Indima Ebalulekile Yabahlengikazi
“Umhlengikazi ngumuntu owondlayo, onakekelayo futhi avikele—ngumuntu ozimisele ukunakekela abagulayo, abalimele nasebegugile.”—Nursing in Today’s World—Challenges, Issues, and Trends.
NAKUBA ukuzidela kubalulekile, akwanele ukuba umuntu abe umhlengikazi onekhono. Abahlengikazi abanekhono badinga nokuqeqeshwa okunzulu nolwazi olujulile. Enye into edingekayo ukufunda nokusebenzisa okufundile unyaka owodwa kuya kwemine noma ngaphezulu. Kodwa yiziphi izimfanelo ezenza umuntu abe umhlengikazi onekhono? Nazi ezinye izimpendulo ezivela kubahlengikazi abanolwazi i-Phaphama! eyaxoxa nabo.
“Udokotela uyaselapha isiguli kodwa umhlengikazi uyasinakekela. Ngokuvamile lokhu kudinga ukwakha iziguli ezilimele emoyeni nasemzimbeni, ngokwesibonelo lapho zitshelwa ukuthi zinesifo esingelapheki noma zisethunzini lokufa. Kufanele ube umama wesiguli.”—UCarmen Gilmartín, eSpain.
“Kubalulekile ukukwazi ukuzwa ubuhlungu nosizi isiguli esibhekene nalo futhi ufune ukusiza. Kudingeka umusa nokubhekakade. Kumelwe njalo ufune ukufunda okwengeziwe ngobuhlengikazi nokwelapha.”—UTadashi Hatano, eJapane.
“Eminyakeni yamuva abahlengikazi badinga ulwazi olwengeziwe ngomsebenzi wabo. Ngakho-ke, kudingeka isifiso sokufunda nekhono lokuqonda lokho okufundwayo. Abahlengikazi kudingeka benze izinqumo ngokushesha futhi bathathe izinyathelo ezisheshayo uma kuphakama izimo ezidinga lokho.”—UKeiko Kawane, eJapane.
“Kufanele ubonise imfudumalo njengomhlengikazi. Kufanele ubekezele futhi ubonise ububele.”—U-Araceli García Padilla, eMexico.
“Umhlengikazi onekhono kumelwe akhuthalele ukufunda, avule amehlo futhi awazi kahle umsebenzi wakhe. Uma umhlengikazi engazideli—uma ezigodla ngandlela-thile noma engasifuni iseluleko esivela kwabakhulu kunaye emkhakheni wezempilo—lowo mhlengikazi ngeke afaneleke ukusebenzelana neziguli kanye nezinye izisebenzi.”—URosângela Santos, eBrazil.
“Ziningana izimfanelo ezibalulekile: ukuvumelana nezimo, ukubekezela nesineke. Futhi kufanele ukhaliphe, ukwazi ukuzwana nosebenza nabo nabakhulu emkhakheni wezempilo. Kufanele usheshe ukufunda amakhono amasha ukuze uhlale uphumelela.”—UMarc Koehler, eFrance.
“Kufanele ubathande abantu futhi ufune ngempela ukusiza abanye. Kufanele ukwazi ukubhekana nokucindezeleka ngoba uma ungumhlengikazi kufanele uzinikele ngokuphelele kungenjalo uyeke. Kufanele ukwazi ukuvumelana nezimo ukuze ukwazi ukwenza umsebenzi wakho ngisho noma nimbalwa enisebenzayo ngezinye izikhathi—ngaphandle kokwehlisa izinga lomsebenzi.”—UClaudia Rijker-Baker, eNetherlands.
Umhlengikazi Unjengomnakekeli
I-Nursing in Today’s World ithi “ubuhlengikazi buphathelene nokunakekela umuntu ezimweni ezihlukahlukene zempilo. Ngakho, sicabanga ukuthi ezokwelapha zisebenza ekwelapheni isiguli kanti ubuhlengikazi bugxile ekunakekeleni leso siguli.”
Ngakho-ke, umhlengikazi ungumnakekeli. Kusobala-ke ukuthi umhlengikazi kufanele akhathalele. Esikhathini esithile esidlule, abahlengikazi abaneziqu abangu-1 200 babuzwa, “Yini ebaluleke kakhulu kini emsebenzini wenu wobuhlengikazi?” Abangamaphesenti angu-98 baphendula ngokuthi ukunakekela okusezingeni eliphezulu.
Ngezinye izikhathi abahlengikazi bayakweya ukubaluleka kwabo ezigulini. UCarmen Gilmartín, ocashunwe ngenhla, osesebenze iminyaka engu-12 engumhlengikazi, watshela i-Phaphama!: “Ngesinye isikhathi ngatshela umngane ukuthi ngangizizwa ngilinganiselwe uma nginakekela iziguli ezibangwa nezibi. Ngangizibona ‘ngiyibhandeshi’ nje. Kodwa umngane wami waphendula: ‘“Ibhandeshi” eliyisibusiso, ngoba uma umuntu egula, uyilokho akudinga kakhulu—umhlengikazi onozwela.’”
Akungabazeki ukuthi ukunakekela okunjalo kungamkhandla kakhulu umhlengikazi osebenza amahora ayishumi noma ngaphezulu usuku ngalunye! Yini eyashukumisela laba banakekeli abazidelayo ukuba babe abahlengikazi?
Kungani Kufanele Ube Umhlengikazi?
I-Phaphama! yaxoxa nabahlengikazi emhlabeni wonke futhi yababuza, “Yini eyakushukumisela ukuba ube umhlengikazi?” Nazi ezinye zezimpendulo zabo.
UTerry Weatherson useneminyaka engu-47 engumhlengikazi. Manje usengumhlengikazi wasemthola-mpilo onguchwepheshe eMnyango Wezifo Zomchamo esibhedlela eManchester, eNgilandi. Uthi: “Ngakhuliswa njengomKatolika futhi ngaya esikoleni samaKatolika. Ngiseyintombazane nganquma ukuthi ngifuna ukuba yindela noma umhlengikazi. Ngangifisa ukukhonza abanye. Ungase uthi ubizo. Njengoba ungase ubone, ubuhlengikazi baphumelela.”
UChiwa Matsunaga waseSaitama, eJapane, useneminyaka engu-8 ephethe umthola-mpilo wakhe. Uthi: “Ngalandela umbono kababa wokuthi ‘kungcono ukufunda ikhono elizokwenza uthole umsebenzi wokuphila kwakho konke.’ Ngakho ngakhetha umkhakha wobuhlengikazi.”
U-Etsuko Kotani waseTokyo, eJapane, umhlengikazi ophethe osesebenze iminyaka engu-38, wathi: “Lapho ngisafunda esikoleni, ubaba waquleka futhi wopha kakhulu. Njengoba ngangigade ubaba esibhedlela, nganquma ukuthi ngifuna ukuba umhlengikazi ukuze ngikwazi ukusiza abantu abagulayo esikhathini esizayo.”
Abanye bashukunyiswa yilokho ababhekana nakho ngesikhathi begula. U-Eneida Vieyra, ongumhlengikazi eMexico, uthi: “Lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala, ngalaliswa esibhedlela amasonto amabili ngenxa yokucinana kwemigudu yokuphefumula, futhi nganquma lapho-ke ukuthi ngifuna ukuba umhlengikazi.”
Kusobala ukuthi ukuba umhlengikazi kudinga ukuzidela okukhulu. Ake sihlolisise izinselele nezinzuzo zalo msebenzi ohloniphekile.
Injabulo Yokuba Umhlengikazi
Iyini injabulo yokuba umhlengikazi? Impendulo yalowo mbuzo izoxhomeka emkhakheni wobuhlengikazi umuntu akuwo. Ngokwesibonelo, ababelethisi bayajabula njalo lapho umuntu ebelethe kahle. Omunye umbelethisi waseNetherlands uthi: “Akuve kumnandi ukubelethisa umuntu usana olunempilo oye wanakekela ukukhula kwalo lungakazalwa.” UJolanda Gielen-Van Hooft, naye ongowaseNetherlands, uthi: “Ukuzalwa komntwana kungenye yezinto ezinhle kakhulu umbhangqwana—nesisebenzi sezempilo—abangazijabulela. Kuyisimangaliso!”
URachid Assam waseDreux, eFrance, ungumhlengikazi obulala izinzwa ogunyazwe uHulumeni osanda kweva eminyakeni engu-40 ubudala. Kungani ekujabulela ukuba umhlengikazi? Uthi kungenxa “yokwaneliseka kokuba nengxenye ekuphumeleleni kokuhlinzwa nasekubeni ilungu lomkhakha othakazelisayo nothuthuka njalo.” U-Isaac Bangili, naye ongowaseFrance, uthi: “Ngiyathinteka lapho iziguli nemikhaya yazo zibonga, ikakhulukazi ezimweni eziphuthumayo lapho sikwazile ukusindisa umuntu ebesesilahle ithemba ngaye.”
Amazwi anjalo okubonga athunyelwa kuTerry Weatherson, okukhulunywe ngaye ngaphambili. Umfelokazi othile wabhala: “Angiwuvali umlomo ngendlela esathola ngayo impumuzo ngenxa yokuba khona kwakho okwasiqinisa idolo futhi kwasenza sehlisa umoya, phakathi nakho konke ukugula kukaCharles. Imfudumalo yakho yayiwukukhanya, futhi yaba idwala esathola kulo amandla.”
Ukubhekana Nezinselele
Kodwa injabulo yokuba umhlengikazi ihambisana nezinselele eziningi. Asikho isikhathi sokwenza amaphutha! Umhlengikazi kufanele aqaphelisise kungakhathaliseki ukuthi unikeza isiguli umuthi, udonsa igazi, ufaka umjovo emthanjeni noma uyasihambisa. Akufanele enze iphutha—ikakhulukazi emazweni lapho bevame ukumangalelwa khona enkantolo. Kodwa ngezinye izikhathi umhlengikazi uba sesimweni esinzima. Ngokwesibonelo, ake sithi umhlengikazi unomuzwa wokuthi udokotela unikeze isiguli umuthi ongafanele noma unikeze iziqondiso ezingeke zisisize isiguli. Yini umhlengikazi angayenza? Aphikise udokotela? Lokho kudinga isibindi, ikhono nobuhlakani—futhi kuwukuzifaka engozini. Ngokudabukisayo, abanye odokotela abakwamukeli ukusikisela okuvela kulabo abababheka njengabaphansi kwabo.
Yini abanye abahlengikazi abaye bayiphawula kulokhu? UBarbara Reineke waseWisconsin, e-U.S.A., umhlengikazi oneziqu osesebenze iminyaka engu-34, watshela i-Phaphama!: “Umhlengikazi kufanele abe nesibindi. Okokuqala, unomthwalo wemfanelo ongokomthetho ngayo yonke imithi ayinikeza isiguli noma indlela aselapha ngayo nawo wonke umonakalo ongaba khona. Kufanele akwazi ukwenqaba ukwenza into eshiwo udokotela uma ebona ukuthi ayihambisani nomsebenzi wakhe noma ekholelwa ukuthi ayilungile. Ubuhlengikazi abusafani nasezinsukwini zikaFlorence Nightingale noma naseminyakeni engu-50 edlule. Manje umhlengikazi kufanele azi ukuthi angamenqabela nini udokotela nokuthi angaphikelela nini ukuba udokotela abone isiguli, ngisho noma kuphakathi kwamabili. Futhi uma unephutha, kufanele uqine ngokwanele ukuze ulungele ukuthethiswa udokotela.”
Enye inkinga abahlengikazi okumelwe babhekane nayo ubudlova emsebenzini. Umbiko waseNingizimu Afrika uthi abahlengikazi “babhekwa njengabasengozini enkulu yokuhlukunyezwa nobudlova emsebenzini. Eqinisweni, abahlengikazi basengozini enkulu yokuhlaselwa emsebenzini kunonogada basejele noma amaphoyisa futhi abahlengikazi abangu-72% bazizwa bengavikelekile ekuhlaselweni.” Kubikwa isimo esifanayo e-United Kingdom, lapho abahlengikazi abangamaphesenti angu-97 okwaxoxwa nabo muva nje babazi umhlengikazi owahlaselwa phakathi nonyaka odlule. Yini ebangela lobu budlova? Ngokuvamile, inkinga ibangwa iziguli ezidle izidakamizwa noma eziphuze utshwala noma ezicindezelekile noma ezisosizini.
Abahlengikazi kufanele futhi babhekane nokukhathala okubangelwa ukucindezeleka. Okunye okubanga lokho ukuba nezisebenzi ezimbalwa. Uma umhlengikazi ocophelelayo ehluleka ukusinakekela kahle isiguli ngenxa yomsebenzi omningi, usheshe acindezeleke. Ukuzama ukulungisa isimo ngokungathathi ikhefu nangokusebenza isikhathi esengeziwe kumane kumenze akhungatheke nakakhulu.
Emhlabeni wonke izibhedlela eziningi azinazo izisebenzi ezanele. Umbiko we-Mundo Sanitario yaseMadrid uthi: “Asinabo abahlengikazi ezibhedlela zethu. Noma ubani owake wadinga usizo lwezempilo uyakuqaphela ukubaluleka kwabahlengikazi.” Kwathiwa kubangwa yini lokhu kuntuleka? Isidingo sokonga imali! Wona lo mbiko wathi izibhedlela zaseMadrid zishoda ngabahlengikazi abangu-13 000!
Esinye isizathu esanikezwa esibangela ukucindezeleka ukuthi ngokuvamile basebenza amahora amaningi kodwa bahola imali encane. I-Scotsman sathi: “Inyunyana yezisebenzi zomphakathi, i-Unison, ithi eBrithani, abahlengikazi abangaphezu koyedwa kwabahlanu kanye nengxenye yesine yabahlengikazi abangakathweswa iziqu, banelinye itoho abalenzayo ukuze bakwazi ukuphila.” Abahlengikazi abathathu kwabane banomuzwa wokuthi baholelwa kancane. Ngenxa yalokho, abaningi baye bacabangela ukuyeka ukuba abahlengikazi.
Kunezinye izici eziningana ezibangela ukucindezeleka kwabahlengikazi. Uma sibheka lokho okwashiwo abahlengikazi emhlabeni wonke lapho bexoxa ne-Phaphama!, ukufa kweziguli kungaba nomphumela ocindezelayo. UMagda Souang, odabuka eGibithe, usebenza eBrooklyn, eNew York. Lapho ebuzwa ukuthi yini eyenza umsebenzi wakhe ube nzima, waphendula: “Ukubona okungenani iziguli ezingu-30 ezinesifo esingelapheki engiye ngazinakekela zifa phakathi nenkathi yeminyaka eyishumi. Lokho kuyakuqeda.” Yingakho omunye umthombo uthi: “Ukuqhubeka uzinikela ezigulini ezifayo kungakuqeda amandla ngempela.”
Ikusasa Labahlengikazi
Intuthuko nethonya lezobuchwepheshe kwandisa izingcindezi emkhakheni wabahlengikazi. Inselele iwukuvumelanisa ubuchwepheshe nobuntu, indlela enesihe yokusebenzelana neziguli. Awukho umshini ongathatha isikhundla sokunakekela nesihawu somhlengikazi.
Elinye iphephabhuku lithi: “Ubuhlengikazi buwumsebenzi oyohlala phakade. . . . Uma nje isintu sisekhona, kuyohlale kunesidingo sokunakekela, isihawu nokuqonda.” Ubuhlengikazi buyasanelisa leso sidingo. Kodwa kunesizathu esihle nakakhulu sokuba nombono oqhakazile ngendaba yokunakekela impilo. IBhayibheli libonisa ukuthi kuyofika isikhathi lapho engasekho oyothi, “Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Odokotela, abahlengikazi nezibhedlela ngeke besadingeka ezweni elisha uNkulunkulu alithembisile.—Isaya 65:17; 2 Petru 3:13.
IBhayibheli lithembisa nokuthi “uNkulunkulu . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Nokho, okwamanje kufanele sibonge ngakho konke ukunakekela nokuzidela kwezigidi zabahlengikazi emhlabeni wonke, ngoba ngaphandle kwabo ukulala esibhedlela bekuyoba kubi noma bekungeke kwenzeke nhlobo! Khona-ke, yeka ukuthi ufaneleka kanjani lo mbuzo, “Abahlengikazi—besiyoba yini ngaphandle kwabo?”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]
UFlorence Nightingale—Ingqalabutho Yobuhlengikazi Banamuhla
Njengoba azalwa ngabazali abacebile baseBrithani e-Italy ngo-1820, uFlorence Nightingale wakhuliswa ntofontofo. UFlorence osemusha wenqaba ukushada futhi waphishekela izifundo zempilo nokunakekela abampofu. Naphezu kokuphikisa kwabazali bakhe, uFlorence waya esikoleni sokuqeqeshelwa ubuhlengikazi eKaiserswerth, eJalimane. Kamuva wafunda eParis, futhi lapho eneminyaka engu-33 ubudala, waba unsumpa wesibhedlela sabesifazane eLondon.
Kodwa wabhekana nenselele enkulu kakhulu lapho ezinikela ukuyonakekela amasosha alimele eCrimea. Lapho, yena neqembu lakhe labahlengikazi abangu-38 kwakudingeka bahlanze isibhedlela esigcwele amagundane. Lo msebenzi wawunzima, ngoba ekuqaleni kwakungekho nsipho, kungekho zindishi namathawula, futhi zazingekho izinhlaka zokulala ezanele, omatilasi noma amabhandeshi. UFlorence neqembu lakhe bawa bevuka ukuze babhekane nale nselele, futhi lapho impi iphela, wayesenze izinguquko ezathinta umhlaba wonke kwezobuhlengikazi nasekuphathweni kwezibhedlela. Ngo-1860, wasungula iNightingale Training School for Nurses eSibhedlela iSt. Thomas eLondon—isikole sokuqala sobuhlengikazi esasingaxhasiwe yinkolo. Wagula iminyaka eminingi ehlala elele, kwaze kwamenela ngo-1910. Noma kunjalo, waqhubeka ebhala izincwadi namaphephabhuku ezama ukuthuthukisa izinga lezempilo.
Abanye bayaliphikisa idumela likaFlorence Nightingale lokuba nenhliziyo enhle, bethi abanye nabo bafanelwe udumo olufanayo ngegalelo labo kwezobuhlengikazi. Ngaphezu kwalokho, kuye kwaphikiswana kakhulu ngedumela lakhe. Ngokwencwadi ethi A History of Nursing, abanye bathi “wayeneconsi, eqhosha, enenkani, enenhliziyo encane futhi ewuzwilakhe,” kuyilapho abanye babethanda “ukuhlakanipha nobuhle bakhe, ubungqabavu obumangalisayo nobuntu bakhe obushintshashintshayo.” Kungakhathaliseki ukuthi wayenjani ngempela, yinye into eqinisekile: Amacebo akhe kwezobuhlengikazi nokuphathwa kwezibhedlela asakazekela emazweni amaningi. Ubhekwa njengengqalabutho emkhakheni wezobuhlengikazi njengoba siwazi namuhla.
[Isithombe]
ISibhedlela iSt. Thomas ngemva kokuvulwa kweNightingale Training School for Nurses
[Umthombo]
Courtesy National Library of Medicine
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]
Izimfanelo Zomhlengikazi
Umhlengikazi: “Umuntu onesisekelo esikhethekile ngokwesayensi sokuba umhlengikazi nohlangabezana nezindinganiso ezithile ezibekiwe zemfundo nokufaneleka kwezempilo.”
Umhlengikazi oneziqu (Registered nurse): “Umhlengikazi oneziqu oye wavunyelwa ngokomthetho (wabhaliswa) ukuba asebenze ngemva kokuhlolwa abahloli bomkhandlu wabahlengikazi ophethwe uhulumeni . . . futhi onelungelo elingokomthetho lokusebenzisa isiqu esithi R.N.”
Umhlengikazi womphakathi (General and community nurse): “Umhlengikazi oneziqu onolwazi olusezingeni eliphakeme, ikhono nokufaneleka emkhakheni okhethekile wobuhlengikazi.”
Umhlengikazi ongumbelethisi (Nurse-midwife): “Umuntu onemfundo emikhakheni emibili yobuhlengikazi nokubelethisa.”
Umhlengikazi ongumsizi (Nursing assistant): “Umuntu onolwazi lokunakekela kobuhlengikazi kodwa ongenazo iziqu zesikole esithile sobuhlengikazi.”
Umhlengikazi onguchwepheshe (Professional nurse): “Umuntu othole iziqu esikoleni sokufundela ubuhlengikazi . . . ogunyazwe ngokomthetho ukuba asebenze njengomhlengikazi onezincwadi noma ochwepheshile.”
[Imithombo]
From the U.S. publication Dorland’s Illustrated Medical Dictionary
UN/J. Isaac
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
‘Umgogodla Wezempilo’
Ngo-June 1999, kuyi-International Council of Nurses Centennial Conference, uDkt. Gro Harlem Brundtland, umqondisi-jikelele we-World Health Organization, wathi:
“Abahlengikazi, njengezisebenzi zezempilo ezibalulekile, basesimweni esingcono sokusebenza njengamanxusa anamandla empilo yembulunga yonke. . . . Njengoba kakade abahlengikazi nababelethisi bakha u-80% wezisebenzi zezempilo eziqeqeshiwe kwezempilo emazweni amaningi, bamelela umkhakha onamandla wezisebenzi ezingenza izinguquko ezidingekayo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zeMpilo Yabo Bonke ekhulwini lama-21. Ngempela, igalelo labo ezinkonzweni zezempilo lihlanganisa yonke imikhakha yokunakekelwa kwempilo. . . . Kusobala ukuthi abahlengikazi bawumgogodla wamaqembu amaningi ezempilo.”
Owayengumongameli waseMexico u-Ernesto Zedillo Ponce de León wabatusa ngokukhethekile abahlengikazi baseMexico enkulumweni yakhe athi kuyo: “Usuku nosuku nonke . . . ninikela ulwazi lwenu olungcono kakhulu, ukubumbana nenkonzo yenu ukuze nilondoloze futhi nibuyisele impilo yabantu baseMexico. Usuku nosuku aninakekeli nje labo abanesidingo sosizo lwenu lobuchwepheshe kuphela kodwa nalabo abadinga induduzo elethwa yisimo senu esinomusa, ukuzinikela nobuntu. . . . Niyingxenye enkulu kakhulu yezinhlangano zethu zezempilo . . . Abahlengikazi bethu bahileleke ekuphileni ngakunye okuhlengwayo, enganeni ngayinye egonywayo, kumuntu ngamunye osizwa ebeletha, enkulumweni ngayinye yezempilo, ekwelashweni komuntu ngamunye, ekunakekelweni nasekusekelweni ngamandla kwesiguli ngasinye.”
[Imithombo]
UN/DPI Photo by Greg Kinch
UN/DPI Photo by Evan Schneider
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
Udokotela Onokwazisa
UDkt. Sandeep Jauhar waseNew York Presbyterian Hospital wazwakalisa ukubonga kwakhe ngabahlengikazi abanekhono. Umhlengikazi othile wayembonise ngobuhlakani ukuthi isiguli esasifa sidinga i-morphine eyengeziwe. Wabhala: “Abahlengikazi abanekhono bafundisa nodokotela. Abahlengikazi abasemagumbini athile eziguli, njengasegumbini lababangwa nezibi, bangezinye zezisebenzi eziqeqeshwe kahle kakhulu esibhedlela. Lapho ngisafundela ubudokotela, bangifundisa indlela yokufaka ithumbu emzimbeni nokulungisa elokuphefumula. Bangitshela ukuthi imiphi imithi okufanele ngiyigweme.”
Waqhubeka: “Abahlengikazi banikeza iziguli ukusekela okubalulekile ngokomzimba nangokomzwelo, ngoba yibo abachitha isikhathi esiningi nazo. . . . Ngisukumela phezulu lapho umhlengikazi engimethembayo engitshela ukuthi kufanele ngibone isiguli esithile ngaso leso sikhathi.”
[Isithombe ekhasini 7]
“Ngangifisa ukukhonza abanye.”—UTerry Weatherson, eNgilandi.
[Isithombe ekhasini 7]
“Njengoba ngangigade ubaba esibhedlela, nganquma ukuthi ngifuna ukuba umhlengikazi.”—U-Etsuko Kotani, eJapane.
[Isithombe ekhasini 7]
‘Ukuzalwa komntwana kungenye yezinto ezinhle kakhulu umbelethisi angazijabulela.’—UJolanda Gielen-Van Hooft, eNetherlands.
[Isithombe ekhasini 8]
Ababelethisi bathola injabulo nokwaneliseka ngokusiza ekuzalweni komntwana