ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3
INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo
UJehova Uzokusiza Ngezikhathi Ezinzima
“[UJehova] nguye okunika ukulondeka.”—ISAYA 33:6.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Esingakwenza ukuze sizuze osizweni oluvela kuJehova ngezikhathi ezinzima.
1-2. Yiziphi izinselele izinceku zikaJehova ezithembekile ezingabhekana nazo?
IZENZAKALO ezibuhlungu zingashintsha ukuphila kwethu ngokuphazima kweso. Ngokwesibonelo, umzalwane othembekile okuthiwa uLuisa wathola ukuthi unomdlavuza ongajwayelekile. Udokotela wamtshela ukuthi uzophila izinyanga ezimbalwa nje kuphela. UMonika nomyeni wakhe babekhonza uJehova futhi bekhuthele. Kwathi ngelinye ilanga uMonika wathola ukuthi kwase kuphele iminyaka umyeni wakhe ongumdala ephila ukuphila okumbaxambili. U-Olivia, udade ongashadile, waphoqeleka ukuba ashiye umuzi wakhe ngenxa yokuthi kwakuzoba nesiphepho esinamandla. Lapho ebuyela emzini wakhe, wathola ukuthi isiphepho siwucekele phansi. Ngokushesha nje ukuphila kukaLuis, uMonika no-Olivia kwashintsha ngokuphelele. Kwake kwenzeka yini nawe waba sesimweni esifanayo? Uke wabhekana nesimo esavele sashintsha ukuphila kwakho ungalindele?
2 Nakuba siyizinceku zikaJehova ezithembekile, sibhekana nobunzima nokugula njengabo bonke abantu. Kungase kudingeke sikhuthazelele ukuphikiswa noma ukushushiswa abantu abazonda abantu bakaNkulunkulu. Nakuba uJehova engasivikeli kulobo bunzima, uthembisa ukuthi uzosisiza. (Isaya 41:10) Ngosizo lwakhe, singahlala sijabule, senze izinqumo ezinhle, siqhubeke siqotho naphezu kwezimo ezinzima kakhulu. Kulesi sihloko sizofunda ngezindlela ezine uJehova asisiza ngazo ngezikhathi ezinzima kakhulu ekuphileni kwethu. Sizoxoxa nangokuthi yini okudingeka siyenze ukuze sizuze osizweni asinikeza lona.
UJEHOVA UZOKUQAPHA
3. Lapho sehlelwa yinto ebuhlungu kakhulu, yini okungase kube nzima ukuyenza?
3 Inselele. Lapho sehlelwa yinto ebuhlungu kakhulu, kungase kube nzima ukucabanga kahle nokwenza izinqumo. Kungani? Kungoba kungenzeka ukuthi sisuke sizwa ubuhlungu obukhulu. Singase sikhungatheke ngenxa yokukhathazeka kakhulu. Singaba nomuzwa wokuthi sidukuza enkungwini futhi asiqiniseki ngokuthi sihambe kuphi. Phawula indlela odade ababili okukhulunywe ngabo ekuqaleni abazizwa ngayo lapho bevivinywa. U-Olivia uthi: “Ngemva kokuba isiphepho sicekele phansi umuzi wami, ngavele ngadideka ngasala ngikhungathekile.” Ngemva kokukhohliswa umyeni wakhe, uMonika uthi: “Angikaze ngidumale kanje. Ngezwa ubuhlungu obukhulu kwaba sengathi kukhona umuntu ongigwaza enhliziyweni. Kwakunzima ukwenza izinto engangijwayele ukuzenza. Ngangehlelwe yinto engangingakaze ngiyicabange.” UJehova uthembisa ukuthi uzosisiza kanjani lapho sicindezelekile?
4. NgokweyabaseFilipi 4:6, 7, yini uJehova asithembisa yona?
4 Lokho uJehova akwenzayo. Uthembisa ukusinika lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu.” (Funda eyabaseFilipi 4:6, 7.) Lokhu kuthula kubhekisela ekuzoleni esikuthola ngokuba nobuhlobo obuyigugu naye. Lokhu kuthula “okudlula konke ukuqonda”; kuhle ngendlela esingeke siyicabange. Kwake kwenzeka yini ngemva kokuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni wazizwa uzolile? Lowo muzwa ‘uwukuthula kukaNkulunkulu.’
5. Ukuthula kukaNkulunkulu kuziqapha kanjani izingqondo nezinhliziyo zethu?
5 EyabaseFilipi 4:7 iphinde ithi lokhu kuthula kukaNkulunkulu ‘kuzoqapha,’ noma kuvikele, ‘izinhliziyo zethu nemicabango yethu.’ Igama elithi ‘ukuqapha’ lalisetshenziswa ebusosheni, lalibhekisela emasosheni ayeqapha idolobha ukuze lingahlaselwa. Izakhamuzi zakulelo dolobha zazilala ngokuthula ngoba zazazi ukuthi kunamasosha aqaphe emasangweni. Ngendlela efanayo, lapho ukuthula kukaNkulunkulu kuqapha izinhliziyo nezingqondo zethu, siyazola ngoba siyazi ukuthi siphephile. (IHu. 4:8) Njengasendabeni kaHana, ngisho noma isimo esibhekene naso singashintshi ngokushesha, sisengakwazi ukuba nokuthula. (1 Sam. 1:16-18) Lapho sizolile, ngokuvamile kuba lula ukucabanga kahle nokwenza izinqumo ezihlakaniphile.
Thandaza kuze kube yilapho uzwa “ukuthula kukaNkulunkulu” kuqapha inhliziyo nemicabango yakho (Bheka izigaba 4-6)
6. Yini esingayenza ukuze sizuze ekuthuleni kukaNkulunkulu? (Bheka nesithombe.)
6 Okudingeka sikwenze. Lapho ubhekene nezinkinga, cela usizo kumqaphi. Kanjani? Thandaza kuze kube yilapho uzwa ukuthula kukaNkulunkulu. (Luka 11:9; 1 Thes. 5:17) ULuis, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wachaza ukuthi yini eyabasiza yena nomkakhe, u-Ana, lapho bethola ukuthi uzophila izinyanga ezimbalwa. Wathi: “Esikhathini esifana nalesi, kunzima kakhulu ukwenza izinqumo ezimayelana nokwelashwa nokwenza ezinye izinqumo. Kodwa umthandazo ubulokhu usisiza sibe nokuthula phakathi nalesi sikhathi.” ULuis nomkakhe bathi babethandaza ngokusuka enhliziyweni bengayeki, becela uJehova ukuba abanike ukuthula kwengqondo, inhliziyo ezolile nokuhlakanipha ukuze benze izinqumo ezihlakaniphile. Balubona usizo lwakhe. Uma ubhekene nobunzima, phikelela emthandazweni, uzokubona ukuthula kukaJehova kuqapha inhliziyo nengqondo yakho.—Roma 12:12.
UJEHOVA UZOKWENZA ULONDEKE
7. Singazizwa kanjani lapho sibhekene novivinyo olunzima?
7 Inselele. Lapho sibhekene novivinyo olunzima, indlela esizizwa nesicabanga ngayo ingasenza senze izinto ngendlela esingajwayele ukuzenza ngayo. Singaba nemizwa eshintshashintshayo. U-Ana, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wathi ngemva kokushona kukaLuis imizwa yakhe yayishintshashintsha. Wathi: “Lapho ngizizwa ngingedwa ngangizidabukela. Kwakungiphatha kabi ukuthi wayengasekho.” Ngezinye izikhathi, u-Ana wayeba nomzwangedwa, kwakumcasula ukwenza izinqumo ngokuvamile ezazenziwa uLuis. Ngezinye izikhathi, wayezizwa sengathi usolwandle olunesiphepho. UJehova usisiza kanjani lapho imizwa efana nalena iza inqwabelana?
8. Njengoba kuboniswe ku-Isaya 33:6, yini uJehova asiqinisekisa ngayo?
8 Lokho uJehova akwenzayo. Usiqinisekisa ngokuthi uzosinika ukulondeka. (Funda u-Isaya 33:6.) Lapho kunesiphepho olwandle, umkhumbi ungase uqale ukunyakaza ngendlela eyingozi uye ngapha nangapha. Ukuze unganyakazi ngale ndlela, eminingi inezinto ezinjengezigwedlo ezivundle ngapha nangapha eziba ngaphansi kwamanzi. Lezi zinto zingakunciphisa ngokuphawulekayo lokhu kunyakaza komkhumbi, zenze kuphephe futhi abagibeli bangabi sengozini noma bangakhathazeki kakhulu. Noma kunjalo, eziningi zalezi zinto zisebenza kahle uma umkhumbi uya phambili. Ngokufanayo, uJehova uzosenza silondeke uma ngezikhathi zovivinyo siya phambili ngokwethembeka.
Ukuze uthole ukulondeka sebenzisa amathuluzi okucwaninga (Bheka izigaba 8-9)
9. Amathuluzi ethu okucwaninga angasisiza kanjani sihlale silondekile? (Bheka nesithombe.)
9 Okudingeka sikwenze. Lapho ukhungethwe izinkinga, yenza konke okusemandleni ukuze wenze izinto ezikusondeza kuJehova. Yiqiniso, ungase ungakwazi ukwenza izinto eziningi obukwazi ukuzenza ngaphambili, kodwa khumbula ukuthi uJehova uyacabangela. (Qhathanisa noLuka 21:1-4.) Phakathi kwezinto ezikusondeza kuJehova, yiba nesikhathi sokwenza isifundo somuntu siqu nesokuzindla. Kungani? Kungoba ngenhlangano yakhe uJehova usinike imfundo enhle kakhulu esekelwe eBhayibhelini engasisiza sihlale silondekile. Ukuze uthole okudingayo, ungasebenzisa amathuluzi okucwaninga atholakala ngolimi lwakho, njenge-JW Library®, i-Watch Tower Publications Index ne-Ncwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. UMonika, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wathi usebenzisa amathuluzi okucwaninga ukuze athole izeluleko lapho ezizwa ekhungatheka. Ngokwesibonelo, wacwaninga ngegama elithi “intukuthelo.” Ngezinye izikhathi, wayecwaninga ngegama elithi “ukungathembeki” noma elithi “ubuqotho.” Ngemva kwalokho wayefunda kuze kube yilapho esezizwa engcono. Wathi: “Ngesikhathi ngiqala ukucwaninga ngangikhathazeke kakhulu, kodwa njengoba ngangiqhubeka ngifunda ngezwa sengathi uJehova uyangihaga. Njengoba ngangifunda, ngabona ukuthi uJehova uyayiqonda imizwa yami eshintshashintshayo nokuthi wayengisiza.” Usizo olunjalo oluvela kuJehova lungakusiza ulawule imizwelo yakho kuze kube yilapho uzizwa uzolile—IHu. 119:143, 144.
UJEHOVA UZOKUSEKELA
10. Singase sizizwe kanjani ngemva kwesehlakalo esibuhlungu?
10 Inselele. Ngemva kokwehlelwa isehlakalo esibuhlungu, kungenzeka ngezinye izinsuku uzizwe uphelelwa amandla emzimbeni nangokomzwelo. Singase sizizwe njengomsubathi olimele owayenejubane kodwa manje osexhuga. Kungase kube nzima ukwenza izinto okwakulula ukuzenza noma singase singabi nomdlandla wokwenza izinto esasikujabulela ukuzenza. Njengo-Eliya, singase sikuthole kunzima ukuvuka sifune ukuzilalela nje. (1 AmaKh. 19:5-7) Lapho sizizwa siphelelwa amandla, yini uJehova athembisa ukuyenza?
11. Iyiphi enye indlela uJehova asisiza ngayo? (IHubo 94:18)
11 Lokho uJehova akwenzayo. Uthembisa ukuthi uzosisekela. (Funda iHubo 94:18.) Njengoba nje umsubathi olimele edinga ukusekelwa ukuze aqhubekele phambili, nathi singase sidinge usizo ukuze sihlale sikhuthele enkonzweni kaJehova. Ngalezo zikhathi uJehova uyasiqinisekisa: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’” (Isaya 41:13) INkosi uDavide yaluthola lolu sizo. Lapho ibhekene novivinyo futhi ihlaselwa izitha, yathi kuJehova: “Isandla sakho sokudla siyangisekela.” (IHu. 18:35) Kodwa uJehova usisekela kanjani?
Yamukela usizo oluvela emndenini wakho, kubangani nakubadala (Bheka izigaba 11-13)
12. Obani uJehova angase abasebenzise ukuze basisize lapho siphelelwa amandla?
12 Ngokuvamile uJehova usisekela ngokuthi enze abanye basisize. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi lapho uDavide ayezizwa ephelelwa amandla, umngani wakhe uJonathani wamvakashela ukuze amqinise futhi amkhuthaze. (1 Sam. 23:16, 17) Ngokufanayo, uJehova wakhetha u-Elisha ukuba asize u-Eliya ngezindlela ezingokoqobo. (1 AmaKh. 19:16, 21; 2 AmaKh. 2:2) Namuhla, uJehova angase asebenzise imindeni yethu, abangani noma abadala ukuze asisekele. Kodwa lapho siphatheke kabi, singase singathandi ukuba nabantu. Sifuna ukuba sodwa. Kungokwemvelo lokho. Yini esingayenza ukuze uJehova asisekele?
