Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
Isaziso
Ulimi olusha oselutholakala: Betsileo
  • Namuhla

UMsombuluko, Okthoba 27

Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.—Efe. 5:28.

UJehova ulindele ukuba indoda ithande umkayo, imnikeze izinto azidingayo, inakekele izidingo zakhe ezingokomzwelo futhi imsize ahlale esondelene noJehova. Ukuba nekhono lokucabanga, ukuhlonipha abantu besifazane nokuba nokwethenjelwa, kuyokusiza ube umyeni okahle. Ngemva kokushada, ungase ube ubaba. Yini ongayifunda kuJehova ngokuba ubaba okahle? (Efe. 6:4) UJehova akabanga namahloni okutshela iNdodana yakhe, uJesu, ukuthi uyayithanda futhi uyayamukela. (Math. 3:17) Uma uba ngubaba, qiniseka ukuthi uziqinisekisa njalo izingane zakho ukuthi uyazithanda. Zincome njalo lapho zenza izinto ezinhle. Obaba abalingisa isibonelo sikaJehova basiza izingane zabo ukuba zibe amadoda nabesifazane abangamaKristu avuthiwe. Ungazilungiselela manje ukufeza leyo ndima ngokunakekela abanye emndenini wakini nasebandleni nangokufunda ukubatshela ukuthi uyabathanda nokuthi uyabazisa.—Joh. 15:9. w23.12 28-29 ¶17-18

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesibili, Okthoba 28

[NguJehova] okunika ukulondeka.—Isaya 33:6.

Nakuba siyizinceku zikaJehova ezithembekile, sibhekana nobunzima nokugula njengabo bonke abantu. Kungase kudingeke sikhuthazelele ukuphikiswa noma ukushushiswa abantu abazonda abantu bakaNkulunkulu. Nakuba uJehova engasivikeli kulobo bunzima, uthembisa ukuthi uzosisiza. (Isaya 41:10) Ngosizo lwakhe, singahlala sijabule, senze izinqumo ezinhle, siqhubeke siqotho naphezu kwezimo ezinzima kakhulu. UJehova uthembisa ukusinika lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu.” (Fil. 4:​6, 7) Lokhu kuthula kubhekisela ekuzoleni esikuthola ngokuba nobuhlobo obuyigugu naye. Lokhu kuthula “okudlula konke ukuqonda”; kuhle ngendlela esingeke siyicabange. Kwake kwenzeka yini ngemva kokuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni wazizwa uzolile? Lowo muzwa ‘uwukuthula kukaNkulunkulu.’ w24.01 20 ¶2; 21 ¶4

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ULwesithathu, Okthoba 29

Ngizomdumisa uJehova; konke okungaphakathi kimi makudumise igama lakhe elingcwele.—IHu. 103:1.

Ukuthanda uNkulunkulu kwenza abantu abathembekile bafune ukudumisa igama lakhe ngenhliziyo yonke. INkosi uDavide yayazi ukuthi ukudumisa igama likaJehova kufana nokudumisa uJehova. Igama likaJehova lihlanganisa nedumela lakhe, ngakho lisenza sicabange ngazo zonke izimfanelo zakhe ezinhle nezenzo zakhe ezisishiya sibambe ongezansi. UDavide wayefuna ukuliphatha ngobungcwele igama likaBaba wakhe futhi alidumise. Wayefuna ukwenza lokhu ngakho “konke okungaphakathi” kuye—okungukuthi, ngenhliziyo yonke. Ngokufanayo, amaLevi ahola ekudumiseni uJehova. Ngokuthobeka avuma ukuthi awanawo amazwi anele okudumisa igama likaJehova elingcwele. (Neh. 9:5) Asingabazi ukuthi lokhu kuthobeka namazwi okudumisa asuka enhliziyweni kwamjabulisa uJehova. w24.02 9 ¶6

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela