Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 57
  • Kuthiwani Uma Wenze Isono Esibi Kakhulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Uma Wenze Isono Esibi Kakhulu?
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Ukumbonisa Uthando Nesihe Umuntu Owenze Isono
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Indlela Amabandla Ahlelwe Ngayo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukusiza Labo Abasusiwe Ebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Samukele Njalo Isiyalo SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 57
ISifundo 57. Umzalwane osemusha uvuma isono esibi kakhulu kubadala eHholo LoMbuso.

ISIFUNDO 57

Kuthiwani Uma Wenze Isono Esibi Kakhulu?

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Nakuba umthanda ngokujulile uJehova futhi uzama kanzima ukugwema izinto ezizomzwisa ubuhlungu, ngezinye izikhathi uzowenza amaphutha. Amanye amaphutha mabi kakhulu kunamanye. (1 Korinte 6:9, 10) Uma wenze isono esibi kakhulu, khumbula ukuthi uJehova akayekile ukukuthanda, uzimisele ukukuthethelela nokukusiza.

1. Yini okumelwe siyenze ukuze uJehova asithethelele?

Labo abathanda uJehova baphatheka kabi kakhulu lapho beqaphela ukuthi benze isono esibi kakhulu. Kodwa kuyabaduduza lokho uJehova akuthembisa abantu bakhe: “Nakuba izono zenu zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.” (Isaya 1:18) Uma siphenduka ngobuqotho, uJehova uyosithethelela ngokuphelele. Siphenduka kanjani? Ngenxa yokuzisola okujulile, siyayeka ukwenza izinto ezimbi bese sincenga uJehova ukuba asithethelele. Ngemva kwalokho, sisebenza kanzima ukuze sishintshe ukucabanga nemikhuba engafanele eyasiholela esonweni, bese sizama ukuphila ngemithetho kaJehova ehlanzekile.​—Funda u-Isaya 55:6, 7.

2. UJehova ubasebenzisa kanjani abadala ukuba basisize lapho sonile?

Uma senze isono esibi kakhulu, uJehova uthi ‘asibize abadala bebandla.’ (Funda uJakobe 5:14, 15.) La madoda amisiwe ayamthanda uJehova nezimvu zakhe. Afundisiwe ukuba asisize silungise ubuhlobo bethu noJehova.​—Galathiya 6:1.

Abadala basisiza kanjani uma senze isono esibi kakhulu? Abadala ababili noma abathathu bazosilungisa besebenzisa iseluleko esiseBhayibhelini. Bazosinikeza namacebiso esingawasebenzisa nesikhuthazo ukuze sigweme ukuphinde sone. Ukuze bavikele ibandla emathonyeni alimazayo, abadala basusa ebandleni noma ubani owenza izono ezimbi kakhulu kodwa angaphenduki.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda indlela uJehova asisiza ngayo uma senze isono esibi kakhulu, nokuthi ungabonisa kanjani ukuthi uyabonga.

3. Ukuvuma izono kuyasisiza sibuyisane noJehova

Noma yisiphi isono esisenzayo simzwisa ubuhlungu uJehova, ngakho kuyafaneleka ukuba sisivume kuye. Fundani iHubo 32:1-5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kukuhle ukuba sivume izono zethu kuJehova kunokuba sizifihle?

Ngaphezu kokuvuma izono zethu kuJehova, sithola induduzo lapho sicela usizo kubadala. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: “UJehova Uyamyala Lowo Amthandayo” (3:01)

  • Kule vidiyo, abadala bamsiza kanjani uCanon ukuba abuyele kuJehova?

Kudingeka sibatshele konke abadala futhi sethembeke; bakhona ukuze basisize. Fundani uJakobe 5:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani ukwethembeka lapho sikhuluma nabadala kwenza kube lula ukuba basisize?

Izithombe ezihlanganisiwe: 1. Umzalwane uphatheke kabi kakhulu, uhleli ubeke izandla ebusweni. 2. Lo mzalwane uyathandaza. 3. Ukhuluma nomdala ocingweni. 4. Usehlangene nabazalwane abathathu. 5. Useyamomotheka ngoba usenonembeza ohlanzekile.

Vuma isono sakho, wethembeke kubadala, wamukele usizo kuJehova

4. UJehova uzibonisa isihe izoni

Uma umuntu owenze isono esibi kakhulu enqaba ukulalela imithetho kaJehova, uyasuswa ebandleni futhi asizihlanganisi naye. Fundani eyoku-1 Korinte 5:6, 11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Njengoba nje imvubelo ibilisa inhlama, ukuzihlanganisa nesoni esingaphenduki kungaba namuphi umphumela ebandleni?

Belingisa isihe uJehova asibonisa izoni, abadala bathatha isinyathelo ukuze babasize labo abasusiwe ebandleni. Abaningi abaye basuswa, baphinde babuyela ebandleni ngenxa yokuthi isiyalo, nakuba sibuhlungu, sabasiza babona ukuthi ababekwenzile kwakukubi.​—IHubo 141:5.

Indlela uJehova asebenzelana ngayo nezoni ibonisa kanjani ukuthi uyacabangela, unesihe futhi unothando?

5. UJehova uyasithethelela lapho siphenduka

UJesu wasebenzisa umfanekiso osisiza siqonde ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho umuntu ephenduka. Fundani uLuka 15:1-7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Lo mfanekiso usifundisani ngoJehova?

Fundani uHezekeli 33:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuphenduka kusho ukuthatha siphi isinyathelo esibalulekile?

Umalusi ubhandisha imvu elimele.

Njengomalusi, uJehova uzikhathalela ngokujulile izimvu zakhe

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngiyesaba ukutshela abadala ngesono engisenzile, ngizovele ngisuswe.”

  • Ubungathini kumuntu ozizwa kanjalo?

UKUBUYEKEZA

Uma senze isono esibi kakhulu kodwa sizisola ngobuqotho futhi sizimisele ukuyeka izinto ezimbi, uJehova uzosithethelela.

Ufundeni?

  • Kungani kukuhle ngathi ukuvuma izono esizenzile kuJehova?

  • Yini okudingeka siyenze ukuze izono zethu zithethelelwe?

  • Uma senze isono esibi kakhulu, kungani kufanele sicele usizo kubadala?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bukela indlela owesilisa othile awuthola ngayo umusa kaJehova ochazwe ku-Isaya 1:18.

Ungawungabazi Umusa KaJehova (5:02)

Yini abadala abazama ukuyenza ukuze basize abenze isono esibi kakhulu?

“Ukumbonisa Uthando Nesihe Umuntu Owenze Isono” (INqabayokulinda, Agasti 2024)

Funda indlela izoni ezingaphenduki eziboniswa ngayo uthando nesihe.

“Ukusiza Labo Abasusiwe Ebandleni” (INqabayokulinda, Agasti 2024)

Endabeni ethi “Kwakudingeka Ngibuyele KuJehova,” funda ukuthi kungani indoda ethile eyayishiye iqiniso yaba nomuzwa wokuthi uJehova uyibuyisile.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2012)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela