INDABA YOKUPHILA
Ngathola Ukulondeka Kwangempela Ngokuthembela KuJehova
LAPHO abantu bengibuza ngokuphila kwami, ngiye ngithi, “Mina ngiwumthwalo osezandleni zikaJehova!” Ngisuke ngisho ukuthi njengoba nje ngiye ngithathe imithwalo yami ngiye nomaphi lapho ngithanda khona, ngifuna ukuba uJehova nenhlangano yakhe benze okufanayo ngami—bangiqondise ukuthi ngiye kuphi futhi nini. Ngamukele izabelo ezinzima, ngezinye izikhathi eziyingozi. Kodwa ngifunde ukuthi ukulondeka kwangempela ngizokuthola ngokuthembela kuJehova.
NGIQALA UKUTHEMBELA KUJEHOVA
Ngazalwa ngo-1948 esigodini esincane esiseningizimu-ntshonalanga yeNigeria. Ngaleso sikhathi ubab’ omncane uMoustapha wabhapathizwa waba uFakazi KaJehova, kwase kulandela umfowethu omdala uWahabi. Lapho ngineminyaka engu-9, ubaba washona. Ngezwa ubuhlungu obukhulu. UWahabi wangitshela ukuthi singakwazi ukuphinde simbone ubaba uma esevusiwe. Lawo mazwi aduduzayo angenza ngafunda iBhayibheli. Ngabhapathizwa ngo-1963. Abanye abafowethu abathathu nabo babhapathizwa.
Ngo-1965, ngahamba ngayohlala nomfowethu omdala uWilson eLagos, ngajabulela ukwazi amanye amaphayona avamile eBandleni Lase-Igbobi. Injabulo nomdlandla wawo kwangikhuthaza, kwathi ngoJanuwari 1968, nami ngaba iphayona.
Umzalwane owayekhonza eBethel, u-Albert Olugbebi, wahlela ukuba kube nomhlangano okhethekile nentsha ophathelene nesidingo samaphayona akhethekile enyakatho yeNigeria. Ngisawakhumbula amazwi uMfoweth’ u-Olugbebi awasho ngomkhulu umdlandla: “Nisebasha, ningasebenzisa isikhathi namandla enu ekukhonzeni uJehova. Mningi umsebenzi okufanele wenziwe!” Ngangifuna ukulingisa umoya ovumayo womprofethi u-Isaya, ngakho ngafaka isicelo sokuba iphayona elikhethekile.—Isaya 6:8.
NgoMeyi 1968, ngathola isabelo sokuba iphayona elikhethekile edolobheni laseKano, enyakatho yeNigeria. Lokhu kwenzeka ngesikhathi sempi ebizwa ngokuthi iMpi YaseBiafra (eyayingo-1967-1970), eyenza umonakalo omkhulu kule ndawo ngaphambi kokuba amasosha adlulele empumalanga yeNigeria. Umzalwane owayengikhathalela wazama ukungivimba ngoba wayengafuni ngilimale. Kodwa ngathi: “Ngiyabonga ngokungikhathalela. Nokho, uma uJehova efuna ngisenze lesi sabelo, angingabazi ukuthi uzongivikela.”
NGATHEMBELA KUJEHOVA ENDAWENI EYAYICEKELWE PHANSI YIMPI
Isimo saseKano sasidabukisa kakhulu. Impi yombango yayilicekele phansi leli dolobha elikhulu. Ngezinye izikhathi lapho sisensimini sasibona izidumbu zabantu ababebulawe ngesikhathi kunempi. Nakuba kwakukade kunamabandla amaningana eKano, iningi labazalwane lalibalekile. Kwakusele abamemezeli abangaphansi kuka-15, futhi babethukile bephelelwe nawumdlandla. Labo bafowethu nodadewethu bajabula bafa lapho sifika thina maphayona akhethekile siyisithupha. Abamemezeli bakhuthazeka. Sabasiza ukuba bahlele kabusha imihlangano yebandla nomsebenzi wokushumayela, baqale nokuthumela umbiko noku-oda izincwadi egatsheni.
Thina maphayona akhethekile saqala ukufunda ulimi lwesiHausa. Abantu abaningi bendawo basilalela lapho bezwa umyalezo woMbuso ngolimi lwabo. Kodwa amalungu esonto elikhulu kule ndawo ayengawuthandi umsebenzi wethu wokushumayela, ngakho kwakudingeka siqaphe kakhulu. Ngelinye ilanga mina nelinye iphayona sajahwa indoda eyayiphethe ummese. Ngenhlanhla sakwazi ukugijima sayishiya! Naphezu kwezingozi, uJehova wasenza ‘sahlala ngokulondeka,’ nenani labamemezeli laqala ukwanda. (IHu. 4:8) Namuhla, abamemezeli abangaphezu kuka-500 bakhonza emabandleni angu-11 eKano.
SIYAPHIKISWA ENIGER
Ngangiyiphayona elikhethekile eNiamey, eNiger
Ekupheleni kuka-Agasti 1968, ngemva kwezinyanga ezimbalwa ngiseKano, mina namanye amaphayona akhethekile amabili sathunyelwa eNiamey, inhloko-dolobha yaseRepublic of Niger. Sasheshe sathola ukuthi iNiger, eseNtshonalanga Afrika, ingenye yezindawo ezishisa kakhulu emhlabeni. Ngaphandle kokufunda ukuphila endaweni eshisayo, kwadingeka sifunde ulimi olusemthethweni, isiFulentshi. Naphezu kwalezi zinselele, sathembela kuJehova, saqala ukushumayela enhloko-dolobha nabamemezeli abambalwa bendawo. Kungakabiphi, cishe bonke abantu abakwazi ukufunda eNiamey base benayo incwadi yokutadisha iBhayibheli ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Abantu babeze bazifikele bona bezocela le ncwadi!
Ngokushesha sathola ukuthi iziphathimandla zazingabathandi oFakazi BakaJehova. NgoJulayi 1969, kwaba khona umhlangano wesigodi wokuqala ngqa kuleli zwe, kwakunabantu abangaba ngu-20. Sasibheke phambili ekwamukeleni abamemezeli ababili ababezobhapathizwa. Kodwa ngosuku lokuqala lomhlangano, kwafika amaphoyisa awumisa umhlangano. Athatha amaphayona akhethekile nombonisi wesigodi abayisa esiteshini samaphoyisa. Ngemva kokusiphenya ngemibuzo, athi asibuye ngakusasa. Sabona ukuthi kuzoba nothuthuva, sahlela ukuba inkulumo yobhapathizo yenzelwe emzini womzalwane, ngemva kwalokho ababezobhapathizwa babhapathizelwa emfuleni kungekho abantu abaningi.
Ngemva kwamaviki ambalwa, uMnyango Wezangaphakathi wangixosha mina namanye amaphayona akhethekile ayisihlanu. Wasinikeza amahora angu-48 okuba siphume siphele kuleli zwe futhi kwakufanele sizibonele ukuthi sizohamba kanjani. Sahamba nangempela, saya ehhovisi legatsha laseNigeria, safike sathola izabelo ezintsha.
Ngabelwa esigodini sase-Orisunbare eNigeria, ngafike ngashumayela neqembu elincane labamemezeli elalihlala lapho. Kodwa ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ihhovisi legatsha langicela ukuba ngibuyele eNiger. Ngaqale ngethuka futhi ngamangala, kodwa kwangijabulisa ukuthi ngangizophinde ngibone abafowethu baseNiger!
Ngabuyela eNiamey. Ngemva kosuku ngifikile, usomabhizinisi othile waseNigeria wabona ukuthi nginguFakazi, wayesengibuza imibuzo ephathelene neBhayibheli. Ngamfundela, kwathi lapho eseyekile ukubhema nokuphuza ngokweqile, wabhapathizwa. Ngemva kwalokho, kwangithokozisa ukuba nengxenye ekwandeni kancane kancane kwabantu abamukela iqiniso ezindaweni ezihlukahlukene zaseNiger. Lapho ngifika okokuqala, kwakunoFakazi abangu-31 kuleli zwe; lapho sengihamba, base bengu-69.
“AKUKUNINGI ESIKWAZIYO NGOMSEBENZI WOMBUSO EGUINEA”
Ngasekupheleni kuka-1977, ngabuyela eNigeria ukuze ngiyoqeqeshwa. Ngemva kwamaviki amathathu alokho kuqeqeshwa, umxhumanisi weKomiti Yegatsha, uMalcolm Vigo, wathi angifunde incwadi eyayivela ehhovisi legatsha laseSierra Leone. Abazalwane babefuna umzalwane oyiphayona, ongashadile, ophile kahle nokhuluma isiNgisi nesiFulentshi ozoba umbonisi wesigodi eGuinea. UMfoweth’ uVigo wangitshela ukuthi ngangiqeqeshelwa leso sabelo. Wagcizelela ukuthi lesi sabelo sasingelula. Wangeluleka wathi: “Cabangisisa kahle ngaphambi kokuba usamukele.” Ngaphendula ngokushesha ngathi, “Njengoba kunguJehova ongithumayo, ngizoya.”
Ngaya eSierra Leone ngebhanoyi, ngahlangana nabazalwane ehhovisi legatsha. Elinye ilungu leKomiti Yegatsha lathi, “Akukuningi esikwaziyo ngomsebenzi woMbuso eGuinea.” Nakuba kwakuyileli gatsha eliqondisa umsebenzi wokushumayela eGuinea engumakhelwane, babengakwazi ukuxhumana nabamemezeli baseGuinea ngenxa yezinxushunxushu zepolitiki. Naphezu kwemizamo eminingi, igatsha laseSierra Leone lalingakwazanga ukuthumela umzalwane eGuinea. Ngakho, ngacelwa ukuba ngiye enhloko-dolobha yaseGuinea, iConakry, ngifike ngizame ukuthola imvume yokuba isakhamuzi sakhona.
“Njengoba kunguJehova ongithumayo, ngizoya”
Lapho ngifika eConakry, ngaya ehhovisi lenxusa laseNigeria ngafike ngaxoxa nalo. Ngalitshela ukuthi ngifisa ukushumayela lapha eGuinea. Lathi mangingahlali eGuinea ngoba ngizoba sengozini yokuba ngiboshwe noma kwenzeke okubi nakakhulu kunalokho. Lathi: “Phindela eNigeria uyoshumayela khona,” ngaphendula ngathi, “Mina ngifuna ukushumayela la.” Ngakho, labhala incwadi lacela uNgqongqoshe Wezangaphakathi eGuinea ukuba angisize, lo ngqongqoshe wangisiza.
Ngokushesha ngemva kwalokho, ngabuyela ehhovisi legatsha laseSierra Leone ngazisa abafowethu ngesinqumo sikangqongqoshe. Abazalwane bajabula kakhulu lapho bezwa ukuthi uJehova wayelubusisile uhambo lwami. Ngase ngiyisakhamuzi saseGuinea!
Ngangiwumbonisi ojikelezayo eSierra Leone
Kusukela ngo-1978 kuya ku-1989, ngaba umbonisi wesigodi eGuinea, eSierra Leone, ngabambela nombonisi wesigodi eLiberia. Ekuqaleni ngangigula njalo. Ngezinye izikhathi ngangigulela ezindaweni ezikude nedolobha. Kodwa abafowethu babenza konke abangakwenza ukuze bangiyise esibhedlela.
Ngake ngagula kakhulu ngiphethwe umalaleveva futhi nginezikelemu. Lapho sengingcono ngathola ukuthi abazalwane babekade bexoxa ngokuthi bazongingcwaba kuphi! Naphezu kwalezi zimo ezisongela ukuphila, angikaze ngicabange ukushiya izabelo zami. Ngangilokhu ngiqiniseka ukuthi ukulondeka kweqiniso nokuhlala njalo kuvela kuNkulunkulu okwazi ukusivusa uma sesifile.
MINA NOMKAMI SITHEMBELA KUJEHOVA
Usuku esashada ngalo ngo-1988
Ngo-1988, ngahlangana noDorcas, udade othobeke kakhulu nothanda uJehova. Sashada, sabe sesijikeleza. UDorcas uyinkosikazi enothando nezidelayo. Sasihamba amakhilomitha angu-25 sikhonza amabandla siphethe nezimpahla. Lapho siyokhonza amabandla aqhelile, sasigibela noma yiziphi izinto zokuhamba esasingazithola, sihambe emigwaqweni enodaka egcwele imigodi.
Akeve enesibindi uDorcas! Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi kwakudingeka siwele emifuleni egcwele izingwenya. Kwake kwadingeka sithathe uhambo lwezinsuku eziyisihlanu, kodwa ngenxa yokuthi amabhuloho ezingodo ayedilikile, sahamba ngesikebhe esincane. Lapho uDorcas ezama ukuphuma esikebheni, wawela emfuleni. Akekho kithina owayekwazi ukubhukuda futhi kwakunezingwenya kulowo mfula. Ngenhlanhla, ezinye izinsizwa zagxuma zangena emanzini zamtakula. Kwaphela isikhathi singalali kahle sicabangana naleyo nto kodwa saqhubeka nomsebenzi wethu.
Izingane zethu uJahgift no-Eric ziyisipho esivela kuJehova
Ekuqaleni kuka-1992, sashaqeka lapho sithola ukuthi uDorcas ukhulelwe. Ingabe lokho kwakusho ukuthi sasingeke sisakwazi ukuqhubeka nenkonzo yethu yesikhathi esigcwele? Sathi, “UJehova usiphe isipho!” Ngakho, indodakazi yethu sayiqamba ngokuthi uJahgift (isipho esivela kuJehova). Ngemva kweminyaka emine kuzalwe uJahgift, kwaba khona umfowabo, u-Eric. Zombili izingane zethu ziyisipho esivela kuJehova. UJahgift wakhonza isikhathi esithile ehhovisi labahumushi eConakry, u-Eric yena uyinceku ekhonzayo.
Nakuba uDorcas kwadingeka ayeke ukuba iphayona elikhethekile, waqhubeka eyiphayona elivamile, ekhulisa nezingane zethu. Ngosizo lukaJehova ngaqhubeka ngisenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele. Lapho izingane sezikhulile, uDorcas waphinde waba iphayona elikhethekile. Manje sobabili siyizithunywa zevangeli eConakry.
UMTHOMBO WOKULONDEKA KWANGEMPELA
Bengilokhu ngiya nomaphi lapho uJehova engithuma khona. Mina nomkami simbonile uJehova esivikela futhi esibusisa. Ukwethembela kuJehova kusenze sagwema izingcindezi eziningi ezitholwa abantu abathembela ezintweni abanazo. Okwenzeke ekuphileni kwethu kusifundisile sinoDorcas ukuthi uMthombo wokulondeka kwangempela ‘uNkulunkulu wensindiso yethu,’ uJehova. (1 IziKr. 16:35) Ngiyaqiniseka ukuthi ukuphila kwabantu abathembela kuye ‘kuyovikelwa njengalapho umuntu evikela izinto zakhe eziyigugu ezifakwe esikhwameni.’—1 Sam. 25:29.