Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 11/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Ukukhuluphala Ngenxa Yovalo
  • Ubufakazi Bokuhambela KukaPawulu EKhupro?
  • Ukwetha Izinto Ezintsha Ngegama Lakho
  • Izingane Eziyizisulu
  • IBhayibheli Lesimanje Elilotshwe Ngesandla
  • Kungakhathaliseki Ukuthi Uyabhema Noma Cha, Akunakugwenywa Ukungcoliswa Komoya
  • Izibiliboco Zasendle ZaseChina
  • Kuyingozi Ezinyonini
  • Lapho Izinyoni Zishayeka Ezakhiweni
    I-Phaphama!—2009
  • Isimiso Sezinto Eziphilayo Esiwubuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Izinga Lalenkinga
    I-Phaphama!—1996
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 11/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Ukufuna Ukukhuluphala Ngenxa Yovalo

Umbiko wephephandaba laseDouala i-Messager, owanyatheliswa kuyi-Courrier International, uthi ngenxa yokwesaba ukuthi kuzothiwa banengculaza, “abanye besifazane enyakatho yeCameroon baphuza imithi ekhuluphalisayo. Amahlebezi asakazeka ngokushesha uma umuntu ogulayo eqala ukuzaca, futhi emphakathini, ukuzaca kusewuphawu olwaziwa kakhulu lwalesi sifo.” E-Afrika, lesi sifo saziwa nangokuthi isifo sokuzaca. Lo mthombo wase-Afrika uthi le mithi, ethengiswa ngomgunyathi, iphuzwa “ngaphandle kwemvume kadokotela.” Kodwa inzwabethi kanye novalo lokukhishwa inyumbazane emphakathini ngenxa yokusolwa ngengculaza kwenza abesifazane abanomzimba omncane bancamele ukuyiphuza naphezu kwengozi engase ivele.

Ubufakazi Bokuhambela KukaPawulu EKhupro?

I-Biblical Archaeology Review iyaphawula: “Abavubukuli base-Italy ePaphos, ogwini lwaseKhupro oluseningizimu-ntshonalanga olugcwele amadwala futhi olomile, bathi bathole ubufakazi bokuqala obuphathekayo bokuhambela kukaPawulu kulesi siqhingi. Kuze kube manje, ukuhambela kwalo mphostoli bekwaziwa eTestamenteni Elisha kuphela, elilandisa ukuthi ohambweni lwakhe lokuqala lobuthunywa bevangeli, uPawulu ‘waya eKhupro,’ lapho adabula khona ‘sonke isiqhingi waze wayofika ePhafu’ (IzEnzo 13:4-6).” Lobu bufakazi buhlanganisa ucezu lwemabula oluqoshwe imishwana emibili yesiGreki. Umusho ophezulu uthi “LOY,” kanti ongezansi uthi “OSTO.” Abavubukuli bawuhlanganisa wafundeka ngokuthi “(PAU)LOY (AP)OSTO(LOY),” noma “uPawulu umphostoli,” futhi bathi usukela emuva ekhulwini lokuqala noma lesibili C.E. “Lolu cezu lombhalo wasePafio [ePhafu] lusinikeza ithuba lokuvuselela ibalazwe lohambo lukaPawulu,” kusho uFilippo Giudice, umholi waleli qembu labavubukuli.

Ukwetha Izinto Ezintsha Ngegama Lakho

“Ingabe ufuna isipho sekhethelo ongasipha othandekayo okubonakala sengathi unakho konke?” kubuza umagazini i-Science. “Usizo luyatholakala. Ngokukhipha umnikelo wokusekela ucwaningo lwezesayensi, ungathola ithuba lokuba uhlobo obelungaziwa ngaphambili lwezimbali, noma umiyane, noma isilwanyana sasolwandle, lwethiwe ngegama lalowo muntu futhi lugcinwe ezincwadini zomlando ezingokwesayensi.” Noma lungethiwa ngegama lakho. Ucwaningo lwamuva nje lubonisa ukuthi ziyingxenye yeshumi kuphela noma ngaphansi izinhlobo zezinto eziphilayo namuhla ezinamagama ezincwadini zesayensi. Kunezinkulungwane zezinto eziphilayo ezigcinwe ngaphandle kwamagama eminyuziyamu, zilindele ukwethiwa bese zichazwa ephephabhukwini elithile lesayensi. Abantu sebengavula ingosi ye-Internet bafune izithombe zezinto ezingenamagama ezinencazelo esilungele ukunyatheliswa. Khona-ke, ngokukhipha umnikelo ka-R19 000 noma ngaphezulu, banganikeza leyo nto abayithandayo igama lesiLatini. Ngokwenza kanjena, inhlangano okuthiwa i-BIOPAT inethemba lokuqongelela izimali zokuxhasa isayensi yokuhlukanisa izitshalo nezilwane nokulondolozwa kwezinhlobo ezintsha.

Izingane Eziyizisulu

Embikweni wayo othi The State of the World’s Children 2000, i-United Nations Children’s Fund ithi: “Nsuku zonke, . . . abafana namantombazane abangu-30 500 abaneminyaka engaphansi kwemihlanu babulawa yizimbangela eziningi ezingase zivinjelwe.” Iphephandaba i-Indian Express libika ukuthi “kuye kwafa izingane ezilinganiselwa ezigidini ezimbili futhi kwalimala noma kwakhubazeka eziyizigidi eziyisithupha ezimpini ezilwiwa ngezikhali kuleli shumi leminyaka elidlule kanti ezinye izigidi ziyizisulu zokuxhashazwa kwamalungelo abantu.” Izingane ezingaphezu kwezigidi ezingu-15 zingababaleki, kanti ezingaphezu kwesigidi ziye zahlukaniswa nabazali bazo noma zaba yizintandane. Ngaphezu kwalokho, lo mbiko ukhuluma ngocwaningo lwe-International Labor Organization olubonisa ukuthi okungenani izingane eziyizigidi ezingu-250 ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-14 ubudala ziyafukuziswa emsebenzini, ezingamaphesenti angu-20 kuzo zisebenza ngaphansi kwezimo ezimbi kakhulu. Izingane ezingaba yisigidi emhlabeni wonke ziphoqelelwa ukuba zidayise ngomzimba, futhi izingane ezingu-250 000 zingenwa yigciwane i-HIV inyanga ngayinye. Izingane eziyizigidi ezingu-130—ingxenye yesibili kuzo engamantombazane—azifundi esikoleni.

IBhayibheli Lesimanje Elilotshwe Ngesandla

Usuqaliwe umsebenzi wokuloba ngesandla iBhayibheli elinombhalo ohlotshisiwe elizoqedwa eminyakeni eyisithupha, eliyobiza amaRandi angaba yizigidi ezingu-20. Lo mbono wasikiselwa yizindela zehlelo likaBenedict eSt. John’s University eMinnesota, e-U.S.A. UDonald Jackson, ingcweti yaseBrithani yemibhalo yesandla ehlotshisiwe, wengamele iqenjana lezingcweti zokubhala ngesandla ezisebenza naye kulo msebenzi eshabhu lakhe eliseWales. Zibhala ephepheni lesikhumba, zisebenzisa usiba lwehansi noyinki wasendulo wamaShayina owenziwe ngomsizi oxutshwe nenhlaka. Umbhalo ohlotshisiwe oklanyelwe lo msebenzi ngokukhethekile uzonyatheliswa nge-computer bese ukopishwa ngesandla, kamuva kunezelwe imifanekiso nezinhlamvu ezihlotshisiwe. Incwadi ephelele iyoba nemiqulu engu-7 kanye namakhasi angaphezu kuka-1 150, ngamunye ongaba ngamasentimitha angu-60 ubude nangu-40 ububanzi. IBhayibheli elikhethelwe lo msebenzi omkhulu, ongowokuqala ngqá eminyakeni engu-500, yi-New Revised Standard Version yesiNgisi. Nokho, ukulandelana kwezincwadi zeBhayibheli kushintshiwe, futhi umqulu wokuqala uyoqala ngamaVangeli. Kamuva, kuhlelwa amakhophi ayikhulu ayiqoqo lokugcinwa, ayodayiswa ngamaRandi angu-400 000 kuya kwangu-550 000 iqoqo ngalinye.

Kungakhathaliseki Ukuthi Uyabhema Noma Cha, Akunakugwenywa Ukungcoliswa Komoya

Ngokombiko we-Tata Institute of Fundamental Research, eMumbai, izingane eziningi ezibhemayo eNdiya ziqala lo mkhuba zisencane kakhulu. Ngokuvamile, izingane ezingondingasithebeni ziqala ukubhema zineminyaka engu-8 ubudala, kanti izingane ezinabanakekeli ezifundayo ziqala zineminyaka engu-11. Nokho, olunye ucwaningo eMumbai lwabonisa ukuthi izingane ezinabazali abazinakekela kahle futhi ezingabhemi zihogela umoya ongcolile olingana nokubhema amaphakethe amabili kagwayi ngosuku! Njengoba kwabikwa ephephandabeni i-Asian Age, amadolobha aseMumbai naseDelhi aphakathi kwamadolobha amahlanu angcoliswe kakhulu kunawo wonke emhlabeni. Njengoba kunezimoto ezingaba ngu-900-000 ezihamba emigwaqweni yaseMumbani njalo nezinye ezingu-300 000 eziphuma zingena edolobheni nsuku zonke, kubikwa ukuthi amazinga okungcoliswa komoya angamaphesenti angu-600 kuya ku-800 ngaphezu kwezilinganiso zokungcoliswa komoya ezivunyelwe yi-World Health Organization.

Izibiliboco Zasendle ZaseChina

Izilwane zasendle zaseChina zibhekene nosongo ngenxa “yendlela yokuphila nemikhuba yokudla eshintshayo,” kuphawula umagazini i-Down to Earth. Inkolelo eyandile yokuthi izinhlobo ezithile zezilwane zasendle zinempilo kunokunye ukudla yandisé isidingo sezibiliboco ezingavamile. Izinyoka zihamba phambili ohlwini, futhi ezinobuthi zibiza ngokuphindwe kabili kunalezo ezingenabo. Izingulube zehlathi, ama-civet cat, amaselesele, izinhlwathi, izambane, izinyamazane zaseTibet nezinyoni eziyivelakancane konke kuyintandokazi futhi kutholakala ekudleni okudayiswa kulo lonke elaseChina. Eziningi zalezi zilwane zisohlwini lwezinto ezisengcupheni yokushabalala, okuzinikeza ilungelo lokuvikelwa uhulumeni. Nokho, abanye abanikazi bezindawo zokudlela babeka izimpawu eziqinisekisa amakhasimende ukuthi inyama yezilwane abayidayisayo ingeyasendle ngempela futhi ayikhuliswanga ngokufuywa. Uhulumeni waseChina usungule umkhankaso wokuvikela izilwane zasendle ezisetshenziselwa lezi zibiliboco futhi usebenzisa isiqubulo esithi, “Ningazidli izilwane zasendle.”

Kuyingozi Ezinyonini

I-Globe and Mail yaseToronto, eCanada, ithi: “Izakhiwo zamahhovisi zaseNyakatho Melika nemibhoshongo yomsakazo nezingcingo kungababulali abanganakekile. Kukholelwa ukuthi ukushayiseka ezakhiweni nasemafasiteleni ezindlu, kubulala izinyoni eziyizigidi eziyikhulu ngonyaka kuleli zwekazi.” Izibani zasehhovisi ezishiywa zikhanya ebusuku ngokuyinqaba ziphazamisa ikhono lokundiza lezinyoni ezifudukayo. Ochwepheshe bathi le nkinga yandile. Isazi sezinyoni uDavid Willard sithi: “Ayikho indawo engiyaziyo kuleli zwe, noma izwekazi, engesona isibonelo salokhu.” Amaqembu anjenge-Fatal Light Awareness Program yaseToronto azama ukufundisa izisebenzi zasemahhovisi ukuba zicime izibani ebusuku.

Ngaphezu kwalokho, iphephandaba laseJalimane lansuku zonke i-Frankfurter Allgemeine Zeitung libika ukuthi “izibani ezixhophayo”—izibani ezinkulu ezikhanyisa isibhakabhaka ukuze zidonsele abantu emidansweni noma kwezinye izindawo zokuzijabulisa—zidukisa izilwane ezihamba ebusuku. Lezi zibani ziphazamisa isimiso esizwela ngokushesha sokuthungatha indlela sezinyoni namalulwane. Ngenxa yokudideka, kuthiwa izinyoni ziyaphazamiseka lapho zifuduka, zishintshe indlela, zitshiyoze ngenxa yokukhathazeka futhi zingabe zisafuduka. Ngezinye izikhathi izinyoni ezidukile zihlala phansi ngemva kwamahora zizungeza, futhi ezibuthaka ziyafa nokufa. I-Institute for the Protection of Birds eFrankfurt ihlongoza ukuba kuvinjelwe “izibani ezixhophayo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela