ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 49
UJehova Uzoyiphendula Yini Imithandazo Yami?
“Niyongibiza futhi nithandaze kimi, mina ngiyonilalela.”—JER. 29:12.
INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami
AMAZWIBELAa
1-2. Kungani singase sicabange ukuthi uJehova akayiphenduli imithandazo yethu?
“JABULA kakhulu ngoJehova, uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho.” (IHu. 37:4) Saze samnandi lesi sithembiso! Kodwa ingabe kufanele silindele ukuthi uJehova uzosinika konke esikucelayo ngaso leso sikhathi? Kungani singase sibuze lo mbuzo? Cabanga ngalezi zibonelo ezilandelayo. Udade ongashadile uthandazela ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Kodwa sekuze kwaphela iminyaka eminingana engabizwa. Umzalwane osemusha ucela uJehova ukuba amsize alulame esifweni esibucayi esimphethe ukuze akwazi ukukhonza ibandla ngokugcwele. Kodwa akalulami. Abazali abangamaKristu bathandazela ukuba ingane yabo ingamshiyi uJehova. Kodwa inquma ukuyeka ukukhonza uJehova.
2 Mhlawumbe nawe kukhona okucele kuJehova kodwa ongakakutholi. Ngenxa yalokho, ungase uphethe ngokuthi uJehova uphendula imithandazo yabathile kodwa eyakho akayiphenduli. Noma ungase ucabange ukuthi kukhona okubi okwenzile. Udade okuthiwa uJaniceb wazizwa ngaleyo ndlela. Yena nomyeni wakhe babenesifiso sokuyokhonza eBethel ngakho bathandaza ngakho. Uthi: “Ngangiqiniseka ukuthi bazosibiza ngokushesha eBethel.” Kodwa izinyanga zaphenduka iminyaka, lutho ukuba babizwe eBethel. UJanice uthi: “Ngangiphatheke kabi futhi ngididekile ukuthi kungani singabizwa. Ngazibuza ukuthi ngimdumaze ngani uJehova. Ngangikucele ngokuqondile ukuyokhonza eBethel. Akawuphendulanga ngani umthandazo wami?”
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Ngezinye izikhathi singase sizibuze ukuthi uJehova uyayilalela yini imithandazo yethu. Ngisho namanye amadoda athembekile asendulo ayezibuza lo mbuzo. (Jobe 30:20; IHu. 22:2; Hab. 1:2) Yini engakwenza uqiniseke ukuthi uJehova uzoyiphendula imithandazo yakho? (IHu. 65:2) Ukuze siphendule lo mbuzo, kuzodingeka siqale siphendule le mibuzo: (1) Yini esingayilindela kuJehova? (2) Yini uJehova ayilindele kithi? (3) Kungani kungase kudingeke sizishintshe ezinye zezicelo zethu?
YINI ESINGAYILINDELA KUJEHOVA?
4. NgokukaJeremiya 29:12, yini uJehova athembisa ukuyenza?
4 UJehova uthembisa ukuthi uzoyilalela imithandazo yethu. (Funda uJeremiya 29:12.) UNkulunkulu wethu uyazithanda izikhonzi zakhe ezithembekile, ngakho uzoyilalela ngaso sonke isikhathi imithandazo yazo. (IHu. 10:17; 37:28) Kodwa lokhu akusho ukuthi uzosinika konke esikucelayo. Kungase kudingeke silinde kuze kufike izwe elisha ngaphambi kokuba sithole ezinye zezinto esizicelayo.
5. Yini uJehova ayibhekayo lapho elalela imithandazo? Chaza.
5 UJehova ubheka ukuthi esikucelayo kuhlobana kanjani nenjongo yakhe isiyonke. (Isaya 55:8, 9) Injongo yakhe ihlanganisa nokuba emhlabeni kugcwale amadoda nabesifazane abajabulayo, abanobunye nabathobela ukubusa kwakhe. Kodwa uSathane uthi kuzobahambela kahle abantu uma bezibusa bona. (Gen. 3:1-5) Ukuze uJehova afakazele ukuthi lokho okwashiwo uDeveli kungamanga, uvumele abantu ukuba bazibuse. Kodwa ukubusa kwabantu kubangele umonakalo omkhulu esiwubona namuhla. (UmSh. 8:9) Siyaqonda ukuthi okwamanje, uJehova ngeke aziqede zonke lezi zinkinga. Ukube ubengaziqeda, abanye bebengase baphethe ngokuthi ukubusa komuntu kuyaphumelela futhi kuyakwazi ukuxazulula izinkinga zesintu.
6. Kungani kudingeka siqiniseke ukuthi uJehova uyokwenza ngendlela enothando nelungile ngaso sonke isikhathi?
6 UJehova angase aphendule izicelo ezifanayo ngezindlela ezingafani. Ngokwesibonelo, ngesikhathi iNkosi uHezekiya igula kakhulu, yancenga uJehova ukuba ayisize ilulame. UJehova waphendula ngokuthi ayenze ilulame. (2 AmaKh. 20:1-6) Ngakolunye uhlangothi, lapho umphostoli uPawulu encenga uJehova ukuba asuse “iva [ayenalo] enyameni,” mhlawumbe okwakuwukugula okuthile, uJehova akazange alisuse lelo va. (2 Kor. 12:7-9) Cabanga nangesibonelo sabaphostoli uJakobe noPetru. INkosi uHerode yayifuna ukubabulala. Ibandla lathandazela uPetru futhi cishe lamthandazela noJakobe. Kodwa uJakobe wabulawa, uPetru yena wasindiswa ngokuyisimangaliso. (IzE. 12:1-11) Singase sizibuze, ‘Kungani uJehova asindisa uPetru kodwa wangamsindisa uJakobe?’ IBhayibheli alisho.c Esingaqiniseka ngakho ukuthi izindlela zikaJehova ‘akwenzeki zingabi nabulungisa.’ (Dut. 32:4) Siyazi nokuthi uJehova wayebathanda bobabili uPetru noJakobe. (IsAm. 21:14) Ngezinye izikhathi, uJehova angase angayiphenduli imithandazo yethu ngendlela esiyilindele. Kodwa ngenxa yokuthi siyethemba ukuthi uJehova uzophendula imithandazo yethu ngendlela enothando nelungile ngaso sonke isikhathi, asiyisoli indlela akhetha ukusiphendula ngayo.—Jobe 33:13.
7. Yini okufanele sizame ukuyigwema futhi kungani?
7 Kufanele sizame ukungaqhathanisi isimo esibhekene naso nesimo sabanye. Ngokwesibonelo, singase simcele ngokuqondile uJehova ukuba asisize, kodwa singakutholi esikucelayo. Kamuva, bese sithola ukuthi ukhona omunye ocele into efanayo, kwabonakala sengathi uJehova wamnika leyo nto. Yilokho okwenzeka kudade okuthiwa u-Anna. Wathandaza ecela ukuba umyeni wakhe, uMatthew, alulame njengoba ayephethwe umdlavuza. Ngesikhathi esifanayo, odade ababili asebekhulile nabo babenomdlavuza. U-Anna wathandaza ngokujulile ethandazela uMatthew nalab’ odade. Lab’ odade balulama kodwa uMatthew washona. U-Anna waqale wazibuza ukuthi ingabe lab’ odade basinda ngoba uJehova engenele? Uma angenela, kungani engawuphendulanga umthandazo wakhe wokuba umyeni wakhe abe ngcono? Yiqiniso, asazi ukuthi kungani lab’ odade ababili balulama. Esikwaziyo nje ukuthi uJehova uzokuqeda konke ukuhlupheka futhi uyakulangazelela ukuvusa abangani bakhe asebashona.—Jobe 14:15.
8. (a) Ngokuka-Isaya 43:2, uJehova usisiza kanjani? (b) Umthandazo ungasisiza kanjani lapho sibhekene novivinyo olunzima? (Bukela ividiyo ethi Umthandazo Uyasisiza Sikhuthazele.)
8 UJehova uzohlale esisekela. Njengoba uJehova enguBaba wethu onothando, akathandi ukusibona sizwa ubuhlungu. (Isaya 63:9) Noma kunjalo, akaluvimbi lonke uvivinyo esibhekana nalo, olungase lufaniswe nemifula noma namalangabi. (Funda u-Isaya 43:2.) Kunalokho uthembisa ukuthi uzosisiza ‘sidabule’ kulo. Ngeke avumele uvivinyo lusiyekise ukumkhonza. Usinika nomoya wakhe ongcwele onamandla ukuze asisize sikhuthazele. (Luka 11:13; Fil. 4:13) Lokho kusenza siqiniseke ukuthi siyohlale sinakho esikudingayo ukuze sikhuthazele futhi sihlale sithembekile kuye.d
YINI UJEHOVA AYILINDELE KITHI?
9. Ngokuvumelana noJakobe 1:6, 7, kungani kudingeka sethembe ukuthi uJehova uzosisiza?
9 UJehova ulindele ukuba sethembele kuye. (Heb. 11:6) Ngezinye izikhathi, uvivinyo esibhekene nalo lungase lubonakale luyintaba. Singase singabaze nanokuthi uJehova uzosisiza. Kodwa iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ngosizo lwamandla kaNkulunkulu ‘singacaca udonga.’ (IHu. 18:29) Ngakho, esikhundleni sokuvumela lokho kungabaza kukhule, kufanele sithandaze ngokholo sethembe ukuthi uJehova uzoyiphendula imithandazo yethu.—Funda uJakobe 1:6, 7.
10. Nikeza isibonelo sendlela esingenza ngayo ngokuvumelana nemithandazo yethu.
10 UJehova ulindele ukuba senze ngokuvumelana nemithandazo yethu. Ngokwesibonelo, umzalwane angase acele uJehova amsize ukuba acele izinsuku emsebenzini ukuze akwazi ukuya emhlanganweni wesifunda. UJehova angase awuphendule kanjani lowo mthandazo? Angase amnike isibindi sokuba akhulume nomqashi wakhe. Kodwa kuzodingeka kube nguye lo mzalwane okhuluma nomqashi. Kungase kudingeke acele kaningi. Angaze acele nokuba bashintshane ngezikhathi zokusebenza nomuntu asebenza naye. Futhi uma kudingeka, angase athathe lezo zinsuku nakuba engeke aholelwe zona.
11. Kungani kufanele sithandaze njalo ngezinto ezisikhathazayo?
11 UJehova ulindele ukuba sithandaze njalo ngezinto ezisikhathazayo. (1 Thes. 5:17) UJesu wabonisa ukuthi ezinye zezinto esizicelayo ngeke sizithole ngaso leso sikhathi. (Luka 11:9) Ngakho ungapheli amandla! Thandaza ngobuqotho futhi uthandaze njalo. (Luka 18:1-7) Lapho siqhubeka sithandaza ngento ethile, sibonisa uJehova ukuthi siyayidinga ngempela leyo nto. Sibonisa nokuthi sinokholo lokuthi angasisiza.
KUNGANI KUNGASE KUDINGEKE SIZISHINTSHE EZINYE ZEZINTO ESIZICELAYO?
12. (a) Yimuphi umbuzo okufanele sizibuze wona mayelana nezicelo zethu, futhi kungani? (b) Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi imithandazo yethu ibonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova? (Bheka ibhokisi elithi “Ingabe Izinto Engizicela KuJehova Zibonisa Ukuthi Ngiyamhlonipha?”)
12 Uma singakutholi esikucelile emithandazweni yethu, singase sizibuze le mibuzo emithathu. Owokuqala uthi, ‘Ingabe ngithandazela into efanele?’ Ngokuvamile sicabanga ukuthi siyazi ukuthi yini esilungele. Kodwa izinto esizicelayo zingase zingasizuzisi ngokuhamba kwesikhathi. Uma sithandaza ngoba sinenkinga ethile, kungenzeka kunesixazululo esingcono saleyo nkinga kunaleso thina esisicelayo. Kanti ezinye izinto esizicelayo zingase zingavumelani nentando kaJehova. (1 Joh. 5:14) Ngokwesibonelo, cabanga ngesibonelo sabazali okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Babecele uJehova ukuba asize ingane yabo ingalishiyi iqiniso. Kuzwakala kuyisicelo esifanelekayo leso. Kodwa uJehova ngeke asiphoqe ukuba simkhonze. Ufuna sonke sikhethe ukumkhonza, kuhlanganise nezingane zethu. (Dut. 10:12, 13; 30:19, 20) Ngakho, abazali bangacela uJehova ukuba abasize bafinyelele inhliziyo yengane yabo ukuze ithande uJehova futhi ibe umngani wakhe.—IzAga 22:6; Efe. 6:4.
13. EyamaHebheru 4:16 ithi uJehova uzosisiza nini? Chaza.
13 Umbuzo wesibili esingazibuza wona uthi, ‘Ingabe yisikhathi sikaJehova sokuba anginike engikucelayo?’ Singase sibe nomuzwa wokuthi siyidinga manje impendulo yemithandazo yethu. Kodwa empeleni uJehova usazi kahle isikhathi sokusisiza. (Funda eyamaHebheru 4:16.) Lapho singayitholi ngaso leso sikhathi into esiyicelayo, singase sicabange ukuthi uJehova uyenqaba. Kodwa kungenzeka ukuthi empeleni impendulo yakhe ithi ‘Ngeke uyithole manje.’ Ngokwesibonelo, cabanga ngalowa mzalwane owathandaza ecela ukuba alulame ekuguleni kwakhe. Ukube uJehova wamelapha ngokuyisimangaliso, uSathane wayezothi lo mzalwane waqhubeka ekhonza uJehova ngoba uJehova emelaphile. (Jobe 1:9-11; 2:4) Ngaphezu kwalokho, uJehova usesibekile isikhathi azoqeda ngaso konke ukugula. (Isaya 33:24; IsAm. 21:3, 4) Uma singakafiki leso sikhathi, ngeke silindele ukuba aselaphe ngokuyisimangaliso. Ngakho, lo mzalwane angacela uJehova ukuba amuphe amandla nokuthula kwengqondo, ukuze akhuthazelele ukugula kwakhe futhi aqhubeke ekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka.—IHu. 29:11.
14. Ufundani kokwenzeka kuJanice?
14 Cabanga ngesibonelo sikaJanice, owathandaza ecela ukuyokhonza eBethel. Kwadlula iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba abone ukuthi uJehova wayewuphendulile umthandazo wakhe. Uthi: “Phakathi naleso sikhathi uJehova wangifundisa futhi wangenza ngaba umKristu ongcono. Kwakusadingeka ngimethembe nakakhulu. Kwakusadingeka ngithuthukise indlela engangitadisha ngayo. Kwakudingeka ngifunde nokuthi ngingajabula kungakhathaliseki ukuthi ngimkhonza ngikuphi uJehova.” Kamuva, uJanice nomyeni wakhe bamenywa ukuba bajikeleze. Uma ebheka emuva, uthi: “UJehova wayiphendula imithandazo yami, nakuba engayiphendulanga ngendlela engangiyilindele. Kwangithatha isikhathi ukubona ukuthi wangiphendula ngendlela engcono kakhulu, kodwa ngijabula kakhulu ngokuthi ngilubonile uthando nomusa wakhe.”
Uma unomuzwa wokuthi uJehova akakuphendulanga, zama ukuthandazela ezinye izinto (Bheka isigaba 15)f
15. Kungani kudingeka singamnqumeli uJehova lapho sithandaza? (Bheka nezithombe.)
15 Umbuzo wesithathu esingazibuza wona uthi, ‘Ingabe kufanele ngithandazele okunye?’ Nakuba kukuhle ukuzisho ngokuqondile izinto esizicelayo lapho sithandaza, kungcono ukungamnqumeli uJehova ukuze sithole ukuthi iyini intando yakhe ngathi. Cabanga ngesibonelo sikadade ongashadile obelokhu ethandaza ecela ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Ufuna ukuya kulesi sikole ukuze akhonze lapho kunendingeko enkulu khona. Njengoba eqhubeka ethandazela ukuba amenywe esikoleni, angase acele noJehova amsize abone nezinye izindlela angandisa ngazo inkonzo yakhe. (IzE. 16:9, 10) Angabe esenza ngokuvumelana nomthandazo wakhe ngokubuza umbonisi wesigodi ukuthi likhona yini ibandla eliseduze elidinga amaphayona engeziwe. Noma angabhalela ihhovisi legatsha abuze ukuthi iyiphi indawo edinga abamemezeli boMbuso abengeziwe.e
16. Yini esingaqiniseka ngayo?
16 Njengoba sifundile, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzophendula imithandazo yethu ngendlela enothando nebonisa ubulungisa. (IHu. 4:3; Isaya 30:18) Ngezinye izikhathi singase singayitholi impendulo esiyilindele. Kodwa uJehova uzohlale eyilalela njalo imithandazo yethu. Uyasithanda kakhulu. Akasoze asishiya. (IHu. 9:10) Ngakho, qhubeka ‘uthembela kuye ngazo zonke izikhathi,’ uthandaze usho konke okusenhliziyweni yakho.—IHu. 62:8.
INGOMA 43 Umthandazo Wokubonga
a Lesi sihloko sizochaza ukuthi kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uzohlale ephendula imithandazo yethu ngendlela elungile nebonisa ukuthi uyasithanda.
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Bheka isihloko esithi “Ingabe Uyayethemba Indlela KaJehova Yokwenza Izinto?” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 2022, izig. 3-6.
d Ukuze ufunde okwengeziwe ngendlela uJehova asisiza ngayo sikhuthazelele uvivinyo olunzima, bukela ividiyo ethi Umthandazo Uyasisiza Sikhuthazele ku-jw.org/zu.
e Ukuze uthole iziqondiso zokuthi yini ongayenza ukuze ukhonze ensimini yelinye igatsha, bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, isahl. 10, izig. 6-9.
f INCAZELO YEZITHOMBE: Odade ababili bayathandaza ngaphambi kokugcwalisa isicelo sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Kamuva, omunye uyabizwa esikoleni kodwa omunye akabizwa. Esikhundleni sokuba adumale kakhulu, lo dade ongabiziwe uthandaza kuJehova amcele ukuba amsize abone ezinye izindlela angandisa ngazo inkonzo yakhe. Ube esebhalela ihhovisi legatsha, avolontiyele ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona.