Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 8/22 k. 18-k. 22 isig. 7
  • Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwangenza Ngaqala Ukudweba
  • Izifiso Namaqiniso
  • Ukuqashelwa Njengengcweti Yobuciko
  • Ukuhlangana NoFakazi
  • Uhambo Lwami Lokuya EParis
  • Ukwenza Izinqumo
  • Ithonya Emidwebweni Yami
  • Ukugcizelela IBhayibheli
  • Izibusiso Njengenceku KaNkulunkulu
  • Buyini Ubuciko?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukukhonza Ingcweti Enkulu Kunazo Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ngakhetha Umsebenzi Ongcono
    I-Phaphama!—2010
  • Iminyaka Engamashumi Amahlanu Ngidweba Imifanekiso Ezitsheni Zobumba
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 8/22 k. 18-k. 22 isig. 7

Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko

NJENGOBA ILANDISWA NGUSHIZUKO KAWABATA

“OFakazi BakaJehova, Abantu Abahle Abamemezela Izindaba Ezinhle Emhlabeni Wonke” kwakuyisihloko somunye wemidwebo yami embukisweni waseVersailles, eFrance, ngo-1999.

ESIKHATHINI esingaphansi kwesonto ngaphambi kwalo mbukiso, oFakazi BakaJehova eFrance babesakaze ezweni lonke amapheshana ayizigidi ezingu-12 ayembula ukuphathwa kabi kwabo ezandleni zikahulumeni. Ngenxa yomdwebo wami owawuncoma oFakazi, ngathola umklomelo okhethekile. Kamuva, umuntu owayenginika lo mklomelo wathi: “Unesibindi, kodwa nami nginaso. Yingakho ngikunika lo mklomelo okhethekile.”

Izingcweti eziningi zizama ukushukumisa imizwelo ngemidwebo yazo. Yilokho engizama ukukwenza. Ngidweba ngokwendlela engizizwa ngayo, futhi imidwebo yami igqamile, ibonisa injabulo enginayo. Ngiseyingane ngathola injabulo yokuxuba ubuhlakani nemidwebo.

Okwangenza Ngaqala Ukudweba

Ngazalwa ngo-1920 ngabazali abacebile eMorioka, eJapane. Mina nodadewethu omdala sasinothisha ababesifundisa umdanso wamaJapane, ukuhlela izimbali, umkhosi wokwenza itiye, ne-koto (ihabhu lamaJapane), uphiyano, ukuhlabelela nokunye. Ngangizizonda zonke lezi zinto. Lapho othisha befika, ngangivame ukubaleka ngicashe. Kwakudingeka izisebenzi zingifune zingibuyise.

Ngangiyenyanya indlela eqondile yokuqhuba izifundo. Abantu engangingakaze ngibabone ngaphambili babenquma indlela okwakufanele ngidanse ngayo, ngihlele izimbali futhi ngithele ngayo itiye. Ngangizizwa ngiminyanisiwe, njengokungathi angikwazi ukuzicabangela ngizibekele nemigomo. Kodwa-ke, lapho ngidweba imifanekiso, akukho muntu owayengigada. Akukho muntu owayengitshela ukuthi ngenzeni. Nansi inkululeko engangiyifisa.

Njengoba ayengekho umuntu owayengifundisa ukudweba, ngangisebenzisa ikhono lami nokuzivumelanisa nezimo, futhi akukho muntu owayengigxeka. Ngokuhamba kwesikhathi ngazama izindlela ezintsha. Lapho sengineminyaka engaba ngu-12 ubudala, ngaqala ukuthatha othayi bakababa bakasilika ngidwebe kubo. Ngokushesha ngemva kwalokho, sathunga izingubo zokugqoka esikoleni. Uthisha washaqeka lapho eqaphela ukuthi ngangisuse ingxenye yendwangu engaphambili ngafaka indwangu emhlophe. Kodwa, njengobaba, akashongo lutho.

Izifiso Namaqiniso

Ngisho nalapho ngisafunda esikoleni esiphansi, ngaveza ukuthi ngangizokhula ngibe yingcweti yobuciko. Umgomo wami awuzange ushintshe, futhi ngangifuna ukuya eyunivesithi ngiyofundela ezobuciko; kodwa abazali bami abazange bavume. Bathi eJapane, umuntu ofundele ubuciko ngeke amukelwe njengenkosikazi efanele. Ngakho ngathatha izifundo zamakhono asekhaya.

Ngangithanda izinkondlo nezincwadi zamazwe angaphandle futhi ngangizifunda impela. Kodwa ngaleso sikhathi, lezi zincwadi zazibhekwa njengezincwadi zezitha. Ngisho nokuba nezincwadi ezinjalo kwakuyingozi. Esikoleni ngafunda isiFulentshi iminyaka emihlanu ngifundiswa uthisha waseFrance, kodwa izimo zashintsha eJapane kangangokuba ngisho nokuthakazelela izilimi zangaphandle kwakunganambithisiswa kahle. Senqatshelwa inkululeko yokuveza imibono.

Ngo-1943, lapho iMpi Yezwe II idlangile, ngajabula lapho ngizwa ukuthi ngemva kokubuka izithombe ezingu-40 zezintombi ezase zisezingeni lokugana, indoda ethile yangikhetha ukuba ngibe umkayo. Kamuva ngezwa ukuthi unina nomngane wayo babevakashele ngakithi bezongibona ngingazi. Ngemva kwalokho, umkhaya wakubo wathumela abakhongi ekhaya, futhi ngacelwa ukuba ngivume. Ngahlangana nale ndoda kanye kuphela ngaphambi kokuba sishade.

Ngemva kokushada, ukuhlasela kwezindiza ngamabhomu kwasongela ukuphila kwethu nsuku zonke, futhi ekugcineni umuzi wethu washa wangqongqa nalo lonke idolobha. Abasinda babalekela ezintabeni, kodwa ngisho nalapho sasizwa izinhlaba-mkhosi sibona nezindiza zempi. Kwakwesabisa. Wonke umuntu wahlupheka. Iminyaka eyishumi yangemva kwempi nayo yayinzima.

Ngaphandle kwezingane zethu ezintathu, umamezala kanye nezingane eziyisithupha zakubo kamyeni wami babehlala nathi. Nakuba sasinezisebenzi, sonke sasisebenza emasimini ukuze siziphilise. Phakathi naleso sikhathi ngangidumele kakhulu ngingenanjabulo. Kodwa nganginovalo lokuthi ukuveza imizwa yami kwakuzobangela ingxabano. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ngaqaphela ukuthi ngangingaveza imizwa yami ngomsebenzi wami wokudweba.

Ukuqashelwa Njengengcweti Yobuciko

Ngisho nomuntu onekhono lokudweba kufanele enze umzamo omkhulu ngaphambi kokuba athole imiphumela emihle. Ngathenga izincwadi zobuciko, futhi ngafundiswa yizingcweti eziningana eziphambili zaseJapane. Akukho namunye kuzo owangitshela ukuba ngishintshe indlela yami yokudweba engase ngiyisebenzisa kusukela ngisakhula.

Abahlaziyi bemidwebo baqala ukuqaphela umsebenzi wami, kodwa ngangidweba nje ukuze ngizanelise, ngingakwenzeli ukubukisa abanye. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukuzibuza ukuthi babecabangani ngemidwebo yami. Ngakho ngo-1955, ngahlela umbukiso wami wokuqala eGinza eTokyo. Wawunesihloko esithi “Ukushikashikeka Buthule, Ukubamba Umoya, Ukuphila Kwami” futhi wawuveza ukuphila kwansuku zonke ngemidwebo. Lo mbukiso waba yimpumelelo.

Ukuhlangana NoFakazi

Ngo-1958 umkhaya wethu wathuthela eTokyo ngoba mina nomyeni wami sasifuna izingane zethu zifunde ezikoleni eziphambili zithole imfundo engcono kakhulu. Ngangiphila ngokudweba. Kwase kuwumkhuba ukuchitha amahora angaba mahlanu ngosuku ngidweba. Ebusuku ngangiphuma nabangane bami abayizingcweti, umyeni wami aphume nabanye. Sasingazi ukuthi sizikhulise kanjani izingane zethu.

Ngenxa yomsebenzi, umyeni wami wayehamba kakhulu, ngakho ukukhulisa izingane kwaba umthwalo wami, okwangenza ngaqala ukuzinyeza. Ngiseyingane, ngangifunda emishini yamaKatolika, futhi ngangizibuza ukuthi kukhona yini ezazingakuzuza emfundweni yeBhayibheli. Ngaphesheya komgwaqo ukusuka emzini wami e-Omori, eTokyo, kwakunesonto lamaLuthela, futhi ngasikisela ezinganeni ukuba siye khona. Kodwa asizange silubhade kulelo sonto.

Kunalokho, ngakusasa—ekuqaleni kuka-1959—kwafika omunye woFakazi BakaJehova kwami. Ngabiza izingane ngokushesha, sahlala phansi sonke salalela. Lo Fakazi wachaza ngeBhayibheli ukuthi siphila esikhathini esibaluleke kakhulu lapho uNkulunkulu ngokushesha ezosusa khona ububi emhlabeni. Nga-oda amaBhayibheli amane kanye nezincwadi zeBhayibheli futhi ngavuma ukuba afike masonto onke azosifundisa. Ngabuza ukuthi yayizoba yimalini inkokhelo yanyanga zonke, kodwa ngamangala lapho ngizwa ukuthi oFakazi BakaJehova abayamukeli inkokhelo ngokufundisa kwabo. Yeka indlela ababehluke ngayo kubo bonke abafundisi engangihlangane nabo!

Amadodakazi ami awamukela ngokushesha amaqiniso eBhayibheli, futhi saze saqala ukuba nesifundo seqembu masonto onke ekhaya. Kodwa ngemva kwezifundo ezimbalwa, ngaqala ukukhathazeka. Kwakuyinkathi enzima kimina, ngakho ngezinye izikhathi ngangizama ukucasha noma ngiphume lapho sekuyisikhathi sesifundo sami seBhayibheli.

Inkinga yami ukuthi ngangibona ukuthi konke okushiwo yiBhayibheli kuyiqiniso nokuthi kufanele ngizivumelanise nesiqondiso salo. Kodwa ngesikhathi esifanayo, ngangizimisele ukuba yingcweti enobuciko, futhi ngangikholelwa ukuthi kufanele ngikwazi ukuzicabangela ngenkululeko ukuze ngithuthukise ikhono. Ngenxa yobunzima engangibhekene nabo, izinga lomsebenzi wami lehla. Imidwebo yami yayibekwa ezindaweni ezisithekile emibukisweni.

Uhambo Lwami Lokuya EParis

Nganginomuzwa wokuthi ukuvakashela eParis kwakuzothuthukisa imidwebo yami. Ngakho ngo-1960, ngaya khona, njengoba kwakuzoqhutshwa umbukiso omkhulu wokuletha ubuciko bamaJapane eFrance. Ngangiwukuphela komuntu wesifazane oyingcweti ovela eJapane. EParis, umahluko okhona ezimweni zokuphila, izingubo zokugqoka, imibono, nemibala—kukho konke—wangihlaba umxhwele. Umbukiso wathatha izinsuku ezine, futhi kwangimangaza ukubona abaholi bezwe bewuhambele. Okunye okwangimangaza ukuthi abesifazane babehlatshwe umxhwele ama-kimono engangiwagqoka. Ngangifuna ukuhlala isikhathi esijana.

Ngenxa yokungazi ukuthi kwakufanele ngicele kanjani ukuthunyelelwa imali evela eJapane, ngaqala ukuthengisa ama-kimono ami. Ngakho, ngakwazi ukuchitha izinyanga ezintathu ezalandela ngitadisha imidwebo ezikhungweni zemibukiso. Njalo ngangikhumbula amazwi engcweti eyayinomdwebo eceleni kowami embukisweni. Yathi: “Ngidweba imibala egqamile njengelanga. Ngokuvamile imidwebo yakho ifiphele futhi ayikhanyi ngoba uthonywa yizazi zefilosofi zaseMpumalanga.”

Ngavakashelwa umbhangqwana oshadile owawuvela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eParis. Ngemva kokungivakashela izikhathi ezimbalwa, ngagcina ngivumile ukuya nawo emhlanganweni wobuKristu. Lapho ngifika, ngamangala ngalokho engakubona. Intokazi ethile yayigqoke isigqoko esikhulu esibomvu. Enye yayigqoke ingubo eluhlaza egqamile. Izingubo zabo zazibonisa isitayela esinesizotha nokucophelela, ngakho umbono wami ngoFakazi washintsha ngokuphelele.

Isimiso naso sangihlaba umxhwele. Ukubona kulandelwa izinqubo ezifanayo emhlabeni wonke, kunezimfundiso ezifanayo, kwangenza ngaqaphela ukuthi leli qembu nemisebenzi yalo kwakungavamile. Inhliziyo yami yathinteka ngokujulie, ngoba ngangiqaphela ukuthi ngihlanganyela nabantu bakaNkulunkulu.

Ukwenza Izinqumo

Lapho ngiphindela eJapane, ngaqala ukutadisha iBhayibheli ngokuzimisela. Ngathola ukuthi iziqondiso zoMdali wethu zazinginikeza inkululeko enkulu kunalokho engangikucabanga. Ngothando, usinikeze ubuntu obungafani namakhono ayingqayizivele kanye nenkululeko yokuwathuthukisa. Ngakho ngaqaphela ukuthi ukuba omunye woFakazi BakaJehova kwakungasho ukuyeka ubuciko engibuthandayo.

Mina namadodakazi ami sathuthuka esifundweni sethu seBhayibheli. Indodakazi eyodwa yabonakalisa ukuzinikezela kwayo kuJehova ngobhapathizo lwamanzi ngo-1961, kanti enye ngo-1962. Womabili aye aba yizinceku ezithembekile zikaNkulunkulu kuze kube namuhla. Mina-ke, ngangisabambekile. Ngo-1965, uLloyd Barry, owayengamele umsebenzi woFakazi BakaJehova eJapane ngaleso sikhathi, wangikhuthaza ethi: “Cabanga nje ukuthi abantu abaphelele bayodweba imidwebo emihle kangakanani ePharadesi!” Ngonyaka owalandela ngabhapathizwa.

Ithonya Emidwebweni Yami

Uma ngibheka emuva, ngiyayibona indlela ukushintsha ukuphila kwami nobuntu bami okukuthonye ngayo ukudweba kwami. Imidwebo yami yokuqala yayifiphele ingakhangi, iveza ubuhlungu, ukuhlupheka nokuphelelwa yithemba enganginakho. Kodwa-ke, ngafunda ngoMdali wethu eBhayibhelini, ngezimfanelo zakhe ezimangalisayo, ngenjabulo elethwa ukumdumisa nangezindinganiso ezifanele esingaphila ngazo. Njengoba imizwa yami yayishintsha, nemidwebo yami yashintsha.

Manje sengichitha isikhathi esiningi ngihlanganyela isigijimi seBhayibheli nabanye, ngenza lokhu njalo. Ukukhuluma nabantu ngezimfanelo zikaNkulunkulu, kanye nenjongo yakhe emangalisayo yokwenza lo mhlaba ube yipharadesi ngaphansi kokubusa kweNdodana yakhe, uJesu Kristu, kungilethela injabulo enkulu nokwaneliseka. Lo msebenzi osekelwe eBhayibhelini ungishukumisa inhliziyo, futhi ngivele ngithathe ibhulashi lokudweba ngiveze indlela engizizwa ngayo. Njengoba injabulo yami iye yaqhubeka ikhula ngokuhamba kweminyaka, imidwebo yami iye yaqala ukugqama.

Ukugcizelela IBhayibheli

Ngithola izicelo zokubukisa ngemidwebo yami zivela emhlabeni wonke—eSydney, eVienna, eLondon naseNew York. Kodwa abantu baseYurophu abayithanda kakhulu imidwebo yami. Ochwepheshe baseLouvre Royal Academy of Arts eParis baye bangibuza: “Kwenzeka kanjani ukuba umJapane ashukunyiswe yiBhayibheli nobuKristu kangangokuba imidwebo yakhe iveze injabulo engakaze ibonwe emakhulwini eminyaka yokukhiqizwa kwemidwebo engokwenkolo?”

Umhubi waseBhayibhelini uDavide wayeveza imizwa yakhe ngomculo, futhi wayesebenzisa amakhono akhe omculo ukuze afundise abanye ngezimangaliso zikaNkulunkulu. Nginenhloso efanayo. Ngifuna ukudumisa uJehova. Ngifisa ukuba abantu babone emidwebweni yami injabulo abangayithola ngokwazi uJehova nezimfanelo zakhe ezimangalisayo. Umhlaziyi wobuciko washo lokhu ngezihloko zemidwebo yami: “Le ngcweti ngobuhlakani igwema ukusebenzisa amazwi ayo, futhi ngesu ivumela iBhayibheli likhulume.” Kungijabulisa kakhulu ukuthi abantu bayawabona amandla eBhayibheli emidwebweni yami.

Ngo-1995 i-World Council of Arts, inhlangano yomhlaba wonke yezobuciko enendlunkulu eTokyo, yanginika umklomelo wokuqala phakathi kwezingcweti eziphambili emhlabeni. Ubika ngemidwebo yami, lo mkhandlu wathi: “Le ngcweti icaphuna amazwi eBhayibheli ezihlokweni zayo . . . Yonke imidwebo yayo iveza iBhayibheli, kodwa kunjalo-ke ukuphila kwengcweti ehamba noNkulunkulu.”

Amazwi angenhla abhekisela eqinisweni lokuthi ngivame ukufaka isithombe seBhayibheli elivuliwe emidwebweni yami. Muva nje, sengiqale ukuhlanganisa amakhasi eBhayibheli anyathelisiwe nezithombe zami. Ngakho umuntu obukele ukhangwa yisihloko engisikhethile namazwi eBhayibheli kanye nendlela engikuveza ngayo lokhu emidwebweni yami.

Ngo-1999, eminye imidwebo yami yafakwa embukisweni eBangkok, eThailand. Owodwa wawunesihloko esithi “Yeka Indlela Emangalisayo UJehova UNkulunkulu Awudala Ngayo Umhlaba, Wawunika Umuntu Njengekhaya,” kanti omunye wawuthi “Umthandazo WeNkosi UDavide: ‘Jehova, Yenza Inhliziyo Yalaba Bantu Ivumelane Nawe.’” Ngamenyelwa esigodlweni senkosi yaseThailand kanye nedlanzana lezinye izingcweti. Inkosi yayifuna sixoxe ngemidwebo yami, futhi yangihloma imibuzo eminingi. Ngaxoxa nayo isikhathi eside, ngahlanganisa nezinkolelo zami ezisekelwe eBhayibhelini. Ngemva kwalokho, ngayipha isipho somdwebo.

Phakathi nale minyaka engu-35 edlule, ngiye ngasebenza nasekomitini ehlaziya imisebenzi yezinye izingcweti. Imidwebo engiyithandayo iveza imizwa. Kimina umdwebo muhle uma ungishiya nombono owakhayo, ongenza ngibe nokuthula kwangaphakathi. Ngizithanda kakhulu izithombe ezivela ezincwadini zoFakazi BakaJehova, ezifeza injongo yazo yokuveza ngokucacile isigijimi seBhayibheli.

Izibusiso Njengenceku KaNkulunkulu

Ngenxa yokudweba kwami, ngiye ngajabulela amathuba ayingqayizivele okufakaza ngoJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe ezinhle ngomhlaba. Lokhu ngiye ngakwenza phakathi nezingxoxo zezihloko zomagazini nezinhlelo zethelevishini. Eqinisweni, noma ngiyaphi noma ngixoxa nobani, ngizama ukusiza abantu bazi ukuthi ukholo nenjabulo elethwa ukukhonza uJehova uNkulunkulu iyona engisiza ukuba ngikhiqize imidwebo yami.

Ngiyaqiniseka ukuthi uma ngingalahla ukholo lwami, ngeke ngidwebe ngendlela engidweba ngayo. Kodwa ngenxa yokuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova nangenxa yokuthi iqiniso leZwi likaNkulunkulu lingenza ngibe nenjabulo, ngiyakwazi ukudweba.

[Isithombe ekhasini 21]

Lapho ngiseParis

[Isithombe ekhasini 22]

Nginamadodakazi ami amabili namuhla

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela