Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 22. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Ubani owabonwa umphostoli uJohane “phakathi kwezinti zezibani,” emnikeza izigijimi zamabandla ayisikhombisa? (IsAmbulo 1:13)
2. Esikhundleni sokuvuma ukuba ‘sinqotshwe okubi,’ yini uPawulu aseluleka ukuba siyenze? (Roma 12:21)
3. UJesu wayesho ukuthini uma ethi: “Uma othile osegunyeni ekucindezela ukuba wenze inkonzo imayela elilodwa, hamba naye amamayela amabili”? (Mathewu 5:41)
4. Kunokwaluka izinwele nokufaka imihlobiso yegolide, uPetru waluleka abafazi abangamaKristu ukuba bazihlobise ngani? (1 Petru 3:3, 4)
5. U-Isaya wambiza ngokuthini u-Abrahama, ebonisa ukuthi wayengubaba wesizwe sakwa-Israyeli? (Isaya 51:1)
6. Kungani uDavide, lapho esemgedeni wase-Adulamu, enqaba ukuphuza amanzi aseBetlehema alethwa amaqhawe amathathu kuye? (2 Samuweli 23:15-17)
7. Wayenzani uBati-sheba ngesikhathi uDavide eqala ukumbona? (2 Samuweli 11:2)
8. UPawulu wathi izinhliziyo zamaKristu aseKorinte zazilotshwe ngani, esikhundleni sikayinki? (2 Korinte 3:3)
9. UJehova wasisusa ngani isikhonyane esasiyinhlupho yesishiyagalombili, ukuze kungasali nesisodwa eGibithe? (Eksodusi 10:19)
10. UJehova wambulala ngazizathu zini uSawule? (1 IziKronike 10:13)
11. UPawulu wayishintsha kusiphi isikhumulo imikhumbi lapho eyisiboshwa eya eRoma? (IzEnzo 27:5)
12. UJehova wakubonisa kanjani ukukhathalela kwakhe abafelokazi nezintandane kwa-Israyeli wasendulo? (Eksodusi 22:22-24; Duteronomi 24:17-21)
13. Sethiwa ngaliphi igama isiganga esathengwa abapristi ngemali uJuda ayilahla ethempelini? (Mathewu 27:3-8; IzEnzo 1:19)
14. Kungani uPetru amthethisa kangaka uSimoni lapho ekhipha imali ukuze athole igunya lokudlulisa umoya ongcwele? (IzEnzo 8:20, 21)
15. Wayeneminyaka emingaki uSara lapho ezala u-Isaka? (Genesise 17:17)
16. U-Elimeleki nomkakhe, uNawomi, bathuthela kuliphi izwe ngenxa yendlala, lapho indodana yabo uMahaloni yafike yashada khona noRuthe? (Ruthe 1:1-4)
Izimpendulo Zemibuzo
1. UJesu Kristu, uJohane amchaza ngokuthi “othile ofana nendodana yomuntu”
2. ‘Siqhubeke sinqoba okubi ngokuhle’
3. Wayebonisa isidingo sokuzithoba ngokuzithandela ezintweni ezifunwa umthetho
4. ‘Ngesambatho esingenakonakala somoya othule nomnene’
5. “Idwala eniqhezulwe kulo”
6. Ngoba ayemelela igazi lawo, njengoba ayezifake engozini ukuze awathole
7. Wayegeza
8. “Ngomoya kaNkulunkulu ophilayo”
9. Umoya wasentshonalanga onamandla amakhulu wasisusa wasilahla oLwandle Olubomvu
10. Waphambuka kuJehova ngokungalandeli iziyalezo zakhe nangokubhula konedlozi
11. EMira eLikhiya
12. Ngokunakekela inhlalakahle yabo nokuba bathole ukudla
13. I-Akeldama, noma “iSiganga Segazi”
14. Wabonisa isisusa esibi ngokuzama ukuthenga “isipho samahhala sikaNkulunkulu,” futhi inhliziyo yakhe ‘yayingaqondile emehlweni kaNkulunkulu’
15. Wayeneminyaka engu-90 ubudala
16. KwaMowabi