Ingabe Ukuphila Komkhaya Kungajabulisa Kakhudlwana Ngaphandle Kwe-TV?
NGO-FEBRUARY nonyaka, i-Wall Street Journal yakhipha isihloko esithi: “Ukuhlukana Nethelevishini: Eminye Imikhaya Iyaphumelela Ngaphandle Kwe-TV.” Leliphepha labika: “Kulelodlanzana lemikhaya yaseMelika ehlukana unomphela nethelevishini, ukuphila kuqhubeka kahle—futhi kuyajabulisa impela nje.”
Muva nje kukhulunywe nangethonya lethelevishini emkhayeni komunye umbuthano wokugujwa kweminyaka engu-40 kwamiswa irekhodi lomsubathi owagijima imayela ngaphansi kwemizuzu emine, uRoger Bannister. Ngokusho kukaJim Ryun, ingqwele yemayela yawo-1960, lendaba yaphakama bedla noRoger ngaphambi kwama-Olympic ango-1968.
“Mina nomkami u-Anne, sasisathembisene umshado ngalesosikhathi,” kuchaza uRyun, “ngakho uRoger wasitshela ukuthi uthole okuthile okuye kwalithuthukisa ngempela izinga lokuphila komkhaya wakhe. Yebo, sasinelukuluku lokwazi ukuthi yini leyo. Wathi ayekwenzile kwakuwukukhipha ithelevishini endlini yakhe, ngakho lokho kwabanika isikhathi esengeziwe njengomkhaya sokuba ndawonye, baxoxe, futhi bafunde ndawonye.”
URyun walandisa: “Lokho akusho kwaba nethonya elikhulu kithi. Saqala ukuqaphela ukuthi, ‘Asiyidingi ngempela i-TV.’”
Abantu abaningana baye bafinyelela esiphethweni esifanayo. Ngani? Ngenxa yethonya eliluthayo i-TV engaba nalo, ikakhulukazi kwabasha. Ngokusho kukamama othile waseMaryland, e-U.S.A., ngesikhathi encelisa indodakazi yakhe ewusana phambi kwe-TV, lomntwana “wayephendula ikhanda ngokushesha akhohlwe nayimi agqolozele i-TV engasacwayizi. Sabona ukuthi uma enza kanje esengaka, wayezokwenzenjani uma esekhulakhulile?” Ngakho lomkhaya wahlukana ne-TV.
Uma ungahlukani ne-TV ngokuphelele, ingabe okungenani ukulawula ukusetshenziswa kwayo akuhlakaniphile? UKaren Stevenson, owesifazane wokuqala onsundu owathola uMfundaze KaRhodes wokuyofunda e-Oxford University eNgilandi, wathi ngokuphila kwakhe esakhula: “Ithelevishini yayingavunyelwe phakathi nesonto. Uma kunokuthile esasifuna ukukubona ngokukhethekile . . . , kwakudingeka sikhulume ngakho [nomama] ngeSonto elandulelayo futhi sikuhlelele.”
Kuthiwani ngokubukwa kwe-TV emkhayeni wakho? Uyakubona yini ukubaluleka kokukulinganisela, noma ngisho nokuyiyeka, okwesikhathi esithile?