Ukubuka Okwezwe
Inqolobane Yembewu
I-National Post yaseCanada iyabika: “Ososayensi babikezela ukuthi izitshalo ezingaba ngu-25% emhlabeni zingase ziqothulwe eminyakeni engu-50 ezayo.” Ukuze ivikele izitshalo ezisengozini, iRoyal Botanical Gardens eKew, eNgilandi, iye yasungula iMillennium Seed Bank (MSB). Leli phephandaba liyachaza: “Umsebenzi weMSB uwukuqoqa futhi ulondoloze izinhlobo zezitshalo ezingaphezu kuka-25 000—okuyinani elingaphezu kuka-10% lezitshalo ezikhipha imbewu emhlabeni.” Abahleli beMSB bathemba ukusebenzisa le mbewu uma kudingeka ukuze batshale indawo esilinywe kakhulu, banciphise amathuba endlala futhi batshale izitshalo ezisetshenziselwa ukwenza amakhambi nemithi. URoger Smith, umphathi wohlelo lwenqolobane yembewu, uyaphawula: “Ngokuvamile izihlahla eziwusizo kakhulu kubantu nasezilwaneni, yizo ezinyamalala kuqala.”
Isifo Senhliziyo Esingazwisi Buhlungu
Abantu abaningi bayalwazi uphawu oluvame kakhulu lwesifo senhliziyo—ukucinana kwesifuba okucindezelayo. Nokho, umagazini i-Time ubika ukuthi bambalwa kakhulu abaziyo ukuthi “ingxenye yesithathu yazo zonke iziguli azibuzwa ubuhlungu esifubeni uma zihlaselwa isifo senhliziyo.” Yingakho “izisulu zesifo senhliziyo ezingabuzwa ubuhlungu besifuba zizindela ukuya esibhedlela—ngesilinganiso samahora amabili,” kusho ucwaningo olwanyatheliswa kuyi-Journal of the American Medical Association. Nokho, noma ikuphi ukuzindela ekutholeni ukwelashwa okungasindisa ukuphila kuyingozi. Yini okufanele uyigade? “Mhlawumbe uphawu olubaluleke kakhulu okufanele ulugade ngokuzayo ukucinana lapho uphefumula,” kusho i-Time. Ezinye izimpawu zihlanganisa ukuba nesicanucanu, ukujuluka kakhulu, kanye “‘nesilungulela’ esiba sibi kakhulu uma uhamba noma usebenza ngamandla,” kusho lesi sihloko.
Izinzwane Ezinamathelayo
Izigcilikisha zingahamba kalula ophahleni olushelela njengengilazi. Zikwenza kanjani lokho? Ososayensi, osekungamashumi eminyaka bezama ukuphendula lowo mbuzo, manje banomuzwa wokuthi sebenayo incazelo. Umagazini i-Science News ubika ukuthi iqembu lososayensi nonjiniyela litholé ukuthi “kuba namandla amakhulu ngokumangalisayo okunamathela lapho uboya obuncane, noma ama-seta, obusezinyaweni zezigcilikisha bukhuhlana nendawo ezihamba kuyo. Emucwini ngamunye woboya kumila izingaba ezincane, ezibizwa ngokuthi ama-spatula. Uma izigcilikisha zinyathela, ama-spatula abalelwa ezigidini eziyinkulungwane asematheni ezinyawo zazo anamathela phansi kakhulu kangangokuthi amandla aphakathi kwama-molecule . . . angase asebenze.” Abacwaningi baphawula nokuthi indlela izigcilikisha ezizibeka ngayo phansi izinzwane zazo “ngokusobala zicindezela uboya phansi futhi bunamathele.” Lo magazini uthi lokhu kwenza “amandla okubamba koboya ngabunye aphindeke kayishumi uma kuqhathaniswa nokumane zibucindezele nje.”
Isonto LamaGreki Lobu-Orthodox Licasulwe Yisinqumo
Ukususa ukuthi izakhamuzi zaseGreece zingamalungu ayiphi inkolo “komazisi kuye kwavusa intukuthelo yeSonto LamaGreki Lobu-Orthodox.” Usho kanjalo umbiko we-Newsroom.org. Lesi sinqumo silandela umbiko ka-1998 we-Helsinki International Federation for Human Rights “owathi iGreece iyawabandlulula amasonto angewona awobu-Orthodox nokuthi ukubhalwa kwenkolo okudingekayo komazisi kuholela ekubandlululweni lapho kuqashwa emisebenzini nasekuphathweni ngamaphoyisa.” Lesi sihloko sithi uhulumeni waseGreece uthi lolu shintsho “luzokwenza omazisi bavumelane nezindinganiso ze-European Union nomthetho wezwe wokuvikela izindaba zangasese ka-1997.” Nokho, umholi weSonto LamaGreki Lobu-Orthodox uye wachaza labo abafuna ukuba inkolo isuswe komazisi ngokuthi bangaphansi “kwamandla omubi.”
Ukulwa KweChina Nezivunguvungu Zenhlabathi
I-China Today ibika ukuthi izivunguvungu zenhlabathi ezisuka ezindaweni eziwugwadule eNkabeni yeMongolia ziye zavunguza enyakatho yeChina eminyakeni yamuva nje, zacekela phansi izilimo nemfuyo okungalingana nezigidi zamaRandi. Ngo-2000, izivunguvungu zenhlabathi eziningi zaze zafika enhloko-dolobha, eBeijing. Isivunguvungu senhlabathi ngo-1998 sacekela phansi amahektare angaba ngu-33 000 ezivuno zokusanhlamvu futhi sabulala izilwane ezifuyiwe ezingu-110 000. Kuthiwa imbangela eyinhloko yalokhu ukuphatha kabi komuntu izwe. Kuye kwasiphuka izimila ezindaweni ezinkulu zase ziphenduka ugwadule. Ngokwesibonelo, ngo-1984 abantu baseSifundazweni Esizimele saseNingsia Hui, esisenkabeni yenyakatho-ntshonalanga yeChina, baqala ukumba i-licorice ukuze bayisebenzise njengekhambi lamaShayina. I-China Today ithi: “Esikhathini esingaphansi kweminyaka eyishumi, base bewashaye bawavala amahektare angaba ngu-600-000 endawo enotshani futhi amahektare angu-13 333 amapulazi bawaphendula ugwadule.” Ezinye izindawo eziwugwadule ziye zabangelwa ukuklabisa imfuyo ngokweqile nokusebenzisa ngokweqile imithombo yamanzi endawo. Ukuze kulwiwe nale nkinga futhi kuvinjelwe ukwanda kwezindawo eziwugwadule, kuye kwenziwa imizamo emikhulu yokuphinde kutshalwe izihlahla notshani.
Ukwebiwa Kwemininingwane Yakho
Qaphela izigebengu ezizenza wena ukuze zikufake esikweletini, kuxwayisa umbiko ephephandabeni i-Economista laseMexico City. Ngemva kokuthola ukwaziswa kwakho ngokweba iposi lakho noma isikhwama sakho semali, izigebengu zifaka isicelo samakhadi okuthenga ngesikweletu ngegama lakho bese zibhala ikheli lazo ukuba athunyelwe kulo. Zibe sezisebenzisa imininingwane yakho ukuze zithenge izinto noma ziqashe izindlu ngocingo noma nge-Internet. Leli phephandaba lithi labo abayizisulu zalobu bugebengu bangase bachithe iminyaka, mhlawumbe amashumi eminyaka, bezama ukulungisa isimo. Ungazivikela kanjani ekwebiweni kwemininingwane yakho? I-Economista iyaxwayisa: Ungahambi namaphepha abalulekile uma ungeke uwasebenzise, gcina umbhalo wokuthenga ngesikweletu futhi uhlole ngawo lapho uthola isitatimende, wadabule amarisidi ekhadi lokuthenga ngesikweletu ngaphambi kokuba uwalahle, ungathumeli ukwaziswa okunemininingwane yakho ngemishini yama-computer, futhi gcina uhlu lwazo zonke izinombolo zakho zamakhadi esikweletu, izinsuku zokuphela kwawo, nezinombolo zocingo zabanikazi benkampani yawo ukuze ukwazi ukubika ukulahleka noma ukwebiwa kwamakhadi.
Ukulwa Namagciwane Akwamukelwa
“Abathengi baseMelika balwa impi enhlanhlathayo namagciwane ekhaya,” kubika i-USA Today. Ngokwaleli phephandaba, udokotela oyisazi samagciwane saseTufts University, uStuart Levy, uthi “ukwanda ngokushesha kwemikhiqizo elwa namagciwane . . . kusongela ukwandisa amagciwane angahluli nje insipho elwa namagciwane kuphela kodwa ngisho nemithi elwa namagciwane.” Ukusebenzisa imikhiqizo elwa namagciwane ukuze uhlanze ikhaya kufana nokubulala “impukane ngesando,” kusho uLevy. Ngakolunye uhlangothi, izinto zokuhlanza indlu njenge-bleach, i-hydrogen peroxide, namanzi ashisayo nensipho kuyakususa ukungcola kodwa akwenzi amagciwane ashintshe abe ezinye izinhlobo ezihlula imikhiqizo. ULevy uthi: “Amagciwane angabasizi bethu. Kufanele sibuyisane nawo.”
AbaseBrithani Bahamba Phambili Ekubukeni I-TV
“Isikhathi esichithwa abantu baseBrithani abayingxenye yesine bebukele ithelevishini singangaleso abasichitha emsebenzini phakathi nesonto,” kubika iphephandaba laseLondon, i-Independent. Ngokwabacwaningi, ngokuvamile umuntu waseBrithani uchitha amahora angu-25 isonto ngalinye ebukele ithelevishini, kuyilapho abangamaphesenti angu-21 bebukela amathelevishini abo amahora angaphezu kwangu-36. “Akubona nje kuphela abantu abasha abayibuka kakhulu, njengoba ukuhlola kwathola ukuthi kunjalo nangabesilisa nabesifazane nabantu abadala,” kusho leli phephandaba. Omunye umkhaya, obukela ithelevishini amahora angaba ngu-30 ngesonto, wathi ithelevishini inikeza “ukuphumula okufanele.” Nokho, imikhuba yokubuka ithelevishini kakhulu kangaka inemiphumela engemihle. I-Guardian Weekly yaseLondon ibika ukuthi ekuhlolweni kwamazwe angu-20, i-United Kingdom “ihamba phambili ohlwini lwababuka i-TV.” Kodwa “iBrithani iphansi ohlwini lwezindinganiso ezintathu ezibalulekile zemfundo.”
Imfundo Ngobulili Esheshe Iqale
I-Bangkok Post ibika ukuthi ojahidada eBangkok, eThailand, ngokushesha bazofundiswa ngobulili enkulisa. Lo mbiko uthi ngokukaDkt. Suwanna Vorakamin woMnyango Wokuhlela Umndeni Nokulawula Inani Labantu, “othisha nezisebenzi zezempilo bazoqeqeshwa ngokukhethekile ukufundisa nokuxoxa ngobulili ngendlela engokwesayensi.” Uyanezela: “Ukuqala ukufundisa ngobulili enkulisa akuhloselwe ukukhuthaza ukuba izingane ziziphathe kabi ngokobulili zisencane. . . . Ulwazi olunikezwa izingane zisencane luyozenza zikwazi ukugwema ukuziphatha okungafanele nezingozi zokukhulelwa ngokungenhloso lapho zikhula,” kubika leli phephandaba.