkulu. Uma lokhu kwenzeka, abadala benza kahle ngokukhumbula amazwi kaJesu: “Qhubekani nicela [noma nithandaza], niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” (Luka 11:9) Ngisho noma kungabonakala sengathi uJehova uyephuza ukuphendula imithandazo, ababonisi bangaqiniseka ngokuthi uyoyiphendula ngesikhathi sakhe esifanele.
Ngokwesibonelo, ibandla elithile e-Ireland lalilidinga ngempela iHholo LoMbuso kodwa umuntu owayesika iziza endaweni wayengabathandi. Wazenqaba zonke izicelo zesiza abazalwane ababezifakile. Babona ukuthi ukuphela komuntu ongabanika imvume yokwakha kwakungumuntu owayephethe abasika izindawo kuso sonke isifundazwe. Ingabe umthandazo wawuyobasiza, njengasosukwini lukaFinehasi?
Umdala wendawo uyalandisa: “Ngemva kokuthandaza nokunxusa kaningi, sahamba saya ehhovisi eliyinhloko labasika izindawo. Ngatshelwa ukuthi cishe kwakuzothatha amasonto ngaphambi kokuba sibone lo mphathi. Nokho, sakwazi ukuhlangana naye imizuzu emihlanu. Ngemva kokubona amapulani esasiphinde sawadweba, wasinika ngokushesha imvume yokwakha futhi kusukela ngaleso sikhathi umuntu owayesika izindawo esasikhulume naye ekuqaleni wenza konke angakwenza ukuze asisize. Lokhu okwenzeka kwagcizelela kithi amandla omthandazo.” Yebo, uJehova uyoyiphendula imithandazo eqotho eyenziwa abadala abathembela kuye.
UFinehasi wayenomthwalo wemfanelo omkhulu kwa-Israyeli wasendulo; kodwa ngesibindi, ukuqondisisa nangokuthembela kuNkulunkulu, wakwazi ukubhekana nezinselele ngokuphumelelayo. Ngaphezu kwalokho, ukulikhathalela kwakhe ngenkuthalo ibandla likaNkulunkulu, kwathokozisa uJehova. Ngemva kweminyaka engaba inkulungwane, u-Ezra waphefumulelwa ukuba abhale: “NguFinehasi indodana ka-Eleyazare owabe engumholi phezu kwabo esikhathini esidlule. UJehova wayenaye.” (1 IziKr. 9:20) Kwangathi kungashiwo okufanayo nangabo bonke abaholayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu namuhla, empeleni, ngawo wonke amaKristu amkhonza ngokwethembeka.