Ukusiza Intsha Ukuba Iphunyule “Emkhubeni Wokubulala”
Yini eyenza intsha namuhla ibonakale inesithakazelo ekufeni? UHenry Hyde omelele isifundazwe sase-Illinois, e-U.S.A., wathi: “Le ntsha inendlala engokomoya eyaneliswa umkhuba wokufuna ukubulala nobudlova.”
UMFUNDI we-Time wabhala: “Abazali abavilaphayo, ezokuzijabulisa ezinobudlova nokuntuleka kokuziphatha nokuqeqeshwa okungokomoya okuyimbangela yokuthambekela ekufeni okutholakala entsheni yethu namuhla.”
Ukuba nesizungu kungenye yezinkinga ezinkulu ezihlasela intsha. Enye ihlala emikhayeni enabazali abasebenzayo futhi abahlale bengekho ingxenye enkulu yosuku; enye ihlala nomzali oyedwa kuphela. Omunye umthombo uthi abasha e-United States bachitha amahora amathathu nengxenye bebodwa nsuku zonke futhi isikhathi abasichitha nabazali babo isonto ngalinye singaphansi ngamahora angu-11 kunesikhathi izingane ezazisichitha nabazali eminyakeni yawo-1960. Empeleni, enye intsha ayihlali nabazali futhi ayikutholi ukusekela kwabo okungokomzwelo.
Lokho Abazali Abangakwenza
Uma sicabangela “indlala engokomoya” ebekezelelwa yintsha, ibaluleke kangakanani indima yabazali? Abazali abahlakaniphile bayaqonda ukuthi izingane zabo ziyakudinga ukuzijabulisa okwakhayo kodwa ngakolunye uhlangothi, zidinga ukusekelwa okuqhubekayo komuntu siqu. Beshukunyiswa isithakazelo esinothando, abazali bangaxoxa nazo ngomculo eziwuthandayo, izinhlelo zethelevishini, ama-video, izincwadi, imidlalo yama-video namabhayisikobho eziwakhethayo. Nakuba intsha ingase ingakusho, eningi iyakuthanda ukusondelana ngokomzwelo nabazali bayo nokuqondisa kwabo okunothando. Idinga izimpendulo eziqondile ngoba iphila ezweni eligcwele ukuthandabuza. Abantu abadala kufanele baqonde ukuthi izingane zibhekene nezwe eliyinkimbinkimbi kakhulu kunalelo bona ababebhekene nalo besebasha.
Abazali abafisa ukuvikela izingane zabo bayoxoxa nazo njalo, bazilalele ngokucophelela, futhi bazixwayise ngezingozi ezihilelekile emikhubeni yesimanje. Uma abazali bebeka imingcele eqinile, bengaguquguquki futhi ngokubonelela bebonisa uthando olungokomzwelo ezinganeni zabo, ngokuvamile bayothola imiphumela emihle.—Mathewu 5:37.
Abazali abangoFakazi BakaJehova benza umzamo wokuxoxa njalo nezingane zabo, besebenzisa iBhayibheli nezincwadi kanye nama-video okusekelwe eBhayibhelini.a Abasebenzisi izikhathi ezinjalo ukuze basole izingane zabo, kodwa ukuba bacabangele izinto ezakhayo ngokomoya. Kule mibuthano yomkhaya, balalela izinkinga noma izinselele ezithinta ingane ngayinye ukuze intsha ithole ukunakekelwa komuntu siqu.
Intsha engakutholi ukuqondiswa okungokomoya kubazali bayo ingathola amandla encwadini yeHubo 27:10, ethi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” UJehova, uBaba onomusa, uyisiza kanjani intsha? Amabandla oFakazi BakaJehova ayisiphephelo lapho abaningi bethola khona uthando lwabanye abantu futhi bakuqeda konke ukungabaza ababenakho. UJosías, insizwa eyakuthola kuyiqiniso lokho, uyaphawula: “Inhlangano kaJehova ifeza indima ebalulekile. Nganginomuzwa wokuthi ukuphila akusizi ngalutho. Ngangiphila ukuphila okungenanjongo, okungenathemba. Ukwazi ukuthi angingedwa kwakushintsha ngokuphelele ukuphila kwami. Umkhaya wabazalwane ebandleni wavala isikhala somkhaya owawungilahlekele. Abadala nemikhaya esebandleni banjengehange ngomqondo ongokomzwelo.”
Empeleni, intsha eningi nabantu abadala baye bayithuthukisa impilo yabo engokwengqondo nengokomoya ngokuba khona njalo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Isazi semvelaphi yabantu uPatricia Fortuny, endabeni yaso ethi Los Testigos de Jehová: una alternativa religiosa para enfrentar el fin del milenio (OFakazi BakaJehova: Enye Indlela Engokwenkolo Yokubhekana Nokuphela Kwenkulungwane Yeminyaka) saphawula ngaleli thonya elihle: “OFakazi BakaJehova banendlela ecacile nesobala yokuziphatha okuhlelekile okumelwe kusetshenziswe ekuphileni kwansuku zonke, isimiso esinembile esisebenza njengesiqondiso ekucabangeni nasekwenzeni.” ‘Indlela yokuziphatha’ kanye ‘nesimiso’ okubhekiselwe kukho lapha kusekelwe eBhayibhelini. Ngakho-ke, nakuba oFakazi BakaJehova bebhekana nezinkinga nezingcindezi njengomakhelwane babo, bathola amandla ekuhlakanipheni okuyingqayizivele kwaleyo ncwadi yamandulo. Yebo, oFakazi bathola isiphephelo ezimfundisweni ezicacile nasezimisweni ezitholakala eBhayibhelini.
Lapho ‘Ukufa Kuyobe Kungasekho’
Imfundo etholakala emaHholo OMbuso OFakazi BakaJehova ngokuphindaphindiwe igcizelela isithembiso sikaNkulunkulu somhlaba omusha ozoqala ngokushesha, lapho ‘kuyohlala khona ukulunga’ futhi lapho ‘kungeke kube khona oyakubesabisa.’ (2 Petru 3:13; Mika 4:4) Ngaphezu kwalokho, umprofethi u-Isaya waloba ukuthi ngaleso sikhathi uNkulunkulu “uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” Uhlanga lwesintu lwahlaselwa ukufa ngenxa yokona komuntu wokuqala, u-Adamu, kodwa isithembiso sikaNkulunkulu siwukuthi ngokushesha “ukufa ngeke kusaba khona.”—Isaya 25:8; IsAmbulo 21:3, 4; Roma 5:12.
Uma ungumuntu osemusha ofuna usizo, sikumema ukuba uthole ithemba nesizathu sokuphila, emakhasini eBhayibheli. Ngosizo loFakazi BakaJehova, ungaba nethemba lokuthi izikhathi ezingcono kakhulu ziseza ezweni elisha uNkulunkulu alethembisayo.
[Umbhalo waphansi]
a I-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends?, ikhiqizwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. Okwamanje itholakala ngesiNgisi, futhi inikeza intsha usizo olusebenza ngokoqobo.
[Isithombe ekhasini 9]
Abazali kufanele bazinike isikhathi sokuba bazilalelisise ngempela izingane zabo futhi baziqonde izinkinga zazo
[Izithombe ekhasini 10]
“OFakazi BakaJehova banendlela ecacile nesobala yokuziphatha okuhlelekile okumelwe kusetshenziswe ekuphileni kwansuku zonke”