Ukutakulwa Okuyisimangaliso
Ngumlobeli we-Phaphama! eBENIN
“LAWO MADODA amathathu ayaphila nje ngoba asindiswa oFakazi BakaJehova!” Lowo umbiko owasakazeka njengomlilo wequbula kulo lonke idolobha laseCalavi, ezweni laseNtshonalanga Afrika, eBenin, ngoLwesithathu, ngo-April 19, 2000. Ayengobani la madoda amathathu, futhi oFakazi BakaJehova bahileleka kanjani ekuwatakuleni?
Cishe ngo-6:30 ekuseni, uPhilippe Elegbe noRoger Kounougbe babelungela ukuyosebenza emagcekeni ehholo lomhlangano loFakazi BakaJehova, elakhelene nehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eBenin. Kusihlwa ngalolo suku kwakuzobuthana amakhulu lapho eze eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kukaJesu Kristu.a Kungazelelwe, umsindo omkhulu waphazamisa ukuthula kwasekuseni. Ngokushesha, uPhilippe noRoger baqaphela ukuthi kwakuvele ingozi emgwaqweni omkhulu.
Ngemva nje kwemizuzwana, bezwa indoda imemeza ithi: “Izisebenzi zami ezintathu zimbozwe amasaka kasimende!” UPhilippe noRoger bagijima belibangise emgwaqweni omkhulu. Lapho, babona iloli elingamathani angu-20 ligingqike lalala ngohlangothi. Kwakuwe amasaka amaningi kasimende kuleli loli.
UJosué Didolanvi, naye osebenza emagcekeni omhlangano, wayesefikile endaweni yengozi, wadonsa indoda eyayiphakathi kwekhanda leloli namasaka kasimende. Umshayeli, owayekwazile ukuphuma elolini, wayethukile. Kodwa-ke, wakwazi ukumemeza: “Kusenabantu ababili abagqitshwe amasaka kasimende!” Ezinye izibukeli zaqala ukususa amasaka, kodwa ngokushesha zayeka ngoba usimende wawushisa kakhulu. Wawusanda kukhishwa kuhhavini!
Ukutakula
UPhilippe, uRoger noJosué baqala ukususa inqwaba yamasaka kasimende, besusa elilodwa ngesikhathi. Izandla zabo zaba buhlungu ngenxa yokushisa nesisindo sala masaka esingamakhilogremu angu-50. Okwenza isimo saba sibi nakakhulu ukuthi amasaka ayevuza usimende, owabahangula iminwe futhi wenza kwaba nzima nokuphefumula. “Izandla zami zazisha, ikakhulukazi iminwe,” kusho uJosué kamuva. “Kodwa ngangilokhu ngicabanga ukuthi kungenzeka kusenethuba lokusindisa othile ongaphansi.”
Ngemva kokususa amasaka angaba ngu-40, la madoda amathathu abona ucansi. Amangala kakhulu lapho ethola la madoda amabili lapho—engaphansi kocansi. Ayephila! Lapho kuvela ingozi, la madoda ayengemuva elolini elele kulolu cansi olwalumboze amasaka kasimende. Lapho ewa elolini, ambozwa ucansi, olwawavikela ekushiseni okukhulu kwamasaka kasimende ayewambozile.
Phakathi nomsebenzi wokutakula nangemva kwawo, kwabuthana isixuku esikhulu sezibukeli. Zonke zamangala ukuthi uPhilippe, uRoger noJosué babekwaze ukususa umthwalo ongamathani amabili ngokushesha okungaka nangaphansi kwezimo ezinzima kangaka. Zazimangele futhi nokuthi la madoda amathathu ayezidele kangaka ukuze asize abantu angabazi nokubazi. Ngokushesha kwabonakala sengathi wonke umuntu eCalavi uyazi ngemizamo yabo yesibindi.
[Umbhalo waphansi]
a Belalela umyalo kaJesu, oFakazi BakaJehova bagubha lo mkhosi ongcwele minyaka yonke.—Luka 22:19.
[Isithombe ekhasini 31]
URoger ephethe ucansi ngemva komsebenzi wokutakula