Melana Nokucabanga Okungalungile!
NGESIKHATHI isosizini, inzalamizi uJobe yavakashelwa abangane bayo abathathu, u-Elifazi, uBhilidadi noSofari, bezozwelana nayo futhi bayiduduze. (Jobe 2:11) Owayenethonya kakhulu mhlawumbe emdala kunabo bonke kwakungu-Elifazi. Nguye owakhuluma kuqala futhi kuningi impela akusho. Izinkulumo zakhe ezintathu zaveza ukuthi wayecabangani?
Ekhumbula umbono oyinqaba ayeke waba nawo, u-Elifazi wathi: “Kwadlula umoya phezu kobuso bami; iziboya zenyama yami zasiphuzela. Wama, kodwa angizange ngikwazi ukubona ukubonakala kwawo; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwazola, futhi manje ngezwa izwi.” (Jobe 4:15, 16) Ukucabanga kuka-Elifazi kwakuthonywe umoya onjani? Indlela agxeka ngayo uJobe ibonisa ukuthi lo moya wawungaveli neze ezingelosini zikaNkulunkulu ezilungile. (Jobe 4:17, 18) Wawuvela esidalweni somoya esibi. Ukube lo moya wawuvela kuJehova, uJehova wayengamlahlelani u-Elifazi nabangane bakhe ababili athi bakhulume amanga? (Jobe 42:7) Yebo, u-Elifazi wayethonywe amademoni. Amazwi akhe abonisa ukuthi wayengacabangi ngendlela kaNkulunkulu.
Yini ebonakala amazwini ka-Elifazi? Kungani kubalulekile ukuba siqaphele singathonywa ukucabanga okungalungile? Yini esingayenza ukuze simelane nako?
“Akanalo Ukholo Ezincekwini Zakhe”
Kuzo zontathu izinkulumo zakhe, u-Elifazi waveza umbono wokuthi uNkulunkulu ulukhuni kangangokuthi ayikho into engenziwa izinceku zakhe engamjabulisa. U-Elifazi watshela uJobe: “Bheka! Akanalo ukholo ezincekwini zakhe, nezithunywa zakhe uzimangalela ngokuba nephutha.” (Jobe 4:18) Kamuva u-Elifazi wathi ngoNkulunkulu: “Akanalo ukholo kwabangcwele bakhe, empeleni namazulu ngokwawo awahlanzekile emehlweni akhe.” (Jobe 15:15) Wabuza: “Ingabe uMninimandla onke uyajabula ngokuthi ulungile?” (Jobe 22:3) UBhilidadi wayevumelana nalo mbono ka-Elifazi ngoba wathi: “Kukhona ngisho nenyanga, kodwa ayikhanyi kakhulu; ngisho nezinkanyezi azizange zibe ezihlanzekile emehlweni [kaNkulunkulu].”—Jobe 25:5.
Kumelwe siqaphele singathonywa yilolu hlobo lokucabanga. Kungasenza sibe nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ufuna okungaphezu kwamandla ethu. Lo mbono wonakalisa ubuhlobo bethu noJehova. Ngaphezu kwalokho, uma sivumela ukunqotshwa yilolu hlobo lokucabanga, siyosabela kanjani lapho siyalwa? Kunokuba sithobeke samukele ukulungiswa, izinhliziyo zethu zingase ‘zifuthekele uJehova,’ futhi singase simcasukele. (IzAga 19:3) Yeka ukuthi lokho kungasilimaza kanjani ngokomoya!
“Ingabe Indoda Enamandla Ingaba Lusizo KuNkulunkulu?”
Omunye umbono ohlobene eduze nokuthi uNkulunkulu ulukhuni yilowo othi ubheka abantu njengabangelutho. Inkulumo ka-Elifazi yesithathu inalo mbuzo: “Ingabe indoda enamandla ingaba lusizo kuNkulunkulu, ukuba onokuqondisisa abe lusizo kuye?” (Jobe 22:2) U-Elifazi wayesho ukuthi umuntu akalutho kuNkulunkulu. NoBhilidadi wakufakazela lokhu: “Umuntu ofayo angaba kanjani ongenaphutha phambi kukaNkulunkulu, noma kungenzeka kanjani ukuba ozalwa ngowesifazane abe ngohlanzekile?” (Jobe 25:4) Ngokusho kwabo, uJobe, umuntu nje, wayengacabanga kanjani nje ukuthi unokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu?
Abantu abathile namuhla bahlushwa imizwa edikibalisayo ngabo ngokwabo. Kungenzeka ukuthi indlela abakhuliswa ngayo, izingcindezi zokuphila, noma ukuba izisulu zobandlululo noma ukuzondwa ngenxa yobuhlanga kwaba nomthelela kule nkinga. Kodwa uSathane namademoni akhe nabo bayakujabulela ukuthena umuntu amandla. Bayazi ukuthi uma bengenza umuntu acabange ukuthi ayikho into angayenza engajabulisa uNkulunkulu uMninimandla onke, bayobe baphumelele emzamweni wabo wokumthena amandla. Ngokuhamba kwesikhathi, lowo muntu angase akhukhuleke, amshiye uNkulunkulu ophilayo.—Hebheru 2:1; 3:12.
Ukuguga nezinkinga zempilo kwenza singakwazi ukwenza yonke into esiyifunayo. Kungabonakala sengathi senza okuncane kakhulu enkonzweni yoMbuso uma siqhathanisa nalokho esasikwenza ngesikhathi sisebasha, sisenempilo enhle, futhi siseyimiqemane. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukwazi ukuthi uSathane namademoni akhe bafuna sibe nomuzwa wokuthi esikwenzayo ngeke kumjabulise uNkulunkulu! Kumelwe simelane nokucabanga kanjalo.
Indlela Yokumelana Nokucabanga Okudikibalisayo
Naphezu kokuhlushwa uSathane uDeveli, uJobe wathi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!” (Jobe 27:5) Ngenxa yokuthi uJobe wayemthanda uNkulunkulu, wayezimisele ukuhlala eqotho kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, futhi akavumelanga lutho ukube lushintshe lokho. Lapha sithola indlela yokumelana nokucabanga okudikibalisayo. Kumelwe siluqonde kahle uthando lukaNkulunkulu futhi sihlakulele ukulwazisa. Kudingeka futhi silujulise uthando lwethu ngaye. Lokhu singakwenza ngokulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu, sithandaze futhi sizindle ngalokho esikufundile.
Ngokwesibonelo, uJohane 3:16 uthi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” UJehova usithanda kakhulu isintu, futhi indlela aye asebenzelana ngayo nabantu yonke le minyaka iyakubonisa lokho. Ukuzindla ngezibonelo zakudala kufanele kusenze simazise uJehova futhi sijulise uthando lwethu ngaye, ngaleyo ndlela sikwazi ukumelana nokucabanga okungalungile noma okudikibalisayo.
Cabanga ngendlela uJehova asebenzelana ngayo no-Abrahama ngesikhathi sekuseduze ukuba iSodoma neGomora libhujiswe. U-Abrahama wabuza uJehova izikhathi ezingu-8 mayelana nesahlulelo saKhe. UJehova akazange nanini acasuke noma aphelelwe isineke. Kunalokho, izimpendulo zakhe zamqinisekisa futhi zamduduza u-Abrahama. (Genesise 18:22-33) Kamuva lapho uNkulunkulu esindisa uLoti nomkhaya wakhe eSodoma, uLoti wacela ukubalekela emzini oseduze kunokubalekela ezintabeni. UJehova waphendula: “Bheka ngiyakucabangela nakulokhu futhi, ngokuba ngingawugumbuqeli umuzi okhulume ngawo.” (Genesise 19:18-22) Ingabe lezi zindaba ziveza uJehova njengomuntu olukhuni, ongenaluthando nonguzwi-lakhe? Cha. Zimveza eyilokho ayikho ngempela—uMbusi onothando, onomusa, omnene noqondayo.
Isibonelo sika-Aroni, sikaDavide nesikaManase bakwa-Israyeli wasendulo zibonisa ukuthi uNkulunkulu akahlali efunana namaphutha kubantu. U-Aroni wenza izono ezintathu ezinkulu. Wenza ithole legolide, wahlanganyela nodadewabo uMiriyamu ekugxekeni uMose, futhi wehluleka ukungcwelisa nokudumisa uNkulunkulu eMeriba. Noma kunjalo, uJehova wakubona okuhle kuye futhi wamvumela ukuba aqhubeke ekhonza njengompristi ophakeme kwaze kwaba sekufeni kwakhe.—Eksodusi 32:3, 4; Numeri 12:1, 2; 20:9-13.
INkosi uDavide yenza izono ezimbi kakhulu ngesikhathi ibusa. Yaphinga, yenza ugobe lokubulala indoda engenacala futhi yabala abantu ingagunyaziwe. Nokho, uJehova wakubona ukuphenduka kukaDavide futhi wanamathela esivumelwaneni soMbuso ngokumvumela ukuba abuse kuze kube sekufeni kwakhe.—2 Samuweli 12:9; 1 IziKronike 21:1-7.
Inkosi yakwaJuda uManase yakhela uBhali ama-altare, yadabulisa amadodana ayo emlilweni, yakhuthaza imikhuba yokusebenzelana nemimoya futhi yakha ama-altare okukhulekela kwamanga emagcekeni ethempeli. Nokho, ngemva kokuba iphenduke ngenhliziyo yonke, uJehova wayixolela, wayikhulula futhi wayibuyisela ebukhosini. (2 IziKronike 33:1-13) UNkulunkulu ongajatshuliswa yilutho angazenza yini izinto ezinje? Lutho neze!
Ummangaleli Wamanga Nguye Onecala
Akufanele kusimangaze ukuthi empeleni nguSathane owenza zonke lezi zinto ezimbi athi zenziwa uJehova. USathane unonya futhi ulukhuni. Lokhu kubonakala kahle emkhutsheni wokunikela ngabantwana owawuhlobene nokukhulekela kwamanga ezikhathini zakudala. Ama-Israyeli ayizihlubuki ayeshisa amadodana namadodakazi awo emlilweni—into eyayingazange ifike enhliziyweni kaJehova.—Jeremiya 7:31.
NguSathane ohlala efunana namaphutha kubantu, hhayi uJehova. IsAmbulo 12:10 sithi uSathane ‘ungummangaleli wabafowethu, obamangalela imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu!’ Ngakolunye uhlangothi, umhubi wahlabelela ngoJehova: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama? Ngoba unentethelelo yeqiniso.”—IHubo 130:3, 4.
Lapho Singeke Sisahlushwa Ukucabanga Okungalungile
Yeka impumuzo okumelwe ukuba izingelosi zayithola lapho uSathane uDeveli namademoni akhe bexoshwa emazulwini! (IsAmbulo 12:7-9) Ngemva kokuxoshwa kwayo, le mimoya emibi ayibange isakwazi ukuthonya izinto ezenziwa umkhaya kaJehova wezingelosi ezulwini.—Daniyeli 10:13.
Akusensuku zatshwala izakhamuzi zasemhlabeni zijabule. Maduze, ingelosi evela ezulwini enesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo izobopha uSathane namademoni akhe ibajikijele kwalasha lapho bengeke benze lutho khona. (IsAmbulo 20:1-3) Yeka ukuthi siyothola impumuzo enjani lapho lokho kwenzeka!
Okwamanje, kumelwe sikuxwaye ukucabanga okungalungile. Noma nini lapho sifikelwa imicabango engalungile noma edikibalisayo, kudingeka simelane nayo ngokucabanga sigxile ngokuthi uJehova uyasithanda. Khona-ke ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zethu namandla ethu engqondo.’—Filipi 4:6, 7.
[Isithombe ekhasini 26]
UJobe wamelana nokucabanga okudikibalisayo
[Isithombe ekhasini 28]
ULoti wazibonela ukuthi uJehova unguMbusi oqondayo