Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 k. 289-k. 318 isig. 4
  • Imibuzo Ebuzwa Abazali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Ebuzwa Abazali
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Ingane Yakho Eyeve Eshumini Nambili Ingabaza Inkolo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukukhulumisana Nentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ubusha—Ukulungiselela Ukuba Umuntu Omdala
    I-Phaphama!—2011
  • Ukuhlomisa Intsha Ukuba Ibe Abantu Abadala Abavuthiwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 k. 289-k. 318 isig. 4

Isithasiselo

Imibuzo Ebuzwa Abazali

“Ngingayenza kanjani ingane yami ukuba ikhulume nami?”

“Ingabe kufanele ngibeke umthetho wewashi?”

“Ngingayisiza kanjani indodakazi yami ukuba ibe nombono olinganiselayo ngokuzincisha ukudla?”

Lena eminye yemibuzo engu-17 ephendulwa kulesi Sithasiselo. Sihlukaniswe saba izingxenye eziyisithupha futhi sizokukhomba ezahlukweni eziyokusiza zoMqulu 1 noMqulu 2 wethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

Sifunde lesi sithasiselo. Uma kungenzeka, xoxa ngaso nomuntu oshade naye. Sebenzisani iseluleko enizosithola nisize izingane zenu. Ningazethemba izimpendulo enizozithola lapha. Zisekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, hhayi ekuhlakanipheni kwabantu okuyiphutha.—2 Thimothewu 3:16, 17.

290 Ukukhulumisana

297 Imithetho

302 Inkululeko

307 Ubulili Nezothando

311 Eziphathelene Nemizwelo

315 Ingokomoya

UKUKHULUMISANA

Kukhona yini ngempela okubi ngokuphikisana nomuntu engishade naye noma nezingane zami?

Emshadweni, ziyoba khona izimpikiswano. Kodwa kuxhomeke kuwe ukuthi uzisingatha kanjani. Ukuxabana kwabazali kubathinta kakhulu abantwana. Kufanele kunakisiswe lokhu, ikakhulu ngoba umshado wenu uyisibonelo okungenzeka izingane zenu zisilingise lapho zishada. Kunganjani nibheke izimpikiswano njengethuba lokuzibonisa izindlela ezikahle zokuxazulula izingxabano? Zamani lokhu okulandelayo:

Lalela. IBhayibheli lithi ‘asisheshe ukuzwa, sephuze ukukhuluma, sephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Musa ukuthela uphalafini emlilweni ‘ngokubuyisela okubi ngokubi.’ (Roma 12:17) Ngisho noma oshade naye ebonakala engazimisele ukukulalela, wena ungakhetha ukumlalela.

Zama ukuchaza kunokuba ugxeke. Tshela oshade naye ngomoya ophansi indlela ozizwe ngayo ngalokho akwenzile. (“Ngiphatheke kabi lapho u- . . . ”) Gwema ukumbeka icala nokumgxeka. (“Awunandaba nami.” “Awulokothi ungilalele.”)

Yibekele esinye isikhathi. Ngezinye izikhathi kungcono ukuyiyeka indaba niphinde niyixoxe lapho igwebu selehlile. IBhayibheli lithi: “Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi; ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.”—IzAga 17:14.

Xolisani komunye nomunye—futhi, uma kufaneleka, nixolise nasezinganeni. UBrianne oneminyaka engu-14 uthi: “Ngemva kokuxabana, ngezinye izikhathi abazali bayaxolisa kimi nakumfowethu omdala ngoba bayazi ukuthi kusithinta kanjani.” Esinye sezifundo ezibaluleke kunazo zonke ongasifundisa abantabakho indlela yokusho ngentobeko ukuthi, “Ngiyaxolisa.”

Kuthiwani uma uxabene nezingane zakho? Bheka ukuthi awutheli yini uphalafini emlilweni ungaqondile. Ngokwesibonelo, bheka isimo okukhulunywa ngaso ekuqaleni kweSahluko 2 ekhasini 15 kule ncwadi. Zikhona yini izinto umama kaGugu azenza ezaba nomthelela engxabanweni? Ungakugwema kanjani ukuphikisana nengane yakho? Zama lokhu okulandelayo:

● Gwema amazwi ayihaba anjengokuthi “Njalo nje u- . . . ” noma “Awulokothi u- . . . ” Amazwi anjalo ayenza izame ukuzivikela. Ngaphandle kwalokho, kungenzeka ayihaba, futhi nengane yakho iyakwazi lokho. Kungenzeka nokuthi iyazi ukuthi amazwi ayihaba aveza ikakhulu intukuthelo yakho hhayi iphutha layo.

● Kunokuba ukhulume amazwi ahlabayo aqala ngegama elithi “wena,” zama ukutshela ingane yakho ukuthi uzizwa kanjani ngalokho ekwenzile. Ngokwesibonelo, “Ngiphatheka ka- . . .  lapho u- . . . ” Iqiniso liwukuthi imizwa yakho ibalulekile enganeni yakho. Lapho uyitshela ukuthi uzizwa kanjani, cishe uyokwazi ukuyenza ilungise iphutha layo.a

● Nakuba kungase kube nzima, zibambe kuze kwehle igwebu. (IzAga 29:22) Uma inkinga edale ingxabano iwukuthi ingane ayifuni ukusebenza ekhaya, xoxa nayo. Zibhale phansi ngokucacile izinto ofuna izenze, futhi uma kudingeka, kwenze kucace ukuthi iyoba yini imiphumela uma ingazenzanga. Kulalele ngesineke lokho ekushoyo, ngisho noma ucabanga ukuthi ekushoyo kuyiphutha. Iningi lentsha lisabela kahle kumuntu olalelayo kunakulowo olibelesela ngalokho okumelwe likwenze.

● Ngaphambi kokuba usheshe uphethe ngokuthi ingane yakho isingenwe umoya wobuhlongandlebe, khumbula ukuthi okuningi kwalokho ekwenzayo kuyizimpawu zokuthi iyakhula. Ingase iqagulisane nawe ukuze nje ikubonise ukuthi iyakhula. Yilwa nesifiso sokuphikisana nayo. Khumbula, indlela ophendula ngayo lapho ucasukile iyifundisa isifundo ingane yakho. Yibekele isibonelo sokuba nesineke nokubekezela, indodana noma indodakazi yakho ingase ikulingise.—Galathiya 5:22, 23.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 2, NOMQULU 2, ISAHLUKO 24

Kungakanani abantabami okufanele bakwazi ngomlando wami?

Zicabange ukulesi simo: Nidla isidlo sakusihlwa nomuntu oshade naye, indodakazi yenu nabangane benu abathile. Phakathi nengxoxo, umngane wakho ukubuza ngothile owake wathandana naye—nahlukana—ngaphambi kokuba uhlangane nalo oshade naye. Indodakazi yakho iyamangala. “Kunomuntu oke wathandana naye?” ibuza imangele. Awukaze uyixoxele le ndaba. Manje isifuna ukwazi okwengeziwe. Uzokwenzenjani?

Ngokuvamile, kuhle ukuyivumela ingane ibuze. Phela, noma nini lapho ibuza imibuzo futhi ilalela izimpendulo zakho nisuke nikhulumisana—okuyinto iningi labazali eliyifisayo.

Kungakanani ngempela okufanele ukutshele umntanakho ngomlando wakho? Kungokwemvelo ukuba ukhethe ukungabatsheli abantabakho izinto ezikubangela amahloni. Noma kunjalo, uma kufaneleka, ukubaxoxela ngobunzima obuthile owake wabhekana nabo kungabasiza. Kanjani?

Nasi isibonelo. Umphostoli uPawulu wake washo lokhu ngaye ngokwakhe: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. . . . Yeka mina muntu wosizi!” (Roma 7:21-24) UJehova uNkulunkulu waphefumulela lawo mazwi ukuba alotshwe futhi agcinwe eBhayibhelini ukuze sizuze kuwo. Ngempela siyazuza ngoba akekho ongathi awamthinti la mazwi ayiqiniso kaPawulu!

Ngokufanayo, ukuzwa ngezinqumo zakho ezihlakaniphile namaphutha owawenza kungazisiza izingane zakho ukuba zikwazi kangcono. Yiqiniso, wena wakhula enkathini ehlukile kweyazo. Nokho, nakuba izikhathi zishintshile, abantu abashintshile; azishintshile nezimiso ezingokomBhalo. (IHubo 119:144) Ukuxoxa ngezinselele owabhekana nazo—nendlela owazinqoba ngayo—kungasiza izingane zakho lapho zixazulula ezazo izinkinga. “Lapho uthola ukuthi abazali bakho bake babhekana nezinselele obhekana nazo, uyabona ukuthi nabo bangabantu njengawe,” kusho insizwa enguCameron. Iyanezela, “Lapho uphinde uba nenkinga, uyazibuza ukuthi kazi abazali bakho bake babhekana yini naleyo nkinga.”

Nasi isixwayiso: Akudingeki unikeze iseluleko njalo lapho uxoxa nabantabakho. Yiqiniso, ungase ukhathazeke ngokuthi umntanakho uzofinyelela isiphetho esingafanele noma aze azizwe ekhululekile ukuba enze amaphutha afanayo. Kodwa kunokuba umtshele lokho okufanele akufunde kulokho omxoxela kona (“Yingakho kungafanele u- . . . ”), yisho kafushane indlela wena ozizwa ngayo. (“Ngifisa sengathi ngabe angikwenzanga lokhu nalokhu ngoba . . . ”) Indodana noma indodakazi yakho ingafunda okuhle kulokho okwakwehlela ngaphandle kokuba nomuzwa wokuthi uyayeluleka.—Efesu 6:4.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 1

Ngingayenza kanjani ingane yami ikhulume nami?

Ngesikhathi zisencane, kungenzeka izingane zakho zazikhuluma nawe ngayo yonk’ into. Lapho uzibuza imibuzo, zaziphendula ngaphandle kokungabaza. Eqinisweni, cishe kwakungadingeki uze ubuze imibuzo; kwakuvele kuziphumele nje. Kodwa njengoba sezikhulile, ukuzenza zixoxe nawe kungase kufane nokukha amanzi emthonjeni owomile. Uthi ngenhliziyo, ‘Ingani ziyakhuluma nabangane bazo. Kungani zingakhulumi nami?’

Ungavumeli ukungaxoxi kwazo nawe kukwenze uphethe ngokuthi azinandaba nawe noma azifuni ungene izindaba zazo. Iqiniso liwukuthi ziyakudinga manje kunanini ngaphambili. Futhi okuhle ukuthi, ucwaningo luveza ukuthi iningi lentsha lisasihlonipha iseluleko sabazali—lisihlonipha ukwedlula esontanga noma esabezindaba.

Pho kungani zingabaza ukukutshela lokho ezikucabangayo? Cabanga ngalokho okushiwo enye intsha mayelana nezizathu eziyenza ingaxoxi nabazali bayo. Yibe usuzibuza imibuzo elandelayo, ufunde nemiBhalo ekhonjiwe.

“Ngikuthola kunzima ukukhuluma nobaba ngoba unomsebenzi omningi, emsebenzini nasebandleni. Kubonakala singekho ngempela isikhathi esikahle sokukhuluma naye.”—U-Andrew.

‘Ingabe ngibonise izingane zami ngingahlosile ukuthi ngimatasa kakhulu ukuba ngixoxe nazo? Uma kunjalo, yini engingayenza ukuze ngingeneke? Yisiphi isikhathi engingasibekela eceleni njalo ukuze ngixoxe nezingane zami?’—Duteronomi 6:7.

“Ngakhuluma nomama ngikhala izinyembezi ngengxabano esaba nayo esikoleni. Ngangifuna angiduduze, kodwa wavele wangithethisa. Kusukela lapho, angiphindanga ngakhuluma naye nganoma yini ebalulekile.”—UKenji.

‘Ngisabela kanjani lapho izingane zami zingitshela ngenkinga ethile? Ngisho noma kufanele ngizilungise, ngingafunda yini ukuthula ngilalele ngozwela ngaphambi kokuba ngizinikeze iseluleko?’—Jakobe 1:19.

“Kubonakala sengathi njalo lapho abazali bethi singaxoxa ngeke bathukuthele, bayathukuthela. Ingane ivele izizwe ikhohlisiwe.”—URachel.

‘Uma ingane yami ingitshela into engicasulayo, ngingayilawula kanjani indlela engisabela ngayo?’—IzAga 10:19.

“Izikhathi eziningi lapho ngikhuluma nomama ngezindaba eziyimfihlo, uzitshela abangane bakhe. Kwaphela isikhathi eside ngingamethembi.”—UChantelle.

‘Ngiyayicabangela yini imizwa yomntanami ngokungasakazi izindaba eziyimfihlo angitshele zona?’—IzAga 25:9.

“Ziningi izinto engifuna ukuzitshela abazali bami. Kodwa ngithanda bangisize ngiqale ingxoxo.”—UCourtney.

‘Ngingasithatha yini kuqala isinyathelo sokukhuluma nengane yami? Yiziphi izikhathi ezikahle zokuba sikhulume?’—UmShumayeli 3:7.

Njengomzali, kuningi oyokuzuza ngokwakha imizila yokukhulumisana nengane yakho. Cabanga ngalokho okwenzeka kuJunko waseJapane oneminyaka engu-17. Uthi: “Ngesinye isikhathi ngatshela umama ukuthi ngizizwa ngikhululeka kakhulu uma nginezingane engifunda nazo kunalapho nginamanye amaKristu. Ngakusasa ngathola incwadi ayengibhalele yona edeskini lami. Wayengitshela indlela naye ayeke waswela ngayo abangane ebandleni. Wangikhumbuza ngabantu abathile eBhayibhelini ababekhonza uNkulunkulu ngisho nalapho kwakungekho muntu owayezobakhuthaza. Wangincoma nangemizamo engangiyenzile yokwakha abangane abakahle. Kwangimangaza ukuthola ukuthi kanti akumina ngedwa engike ngabhekana nale nkinga. Umama naye wayeke wabaswela abangane, futhi ngajabula kakhulu lapho ngikuzwa lokhu, ngaze ngakhala. Izinto umama angitshela zona zangikhuthaza kakhulu, zangenza ngazimisela ukwenza okulungile.”

Njengoba umama kaJunko aphawula, intsha iyabathululela isifuba abazali lapho iqinisekiswa ngokuthi imicabango nemizwa yayo ngeke idelelwe noma igxekwe. Kodwa yini ongayenza uma ingane yakho ibonakala icasukile noma ngisho ithukuthele lapho ikhuluma nawe? Musa ukucasuka nawe. (Roma 12:21; 1 Petru 2:23) Kunalokho, nakuba kungase kube nzima, yibonise indlela olindele ukuba ikhulume futhi yenze ngayo.

Khumbula lokhu: Njengoba intsha ikhula iba abantu abadala, isesikhathini sezinguquko. Abacwaningi baphawule ukuthi phakathi nale nkathi, indlela intsha eziphatha ngayo iyashintshashintsha—ngesinye isikhathi yenzisa okwabantu abadala, ngesinye yenzise okwengane encane. Uma ukuphawula lokhu enganeni yakho, yini ongayenza—ikakhulu lapho yenzisa okwengane encane?

Ungabhoki ngolaka uyithethise noma uphikisane nayo. Kunalokho, bonisana nayo njengokungathi ingumuntu omdala. (1 Korinte 13:11) Ngokwesibonelo, uma yenzisa okwengane bese ithi: “Kungani ungibelesela?” ungase ulingeke ukuba uphendule ngolaka. Uma wenza kanjalo, ngeke ukwazi ukulawula ingxoxo, futhi cishe niyogcina senixabene. Ngakolunye uhlangothi, ungase uthi: “Uzwakala ucasuke ngempela. Kunganjani sixoxe ngalokhu lapho selehlile igwebu?” Ngaleyo ndlela, uwena olawula ingxoxo. Niyobe nikulungele ukuxoxa, hhayi ukuphikisana.

BHEKA BHEKA UMQULU 1, IZAHLUKO 1 NO-2

IMITHETHO

Ingabe kufanele ngibeke umthetho wewashi?

Ukuze uphendule lowo mbuzo, zicabange ukulesi simo: Sekudlule imizuzu engu-30 esikhathini indodana yakho obekufanele ibuye ngaso, futhi uzwa umnyango uvuleka kancane. Uthi ngenhliziyo, ‘Icabanga ukuthi sengilele.’ Kodwa awukalali. Empeleni, ubulokhu uhlezi eduze komnyango kusukela ngesikhathi obekufanele ibuye ngaso ekhaya. Umnyango manje usuvuleke gengelezi, uma ithi nhlá, iyakubona. Uzothini? Uzokwenzenjani?

Kuningi ongakwenza. Ungakhetha ukumane ukudlulise njengento engasho lutho. Ungase uthi ngenhliziyo, ‘Azive zihlupha izingane.’ Noma ungase uvuthe ngolaka uthi, “Ngeke ngiphinde ngikuvumele uvakashe!” Kunokuba ukhulume ungacabanganga, qale ulalele, mhlawumbe inesizathu esizwakalayo sokwephuza ukubuya. Ngemva kwalokho ungasebenzisa leli thuba ukuze uyifundise isifundo esinamandla. Kanjani?

Ukusikisela: Yitshele ukuthi uzokhuluma nayo ngale ndaba kusasa. Lapho sekuyisikhathi sokuba nikhulume, hlala nayo phansi uyitshele ukuthi uzoyisingatha kanjani le ndaba. Abanye abazali baye bazama lokhu: Uma ingane yabo ingabuyanga ekhaya ngesikhathi abayibekele sona, ngokulandelayo basinciphisa ngemizuzu engu-30 isikhathi eyobe isihambile. Ngakolunye uhlangothi, uma ibuya ngesikhathi njalo nje futhi ibonisa ukuthi ithembekile, ungase ucabangele ukuyinikeza inkululeko eyengeziwe—ngezinye izikhathi uze usandise nesikhathi sokubuya ekhaya. Kubalulekile ukuba umntanakho asazi kahle isikhathi okufanele abuye ngaso ekhaya, azi nokuthi yini ozoyenza uma engabuyanga ngesikhathi osibekile. Kudingeka ukwenze ngempela lokho othe uzokwenza.

Nokho, phawula ukuthi iBhayibheli lithi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe.” (Filipi 4:5) Ngakho ngaphambi kokuba ubekele ingane isikhathi okufanele ibuye ngaso ekhaya, ungase uxoxe nayo, uyivumele isikisele isikhathi engabuya ngaso nezizathu zalokho. Cabanga ngalokho ekusikiselayo. Uma iye yabonisa ukuthi ithembekile, ungase uwamukele umbono wayo uma unengqondo.

Ukugcina isikhathi kuyingxenye yokuphila. Ukubeka isikhathi sokubuya ekhaya akusho nje ukususa ingane yakho emgwaqweni. Kuyifundisa ikhono eliyoyisiza esikhathini esizayo lapho isihambile ekhaya.—IzAga 22:6.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 3 NOMQULU 2, ISAHLUKO 22

Ngingazisingatha kanjani izimpikiswano zezingubo zokugqoka nezingane zami?

Cabanga ngesimo okukhulunywe ngaso ekhasini 77 kule ncwadi. Ake sithi uThandeka indodakazi yakho. Uyayibona le ngubo ayigqokile emfushane eveza umzimba. Ukhuluma naye ngaso leso sikhathi. “Hamba uyoshintsha, ngaphandle kwalokho awuyi ndawo!” Uma ukhuluma naye kanjalo angase ahambe ayoshintsha. Phela uyingane, kumelwe akulalele. Kodwa ungamfundisa kanjani ukuba ashintshe indlela acabanga ngayo, hhayi nje izingubo azigqokile kuphela?

● Okokuqala, khumbula lokhu: Ingane yakho kumelwe iyazi njengawe noma ukwedlula wena imiphumela yokugqoka ngokungenasizotha. Akukona ngempela ukuthi ifuna ukubukeka njengesiphukuphuku noma ukubukwa. Yibonise ngesineke ukuthi izitayela ezingenasizotha empeleni azikhangi, uyichazele nokuthi kungani.b Sikisela izingubo engazigqoka.

● Okwesibili, yicabangele. Zibuze, ‘Ingabe le ngubo ayigqokile iphula isimiso seBhayibheli, noma ingabe kuxhomeke kumuntu ukuthi uyayithanda yini noma cha?’ (2 Korinte 1:24; 1 Thimothewu 2:9, 10) Uma kuyindaba yomuntu siqu, ungamvumela yini umntanakho ayigqoke?

● Okwesithathu, musa ukuvele utshele ingane izitayela ezingafaneleki. Yisize ithole izingubo ezifanelekayo. Kunganjani usebenzise amashadi asekhasini 82 no-83 kule ncwadi ukuze akusize uxoxe nengane yakho? Ngeke neze usikhalele isikhathi nomzamo wokwenza kanjalo!

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 11

Kufanele yini ngivumele ingane yami idlale imidlalo ye-computer?

Imidlalo ye-computer isishintshe kakhulu kunangesikhathi usemusha. Njengomzali, ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba ibone izingozi zale midlalo futhi izigweme?

Ngeke kuyisize ukuyenqabela yonke imidlalo ye-computer noma ukugomela ngokuthi ichitha isikhathi. Khumbula, akuyona yonke imidlalo emibi. Kodwa ingase idle isikhathi esiningi. Ngakho hlola isikhathi umntanakho asichitha edlala le midlalo. Cabangela nohlobo lwemidlalo aluthandayo. Ungaze umbuze imibuzo enjengale:

● Yimuphi umdlalo izingane ofunda nazo eziwuthanda kakhulu?

● Kwenzekani kulowo mdlalo?

● Ucabanga ukuthi kungani ziwuthanda?

Ungase uthole ukuthi ingane yakho yazi okuningi ngemidlalo ye-computer kunalokho obukucabanga! Mhlawumbe ike yayidlala ngisho nemidlalo onomuzwa wokuthi ayifaneleki. Uma kunjalo, ungathathi ngamawala. Leli ithuba lokuba uyisize ihlakulele amandla okuqonda.—Hebheru 5:14.

Yibuze imibuzo eyoyisiza ukuba ibone ukuthi kungani iyithanda le midlalo engafaneleki. Ngokwesibonelo, ungase uyibuze umbuzo onjengalona:

● Ingabe uzizwa ungamukeleki kontanga ngoba ungavunyelwe ukudlala lowo mdlalo?

