Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/12 kk. 16-18
  • Lapho Ufikelwa Umuzwa Wokuzibulala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ufikelwa Umuzwa Wokuzibulala
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Awuwedwa Neze!
  • Uma Kudingeka Okwengeziwe
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    I-Phaphama!—2008
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ungaluthola Usizo
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 1/12 kk. 16-18

Lapho Ufikelwa Umuzwa Wokuzibulala

UNYAKA ngamunye amashumi ezinkulungwane zabantu azama ukuzibulala e-United States nje iyodwa. IBhayibheli linikeza isizathu esiyinhloko esenza abaningi baphelelwe ithemba ngaleyo ndlela. Liyachaza ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Abantu bacindezeleke kakhulu ekuphileni. (2 Thimothewu 3:1; UmShumayeli 7:7) Uma umuntu ekhungethwe izinkathazo zokuphila, angase acabange ukuzibulala njengendlela yokuphuma ebunzimeni abhekene nabo. Yini ongayenza uma kuwukuthi uke wacabanga kanjalo?

Awuwedwa Neze!

Nakuba isimo sakho singase sibonakale singenathemba, khumbula ukuthi awuwedwa nokuthi ngokudabukisayo cishe bonke abantu babhekene nohlobo oluthile lwenkinga namuhla. IBhayibheli lithi: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.” (Roma 8:22) Yize okwesikhashana kungase kubonakale sengathi inkinga yakho ayisoze yaxazululeka, ngokuvamile izinto ziyadamba ngokuhamba kwesikhathi. Yini engakusiza lapho inkinga isaqhubeka?

Khuluma nomngane ovuthiwe nomethembayo ngemizwa yakho. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Indoda elungile uJobe, okukhulunywa ngayo eBhayibhelini, yakhuluma nabanye ngemizwa yayo ngesikhathi ibhekene nezinkathazo. Uma izwa lokho eyakubiza ngokuthi ‘ukwenyanya ukuphila kwami,’ yathi: “Ngizozwakalisa ukukhathazeka kwami ngami. Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!” (Jobe 10:1) Ukuvulela abanye isifuba sakho kungayidambisa indlela ozizwa ngayo futhi kukwenze ube nombono ohlukile ngezinkinga obhekene nazo.a

Thulula inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngomthandazo. Abanye banombono wokuthi umthandazo umane nje uyinto yokukhulula ingqondo, kodwa iBhayibheli lisho okuhlukile. IHubo 65:2 libiza uJehova uNkulunkulu ngokuthi ‘UMuzwi womthandazo,’ futhi u-1 Petru 5:7 uthi: “Uyanikhathalela.” IBhayibheli likugcizelela ngokuphindaphindiwe ukubaluleka kokuncika kuNkulunkulu ngomthandazo. Ngokwesibonelo lithi:

“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IZAGA 3:5, 6.

“Uyokwanelisa isifiso sabo bonke abamesabayo [uJehova], nokukhalela kwabo usizo uyokuzwa, abasindise.”—IHUBO 145:19.

“Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.”—1 JOHANE 5:14.

“UJehova ukude nababi, kodwa umthandazo wabalungileyo uyawuzwa.”—IZAGA 15:29.

Uma umtshela uNkulunkulu izinkinga obhekene nazo, uyokusiza. Ngesizathu esihle, iBhayibheli likukhuthaza ukuba ‘uthembele kuye ngazo zonke izikhathi. Thulula inhliziyo yakho phambi kwakhe.’—IHubo 62:8.

Uma Kudingeka Okwengeziwe

Ucwaningo lubonisa ukuthi abaningi abazibulalayo kusuke sekuyisikhathi eside benenkinga yokucindezeleka.b Lokhu kugcizelela ukuthi kungase kudingeke usizo lukadokotela. Udokotela angase akunikeze imithi noma asikisele ukuba wenze ushintsho ekudleni okudlayo. Kwezinye izimo, uhlelo lokuvivinya umzimba luyasiza ekwelapheni le nkinga. Usizo lochwepheshe bezempilo lubazuzisile abaningi.c

IBhayibheli liqukethe ukwaziswa okuningi okungakusiza nokungakunika ithemba. Ngokwesibonelo, encwadini yesAmbulo 21:4, iBhayibheli lisho lokhu ngokuqondene noJehova uNkulunkulu: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Lesi isithembiso saphezulu futhi ukuzindla ngaso kungakunika impumuzo.

OFakazi BakaJehova bahlanganyela leli themba elisekelwe eBhayibhelini nezigidi zabantu emhlabeni jikelele. Ngenxa yalokho, abaningi bathola ithemba langempela kulezi zikhathi ezicindezelayo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, xhumana noFakazi BakaJehova endaweni yangakini ngokuvakashela eHholo LoMbuso elisendaweni yakini noma ubhalele ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Ungavakashela nengosi ethi www.watchtower.org.

[Imibhalo yaphansi]

a Abanye baye bathola usizo ngokushayela isikhungo sabafuna ukuzibulala noma isikhungo sezifo zengqondo.

b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokucindezeleka, bheka i-Phaphama! ka-July 2009, amakhasi 3-9.

c Alukho uhlobo lokwelashwa i-Phaphama! elutusayo. Umuntu ngamunye kufanele acabangisise ngalokho angakhetha kukho ngaphambi kokwenza isinqumo.

[Ibhokisi ekhasini 16]

USIZO OLUTHOLAKALA EBHAYIBHELINI

● “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

● “Ngambuza uJehova, wangiphendula, wangikhulula kukho konke ukwethuka kwami.”—IHubo 34:4.

● “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.

● “Uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.”—IHubo 147:3.

[Ibhokisi emakhasini 17, 18]

UMA UNEMICABANGO YOKUZIBULALA . . . 

Khuluma nomngane omethembayo ngemizwa yakho

Thulula inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngomthandazo

Funa usizo lodokotela

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

OKUNGENZIWA ABANGANE NOMKHAYA

Amalungu omkhaya nabangane abaseduze bavame ukuba abokuqala ukubona ukuthi umuntu ocindezelekile ucabanga ukuzibulala. Ukuthatha isinyathelo kungasindisa ukuphila kwalowo muntu! Yiba isilaleli esinozwela. Bonisa ukuthi uyabuqonda ubunzima abhekene nabo. IBhayibheli lithi: “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.” (1 Thesalonika 5:14) Khuthaza ocindezelekile ukuba athole usizo futhi uma kudingeka landelela ukuze uqiniseke ukuthi lolo sizo luyatholakala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela