Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/22 kk. 4-5
  • Ukuhlaselwa Yimizwa Edidayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlaselwa Yimizwa Edidayo
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukungakholelwa, Ukuphika Isimo Nendumalo
  • Ukungaqiniseki, Ukukhathazeka Nokwesaba
  • Intukuthelo, Ukuhlazeka Nesizungu
  • Ukufunda Kwabanye
  • Ukugula Okungalapheki—Indaba Yomkhaya
    I-Phaphama!—2000
  • Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokugula Kwakho—Kanjani?
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Uhlaselwa Yinkinga Yempilo
    I-Phaphama!—2001
  • Ngingayilawula Kanjani Imizwa Yami?
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 1/22 kk. 4-5

Ukuhlaselwa Yimizwa Edidayo

INDODA ethile esikhulile iyakhumbula: “Ngemva kokutshelwa ukuthi nginesifo esisongela ukuphila, ngazama ukuziqinisa, kodwa imizwa yokungaqiniseki yangikhandla ngokomzwelo.” Amazwi akhe aqokomisa iqiniso lokuthi ngemva kokuba ukugula sekuhlasele umzimba, kuhlasela nemizwelo ngendlela efanayo. Noma kunjalo, kunabantu ababhekana ngokuphumelelayo nesimo esinjalo. Abaningi babo bangathanda ukukuqinisekisa ukuthi kunezindlela zokubhekana ngokuphumelelayo nezifo ezingalapheki. Kodwa ngaphambi kokuba sidingide ukuthi yini ongayenza, ake siqale sihlole eminye imizwelo ongase ube nayo ekuqaleni.

Ukungakholelwa, Ukuphika Isimo Nendumalo

Imizwelo onayo ingase ihluke kakhulu kweyabanye. Noma kunjalo, ochwepheshe bezempilo nabantu abagulayo baveza ukuthi abantu abahlaselwa yinkinga yempilo ngokuvamile baba nemizwa ethi ayifane. Ukushaqeka nokungakholelwa ekuqaleni kungase kulandelwe ukuphika isimo, njengokuthi: ‘Akunakwenzeka.’ ‘Kumelwe ukuba kunephutha.’ ‘Mhlawumbe baphambanise imiphumela.’ Echaza indlela asabela ngayo lapho ezwa ukuthi unomdlavuza, owesifazane othile wathi: “Ufisa sengathi ungazigubuzela, unethemba lokuthi uma uvula amehlo kuyobe kungasekho konke.”

Nokho, njengoba iqiniso liqala ukukhanya, ukuphika isimo kungase kuthathelwe indawo yindumalo, umuzwa wokujabha obelesela njengamafu obumnyama. Ungase uzibuze imibuzo enjengokuthi, ‘Ngizophila isikhathi esingakanani?’ ‘Ingabe ngizochitha konke ukuphila kwami ngisezinhlungwini?’ neminye imibuzo enjalo. Ungase ufise ukuhlehlisa isikhathi, sibuyele enkathini yangaphambi kokuvela kwaleso sifo, kodwa awukwazi. Ngokushesha ungase uzithole ubhekene neminye imizwa ebuhlungu nenamandla. Yimiphi eminye yayo?

Ukungaqiniseki, Ukukhathazeka Nokwesaba

Isifo esibi sibangela ukungaqiniseki okukhulu nokukhathazeka ekuphileni kwakho. “Ukungaqiniseki ngesimo sami kwenza ukuphila kukhungathekise ngezinye izikhathi,” kusho indoda ene-Parkinson. “Usuku ngalunye, kufanele ngilinde ngibone ukuthi lungiphatheleni.” Isifo sakho singase sibangele nokwesaba. Uma ubungasilindele, ungase ube nokwesaba okukhwantabalisayo. Nokho, uma isifo sakho sitholakalé ngemva kweminyaka eminingi ukhathazwa yizimpawu ezingaqondakali, ukwesaba kwakho kungase kungabi sobala. Ekuqaleni, ungase ukhululeke ngokuthi ekugcineni abantu bazobona ukuthi uyagula ngempela, awuzenzisi. Nokho, ngokushesha lokho kukhululeka kungase kulandelwe ukwesaba ngenxa yokuqaphela ukuthi sisho ukuthini isifo onaso.

Ukwesaba ukuthi ngeke usakwazi ukuphila ngendlela oyithandayo nakho kungase kukukhathaze. Ikakhulukazi uma uthanda ukuzimela, ungase ukhathazeke uma ucabanga ukuthi kumelwe uthembele kwabanye. Ungase ukhathazwe ukuthi ukugula kwakho sekubusa ukuphila kwakho futhi kuyakulawula.

Intukuthelo, Ukuhlazeka Nesizungu

Umuzwa okhulayo wokungakwazi ukwenza okuthandayo ungase ubangele nentukuthelo. Ungase uzibuze, ‘Kungani kwenzeka kimi? Ngenzeni?’ Ukuwohloka kwempilo yakho ngale ndlela kubonakala kungafanele futhi kungenangqondo. Ungase uzizwe uhlazekile futhi uphelelwa yithemba. Isixhwala esithile siyakhumbula: “Ngazizwa ngihlazekile ngokuthi konke lokhu kwangehlela ngenxa yengozi engenangqondo!”

Ungase futhi ube nenkinga yokuzehlukanisa. Ukuzihlukanisa nabanye kalula nje kukukhipha inyumbazana. Uma ukugula kwakho kukugcina usendlini, ungase ungabe usakwazi ukujabulela ubudlelwane nabangane abadala. Nokho, kunanoma yinini ngaphambili, ufisa ukuzihlanganisa nabantu. Ngemva kokukuvakashela nokukuthinta ngocingo njalo ekuqaleni, bangase babe mbalwa abafikayo noma abakuthintayo.

Ngenxa yokuthi kubuhlungu ukubona abangane behoxa, kungenzeka uye wasabela kulesi simo esibuhlungu ngokuba unkom’ idla yodwa. Yiqiniso, kuyaqondakala ukuthi ungase udinge isikhathi ngaphambi kokuba ubhekane nabanye. Kodwa uma manje uzihlukanisa nabanye ngokuphelele, ungase usuke ekuchitheni isikhathi wedwa (ngenxa yokuthi abanye abakuvakasheli) ube unkom’ idla yodwa ngokomzwelo (ungafuni ukuzihlanganisa nabanye). Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, ungase ulwe nesizungu esikhulu.a Ngezinye izikhathi ungase uzibuze ukuthi usengakwazi yini ukubhekana nolunye usuku.

Ukufunda Kwabanye

Nokho, likhona ithemba. Uma usanda kuhlaselwa yinkinga yempilo, kunezinyathelo eziwusizo ongazithatha eziyokusiza ukuba ululame.

Yiqiniso ukuthi lezi zihloko eziwuchungechunge ngeke ziyixazulule inkinga yakho yempilo, kungakhathaliseki ukuthi iyini. Nokho, ukwaziswa ezikuqukethe kungase kukusize ukuba uthole izindlela zokubhekana naleyo nkinga. Owesifazane onomdlavuza wakufingqa ngale ndlela lokho ayekucabanga: “Ngemva kokuphika isimo ngathukuthela kakhulu, kodwa ngase ngifuna indlela yokululama.” Nawe ungafuna leyo ndlela, ngokuya kubantu abaye babhekana nesimo esifanayo ngaphambi kwakho futhi ufunde kubo ukuthi ungayisebenzisa kanjani imithombo yokusekelwa ongase ukwazi ukuyifinyelela.

[Umbhalo waphansi]

a Yiqiniso, abaningi baba nale mizwa ngokuhlukahluka nangamazinga angafani.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Ungase uzibuze, ‘Kungani kwenzeka kimi? Ngenzeni?’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela