Iminyaka Engamashumi Amahlanu Ngidweba Imifanekiso Ezitsheni Zobumba
NJENGOBA ILANDISWA NGU-ALFRED LIPPERT
UMAMA wayefuna ukuba ngibe umbazi. Kodwa uthisha wami wamnxusa ukuba angitholele umsebenzi embonini eyenza izitsha zobumba, eseduze nakithi eMeissen, eJalimane. Kungani ayephikelela kangaka? Wayephawule ukuthi nginekhono lokudweba imifanekiso. Ngiyamthanda umama, kodwa ngiyajabula ngoba uthisha wakwazi ukumncenga waze wavuma. Ngakho, lapho ngineminyaka engu-14 ubudala, ngaqala ukufundela ukuba umdwebi wezinye zezitsha zobumba ezinhle kakhulu emhlabeni.
Cishe sekuphele iminyaka engu-300 kwenziwa izitsha zobumba eMeissen. Imboni yokuqala eYurophu eyayenza izitsha zobumba yavulwa khona lapha ngo-1710. Cishe eminyakeni engu-30 kamuva, le mboni yavula isikole lapho intsha yayingafundiswa khona ikhono lokudweba imifanekiso ezitsheni zobumba. Lesi sikole, esisekhona manje futhi esiqondiswa iMeissen Porcelain Manufactory, yilapho ngaqala khona njengomdwebi wezitsha zobumba oyimfundamakhwela.
Esikoleni ngafunda nobuciko bokudweba nokupenda imifanekiso yezimbali, izihlahla, izilwane nezinyoni. Lezi zifundo zaziyisisekelo somsebenzi wami wakamuva.
Ingabe Ziyacwebezela Noma Cha?
Izitsha zobumba zakhiwa ngobumba olukhanyayo olungapendwa ngezindlela ezimbili. Zingadwetshwa ngaphambi kokuba zenziwe zicwebezele. Kodwa izitsha zobumba ezingacwebezeli ziba nezimbobo futhi ziwumunca wonke upende, ngakho ukuzidweba kudinga ukucophelela okukhulu, ngoba amaphutha amaningi awalungiseki. Ngakolunye uhlangothi, zingadwetshwa ngemva kokwenziwa zicwebezele. Ngaba yingcweti ekudwebeni imifanekiso yezimbali ngale ndlela. Lo msebenzi wawungahlanganisi nje ukudweba kuphela kodwa nokuklama izimbali ezihlukahlukene esitsheni sobumba ngasinye. Ngakho uma umdwebi esekwazi ukugxilisa ingqondo futhi agweme iziphazamiso, ufunda ukusebenzisa ikhono lakhe lokucabanga ukuze akhe into enhle.
Ekugcineni, ngemva kokudweba imifanekiso yezimbali iminyaka embalwa, ngaqhubekela emkhakheni onzima kunayo yonke—ukudweba imifanekiso yezinto eziphilayo. Izifundo zokudweba izilwane nezinyoni engangizenze ngaphambili zaba usizo kakhulu lapha.
Inselele Ethakazelisa Ngempela
Ukudweba izilwane, izinhlanzi nezinyoni kuyinselele enkulu ngoba isilwane ngasinye kufanele sibukeke siphila, ngokungafani nembali noma isihlahla. Umdwebi kufanele abe nolwazi oluthile ngokwakheka nangemikhuba yezilwane nezinyoni azidwebayo. Ngokwesibonelo, imifanekiso eminingi engiyidwebayo ibonisa izilwane, ezihlanganisa nezindluzele ezinezimpondo ezinkulu.
Uma kuziwa ekufundeni ngezilwane, indlela engcono ukuba uzihlolele wena. Eminyakeni ethile edlule ngangihlela ukudweba uchungechunge lwemifanekiso yezinhlanzi, ngakho ngathenga ithangi lokufuya izinhlanzi futhi ngafaka izinhlanzi ezinhlobonhlobo. Mina nomkami sasihlala eduze kwaleli thangi lezinhlanzi isikhathi eside, sibuka indlela yokuhamba nemikhuba yenhlanzi ngayinye. Ngaqala ukuzidweba ngemva kokuba sengijwayelene nazo.
Yini Ekwenza Umdwebi Onekhono?
Ngezinye izikhathi abangane bami bayaye bangibuze ukuthi yini eyenza umuntu abe umdwebi onekhono wezitsha zobumba. Kusobala ukuthi umdwebi kudingeka abe nekhono lokudweba, iso elicophelelayo nesandla esinesineke. Kodwa udinga okungaphezulu. Ukuze umuntu abe umdwebi ophumelelayo, kudingeka azibheke ngesimo esihle sengqondo yena, umsebenzi wakhe nabanye abantu. Umdwebi onekhono uyingcweti eziqeqeshela ukuba isebenze kanzima ekuthuthukiseni ikhono layo. Uyazi ukuthi kudingeka alisebenzise ikhono lakhe kungenjalo lingaphela. Ufunda aze afe, njengoba elalela lokho okushiwo abanye futhi amukele izeluleko zabo.
Iphuzu lokugcina. Umdwebi onolwazi uyakuqaphela lokho okufiswa umthengi. Abantu abathenga izitsha zobumba ezenziwe ngezandla abayifuni into evamile ezogcinwa isikhashana bese ilahlwa futhi kuthengwe entsha. Umthengi ufuna into eyenziwe ngobuciko, into eklanywe ngobunyoninco—into edonsa isithakazelo, efudumeza inhliziyo, futhi ethuthukisa ukuphila komnikazi wayo. Umdwebi uyakujabulela ukuba nesandla ekwaneliseni lezo zifiso.
Ukudweba Kuholela Ekubeni Nokholo KuNkulunkulu
Umsebenzi wami njengomdwebi wanginika ithuba lokuhlolisisa iBhayibheli futhi ngihlakulele ukholo oluqinile kuNkulunkulu. Kanjani? Ezikhathini ezithile ngiye ngasebenza nochwepheshe bezinyoni, ngidweba futhi ngipenda imifanekiso yezincwadi abazibhalayo. Lapho ngiqala ukwenza imifanekiso enjalo, ngangikholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Kodwa ukusondelana nababhali abaningi kwaholela ezingxoxweni mayelana nesiqalo sokuphila. Futhi lezo zingxoxo zayishintsha indlela yami yokucabanga.
Okwangihlaba umxhwele ukuthi nakuba bonke ochwepheshe babekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, ngamunye wayenenkolelo-mbono yakhe, ngokuvamile eyayiphikisana neyabanye ochwepheshe. Ngokubona kwami, ayikho inkolelo-mbono efanayo yokuziphendukela kwemvelo. Ngakho, ngaphetha ngokuthi uma ochwepheshe bengavumelani ngencazelo eyodwa yokuziphendukela kwemvelo, abanye abantu bangavumelana kanjani? Lokho kwenza ukuba ukukholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo kushabalale. Okuwukuphela kwencazelo ngaphandle kokuziphendukela kwemvelo ukuthi ukuphila emhlabeni kwadalwa. Ukukholelwa kwami kuMdali wethu kwaqala lapho.
Ngijabula kakhulu ngoba abantu bathola injabulo emsebenzini wami, futhi lokhu kuyanganelisa. Ngeke luphele uthando lwami lokudweba noma uthando lwami ngezitsha zobumba.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 17]
Pictures on pages 16 and 17: Mit freundlicher Genehmigung der Staatlichen Porzellan-Manufaktur Meissen GmbH