13. Yini okudingeka siyenze ukuze sizuze ekusekelweni uJehova? (Bheka nesithombe.)
13 Okudingeka sikwenze. Yilwa nesifiso sokuba unkom’ idla yodwa. Lapho sizihlukanisa, ngokuvamile asibe sisacabanga lutho olunye, sicabanga ngathi nangezinkinga ezisikhungethe. Le ndlela yokucabanga ingathonya izinqumo esizenzayo. (IzAga 18:1) Yiqiniso, sonke siyasidinga isikhathi sokuba sodwa, ikakhulukazi lapho sehlelwe izinto ezibuhlungu. Nokho, uma sizihlukanisa isikhathi eside singase singalutholi usizo lwabantu uJehova abasebenzisayo ukuze asisekele. Ngakho nakuba kungase kube nzima ngesikhathi sosizi, yamukela usizo oluvela emndenini wakho, kubangani nakubadala. Qaphela ukuthi uJehova usebenzisa bona ukuze akusekele.—IzAga 17:17; Isaya 32:1, 2.
UJEHOVA UZOKUDUDUZA
14. Yiziphi izimo ezesabisayo esingase sibhekane nazo?
14 Inselele. Singase sizizwe sesaba ngezinye izikhathi. EBhayibhelini, izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu zikhuluma ngesikhathi lapho zazicindezelekile futhi zithuthumela ngenxa yezitha zazo noma ngenxa yezinye izingcindezi. (IHu. 18:4; 55:1, 5) Nathi singase sibhekane nokuphikiswa esikoleni, emsebenzini, emndenini noma siphikiswe uhulumeni. Singase sesabe nokuthi sizofa ngenxa yenkinga ethile yempilo. Ngezikhathi ezinjalo, singase singazi ukuthi sizothathani sihlanganise nani. UJehova usisiza kanjani ngalezo zikhathi?
15. IHubo 94:19 lisiqinisekisa ngani?
15 Lokho uJehova akwenzayo. Uyasiduduza asenze sizole. (Funda iHubo 94:19.) Leli hubo lingase lisenze sicabange ngentombazanyana ethukile engakwazi ukulala ngenxa yokuduma kwezulu. Ngeso lengqondo singase sibone ubaba wayo engena, ayiqukule, ayigone kuze kube yilapho izumeka. Nakuba izulu lisuke lisaduma liqeqebula, njengoba uyise eyigonile izizwa iphephile. Lapho sibhekene novivinyo olusesabisayo, ngomqondo ongokomfanekiso sidinga uBaba wethu osezulwini asibambe kuze kube yilapho imizwa yokucindezeleka iphela. Singayithola kanjani le nduduzo evela kuJehova?
Vumela uBaba wakho osezulwini akududuze ngemiBhalo (Bheka izigaba 15-16)
16. Yini esingayenza ukuze sizuze enduduzweni kaJehova? (Bheka nesithombe.)
16 Okudingeka sikwenze. Chitha isikhathi njalo noJehova—ngokuthandaza nangokufunda iZwi lakhe. (IHu. 77:1, 12-14) Lapho usucindezelekile cishe into yokuqala oyoyenza ukucela usizo lukaBaba wakho osezulwini. Tshela uJehova izinto ozesabayo nezikukhathazayo. Mvumele akhulume nawe futhi akududuze ngemiBhalo. (IHu. 119:28) Ungase uthole ukuthi izincwadi ezithile zeBhayibheli zingakududuza ngokukhethekile lapho wesaba. Ngokwesibonelo, ungase uthole isikhuthazo encwadini kaJobe, eyamaHubo neyezAga nasemazwini kaJesu atholakala kuMathewu isahluko 6. Njengoba uthandaza kuJehova ufunda neZwi lakhe, uzomuzwa ekududuza.
17. Yini esingaqiniseka ngayo?
17 Singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosisekela ngezikhathi ezinzima. Asisoze saba sodwa. (IHu. 23:4; 94:14) UJehova uthembisa ukuthi uzosiqapha, asilonde, asisekele, asiduduze. U-Isaya 26:3 uthi ngoJehova: “Uyobaqapha labo abancika kuwe ngokuphelele; uyobanika ukuthula okuhlala njalo, ngoba bathembele kuwe.” Ngakho thembela kuJehova, uzisebenzise izindlela akusiza ngazo. Uma wenza kanjalo, uyothola amandla amasha ngisho nangezikhathi ezinzima.
UNGAPHENDULA KANJANI?
Kunini lapho singase siludinge ngokukhethekile usizo lukaJehova?
Yiziphi izindlela ezine uJehova asisiza ngazo lapho sicindezelekile?
Yini esingase siyenze ukuze sizuze osizweni lukaJehova?
INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova
a Amanye amagama ashintshiwe.