Enye intsha ingase idlale umdlalo othile ukuze ikwazi ukuxoxa nontanga. Uma kunjalo ngengane yakho, cishe ngeke usingathe leso simo ngendlela efana nalapho uthola ukuthi ithanda imidlalo enobudlova obunyantisayo noma ubulili.—Kolose 4:6.

Kodwa kuthiwani uma ingane yakho ithanda zona lezi zici ezimbi zomdlalo? Enye intsha ingase isheshe igomele ngokuthi ubudlova ebubona kuyi-computer abuyona ingozi. Ithi, ‘Ukuthi ngiyakwenza kuyi-computer akusho ukuthi ngizokwenza ngokoqobo.’ Uma umntanakho ezizwa ngaleyo ndlela, mbonise iHubo 11:5. Njengoba amazwi alo mBhalo ekwenza kucace, akukona nje ukuba yisidlova uNkulunkulu akuzondayo kodwa uyakuzonda nokuthanda ubudlova. Lesi simiso siyasebenza nasekuziphatheni okubi ngokobulili nanoma ibuphi obunye ububi obulahlwa iZwi likaNkulunkulu.—IHubo 97:10.

Uma imidlalo ye-computer iyinkinga enganeni yakho, zama lokhu okulandelayo:

● Ungavumi ukuba idlalele endaweni esithekile, njengasekamelweni.

● Yibekele imithetho—ngokwesibonelo, ungayitshela ukuba ingadlali ingakawenzi umsebenzi wesikole noma ingakaqedi ukudla noma ingakawenzi omunye umsebenzi obalulekile.

● Gcizelela ukubaluleka kokuba yenze izinto ezizoyenza inyakazise umzimba.

● Zibukele izingane zakho lapho zidlala imidlalo ye-computer—noma, okungcono, udlale nazo ngezinye izikhathi.

Yiqiniso, ukuze usize ingane yakho ukuba ikhethe uhlobo olukahle, kudingeka ube nenkululeko yokukhuluma. Ngakho zibuze, ‘Hlobo luni lwezinhlelo ze-TV namabhayisikobho engilubukelayo?’ Ungalenzi iphutha—uma ukhuluma lokhu bese wenza okuhlukile, izingane zakho zizobona!

BHEKA UMQULU 2, ISAHLUKO 30

Kuthiwani uma ingane yami ingumlutha kamakhalekhukhwini, i-computer noma enye into yobuchwepheshe?

Ingabe ingane yakho ichitha isikhathi esiningi kuyi-Internet, ithumela futhi ithunyelelwa intilibathwa yemiyalezo ngocingo noma ilalele i-MP3 player kunaleso esichitha nawe? Uma kunjalo, yini ongayenza?

Ungase uyiphuce leyo nto echitha isikhathi kuyo. Kodwa ungayitsheli ukuthi zonke izinto zobuchwepheshe zimbi. Phela, cishe nawe zikhona izinto zobuchwepheshe ozisebenzisayo abazali bakho ababengenazo. Ngakho, kunokuba uvele uphuce ingane leyo nto—ngaphandle kwalapho kunesizathu esiphoqayo—kunganjani usebenzise leli thuba uyiqeqeshele ukuba isebenzise izinto zobuchwepheshe ngokuhlakanipha nangokulinganisela? Ungakwenza kanjani lokho?

Hlala nayo phansi nixoxe. Okokuqala, yitshele okukukhathazayo. Okwesibili, lalela lokho ekushoyo. (IzAga 18:13) Okwesithathu, thola izixazululo. Ungesabi ukuyibekela imithetho eqinile, kodwa uyicabangele. U-Ellen osemusha uthi, “Ngesikhathi nginenkinga yokuthumelela abanye imiyalezo, abazali bami abazange bangiphuce ucingo; bangibekela imingcele. Indlela abayisingatha ngayo leyo nkinga iye yangisiza ukuba ngilinganisele ekuthumeleni imiyalezo, ngisho nalapho ngingekho phambi kwabo.”

Kuthiwani uma umntanakho ezivikela? Ungaphethi ngokuthi akasilaleli iseluleko sakho. Kunalokho, mbekezelele futhi umnikeze isikhathi sokuba acabange ngaleyo ndaba. Kungenzeka ukuthi uyalibona iphutha futhi uzolwenza ushintsho oludingekayo. Intsha eningi ifana nosemusha ogama lakhe linguHailey, othi: “Ngaqale ngaphatheka kabi lapho abazali bami bethi ngingumlutha we-computer. Kodwa lapho ngicabangisisa ngakho kamuva, ngabona ukuthi baqinisile.”

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 36

INKULULEKO

Ingakanani inkululeko okufanele ngiyinikeze ingane yami?

Lo mbuzo ungase uzwakale unzima lapho sekuziwa esikhathini ingane efuna ukuba yodwa ngaso. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma indodana yakho izivalele ekamelweni? Kufanele yini uvele ungene ungangqongqozile? Noma, kuthiwani uma indodakazi yakho ikhohlwe umakhalekhukhwini wayo lapho isiphuthuma esikoleni? Ingabe kufanele ubheke imiyalezo yayo?

Akulula ukuphendula le mibuzo. Njengomzali, unelungelo lokwazi ukuthi kwenzekani ekuphileni komntanakho futhi unesibopho sokumgcina ephephile. Kodwa ngeke uhlale umbeke iso njalo nje, ugade yonk’ into ayenzayo. Ungaba kanjani olinganiselayo?

Okokuqala, isifiso sengane sokuba yodwa asisho ngaso sonke isikhathi ukuthi ifuna ukuganga. Ngokuvamile, sibonisa ukuthi iyakhula. Isikhathi sokuba yodwa sisiza intsha ukuba izibone ukuthi isivuthiwe yini njengoba izakhela abangane futhi ixazulula izinkinga zayo ‘ngamandla ayo okucabanga.’ (Roma 12:1, 2) Siyayisiza ukuba ihlakulele ikhono lokucabanga—imfanelo ebalulekile eyoyisiza ukuba ibe abantu abadala abanokwethenjelwa. Siyinika nethuba lokuzindla ngaphambi kokwenza izinqumo noma ukuphendula imibuzo enzima.—IzAga 15:28.

Okwesibili, khumbula ukuthi imizamo yokulawula ukuphila kwengane yakho ingadala inzondo futhi ingakulaleli. (Efesu 6:4; Kolose 3:21) Ingabe lokhu kusho ukuthi akufanele uyiqondise? Cha, ngoba ungumzali. Umgomo wakho uwukuba ingane yakho ibe nonembeza oqeqeshiwe. (Duteronomi 6:6, 7; IzAga 22:6) Ngakho kungcono kakhulu ukuyiqondisa kunokuyigada.

Okwesithathu, xoxa nengane yakho ngalokhu. Lalela lokho okuyikhathazayo. Kukhona yini lapho ungase ubonelele khona? Yitshele ukuthi uzoyinikeza isikhathi sokuba ibe yodwa uma nje ithembeka kuwe. Yichazele ukuthi iyoba yini imiphumela uma ingakulaleli futhi uyijezise uma kudingeka. Qiniseka ngokuthi ungayinika ingane yakho isikhathi sokuba ibe yodwa ngaphandle kokulahla indima yakho njengomzali okhathalelayo.

BHEKA UMQULU 1, IZAHLUKO 3 NO-15

Ingane yami kufanele isiyeke nini isikole?

“Othisha bami banesicefe!” “Ngithola umsebenzi omningi wesikole!” “Izifundo zinzima—ngisazihluphelani?” Ngenxa yalezi zinselele, enye intsha ifisa ukusishiya phansi isikole ingakawatholi amakhono eyowadinga ukuze ikwazi ukuziphilisa. Uma umntanakho efuna ukuyeka isikole, yini ongayenza? Zama lokhu okulandelayo:

● Hlola indlela obheka ngayo imfundo. Ingabe ukuya esikoleni wawukubheka njengokuchitha isikhathi—ukubheka njengesigwebo sasejele okwakufanele usikhuthazelele kuze kufike usuku okhululwa ngalo bese uphishekela imigomo ebaluleke kakhudlwana? Uma kunjalo, kungenzeka indlela owawubheka ngayo imfundo iye yasuleleka ezinganeni zakho. Iqiniso liwukuthi, imfundo ekahle iyozisiza zithole “ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga”—izimfanelo ezizidingayo ukuze zifinyelele imigomo yazo.—IzAga 3:21.

● Yitholele amathuluzi okutadisha. Ezinye izingane ebezingaphasa kahle azazi ukuthi kutadishwa kanjani—noma azinayo indawo ekahle ezingatadishela kuyo. Indawo ekahle yokutadishela ingase ibe nedeski elingenayo imfuhlumfuhlu, ukukhanya okwanele namathuluzi okucwaninga. Ungasiza ingane yakho ukuba iphumelele—ezintweni zesikole noma ngokomoya—ngokwenza kube nendawo efanelekayo yokuba izindle ngemicabango nangemibono emisha.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:15.

● Yiba nengxenye. Bheka othisha nabeluleki bezingane njengabasizi bakho, hhayi izitha. Bonana nabo. Wazi amagama abo. Khuluma nabo ngemigomo nezinselele zengane yakho. Uma ingane yakho iphasa ngomciciyelo, zama ukuthola ukuthi kungani. Ngokwesibonelo, ingabe ingane yakho inomuzwa wokuthi ukuphasa ngamalengiso kuzoyenza ihlushwe ezinye izingane? Ingabe inkinga ikuthisha? Kuthiwani ngezifundo? Kufanele zenze ingane isebenzise ingqondo, zingayicindezeli. Okunye okungaba inkinga: Kungenzeka yini ukuthi ingane yakho inenkinga yempilo ecashile, njengokungaboni kahle noma ukungakwazi ukufunda?

Uma uba nengxenye ethé xaxa ekuqeqesheni ingane yakho ezifundweni zesikole nangokomoya, iyoba sethubeni elihle lokuba iphumelele.—IHubo 127:4, 5.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 19

Ngizokwazi kanjani ukuthi ingane yami isikulungele ukushiya ikhaya?

USerena, okukhulunywe ngaye eSahlukweni 7 sale ncwadi, uyesaba ukushiya ikhaya. Siyini isizathu? Uthi: “Ngisho noma ngifuna ukuzithengela okuthile ngemali yami, ubaba akangivumeli. Uthi nguyena okufanele angithengele. Ngakho uma ngicabanga ngokuzikhokhela izindleko zami ngivele ngethuke.” Akungabazeki ukuthi ubaba kaSerena unezisusa ezinhle, kodwa ucabanga ukuthi uyayisiza yini indodakazi yakhe ukuba ilungele ukuphatha umuzi wayo?—IzAga 31:10, 18, 27.

Ingabe izingane zakho azikulungele ukuziphilela zodwa ngoba uzitotosa? Ungazi kanjani? Cabangela la makhono amane alandelayo, okukhulunywa nangawo eSahlukweni 7 esihlokwaneni esithi “Ingabe Sengikulungele?”—kodwa manje uwacabangele ngombono womzali.

Ukusebenzisa imali. Izingane zakho ezindala ziyakwazi yini ukugcwalisa amaphepha entela noma lokho okufunwa imithetho yentela? (Roma 13:7) Ziyakwazi yini ukubonisa ukuhlakanipha lapho zithenga ngesikweletu? (IzAga 22:7) Ziyakwazi yini ukubhala phansi ukuthi zizoyisebenzisa kanjani imali yazo bese ziphila ngalokho ezinakho? (Luka 14:28-30) Ingabe zike zayizwa injabulo etholakala ngokuba nento eziyithenge ngemali eziyisebenzele? Zike zayizwa yini injabulo enkulu nakakhulu yokupha ngesikhathi nangezinto zazo ukuze zisize abanye?—IzEnzo 20:35.

Amakhono emisebenzi yasekhaya. Ingabe amadodakazi namadodana akho ayakwazi ukupheka? Uwafundisile yini ukuwasha noku-ayina? Uma ekwazi ukushayela, ayakwazi yini ukulungisa izinto ezincane, njengokushintsha ama-fuse, ukuthela uwoyela noma ukushintsha isondo eliphantshile?

Amakhono okusebenzelana nabanye. Lapho izingane zakho ezikhulakhulile ziphikisana, ingabe njalo uyazilamula kuhle kukanompempe, kube nguwena oxazulula leyo mpikiswano? Noma ingabe uziqeqeshile ukuba zixazulule izingxabano ngokuthula futhi zikutshele ukuthi ziyixazulule kanjani?—Mathewu 5:23-25.

Isimiso somuntu siqu sokuzondla ngokomoya. Ingabe uyazitshela izingane zakho ukuthi yini okufanele ziyikholelwe, noma uyazikholisa? (2 Thimothewu 3:14, 15) Kunokuba ngaso sonke isikhathi uphendule imibuzo yazo ephathelene nenkolo nokuziphatha, uyazifundisa yini ukuba zihlakulele ‘ikhono lokucabanga’? (IzAga 1:4) Ungathanda yini zilingise indlela oqhuba ngayo esakho isifundo seBhayibheli somuntu siqu, noma ungathanda zize zenze kangcono kunalokho?c

Ngokungangabazeki, ukuqeqesha izingane kulezi zindlela kudinga isikhathi nomzamo wangempela. Kodwa ngeke usikhalele leso sikhathi nomzamo lapho usufikelwa izinyembezi zenjabulo lapho usuzivalelisa sezihamba ekhaya.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 7

UBULILI NEZOTHANDO

Kufanele yini ngikhulume nezingane zami ngobulili?

Izingane sezifundiswa ngobulili zisencane kakhulu. IBhayibheli labikezela kudala ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ ziyoba “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” lapho abantu beyoba “abangenakho ukuzithiba” futhi babe “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1, 3, 4) Umkhuba wokulala nomuntu ongathandani naye ungomunye wezimpawu eziningi ezibonisa ukuthi lesi siprofetho siyagcwaliseka.

Namuhla izwe lihluke kakhulu kunangesikhathi useyingane. Nokho, kunokufana okuthile ezinkingeni zamanje nezangaleso sikhathi. Ngakho amathonya amabi azungeze izingane zakho mawangakuqedi amandla noma akwethuse. Kunalokho, zimisele ukuzisiza zenze lokho umphostoli uPawulu anxusa amaKristu ukuba akwenze eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule: “Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11) Iqiniso liwukuthi, intsha eningi engamaKristu ilwa ukulwa okuhle kokwenza okulungile, naphezu kwamathonya amabi ewazungezile. Ungazisiza kanjani ezakho izingane ukuba zenze okufanayo?

Enye indlela iwukuxoxa nazo, usebenzisa izahluko eziseNgxenyeni 4 kule ncwadi neziseNgxenyeni 1 no-7 eMqulwini 2. Lezi zahluko zinemiBhalo eshukumisa ingqondo. Eminye iqokomisa izibonelo ezingokoqobo zalabo abamelela okulungile futhi bathola izibusiso noma labo abangayinakanga imithetho kaNkulunkulu futhi babhekana nemiphumela. Eminye imiBhalo inezimiso ezingasiza izingane zakho ukuba ziqaphele ilungelo elikhulu ezinalo—ilungelo nawe onalo—lokuphila ngemithetho kaNkulunkulu. Kunganjani maduze nje uhlele ukuxoxa nazo ngalezi zihloko?

BHEKA UMQULU 1, IZAHLUKO 23, 25 NO-32 NOMQULU 2, IZAHLUKO 4-6, 28 NO-29

Ingabe kufanele ngivumele ingane yami ukuba iqome noma iqonywe?

Ingane yakho nakanjani izobhekana nezindaba zothando noma nini kusukela manje. UPhillip uthi: “Akudingeki ngenze lutho! Amantombazane ayazicelela ukuba ngiwakhiphe, bese ngizibuza, ‘Ey, ngizokwenzenjani-ke manje?’ Kunzima ukwenqaba ngoba amanye awo ayizimomondiya!”

Okungcono kakhulu eningakwenza njengabazali ukuba nikhulume nengane yenu ngezothando, mhlawumbe nisebenzise iSahluko 1 eMqulwini 2 njengesisekelo sengxoxo yenu. Tholani ukuthi izizwa kanjani ngezinselele ebhekana nazo esikoleni ngisho nasebandleni lobuKristu. Ngezinye izikhathi ningaxoxa ezimweni ezikhululekile, njengalapho ‘nihleli endlini nalapho nihamba endleleni.’ (Duteronomi 6:6, 7) Kungakhathaliseki ukuthi nixoxa nini, khumbulani ukuba ‘nisheshe ukuzwa, nephuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

Uma ingane yenu ithanda othile wobulili obuhlukile, ningatatazeli. “Lapho ubaba ethola ukuthi ngithandana nomfana othile, wabhodl’ umlilo!” kusho enye intombazane. “Wazama ukungethusa ngokungihloma imibuzo ephathelene nokuthi ngikulungele yini ukushada—into engenza umuntu osemusha afune ukuqhubeka isikhathi eside ethandana nalowo muntu ukuze abonise abazali bakhe ukuthi ukulungele!”

Uma ingane yakho yazi ukuthi awufuni kwakukhuluma nayo ngezothando, kukhona okusina kukujeqeza—ingase ikufihlele ukuthi ithandana nothile. Enye intombazane ithi: “Lapho abazali bevuka inj’ ebomvu, benza izingane zibafihlele izindaba zazo zothando. Aziyeki. Zimane ziqhamuke namaqhinga okufihla ukuthi zithandana nothile.”

Uyothola imiphumela emihle kakhulu ngokuxoxa nengane ngokukhululekile. UBrittany, oneminyaka engu-20, uthi: “Abazali bami bebelokhu bexoxa nami ngokukhululekile ngezothando. Kubalulekile ukuba bamazi umuntu enginesithakazelo kuye futhi ngicabanga ukuthi kuhle lokho! Ubaba uyaxoxa nalowo muntu. Uma kukhona okubakhathazayo, bayangitshela. Ngokuvamile, ngiye ngizwe ukuthi angisenasithakazelo ngaphambi kokuba size sithandane.”

Nokho, ngemva kokufunda iSahluko 2 eMqulwini 2, ungase uzibuze, ‘Kungenzeka yini ingane yami ingifihlele ukuthi ithandana nothile?’ Phawula ukuthi enye intsha ithi yini ebangela abanye bafihle ukuthi bathandana nothile, bese ucabanga ngemibuzo elandelayo.

“Ezinye izingane aziyitholi induduzo ekhaya, ngakho zinquma ukuncika kumuntu ezithandana naye.”—UWendy.

Njengomzali, ungaqikelela kanjani ukuthi uzinakekela kahle izidingo ezingokomzwelo zezingane zakho? Kukhona yini ongakuthuthukisa mayelana nalokhu? Uma kukhona, kuyini?

“Ngesikhathi ngineminyaka engu-14, kunomfana owangeshela. Ngamvuma. Ngangicabanga ukuthi kuyoba mnandi ukuba nesoka elingigaxayo.”—UDiane.

Ukube uDiane ubeyindodakazi yakho, ubungakusingatha kanjani lokhu?

“Omakhalekhukhwini benza kube lula ukufihla ukuthi uthandana nothile. Abazali basuke bengazi ukuthi kwenzekani!”—U-Annette.

Iziphi izinyathelo eziyisivikelo ongazithatha ngokuqondene nendlela izingane zakho ezisebenzisa ngayo umakhalekhukhwini?

“Ukufihla ukuthi uthandana nothile kuba lula lapho abazali benganaki ukuthi izingane zabo zenzani futhi nobani.”—UThomas.

Zikhona yini izindlela ongazisebenzisa ukuze wazi ukuthi kuqhubekani ekuphileni kwengane yakho uphinde uyinikeze nenkululeko eyifanele?

“Ngokuvamile abazali basuke bengekho lapho izingane zisekhaya. Noma bazethemba kakhulu baze bazivumele ukuba zizikhiphe nabanye abantu.”—UNicholas.

Cabanga ngomngane omkhulu wengane yakho. Uyazi yini ukuthi benzani lapho bendawonye?

“Umuntu uyafihla ukuthi uthandana nothile lapho abazali benesandla esiqine ngokweqile.”—UPaul.

Ngaphandle kokuyekethisa emithethweni nasezimisweni zeBhayibheli, yini ongayenza ukuze ‘ukucabangela kwakho kwaziwe’?—Filipi 4:5.

“Ngesikhathi ngisanda kweva eminyakeni engu-12, ngangizenyeza futhi ngifuna ukunakwa. Ngaqala ukuthumelela umfana wakwelinye ibandla ama-e-mail futhi sathandana. Wayengenza ngizizwe ngikhethekile.”—ULinda.

Ucabanga ukuthi iziphi izindlela ezingcono ezazingasetshenziswa ekhaya ukuze izidingo zikaLinda zaneliswe?

Kunganjani usebenzise iSahluko 2 eMqulwini 2 kanye nale ngxenye yeSithasiselo ukuze uxoxe nengane yakho? Ukuze usize ingane yakho ukuba ingakufihleli izinto, khuluma nayo ngokusuka enhliziyweni futhi ungagwegwesi.—IzAga 20:5.

BHEKA UMQULU 2, IZAHLUKO 1-3

EZIPHATHELENE NEMIZWELO

Kufanele ngisabele kanjani lapho ingane yami ikhuluma ngokuzibulala?

Kwamanye amazwe, ukuzibulala kwentsha kwande ngendlela eshaqisayo. Ngokwesibonelo, e-United States kuyimbangela yesithathu yokufa kwezingane ezineminyaka ephakathi kuka-15 no-25, futhi phakathi neminyaka engu-20 edlule, izinga lokuzibulala kwalezo ezineminyaka ephakathi kuka-10 no-14 liye laphindeka kabili. Intsha esengozini kakhulu yileyo egula ngengqondo, enamalungu omkhaya azibulala naleyo eke yazama ukuzibulala. Izimpawu eziyisixwayiso zokuthi kungenzeka osemusha ucabanga ukuzibulala zihlanganisa lokhu okulandelayo:

● Ukuzihlukanisa nomkhaya nabangane

● Ushintsho emikhubeni yokudla nokulala

● Ukungabi nandaba nezinto ake ajabulela ukuzenza

● Ushintsho oluphawulekayo ebuntwini

● Ukusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala

● Ukuphana ngezinto eziyigugu

● Ukukhuluma ngokufa noma ukucabanga kakhulu ngakho

Iphutha elikhulu kakhulu abazali abangase balenze liwukungazinaki izimpawu ezinjalo. Ungazithathi kalula. Musa ukusheshe uphethe ngokuthi yisiqubu nje esizobuye sidlule.

Ungabi namahloni okufunela ingane yakho usizo uma inesifo sokucindezeleka okukhulu noma okunye ukugula kwengqondo. Futhi uma usola ukuthi icabanga ukuzibulala, khuluma nayo ngakho. Ungamanga umbono wokuthi ingane izofuna ukuzibulala uma ukhuluma nayo ngokuzibulala. Intsha eningi iyajabula lapho abazali bexoxa nayo ngalokho. Ngakho uma ingane yakho ivuma ukuthi ike yacabanga ukuzibulala, thola ukuthi ibisilakhile yini iqhinga lokuzibulala, futhi uma ivuma, yibuze ukuthi ibizozibulala kanjani. Uma lelo qhinga linayo yonke imininingwane, kuyaphuthuma ukuba uyisize.

Ungacabangi ukuthi isifo sokucindezeleka sizovele siziphelele. Futhi uma kubonakala sengathi siyaziphelela, ungacabangi ukuthi inkinga isixazululekile. Empeleni, yilapho-ke lapho kuyingozi kakhulu khona. Ngani? Ngoba lapho ingane isacindezeleke kakhulu, ingase ingabi namandla okuzibulala. Kodwa lapho ukucindezeleka kudamba futhi amandla ebuya, ingase ibe nomdlandla wokuzibulala.

Kuyadabukisa ngempela ukuthi enye intsha icabanga ukuzibulala ngenxa yokuphelelwa ithemba. Ngokuqaphela izimpawu futhi benze okuthile, abazali nabanye abantu abadala abakhathalelayo bangase ‘bakhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile’ futhi babe njengendawo yokucashela entsheni.—1 Thesalonika 5:14.

BHEKA UMQULU 1, IZAHLUKO 13 NO-14 NOMQULU 2, ISAHLUKO 26

Ingabe kufanele ngizifihlele izingane usizi lwami?

Ukushonelwa umuntu oshade naye kubuhlungu kakhulu. Phakathi naleso sikhathi ingane yakho idinga usizo lwakho. Ungayisiza kanjani ukuba ibhekane nosizi lwayo, ngaphandle kokuziba olwakho? Zama lokhu:

● Musa ukufihla imizwa yakho. Ingane yakho ifunde izifundo eziningi ezibalulekile ekuphileni ngokubheka wena. Izoyifunda kuwe nendlela yokubhekana nosizi. Ngakho, ungabi nomuzwa wokuthi kufanele uziqinise ngokufihlela ingane usizi lwakho. Uyobe uyifundisa ukuba nayo yenze okufanayo. Kunalokho, uma uluveza usizi lwakho, ifunda ukuthi kungcono ukuyiveza imizwa kunokuyicindezela nokuthi kuyinto engokwemvelo ukuba idabuke, icasuke noma ize ngisho ithukuthele.

● Khuthaza ingane yakho ukuba ikhulume. Ngaphandle kokuyenza izizwe iphoqelekile ukuba ikhulume, yikhuthaze ukuba ixoxe nawe ngalokho okusenhliziyweni yayo. Uma kubonakala sengathi ayithandisisi, kunganjani uxoxe nayo ngeSahluko 16 sale ncwadi? Yixoxele nangezinto ezinhle ozikhumbulayo ngomyeni noma ngomkakho ongasekho. Yitshele indlela okuzoba nzima ngayo ukuphila engasekho. Lapho ingane ikuzwa uveza imizwa yakho, ifunda ukwenza okufanayo.

● Yazi imingcele yakho. Kuyaqondakala ukuthi ufuna ukuqhubeka uyisekela ingane yakho phakathi nalesi sikhathi esinzima. Kodwa khumbula, ukushonelwa umuntu omthandayo obushade naye kukulimaze kakhulu. Ngakho ungase uphelelwe amandla ngokomzwelo, engqondweni nasemzimbeni okwesikhathi esithile. (IzAga 24:10) Yingakho kungase kudingeke ucele amanye amalungu omkhaya amadala nabangane abavuthiwe ukuba bakusekele. Ukucela usizo kuwuphawu lokuvuthwa. IzAga 11:2 zithi: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.”

Ukusekelwa okuhle kakhulu kuvela kuJehova uNkulunkulu, othembisa abakhulekeli bakhe: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”—Isaya 41:13.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 16

Ngingayisiza kanjani indodakazi yami ukuba ibe nombono olinganiselayo ngokunciphisa umzimba?

Uma umntanakho esenenkinga yokudla, yini ongayenza? Okokuqala, zama ukuqonda ukuthi ibangelwa yini.

Kuye kwaphawulwa ukuthi abaningi abanezinkinga eziphathelene nokudla bayazenyeza futhi abawafuni amaphutha, bazibekela izindinganiso eziphakeme. Qiniseka ukuthi awunaso isandla ekutheni ingane yakho ibe nalezi zinkinga. Makhe umntanakho.—1 Thesalonika 5:11.

Bhekisisa nesimo sakho sengqondo ngokudla nokukhuluphala. Ingabe lezi zinto usuzenze zaba yizona zinto ezisemqoka ekuphileni ngendlela okhuluma ngayo noma ngezenzo zakho? Khumbula, intsha ikhathazeka kakhulu ngendlela ebukeka ngayo. Ngisho nokuyidlalisa ngokuthi “iyisibutubutu” noma ngokukhula kwayo masinyane kungase kutshale imicabango engemihle engqondweni yengane ethonyeka kalula.

Lapho usuyicabangele ngomkhuleko le ndaba, khuluma nengane yakho ngokusuka enhliziyweni. Ukuze wenze lokhu, zama okulandelayo:

● Hlela kahle ukuthi uzothini nokuthi uzokusho nini.

● Yisho ngokucacile lokho okukukhathazayo nesifiso sakho sokuyisiza.

● Ungamangali uma iqale yenqabe.

● Yilalele ngesineke.

Okubaluleke nakakhulu, yisekele ingane yakho lapho izama ukunqoba le nkinga. Yisizeni nonke njengomkhaya!

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 10 NOMQULU 2, ISAHLUKO 7

INGOKOMOYA

Ngingaqhubeka kanjani ngifundisa izingane zami izimiso ezingokomoya njengoba zikhula?

IBhayibheli lithi uThimothewu waqeqeshwa ngokomoya ‘kusukela esewusana,’ futhi njengomzali, cishe yilokho oye wakwenza ezinganeni zakho. (2 Thimothewu 3:15) Nokho, lapho izingane zakho zikhula, izindlela zokuqeqesha kungase kudingeke zivumelane nezimo ezintsha. Njengoba izingane zakho zikhula, ziqala ukubhekana nezinkinga ezinzima ezazingazazi ngesikhathi zisencane. Manje kunanini ngaphambili, kudingeka wakhe ‘amandla azo okucabanga.’—Roma 12:1.

Lapho ebhalela uThimothewu, uPawulu wakhuluma ngezinto uThimothewu ‘azifunda futhi wathonyelwa ukuba azikholelwe.’ (2 Thimothewu 3:14) Izingane zakho manje kungase kudingeke ‘zithonyelwe ukuba zikholelwe’ amaqiniso eBhayibheli ebezilokhu ziwazi kusukela ziseyizinsana. Ukuze uzifinyelele izinhliziyo, kudingeka wenze okungaphezu kokuzitshela ukuthi yini okumelwe ziyenze noma ziyikholelwe. Kudingeka zizifundele zona ngokwazo. Ungazisiza kanjani? Qala ngokuzinikeza isikhathi esiningi sokucabanga nokuxoxa ngemibuzo enjengale:

● Yini engenza ngikholelwe ukuthi uNkulunkulu ukhona?—Roma 1:20.

● Ngazi kanjani ukuthi izinto eziseBhayibhelini engizifundiswa abazali bami ziyiqiniso?—IzEnzo 17:11.

● Yini engenza ngiqiniseke ukuthi izindinganiso zeBhayibheli zihloselwe ukuba zisize mina?—Isaya 48:17, 18.

● Ngazi kanjani ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zizogcwaliseka?—Joshuwa 23:14.

● Yini engenza ngiqiniseke ukuthi akukho lutho kuleli zwe olungaqhathaniswa “[nenzuzo] edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu”?—Filipi 3:8.

● Umhlatshelo kaKristu wesihlengo usho ukuthini kimi?—2 Korinte 5:14, 15; Galathiya 2:20.

Ungase ungabaze ukubuza izingane zakho le mibuzo, wesaba ukuthi ngeke zikwazi ukuyiphendula. Kodwa lokho kufana nokungabaza ukubheka ukuthi imoto yakho isele nophethiloli ongakanani, wesaba ukuthi kungenzeka usuyaphela. Uma kuwukuthi usuyaphela, kungcono kakhulu ukukwazi lokho ungakapheli! Ngendlela efanayo, manje—njengoba izingane zakho zingakahambi ekhaya—isikhathi sokuba uzisize zihlaziye imibuzo ephathelene nokholo lwazo futhi ‘zithonyelwe ukuba zikholwe.’d

Khumbula, akukubi ukuba izingane zakho zibuze, “Kungani ngikholelwa yilokhu?” UDiane, oneminyaka engu-22 ukhumbula ekubuza lokho lapho esemncane. Uthi: “Ngangingafuni ukungaqiniseki ngezinkolelo zami. Ukuthola izimpendulo ezicacile kwangenza ngabona ukuthi ngiyakuthanda ukuba omunye woFakazi BakaJehova! Noma nini lapho ngibuzwa ngokuthile engangingeke ngikwenze, kunokuba ngithi, ‘Akuvumelani nenkolo yami,’ ngangithi, ‘Ngikubona kungalungile.’ Ngamanye amazwi, umbono wami wawuhambisana neBhayibheli.”

Ukusikisela: Ukuze ushukumise amandla okucabanga engane yakho ngokuqondene nezindinganiso zeBhayibheli, lapho kuphakama inkinga akube iyona edlala indima yomzali. Ngokwesibonelo, ake sithi indodakazi yakho icele ukuya ephathini owaziyo (cishe nayo eyaziyo) ukuthi ayifaneleki. Kunokuba umane uyenqabele, ungase uthi: ‘Ngicela uzibeke esimweni sami njengomzali. Cabanga ngephathi ofuna ukuya kuyo, cwaninga (mhlawumbe iSahluko 37 sale ncwadi neSahluko 32 eMqulwini 2), ubuye sizoxoxa ngakho kusasa. Mina ngizoba ingane ngicele kuwe ukuya kuleyo phathi, futhi wena njengomzali, ungitshele ukuthi kuwukuhlakanipha yini ukuya noma cha.’

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 38 NOMQULU 2, IZAHLUKO 34-36

Ingane yethu ayisenandaba nezinto ezingokomoya. Yini esingayenza?

Okokuqala, ungasheshe uphethe ngokuthi ingane yakho ilulahlile ukholo lwenu. Ezimweni eziningi, kusuke kunenkinga ecashile. Ngokwesibonelo, kungenzeka ingane yakho

● Ibhekene nokucindezela kontanga futhi iyesaba ukuhluka kubo ngokulalela izimiso zeBhayibheli

● Ibona enye intsha (ngisho nezingane zakubo) iqhuba kahle kakhulu ngokomoya bese iba nomuzwa wokuthi ngeke ikwazi ukukwenza lokho

● Ifisa ukuba nabangane kodwa izizwa inesizungu noma inganakiwe amanye amaKristu

● Ibona enye intsha ethi ingamaKristu iphila ukuphila okumbaxa-mbili

● Izama ukuzazi ukuthi ingubani futhi ngenxa yalokho izizwe iphoqelekile ukuba ikubuze izizathu zezinkolelo eziyigugu kuwe

● Ibona izingane efunda nazo zenza izinto ezingalungile ngokukhululekile futhi kubonakala zingabhekani nemiphumela emibi

● Izama ukuba ithandwe umzali ongeyena umKristu

Izinkinga ezinjengalezi azibangelwa izimfundiso zokholo lwakho. Zibangelwa ikakhulu izimo ezenza kube inselele ukuphila ngokuvumelana nokholo—okungenani okwamanje. Ngakho, yini ongayenza ukuze ukhuthaze ingane yakho?

Yenza ushintsho—kodwa ungayekethisi. Zama ukuqonda ukuthi ingane yakho idikibaliswe yini, wenze ushintsho ukuze ikwazi ukuthuthuka ngokomoya. (IzAga 16:20) Ngokwesibonelo, “uHlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” emakhasini 132 no-133 eMqulwini 2 lungayenza ibe nesibindi ukuze ingazesabi izingane zesikole. Noma, uma ingane yakho inesizungu, kungase kudingeke wenze okuthile ukuze uyisize ithole abangane abakahle.

Thola umuntu ongayisiza. Ngezinye izikhathi intsha iyasizakala lapho ikhuthazwa umuntu omdala ongesona isihlobo. Ukhona yini umuntu omaziyo ongaba isibonelo esikhuthazayo ngokomoya enganeni yakho? Kunganjani uhlele ukuba lowo muntu achithe isikhathi nomntanakho? Injongo ayikona ukudlulisela umthwalo wakho wemfanelo komunye umuntu. Kodwa cabanga ngoThimothewu. Wazuza kakhulu esibonelweni sikamphostoli uPawulu, futhi uPawulu wazuza kakhulu ebunganini bakhe noThimothewu.—Filipi 2:20, 22.

Uma nje ingane yakho isahlala nawe, unelungelo lokuyitshela ukuba ilandele isimiso sokukhulekela uNkulunkulu. Kodwa injongo yakho iwukuba ugxilise uthando ngoNkulunkulu enhliziyweni yengane yakho—hhayi nje ukuba imkhonze ngendlela yokugcina icala. Ukuze uyisize yamukele ukukhulekela kweqiniso, yibekele isibonelo ezosilingisa. Yiba ocabangelayo kulokho olindele ukuba ikwenze. Yitholele umuntu ozoyisiza nabangane abazoyakha. Mhlawumbe ngelinye ilanga nayo iyokwazi ukusho njengomhubi, ithi “uJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka.”—IHubo 18:2.

BHEKA UMQULU 1, ISAHLUKO 39 NOMQULU 2, IZAHLUKO 37 NO-38

[Imibhalo yaphansi]

a Ngesikhathi esifanayo, musa ukubeka ingane icala ukuze uyenze ikulalele.

b Cishe ingane yakho iyakhathazeka ngomzimba wayo, ngakho qaphela ukuba ungasho amazwi agxeka umzimba wayo.

c Bheka amakhasi 315-318.

d ISahluko 36 eMqulwini 2 singasiza izingane zakho ukuba zisebenzise amandla azo okucabanga ukuze ziziqinisekise ukuthi uNkulunkulu ukhona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela