Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 11/8 kk. 26-27
  • Ingabe Umumo Wezinkanyezi Kufanele Uthonye Ukuphila Kwakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umumo Wezinkanyezi Kufanele Uthonye Ukuphila Kwakho?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umlando
  • Izingozi Ezicashile
  • IBhayibheli—Isiqondiso Esinokwethenjelwa
  • Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Kuyisihluthulelo Sekusasa Lakho?
    I-Phaphama!—2005
  • Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Nokubhula Kungasitshela Ngekusasa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkanyezi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe Ukufundwa Kwezinkanyezi Kungenziwa Emasinagogeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 11/8 kk. 26-27

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Umumo Wezinkanyezi Kufanele Uthonye Ukuphila Kwakho?

“KUNENTSHA ENINGI NABANTU ABADALA ABAFUNA IZIBONAKALISO ZEKUSASA LABO EZINKANYEZINI.”—UPAPA JOHN PAUL II.

NGOKWENHLOLO-VO ethile, umMelika oyedwa kwabane ufunda izinkanyezi lapho enza izinqumo. Ukusebenzisa izimpawu zokufunda izinkanyezi akugcini kuleyo ngxenye yomhlaba kuphela. Cishe emhlabeni wonke, umumo wezinkanyezi usetshenziselwa ukuthola iseluleko ezindabeni zezimali, amacebo ohambo, ukushintsha umsebenzi, izinsuku zomshado nokuphakwa kwempi. Kuthiwa olunye uphawu lwezinkanyezi lungabonisa ukuthi obani abangaba abangane bomshado futhi lungembula nokuthi yibaphi abangafanelani. Ukufunda izinkanyezi kuye kwathonya izigidi, kusukela eMpumalanga kuya eNtshonalanga. Kodwa uyini umsuka wokufunda izinkanyezi?

Umlando

Izindlela ezihlukahlukene zokufunda izinkanyezi zihlehlela emuva emiphakathini yasendulo. Ngisho neBhayibheli likhuluma ‘ngemilaza yezinkanyezi zomgamu wezulu.’ (2 AmaKhosi 23:5, NW) Ngokusobala, endulo amaHindu kanye namaShayina, abaseGibithe, amaGreki nezinye izizwe babesebenzisa umumo wezinkanyezi. Nokho, umbhalo wokuqala obhekisela ezimpawini zomumo wezinkanyezi watholakala eBabiloni lasendulo.

AbaseBabiloni baqala ukufunda izinkanyezi ngomzamo wokuthola ulwazi ngekusasa. Njengoba babehlola ukuhamba kwezindikimba zezulu, kwenziwa amashadi nezinhlu eziningiliziwe. Izindaba zabantu nezenzakalo zomhlaba zazibikezelwa ngale ndlela. Ngokuvamile izinqumo zezombangazwe noma zempi zazihlehliswa kuze kubizwe abafundi bezinkanyezi ukuze bazonikeza amacebiso abo. Ngenxa yalokho, iqembu labapristi elalithi linokuhlakanipha okukhethekile namandla angaphezu kwemvelo laba nethonya elikhulu. Eqinisweni, wonke amathempeli odumo eBabiloni ayenendawo yokuhlola izindikimba zasezulwini.

Ezikhathini zanamuhla izimpawu zomumo wezinkanyezi zisenendima ebalulekile ekuphileni kwabantu abaningi. Ngisho nalabo abathi abakholelwa ezinkanyezini bangase bazifunde ngezinye izikhathi ukuze nje bazijabulise noma ngenxa yelukuluku. Kuyiqiniso ukuthi abafunda izinkanyezi baye benza ezinye izibikezelo eziye zafezeka. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi ukufunda izinkanyezi kuyazuzisa? Empeleni, izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zazikubheka kanjani ukuba nesithakazelo ekufundeni izinkanyezi?

Izingozi Ezicashile

Ngokungefani nabaseBabiloni, amaJuda athembekile ayengazifundi izinkanyezi—futhi kwakungenxa yesizathu esihle. UNkulunkulu wayewaxwayise ngokucacile ethi: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini noma umthakathi noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova.”a—Duteronomi 18:10-12.

Izinceku zikaNkulunkulu zamelana ngokuqinile nokufunda izinkanyezi. Ngokwesibonelo, inkosi ethembekile uJosiya ‘yabasusa . . . abashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.’ Isenzo sikaJosiya sabhekwa ‘njengesilungile emehlweni kaJehova,’ futhi uNkulunkulu wambusisa ngenxa yalokho. (2 AmaKhosi 22:2; 23:5) Kodwa abanye bangase babuze, ‘Ingabe azigcwaliseki yini ezinye zezibikezelo zabafundi bezinkanyezi?’

Ngokuthakazelisayo, emiBhalweni YamaKristu YesiGreki sifunda ngentombazane ‘eyayivame ukunikeza amakhosi ayo inzuzo enkulu ngokusebenzisa ubuciko bokubikezela.’ Kusobala ukuthi ezinye zezinto le ntombazane eyayizibikezela zazenzeka, ngoba amakhosi ayo ayezuza ngamandla ayo. Kodwa lalivelaphi ikhono lale ntombazane lokubikezela izenzakalo zesikhathi esizayo? IBhayibheli lithi yayingaphansi kwethonya ‘lomoya, idemoni lokubhula.’—IzEnzo 16:16.

IBhayibheli libonisa ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Ngokuqondisa izenzakalo ukuze kufezeke izibikezelo ezithile, uSathane namademoni baye bathonya izigidi.

Iqiniso elisobala liwukuthi ukufunda izinkanyezi kungelinye ‘lamaqhinga kaDeveli,’ awasebenzisela ukulawula nokuthonya abantu ukuba bakhonze injongo yakhe. Ngakho, akumangalisi ukuthi iBhayibheli liyala amaKristu ukuba ‘ame eqinile’ ekumelaneni namaqhinga kaSathane—ahlanganisa ukufunda izinkanyezi. (Efesu 6:11) Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi asinaso isiqondiso sekusasa?

IBhayibheli—Isiqondiso Esinokwethenjelwa

Izigidi ziye zathola ukuthi iBhayibheli liyisiqondiso esinokwethenjelwa ekwenzeni izinqumo. Njengoba umhubi uDavide akubeka, “ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.” (IHubo 19:7; 119:105) Lokhu akusho ukuthi iBhayibheli lisho ngokuqondile ukuthi yini umuntu okufanele ayenze esimweni ngasinye. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liqukethe izimiso ezingasisiza ukuba siqeqeshe amandla ethu okucabanga. Lokhu kuyosisiza sihlukanise okulungile nokungalungile futhi senze izinqumo ezihlakaniphile.—Heberu 5:14.

Ngakho, kunesizathu esinengqondo esenza amaKristu eqiniso angazifundi izibikezelo zezinkanyezi, kungakhathaliseki ukuthi ngenjongo yokuzijabulisa noma ngenxa yelukuluku. Kunalokho, ngokuhlakanipha alalela izixwayiso zeZwi likaNkulunkulu ngokumelene nalo lonke ithonya lamademoni, kuhlanganise nezinhlobo zalo ezicashile. Ngokuvumela iBhayibheli ukuba lithonye ukuphila kwakho esikhundleni sokuthonywa yizinkanyezi, ungajabulela isibusiso sikaNkulunkulu kuze kube phakade.—IHubo 37:29, 38.

[Umbhalo waphansi]

a Ukubhula kuhlanganisa yonke imikhakha yokuzuza ulwazi, ikakhulukazi ngezenzakalo zesikhathi esizayo, ngokusebenzisa amandla omlingo.

[Isithombe ekhasini 26]

Umumo wezinkanyezi zaseMpumalanga

[Isithombe ekhasini 26]

Umumo wezinkanyezi zaseNtshonalanga

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela