Basindiswa Ama-tulip
PHAKATHI nezinyanga zokugcina zeMpi Yezwe II eYurophu, amaNazi avimba konke ukudla okwakuhanjiswa ngemikhumbi kuyiswa emadolobheni amakhulu asentshonalanga yeNetherlands. Imiphumela yaba yinhlekelele, njengoba abaningi ababephila phakathi naleyo nkathi bengafakaza.
Ngokuvamile umuntu udinga ama-kilojoule angu-6 700 kuya ku-11 700 ngosuku. Kodwa ngo-April 1945, abanye babantu ababehlala e-Amsterdam, eDelft, eHague, eLeiden, eRotterdam nase-Utrecht babephila ngokudla okunama-kilojoule aphakathi kuka-2 100 no-2 500 ngosuku. Ngenxa yalokho, kukholelwa ukuthi phakathi noBusika Bendlala bango-1944/45, okungenani abantu abangu-10 000 babulawa ukungondleki.
USusan Monkman, owasinda kule nkathi uthi umkhaya wakubo wakhetha ukudla izigaxa zezimpande ze-tulip. UMonkman uthi: “Lezi zigaxa zezimpande zazibukhali kakhulu. Ngisho nokuzibhadlisa isikhathi eside kwakungazithambisi. Nokho, sasikujabulela ukuzihlafuna ngesineke nangokucophelela. Kwakuphela izinsuku siphethwe umphimbo.” Ukuze banciphise ukubaba, babexuba lezi zimpande nezaqathe noma i-sugar beet, uma ikhona.
Amagremu ayikhulu esigaxa sezimpande ze-tulip aqukethe ama-kilojoule angaba ngu-620, amagremu amathathu amaprotheni, amafutha angamagremu angu-0,2 namagremu angu-32 ama-carbohydrate. Ngakho, isidlo esibabayo sezigaxa zezimpande ze-tulip sasingase sisindise abantu abaningi baseNetherlands endlaleni.
Unya olubi lomuntu komunye, izibonelo zalo ezingenakususwa ezingqondweni zabaningi, lubonisa indlela isintu esikudinga ngayo ngokuphuthumayo ukugcwaliseka kwesithembiso seBhayibheli: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Petru 3:13.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Internationaal Bloembollen Centrum, Holland