Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w23 Novemba k. 31
  • UHulda Wawufinyelela Umgomo Wakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UHulda Wawufinyelela Umgomo Wakhe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Irisidi Elisekela Umlando WeBhayibheli
    I-Phaphama!—2009
  • Amaguludla Ezinso—Ukwelapha Isifo Sasendulo
    I-Phaphama!—1993
  • ILayibrari Esesandleni Sakho
    Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
  • Ukumemezela UMbuso KaNkulunkulu Eziqhingini ZaseFiji
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
w23 Novemba k. 31

UHulda Wawufinyelela Umgomo Wakhe

UMA eminyakeni embalwa edlule wawuke wavakashela isiqhingi esincane saseSangir Besar e-Indonesia, kungenzeka wabona odadewethu abathathu abangamaKristu ebhishi. Kuleso siqhingi baziwa kakhulu ngokushumayela—basiza abantu baqonde iBhayibheli. Kodwa ngaleso sikhathi babenza okuhlukile.

Ibalazwe elibonisa i-⁠Indonesia namazwe ayizungezile. Isithombe esincane esibonisa isiqhingi saseSangir Besar.

Isiqhingi saseSangir Besar esisenyakatho ye-Indonesia

Okokuqala, babengena olwandle bafune amatshe asindayo bawakhiphele ngaphandle esihlabathini. Amanye alawo matshe ayemakhulu elingana nebhola lezinyawo. Ngemva kwalokho, babehlala ezihlalweni ezincane zamapulangwe bese bephihliza la matshe ngesando abe yizicucu ezincane ezingaphansi kweqanda lenkukhu. Ngemva kwalokho, babethatha la matshe amancane bawafake emabhakedeni epulasitiki banyuke nawo baye lapho behlala khona. Babebe sebethatha la matshe bawafake ezikhwameni ezinkulu, bazilayishe emalolini bese esetshenziswa lapho kwakhiwa umgwaqo.

UHulda uqoqa amatshe ebhishi

Omunye walab’ odade kwakunguHulda. Ngokungafani nabanye, yena izimo zakhe zazimvumela ukuba awenze isikhathi esengeziwe lo msebenzi. Ngokuvamile imali ayeyithola wayondla ngayo umndeni wakhe. Kodwa manje wayesenokunye ayefuna ukukwenza. Wayefuna ukuthenga ithebhulethi ukuze akwazi ukusebenzisa i-JW Library® app. UHulda wayazi ukuthi amavidiyo nezinye izinto ezikuleyo app kwakuzoyithuthukisa inkonzo yakhe, kumenze aliqonde nakangcono iBhayibheli.

UHulda wayesebenza amahora amabili njalo ekuseni kwaze kwaphela inyanga nohhafu, ephihliza amatshe amaningi agcwala iloli elincane. Ekugcineni, waba nemali eyanele yokuthenga ithebhulethi.

UHulda uphethe ithebhulethi yakhe

UHulda uthi: “Nakuba ngangikhathele ngiyingcuba nomzimba wami utubekile, lapho sengisebenzisa ithebhulethi yami zonke izinhlungu zavele zawubala, yangisiza ensimini, kwaba lula nokulungiselela imihlangano yobuKristu.” Uthi yamsiza nalapho kuqala ubhubhane, ngoba zonke izinto zebandla zazenziwa ngevidiyo. Sijabula noHulda ngokuthi wawufinyelela umgomo wakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela