Liyini Ithemba Ngengculaza E-Afrika Enkulungwaneni Entsha Yeminyaka?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EZAMBIA
NGONYAKA odlule ngo-September izihambeli ezivela ezingxenyeni ezihlukene ze-Afrika zahlangana eLusaka, eZambia, zize kuyi-International Conference on AIDS and STDs ye-11 e-Afrika. Enye yezinjongo zale ngqungquthela kwakuwukukhuthaza ukubambisana phakathi kwezifunda ekuphenduleni lo mbuzo, Singalwisana kanjani nokusakazeka kwengculaza e-Afrika?
UProfesa Nkandu Luo, owayengungqongqoshe wezempilo eZambia ngaleso sikhathi, wathi isimo e-Afrika nakwezinye izingxenye zamazwe asathuthuka “sibi kakhulu,” enezela uthi “simisa noma ngisho sihlehlisele emuva enye yentuthuko ebalulekile eseyenziwe emkhakheni wezempilo nakowezenhlalo nezomnotho.”
Uchungechunge ngokuphepha kwegazi lwavuma ukuthi ingculaza iye yadluliselwa ngokumpontshelwa igazi. Omunye udokotela, ongummeleli we-Blood Safety Unit ye-World Health Organization waphawula ukuthi nakuba ukuhlangana ngokobulili nomuntu onegciwane kungalidlulisi ngaso sonke isikhathi igciwane lengculaza, umuntu ompontshelwa igazi elinengculaza uzolithola—noma kanjani! Ngesizathu esihle, lo dokotela wathi ngenxa yalokho, “okuphephile ukuba limane lingampontshelwa nhlobo igazi.”
Le ngqungquthela yagcizelela ukuthi izindleko ezimba eqolo zokwelashwa zikwenza kube nzima uma kungekhona ukuthi zikwenza kungenzeki nhlobo ngalabo abanengculaza ukuba bakwazi ukukhokhela ukunakekela kwezempilo. Ngokwesibonelo, ngokwesilinganiso, umuntu wase-Uganda osedolobheni uhola imali engamaRandi angu-1 200 ngenyanga. Kodwa ukwelashwa okulwa namagciwane kungabiza imali engamaRandi angu-6 000 ngenyanga!
Ingqungquthela yaseLusaka yabonisa ukuthi ukuqala kwenkulungwane entsha yeminyaka akulethanga khambi elilula ekusakazekeni kwengculaza. Nokho, abafundi beBhayibheli bayaqaphela ukuthi ekugcineni ikhambi lakho konke ukugula likuMdali, uJehova uNkulunkulu, othembisa ukuthi ezweni lakhe elisha, “abakhe khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 31]
UProfesa Nkandu Luo
[Umthombo]
Photograph by permission of E. Mwanaleza, Times of Zambia