Lapho Uthando Lungaboni
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN
AKE ucabange ufuna umakoti kodwa ukwazi ukubona izinto eziseduze kuphela kanti izintombi ezifanelekayo zitholakala uma sekuhwalele kuphela. Lolu usizi lwebhu lesilisa i-emperor moth. Kodwa lesi sinambuzane esiphambili sinezici ezithile ezikwenza kube lula ukubhekana nale nselele enkulu.
Phakathi nezinyanga zasehlobo, lesi sesheli sethu sichitha izinsuku zaso njengecimbi elikhuluphele elifobela konke ukudla elingakuthola. Ngakho, entwasahlobo elandelayo, lapho liphuma egobolondweni lalo, leli bhu elikhazimulayo lisuke selinokudla okwanele ukuba kulilonde konke ukuphila kwalo okufushane.
Njengoba izinkinga zokudla sezixazululiwe, ibhu i-emperor moth selingagxila ekufuneni umngane. Noma kunjalo, ukuba belingathwali ithuluzi elithile eliwusizo, bekuyoba nzima kakhulu ukuthola owesifazane ngonyezi kuphela.
Ekhanda elincane laleli bhu kunezimpondo ezimbili ezimile njengezikahlinzamfuku ontekenteke. Lezi zimponjwana kungenzeka zingamathuluzi ayinkimbinkimbi ukuwedlula wonke emhlabeni okuhogela iphunga. Ngaphezu kwalokho, zikwazi ukuhogela i-pheromone, noma “amakha,” akhishwa yibhu lensikazi ngokuzithandela.
Nakuba izinsikazi zimbalwa futhi ziyindlala, i-pheromone yazo enamandla injengewozawoza. Izimpondo zebhu lesilisa zizwela ngokushesha kangangokuthi zikwazi ukuthungatha insikazi eqhele cishe ngamakhilomitha angu-11. Ngakho ekugcineni zonke izithiyo ziyanqotshwa, futhi ibhu lesilisa lihlangana nentombi yalo. Uthando olungaboni lungasebenza ezinambuzaneni—okungenani kule ndaba.
Indalo kaNkulunkulu igcwele imininingwane ethakazelisayo nemiklamo engavamile njengalena! Umhubi wabhala: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha.”—IHubo 104:24.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
© A. R. Pittaway