Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 4/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkampani Kagwayi Iyavuma Ukuthi Ukubhema Kubanga Umdlavuza
  • Izimpawu Zezwe Eziphelayo
  • Isikhathi Sihlale Singekho
  • Ukuba Umlutha Wokugembula E-Australia
  • Ukulwa Nokucindezeleka
  • Ubuthi Bobuhle
  • “UNkulunkulu Ungakuluphi Uhlangothi?”
  • Imisebenzi Eyingozi
  • Izinyoni Ezihlakaniphile!
  • Imali Engcolile
  • “Igciwane Elandé Kakhulu Elithwalwa Igazi”
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
  • Amalungu Amasha Okugembula—Intsha!
    I-Phaphama!—1995
  • Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ukugembula Kuwafanele AmaKristu?
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 4/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Inkampani Kagwayi Iyavuma Ukuthi Ukubhema Kubanga Umdlavuza

Ngemva kwamashumi eminyaka okuphikisana ngalokho okwatholwa izikhulu ezihlukahlukene zezokwelapha, iPhilip Morris, inkampani enkulu kunazo zonke izinkampani zikagwayi e-United States, manje iyavuma ukuthi ukubhema kubanga umdlavuza wamaphaphu nezinye izifo ezibulalayo. Iphephabhuku lale nkampani lithi: “Kunokuvumelana okukhulu phakathi kwezokwelapha nezesayensi ngokuthi ukubhema kubanga umdlavuza wamaphaphu, isifo senhliziyo, i-emphysema nezinye izifo ezingathi sína kwababhemayo.” I-New York Times iphawula ukuthi “ngaphambili, inkampani yayimi . . . ekutheni ukubhema ‘kuyisici esiyingozi’ noma ‘isici esiyimbangela’ yezifo ezinjengomdlavuza wamaphaphu, hhayi ukuthi kwakuzibangela lezo zifo.” Nokho, nakuba ivuma, le nkampani ithi: “Siyaziqhenya ngezinhlobo zikagwayi wethu nemikhankaso yokuwukhangisa eye yawusekela phakathi nale minyaka.”

Izimpawu Zezwe Eziphelayo

Izinqolobane ezinde zommbila ziyanyamalala kancane kancane ezinkangala ezisentshonalanga yeCanada. Izinqolobane zommbila zafinyelela inani eliphakeme ngo-1933 lapho kwakunezingu-5 758 ezazigcwele emaphandleni. Kusukela lapho, leli nani liye lehla laze lafika ku-1 052. Isizathu? Omunye umuntu owazibonela ukubhidlizwa kwalezi zinqolobane washo ngokudabuka: “Izikhathi zishintshile ngempela. Ezolimo manje sekungezolimo eziyibhizinisi. Ipulazi lomkhaya liyaphela. Kanjalo nezinqolobane zommbila.” Umagazini i-Harrowsmith Country Life ubika ukuthi: “Izinkangala ezingenazo izinqolobane zommbila ziyoba njengeVenice engenayo imisele, neNew York engenazo izakhiwo eziphakeme noma iBrithani engenazo izinkantini.” Amaqembu abheka izinto ezithathwa kancane azama ukulondoloza lokho okubhekwa njengezakhiwo eziwuphawu lwezimfunda zaseCanada. Enye inqolobane yaphendulwa umnyuziyamu enye yaphendulwa indawo yokudlela eba nemidlalo yaseshashalazini.

Isikhathi Sihlale Singekho

Iphephandaba laseJalimane i-Gießener Allgemeine libika ukuthi kulo lonke elaseYurophu abantu abaningi bazizwa bempintshwe isikhathi. Kuyefana nje noma abantu besebenza kude nasekhaya noma benza umsebenzi wasekhaya noma bengcebeleka. Isazi sezokuhlalisana kwabantu uManfred Garhammer, we-Bamberg University, sithi: “Abantu balala kancane, badla begijima futhi bazizwa bexinwe isikhathi emsebenzini kunaseminyakeni engu-40 edlule.” Lesi sazi sathola ukuthi ukuphila kwansuku zonke sekuyashesha kuwo wonke amazwe aseYurophu esasiwahlolile. Izinto zasezindlini zokwenza imisebenzi ethile nokuncishiswa kwamahora emsebenzini akuzange kulethe “umphakathi ongcebelekayo” noma “kwandise isikhathi.” Kunalokho, ngokwesilinganiso, isikhathi sokudla siye sancishiswa ngemizuzu engu-20 futhi esokulala ebusuku sancishiswa ngemizuzu engu-40.

Ukuba Umlutha Wokugembula E-Australia

I-Australian ibika ukuthi: “Manje ukugembula sekuyinkinga engokwempilo engathi sína e-Australia, ethinta ngokuqondile okungenani abantu abangu-330 000 abayimilutha yokugembula.” Ngokwaleli phephandaba, emishinini emihlanu yokugembula esemhlabeni wonke, owodwa use-Australia, lapho kugembula khona abantu abadala abangamaphesenti angu-82. Ikhomishani ecwaninga ngemboni yokugembula yase-Australia yathola ukuthi amaphesenti angu-2,3 abantu abadala base-Australia anenkinga engathi sína yokugembula. Kulaba, abangamaphesenti angu-37 bathi babeke bacabanga ukuzibulala, abangaphezu kwamaphesenti angu-11 babeke bazama ukuzibulala futhi abangamaphesenti angu-90 bathi babecindezeleké kakhulu ngenxa yokugembula kwabo. Ikhomishani yacela ukuba kulungiswe imishini yokugembula futhi yasikisela ukuba kubekwe izimpawu zokuxwayisa ezindaweni zokugembula.

Ukulwa Nokucindezeleka

Ingabe uzizwa ucindezelekile? Njengoba kwabikwa kuyi-El Universal, i-Mexican Institute of Social Security isikisela lezi ziqondiso ezilandelayo zokukusiza ukuba ulwe nokucindezeleka. Lala ngezinga elidingwa umzimba wakho—phakathi kwamahora ayisithupha kuya kwayishumi ngosuku. Yidla ukudla kwasekuseni okuphelele nokunomsoco, ukudla kwasemini okusesilinganisweni nokudla kwantambama okulula. Futhi, ochwepheshe batusa kakhulu ukuthi unciphise ukudla ukudla okunamafutha amaningi, unciphise usawoti owufakayo futhi uma usuneminyaka eyevile kwengu-40, unciphise ubisi noshukela. Zama ukuthola isikhathi sokuzindla endaweni ethulile. Nciphisa ukucindezeleka nangokuzigcina usondelene nemvelo.

Ubuthi Bobuhle

I-Toronto Star ibika ukuthi inqubo yokwenza umuntu abe muhle ehilela ukujova ngomjovo one-botulinum enobuthi obubulalayo manje isiyasetshenziswa ukuze kuqedwe imibimbi. Lobu buthi bukhubaza izicubu ezithile ebusweni, okuthi ngezinsuku ezimbalwa ziphelelwe yisimo sazo, okubangela ukuba imibimbi yeluleke. Le nqubo yokwelapha ithatha cishe izinyanga ezine futhi ishiya isiguli sibukeka sisisha. Nokho, kukhona ingozi ngayo. Lo mbiko uxwayisa ngokuthi “kulabo abayisebenzisayo imibimbi iyaphela, kodwa ayaphela namandla okukhuphula amashiya lapho bemangele, nawokumomotheka kuze kubonakale emehlweni nawokuswaca. Lena yindaba yokuzimisela “ukukhubaza izingxenye zobuso bakho ukuze ube muhle ubukeke umusha,” kusho leli phepha.

“UNkulunkulu Ungakuluphi Uhlangothi?”

Umlobeli wephephandaba lezemidlalo uSam Smith wabhala: “Angiqondile ukululaza izinkolelo zanoma ubani, kodwa akukona yini ukweqisa lokhu kuboniswa obala kokuba amakholwa emidlalweni? Kungani abadlali bebhola bethandaza ngemva kokufaka igoli?” Bona labo badlali abahlanganayo ukuze bathandaze ngemva komdlalo bangabonakala “beqalekisa izintatheli” ezindlini zokushintsha noma “bezama ukulimaza abadlali” lapho umdlalo usashisa, kuphawula uSmith. Uthi, ukucabanga ukuthi uNkulunkulu uthanda elinye iqembu kunelinye “kubonakala kululaza ukukholelwa kuNkulunkulu.” Ngakho-ke, isihloko sakhe saphetha: “Umdlalo mawube umdlalo.”

Imisebenzi Eyingozi

Yimiphi imisebenzi eyishumi eyingozi kakhulu? Ngokwezibalo ezahlanganiswa i-U.S. Bureau of Labor Statistics, abagawuli bezihlahla babehamba phambili ohlwini ngokufa kwezisebenzi ezingaba ngu-129 ezisebenzini ezingu-100 000, kulandele abadobi namatilosi ngokufa kwezisebenzi ezingu-123 nezingu-94 ngokulandelana ezisebenzini ezingu-100 000. Njengoba kwakubhalwe ngokulandelana kwezibalo kusuka kwezinkulu kwehle, eminye imisebenzi eyingozi yileyo yabashayeli bamabhanoyi, izisebenzi ezisebenza ngensimbi, abavukuzi basezimayini, izisebenzi zezinkampani zokwakha, abashayeli bamatekisi, abashayeli bamaloli nezisebenzi zasemapulazini. Nokho, i-Scientific American ibika ukuthi “isilinganiso sabo bonke abafayo emsebenzini—izisebenzi ezingu-4,7 kwezingu-100 000—siye sancipha ngamaphesenti angaba yishumi” eminyakeni emihlanu edlule.

Izinyoni Ezihlakaniphile!

I-Terre Sauvage, umagazini wemvelo waseFrance, uyabika: “Ondlunkulu eCalcutta bayakugwema ukungenwa umalaleveva.” Ochwepheshe baye baphawula ukuthi njengoba sekwande umalaleveva, ondlunkulu manje sebendiza baye kude beyofuna amaqabunga esihlahla esidume ngokuba ne-quinine ezimilelayo, ewumuthi olwa nomalaleveva. Ngaphezu kokusebenzisa la maqabunga ukuze zendlalele izidleke zazo, lezi zinyoni ngokusobala ziyawadla. “Njengoba ondlunkulu bewathanda amadolobha kodwa bewusaba umalaleveva, kubonakala sengathi sebeyitholile indlela yokuzivikela,” kuphawula lo magazini.

Imali Engcolile

Iphephandaba i-Guardian libika ukuthi ingaphezu kwamaphesenti angu-99 imali yaseLondon engamaphepha engcoliswe i-cocaine. Ochwepheshe bahlola imali engamaphepha engu-500 bathola ukuthi engu-496 yayinezici zokungcoliswa yilesi sidakamizwa. Imali engamaphepha iqala ukungcola lapho iphethwe abadayisi bezidakamizwa. Kamuva, le mali ingcolisa enye imali lapho ihlelwa imishini yasebhange noma igcinwa ndawonye. I-cocaine isiye yaba isidakamizwa sokuzijabulisa esanda ngokushesha eBrithani phakathi kwalabo abaneminyaka engu-20 kuya kwengu-24. Ngokwe-Youth Awareness Project egxiliswe eLondon, intsha isebenzisa i-cocaine ngoba inomuzwa wokuthi ithuthukisa idumela layo futhi iyinika amandla.

“Igciwane Elandé Kakhulu Elithwalwa Igazi”

Umbiko we-Associated Press uthi: “Okungenani amaMelika ayizigidi ezingu-2,7 anegciwane lesifo sokusha kwesibindi kohlobo C, okulenza libe igciwane elandé kakhulu elithwalwa igazi e-United States.” Ngokuyinhloko ukusha kwesibindi kohlobo C kuthathelwana ngokuhlangana ngokobulili noma ngegazi elinegciwane. Labo abasengozini enkulu yokuthola lesi sifo yilabo abazijova ngezidakamizwa abasebenzisa izinaliti ezisetshenziswe abanye nalabo abahlanganyela ubulili obungaphephile. Kodwa leli gciwane lingase futhi lisakazwe yilabo abadweba imizimba nabatshopayo abangazihlanzi kahle izinto abazisebenzisayo. Abantu abaye bampontshelwa igazi basengozini nabo. Minyaka yonke, abantu abangaba ngu-1 000 e-United States bafakelwa isibindi ngenxa yokwehluleka kwesibindi ukusebenza okubangwa yileli gciwane.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela