Iminyezane—Umkhaya Wezihlahla Ezinhlobonhlobo
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECZECH REPUBLIC
OMUNYE unesiqu esincane esiqonde thwi, mude. Omunye uyayenda, bese ugoba kusuka esicongweni sawo. Naphezu kokuma kwayo okungafani, ihlobene kakhulu. Yini leyo? Izihlahla—ubhabhulini (poplar) nomnyezane onamagatsha alengayo. Zombili lezi zihlahla zingamalungu omkhaya weminyezane.
Izihlahla zomnyezane ngokuvamile zitholakala osebeni lwemifula nasemihosheni engajulile. Lapha eCzech Republic, ikhula kakhulu ezindaweni ezingamaxhaphozi, lapho isheshe ihlume khona eziqwini ezincane ezinamahlamvu. Iminyezane ingafinyelela ubude obungaphezu kwamamitha angu-30. Amaqabunga ayo angase abe mancane futhi azilengele kahle emagatsheni amade agobile. Noma, njengoba kunjalo ngeminyezane ecwebezelayo nesemincane, ingase ibe namaqabunga abanzi.
Nakuba kunezinhlobo zeminyezane nobhabhulini ezingaphezu kuka-350, ngokuvamile kunowodwa othakazelisayo—i-weeping willow. Olunye uhlobo, olubizwa ngokuthi i-goat willow, lwaziwa ngezixha zalo zezimbali ezinoboyana obufana nobekati, obuhluma ngaphambi kokuba kwakheke amaqabunga. Kuthiwa lapho lezi zixha ezincane zivela, kusuke sekuzongena intwasahlobo.
Umkhaya Omkhulu
Izihlahla zikabhabhulini zivame kakhulu eBohemia, isigodi lapho iPrague, inhloko-dolobha yaseCzech Republic, ikhona. Kukhona cishe izinhlobo ezingu-35 zikabhabhulini, zonke eziyingxenye yomkhaya womnyezane. Ubhabhulini omnyama yiwona ovame kakhulu, futhi ngokuvamile utholakala emihosheni nasemahlathini anamaxhaphozi aseBohemia. Uhlobo oluthile olumnyama olwaziwa ngokuthi ubhabhulini waseLombardy noma wase-Italy lunesiqu esincane namaqabunga abheke phezulu, ahluma eduze kakhulu nesiqu. Lesi sihlahla esihle singafinyelela ubude obungamamitha angu-35, obulingana nesakhiwo esinezitezi ezingu-11! Ubhabhulini wase-Italy uyatholakala ezinhlangothini zemigwaqo eminingi, wenza izindawo zasemaphandleni zibe zinhle, ikakhulukazi ekwindla lapho amaqabunga eshintsha khona abe nombala omuhle ophuzi.
Ama-aspen nawo angolunye uhlobo lukabhabhulini. Awamade kakhulu, futhi izicongo zawo zincane. Ama-aspen nawo anokuthile okuwenza ahluke—ukuvunguza okuncane nje komoya kwenza amaqabunga awo anyakaze.
Kuthiwani Ngeminyezane YaseBhayibhelini?
Ungase ungacabangi ukuthi isihlahla sikabhabhulini sikhona naseningizimu eMpumalanga Ephakathi. Nokho, iBhayibheli likhuluma ngama-Israyeli elengisa amahabhu awo esihlahleni sikabhabhulini lapho esekudingisweni eBhabhiloni. (IHubo 137:2) Akwenzelani lokho? Nakuba ihabhu lalisetshenziselwa ukudumisa uNkulunkulu, ama-Israyeli adumele ayengathandi ukudlala amahabhu awo ngenkathi yokuhlupheka. (Isaya 24:8, 9) IZwi likaNkulunkulu lichaza ubhabhulini njengesinye sezihlahla okwakugunyaziwe ukusebenzisa amagatsha aso lapho kwakhiwa amadokodo phakathi noMkhosi Wokubutha. (Levitikusi 23:40) Incwadi yeBhayibheli kaJobe ikhuluma ngemvubu enesibindi ehlala ezifufuleni bese iqhubeka ithi “obhabhulini besigodi sesifufula [bayayihaqa].”—Jobe 40:22.
Namuhla, zombili izihlahla zikabhabhulini nomnyezane zisetshenziselwa izinto eziningi ezidayiswayo. Ubhabhulini ngokuvamile usetshenziselwa ukwenza imihlobiso, ipulangwe, amakesi, amakhadibhodi, kanye neminye imikhiqizo yephepha ehlukahlukene. Isihlahla somnyezane saziswa kakhulu ngenxa yokusebenziseka kwaso. Ababazi bakha obhasikidi abaphiciwe nempahla yasendlini ngezinswazi zawo ezigobeka kalula. Umnyezane uwumkhaya wezihlahla ezinhlobonhlobo ngempela!
[Isithombe ekhasini 10]
I-“weeping willow”
[Isithombe ekhasini 10]
Amaqabunga e-“aspen”
[Isithombe ekhasini 10]
Ubhabhulini waseLombardy
[Isithombe ekhasini 10]
I-“goat willow”
[Isithombe ekhasini 10]
Ubhabhulini omnyama