Ukubuka Okwezwe
Amaxhwele Kagwayi Ahamba Phambili Emhlabeni
I-Journal of the American Medical Association ibika ukuthi iChina “ihamba phambili ekukhiqizeni nasekubhemeni ugwayi emhlabeni wonke. Kubantu baseChina abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,2, abesilisa abangaphezu kwezigidi ezingu-300 nabesifazane abayizigidi ezingu-20 bayabhema.” Odokotela e-Chinese Academy of Preventive Medicine nase-Chinese Association on Smoking and Health, eBeijing, kanye nodokotela bamazwe aseNtshonalanga baye bakhipha imiphumela yokuhlola okwenziwa ezweni lonke kubantu abangaphezu kuka-120 000. Baphetha ngokuthini? IChina “isonqenqemeni lokuhlaselwa umshayabhuqe wezifo zikagwayi,” futhi “okungenani abantu baseChina ababhemayo abayizigidi ezingu-50 abaphilayo namuhla kulindeleke ukuba bafe kungakabi isikhathi.” Lo mbiko uthi kusukela ngo-1984, isilinganiso sobudala bomuntu oqalayo ukubhema eChina siye sehla ngeminyaka emithathu, sisuka eminyakeni engu-28 saya kwengu-25 ubudala. Bambalwa kakhulu abaqaphelayo ukuthi ukubhema kungabangela umdlavuza wamaphaphu nesifo senhliziyo.
Uma Abazali Bekhathalela
I-Toronto Star ithi “izazi zesayensi manje zithi imfihlo yokuba ingane iphumelele ukuba umzali abe nesithakazelo emfundweni yayo—futhi asiveze.” Kusukela ngo-1994 i-Statistics Canada ne-Human Resources Development Canada ngokubambisana ziye zalandelela intuthuko nempilo yezingane zaseCanada ezingu-23 000 ezineminyaka emine kuya kwengu-11 ubudala. Kusobala ukuthi abazali abaningi baseCanada banesithakazelo esiqotho emfundweni yezingane zabo, ikakhulukazi emakilasini okuqala. Lo mbiko uthi “izingane ezingamaphesenti angu-95 ezineminyaka eyishumi nengu-11 zithi ngaso sonke isikhathi noma ngokuvamile abazali bazo bazikhuthaza ukuba zenze kahle esikoleni” futhi abazali abangamaphesenti angu-87, “bafunda nezingane zabo ezenza unyaka wokuqala esikoleni sabaqalayo kuya ebangeni lokuqala nsuku zonke.” UMary Gordon, ophethe izinhlelo zabazali zeToronto District School Board, uthi: “Manje sesiyazi ukuthi akudingeki ube yisicebi noma ube yisifundiswa ukuze ube umzali okahle kodwa kudingeka ukuba ubanike ubuqu bakho, uqaphele izidingo zabo futhi ube nesithakazelo.” Uyanezela: “Wubudlelwano obakhayo obenza umntwana ahlakaniphe, futhi lokhu kwenzeka ekhaya kuqala.”
Intsha Nezingcingo
Intsha yaziwa ngokuthanda ukukhuluma ocingweni. Umagazini wasePoland wamasonto onke i-Przyjaciółka uthi: “Igijimela ocingweni ukuze izijabulise noma uma inesithukuthezi.” Nokho, eningi ingase ingaqapheli ukuthi ihlala isikhathi esingakanani ocingweni noma ukuthi zingakanani izindleko zokushaya ucingo. Liyini ikhambi? Lo magazini usikisela ukuthi kudingeka osemusha abe nengxenye ekukhokheni isikweletu socingo. Itusa ukuba intsha ikhunjuzwe ukuthi “ucingo kudingeka lusetshenziswe ngokuhlanganyela nokuthi nabanye bangathanda ukulusebenzisa ngezinye izikhathi.”
Ibhungane Eliphatha Isibhamu
Iphephandaba laseLondon i-Independent libika ukuthi “izithombe ezithwetshulwa ngemishini esheshayo zenza ukuba izazi zesayensi ziqonde ukuthi yini eyenza ibhungane i-bombardier linembe kangaka ngesikhali salo esiphumelela ukuzedlula zonke izinambuzane.” Lisebenzisa amathuluzi amabili akhipha uketshezi echosheni lesisu salo, leli bhungane likwazi ukunemba isisulu salo ngama-asidi ashisayo futhi lisibulale ngokuphazima kweso. Njengoba leli bhungane lingalimali ngokuthelwa yilolu ketshezi, lingazivikela ngokuba lifuthe izingxenye ezithile zomzimba walo ngalolu ketshezi, kuhlanganisa nomhlane, lapho lihlaselwa izinambuzane ezincane, ezinjengezintuthwane. Izazi zesayensi eCornell University, e-Ithaca, eNew York, ezathwebula leli bhungane lapho lenza lokhu, zaphawula: “Nakuba kwakwaziwa ukuthi amabhungane ama-bombardier anganemba lolu ketshezi ngokuphendula ichopho lesisu, izinga lokunemba lapho edubula lalingazange liphawulwe esikhathini esidlule.”
Intukuthelo Ekhishini
Iphephandaba laseLondon i-Independent libika ukuthi “amathuluzi ayinkimbinkimbi asetshenziswa ekhaya abangela ukuqhuma ‘kwentukuthelo ekhishini.’” Abaninikhaya abakhungathekile “bathola ukuthi abakwazi ukupheka isobho nge-microwave, ukuhlanza amasokisi ngomshini noma ukusebenzisa umshini wokuxova ngaphandle kokuchitha isikhathi eside befunda incwadi yeziqondiso.” Izazi zengqondo zithi ubuchwepheshe besimanje buvumela abaklami ukuba bafake izici eziningi kakhulu emishinini, futhi bakhomba umshini we-video njengesibonelo esihle salezi zici eziyinkimbinkimbi. UCary Cooper, uprofesa wezengqondo eManchester University, uyachaza: “Abantu bahlangana nobuchwepheshe obusha emisebenzini kuyo yonke indawo, futhi uma befika ekhaya bafuna ukuphila okulula okungabakhumbuzi ngomsebenzi.”
Ingozi Yama-sprout Angaphekiwe
Umagazini i-FDA Consumer ubika ukuthi ngemva kokwanda kwemibiko yezifo ezibangelwa ukudla, i-Food and Drug Admistration yase-United States yeluleke abathengi ngokuthi noma ubani ofuna ukunciphisa ingozi yezifo ezibangelwa ukudla kufanele agweme ukudla imbewu engaphekiwe yama-sprout. Abantu abaningi bayayijabulela i-alfalfa engaphekiwe, i-clover, noma ama-sprout kabhontshisi. Nokho i-New York Times ithi lokhu kuye kwahlotshaniswa nokubhebhetheka kwegciwane emazweni ambalwa. Izingane ezincane, asebekhulile nalabo abanomzimba obuthakathaka basengozini enkulu. Abacwaningi bahlola izindlela ezihlukahlukene zokunqanda leli gciwane, okuhlanganisa ukuhlanza ama-sprout emanzini ane-chlorine noma i-alcohol, kodwa akukho okwakuphumelela ngokuphelele. Bachaza ukuthi “umswakama nokufudumala okutholakala enqubweni yokuhluma kwama-sprout kuyindawo ekahle eyandisa amagciwane,” kusho i-Times.
Izilimi ZaseLondon
I-Times, iphephandaba laseLondon, eNgilandi, libika ukuthi izingane zesikole zalelo dolobha zikhuluma okungenani izilimi ezingu-307. UDkt. Philip Baker, omunye wabasunguli bocwaningo lokuqala lwezilimi ezikhulunywayo manje eLondon, wamangala lapho ebona lokhu kwehlukahluka. Wathi: “Manje sesiyaqiniseka ukuthi iLondon iyidolobha elinezilimi eziningi ukuwedlula wonke emhlabeni, ukwedlula ngisho neNew York.” Inani lezilimi ezingu-307 aliwahlanganisi amakhulukhulu ezilimi eziyimixhantela futhi kungenzeka ukuthi lingaphansi kakhulu kwesilinganiso. Yingxenye yesibili kuphela yezingane ezingu-850 000 ezihlala kuleli dolobha ekhuluma isiNgisi ekhaya. Inani elikhulu lamaqembu ezilimi zakwamanye amazwe lisuka ezwekazini laseNdiya. Kukhulunywa okungenani izilimi eziyikhulu zase-Afrika. Kwesinye isikole, abafundi bakhuluma izilimi ezingu-58.
Ukuhlasela Kwesikhunta!
Umagazini i-Spiegel ubika ukuthi i-athlete’s foot, ukukhunta okubuhlungu ezinzwaneni nasematheni ezinyawo, iyabhebhetheka eJalimane. Umuntu oyedwa kwabahlanu eJalimane unayo, futhi kwamanye amazwe aseYurophu, liphakeme ngisho nakakhulu inani labantu ebaphethe. Amathuba okuphathwa yiyo makhulu uma abantu beshaya ngolukaCetshwayo endaweni evalekile—njengakuyi-sauna, emadanyini okubhukuda, noma ngisho nakwezinye izakhiwo zenkolo. Njengoba isikhunta singapheli kalula, ukusebenzisa imishini yokufutha izinyawo noma ukucwilisa izinyawo endishini—lapho kunethuba elincane kakhulu lokuba imithi eyelaphayo isebenze kahle—ngokuvamile kuyayibhebhethekisa i-athlete’s foot kunokuba kuyivimbele. Ungazivikela kanjani izinyawo zakho? Isazi sezifo zesikhunta uDkt. Hans-Jürgen Tietz utusa ukuba ugqoke izicathulo ezivulekile ezindaweni lapho kuhamba khona abanye abantu. Okubaluleke nakakhulu ukugcina izinyawo zakho zomile. Ukuzisula kahle, ikakhulukazi phakathi kwezinzwane, kuvimbela ukuqala nokwanda kwesikhunta.
Ukukhipha Usawoti Emanzini Olwandle
Iphephandaba i-Australian libika ukuthi kwenziwa amanzi okuphuza ngamanzi olwandle esikhungweni sokukhipha usawoti emanzini esiqhingini esingasogwini lweNingizimu Australia. Nakuba kungeyona into entsha ukukhipha usawoti emanzini, lo mbiko uthi “lobu buchwepheshe obungadingi makhemikhali bubhekwa njengempumelelo enkulu ekukhipheni usawoti emanzini.” Ukuze umphakathi wasePenneshaw, eKangaroo Island, onabantu abangu-400, uthole amanzi okuphuza, “kukhiwa amanzi olwandle futhi adluliswe olwelwesini ngomfutho ophakeme ukuze kukhishwe usawoti. Khona-ke inzika, noma izinsalela, zibuyiselwa olwandle.” I-Australian ithi nakuba kunethemba elikhulu lokusisebenzisa kabanzi lesi simiso esisha, simba eqolo, nakuba sishibhile kunezindlela ezivamile zokukhipha usawoti emanzini.
“Usemhlanganweni”
I-Wall Street Journal ibika ukuthi lapho kuhlolwa onobhala abangu-148 abasebenzela abaphathi bezinkampani ezinkulu, abangamaphesenti angu-47 bathi ngezinye izikhathi abaphathi babo babacela ukuba bakhohlise abanye abantu. Omunye unobhala, oyisekela lomthengisi eTexas, wathi ukuze agcine umsebenzi wakhe iminyaka engu-30, kuye kwadingeka atshele abashaya ucingo ukuthi umphathi wakhe “usemhlanganweni,” ngisho nalapho eyedwa ehhovisi lakhe. Amanye amaqiniso angase abangele umonakalo omkhulu, njengokutshela inkosikazi ukuthi awazi ukuthi uye kuphi umyeni wayo. Omunye unobhala waxoshwa ngemva kokutshela owayeshaye ucingo iqiniso lokuthi isheke lakhe okwase kuyisikhathi eside elilindile, lalingazange liposwe.