Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 6/22 k. 3
  • Inkulumo-ze Ingaba Yingozi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkulumo-ze Ingaba Yingozi
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungakhohliswa Izinkulumo Ezingamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ukusetshenziswa Kabi Kokwaziswa
    I-Phaphama!—2000
  • Kungani “Kunenkulumo-ze”?
    I-Phaphama!—1991
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 6/22 k. 3

Inkulumo-ze Ingaba Yingozi

“Amanga angasakazeka engxenyeni yomhlaba kuyilapho iqiniso lisagqoka izicathulo.”—UMARK TWAIN.

“MJUDA ndini!” kubhoka uthisha, njengoba ayeshaya umfundi wakhe oneminyaka engu-7 ngempama. Wabe esemema ikilasi lonke ukuba lishaye ujenga lizomkhafulela ebusweni.

Bobabili uthisha nomfundi—ongumshana wakhe—babazi kahle kamhlophe ukuthi umfana nabazali bakhe abawona amaJuda ngokozalo. Futhi babengewona amaJuda nangokwenkolo. Kunalokho, babengoFakazi BakaJehova. Esizakala ngokubandlululwa kwamaJuda okwandile, lo thisha wayekhuthaza ukuba kuzondwe lo mfundi. Kwase kuyiminyaka lo thisha kanye nabafundi bekilasi lakhe betshelwa ngumpristi wabo ukuthi oFakazi BakaJehova abazinto zalutho. Abazali balo mfana baye babizwa ngokuthi amaKhomanisi nangokuthi amanxusa e-CIA (Central Intelligence Agency). Nembala abafundi abafunda nalo mfana bashaya ujenga sebezomkhafulela ebusweni lo “mJuda ndini.”

Lo mfana wasinda wakwazi ukulandisa indaba yakhe. Kodwa akunjalo ngezigidi eziyisithupha zamaJuda ezazihlala eJalimane nasemazweni aseduze eminyakeni engaba ngu-60 edlule. Inkulumo-ze ekhohlakele yayiyithuluzi lokubulala lawo maJuda ayesemajele anegesi enoshevu nasemakamu okuhlushwa. Ukungafunwa kwenkolo yamaJuda okusakazekile, okujulile, okungahloliwe nokunonya kwabangela abaningi ukuba babheke amaJuda njengezitha okwakudingeka ziqothulwe futhi kube kufanele. Kulokho, inkulumo-ze yaba isikhali sokubulala abantu abaningi.

Yebo, inkulumo-ze ingabonakaliswa obala ngokusetshenziswa kwezifanekiselo zenzondo njenge-swastika noma icashe emahlayeni amabi. Amasu ayo athonyayo avame ukusetshenziswa omashiqela, abezombangazwe, abefundisi, abakhangisi, abadayisi, izintatheli, abasakazi basemsakazweni nabakuyi-TV, abamaphephandaba nabanye abathanda ukuthonya imicabango nemikhuba yabanye.

Yebo, imiyalezo yenkulumo-ze ingase isetshenziselwe izinjongo eziwusizo emphakathini, njengemikhakhaso yokunciphisa ukushayela udakiwe. Kodwa futhi inkulumo-ze ingasetshenziselwa ukubhebhethekisa inzondo yobuhlanga noma ngezinye izinkolo ezincane noma ukuyenga abantu ukuba bathenge ugwayi. Abacwaningi u-Anthony Pratkanis no-Elliot Aronson bayaphawula: “Nsuku zonke sihlaselwa ngentilibathwa yezingxoxo ezihungayo. Lezi zinkulumo azithonyi ngokuba nixoxisane futhi kube nenkulumo-mpikiswano, kodwa ngokusizakala ngamasiko nangemizwelo yethu yobuntu eyinhloko. Kungakhathaliseki ukuthi kuzoba nemiphumela emihle noma emibi, inkathi yethu yinkathi yenkulumo-ze.”

Inkulumo-ze iye yasetshenziswa kanjani ekuthonyeni imicabango nezenzo zomuntu phakathi namakhulu eminyaka? Yini ongayenza ukuze uzivikele kuyinkulumo-ze eyingozi? Ingabe ukhona umthombo wokwaziswa okunokwethenjelwa? Le mibuzo kanye neminye izophendulwa ezihlokweni ezilandelayo.

[Isithombe ekhasini 3]

Inkulumo-ze yayisetshenziselwa ukwenza amaJuda izisulu phakathi nokuQothulwa Kwesizwe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela