Usizo Lokuyeka Ubuhlongandlebe
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFRANCE
IZENZAKALO zamuva ziye zakuveza obala ukuwohloka okushaqisayo komthetho nokuhleleka ezindaweni eziningi zaseFrance zasemadolobheni aseFrance aswele. Umagazini wesiFulentshi i-L’Express uthi “ubudlova basemadolobheni buye banda ngokuphindwe izikhathi eziyisihlanu eminyakeni eyisithupha.” Ngaphezu kwalokho, liye landa ngokuphawulekayo inani lentsha ehileleka ezenzweni zobugebengu ezinobudlova.
Ngaphandle kokucekela phansi impahla, ukushushumbisa izidakamizwa, ukuphanga, ukuthungela impahla ngomlilo nokweba, amahlongandlebe aye ahlasela izisebenzi zikaHulumeni ngokuqondile. Amaphoyisa, abacishi-mlilo nabashayeli bezinto zokuthutha umphakathi, babhekana nobudlova ngaso sonke isikhathi.
Kungani kunobudlova obungaka? Izazi ezimbili zezenhlalo yomphakathi zithi: “Kuqala ngokuwohloka komkhaya, bese kuba ukuvukela iziphathimandla nalokho ezikumelelayo.” Futhi zithi “[intsha] inomuzwa wokuthi iziphathimandla ziyilahlile” futhi “ayinathemba ngekusasa.”
Ngaso sonke isikhathi oFakazi BakaJehova bashumayela isigijimi sethemba leBhayibheli ezindaweni ezigcwele ubuhlongandlebe. Ohlelweni lwamuva nje esiteshini sethelevishini saseFrance, intatheli yathi: “OFakazi BakaJehova bashumayela emadolobheni nasezindaweni eziswele—izindawo ngezinye izikhathi ezibonakala zingasanakiwe abezinkonzo zezenhlalo, amaphoyisa nomphakathi. Kulezi zakhiwo nakule migwaqo, bayakhuluma futhi balalele.” Umsebenzi wabo unethonya elihle, njengoba umfundi osemusha we-Phaphama! aphawula encwadini elandelayo.
“Ngithanda ukunibonga ngokusuka enhliziyweni ngezincwadi zenu. Anizange nje ningisize ngokomuntu siqu kuphela kodwa ubuhlobo bami nabazali bami buye bathuthuka. Ngineminyaka engu-16 nje kuphela ubudala futhi ngiyiSulumane.
“Ngifuna ukusho ukuthi niye naphumelela ukuba ningikhiphe ebuhlongandlebeni. Ngenxa yalokho, sengiyilandela eduze inkolo yami, kodwa ngiyalifunda neBhayibheli. Ngenxa yenu, ngiyaqhubeka nokufunda esikoleni. Ngaphezu kwalokho, niye nasiza idlanzana labantu endaweni yangakithi ukuba ligqashule ebuhlongandlebeni ngomagazini benu—engiliboleka bona inyanga ngayinye. Ngiyanazisa kakhulu futhi ngizizwa nginikweleta.”