Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 10/8 k. 16-k. 18
  • Ikwindla—Isikhathi Sonyaka Esihle Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikwindla—Isikhathi Sonyaka Esihle Kakhulu
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Amaqabunga Eshintsha Umbala?
  • Ukufuna Ikwindla Enhle Kakhulu
  • Inqubo Ephambili Yokusetshenziswa Kabusha Kwezinto
  • Nezela Umbala Othile Ekuphileni Kwakho
    I-Phaphama!—1990
  • “Imithi KaJehova Yanelisekile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukuhlola Izihlahla Ezinhle
    I-Phaphama!—1996
  • Izingadi ZaseJapane—Imvelo Esizaneni
    I-Phaphama!—1993
I-Phaphama!—2001
g01 10/8 k. 16-k. 18

Ikwindla—Isikhathi Sonyaka Esihle Kakhulu

IKWINDLA isikhathi esihle kakhulu sonyaka. Emazweni anesimo sezulu esithokomele, lesi yisikhathi lapho isibhakabhaka esiluhlaza, ilanga elibalele nobusuku obupholile kancane kancane kuhlobisa khona amagquma anezihlahla ngemibala enhlobonhlobo ephuzi, ewolintshi nebomvu. Yisikhathi lapho ophayini nemisedari engabuni kwengamela imibala egqamile ebomvu nephuzi yezihlobo zayo—izihlahla eziwohloza amaqabunga.

Ikwindla ithandwa kakhulu emazweni aseMpumalanga njengeJapane neKorea. EJapane abantu bavame “ukuzingela imibala yekwindla”—inkulumo yabo ebhekisela ohambweni lwasebusika olubavumela ukuba bajabulele ubuciko bemvelo.

Izindawo eziningi zombuso zokulondokoza imvelo eKorea zifinyelela iqophelo eliphezulu lobuhle ngalesi sikhathi sonyaka. Ngakho amaphephandaba azisa umphakathi ngesikhathi esingcono kakhulu sokubona imibala yasekwindla. ISoraksan, enye yezindawo zokulondoloza imvelo ezidume kakhulu eKorea, iyindawo ethandwayo. Amawa ayo egwadle namadwala aphumile aphakeme ahlotshiswe yizihlahla zikaphayini abonakala ebonisa izwe laseMpumalanga ngempela. Ekwindla amadwala amakhulu egwadle azimele wodwa eSoraksan angungwa yizihlahla ezibomvu ze-beech neze-maple. Futhi lapho izihloko zazo zivela phakathi kwenkungu yasekuseni, umuntu ovukayo ubona into angasoze ayikhohlwa.

“Njalo ngiyakujabulela ukuhamba ezintabeni, kodwa ikakhulu ekwindla,” kuchaza uPark Ii-kyun waseKorea, ingqabavu eneminyaka eyevile ku-70 ubudala. “Ekwindla kubonakala sengathi uNkulunkulu wembathise amagquma ngemibala eminingi—imibala eshintsha usuku nosuku, imibala egqamayo ngaphansi kwesibhakabhaka esicwathile sasekwindla.” Umkakhe, uKông-young, ujabulela ukubona amaqabunga asebusika epheshulwa umoya esibhakabhakeni njengezimvemvane ezinombala osagolide.

Kungani Amaqabunga Eshintsha Umbala?

Kumuntu othanda ukwazi izinto, lokhu kushintsha kombala kudingeka kube nencazelo. Yini enqumayo ukuthi iqabunga lizoshintsha libe phuzi noma libe bomvu?

Imibala yasekwindla iyingxenye yenqubo izihlahla ezizilungiselela ngayo ubusika. Izinsuku ezimfushane zasekwindla ziqaphelisa iwashi langaphakathi lesihlahla ukuba liqale ukuvala amanzi nezakhi eziya emaqabungeni. Iqabunga ngalinye lisabela ngokwakha uqweqwe oluhlukanisayo ngasekuqaleni kothi. Lolu qweqwe—olwenziwe ngento esakhokho—luvimba noma yini ejikeleza isuka eqabungeni iye esihlahleni futhi lubangele ukuba iqabunga ligcine ngokuwohloka.

Ngesikhathi le nqubo isaqhubeka, izakhi zombala ze-carotenoid ziqala ukunikeza amaqabunga umbala wawo ophuzi noma owolintshi. Ngokuvamile, lezi zakhi zemibala zisuke zikhona ehlobo, kodwa azibonakali ngenxa ye-chlorophyll eluhlaza esuke igqamile emaqabungeni. Ngakolunye uhlangothi, umbala obomvu ngokuyinhloko uvela kuyi-anthocyanin, isakhi sombala amaqabunga aze asikhiqize ekwindla kuphela. Ekwindla i-chlorophyll iyaphela bese izakhi zombala ophuzi nobomvu kube yizo ezivelele. Uma ingasekho i-chlorophyll, iqabunga likabhabhulini liba phuzi, kodwa iqabunga le-maple liba bomvu tebhu.

Ukufuna Ikwindla Enhle Kakhulu

Abathandi bemvelo abaningi baye baphawula ukuthi ikwindla iyahlukahluka unyaka nonyaka nezindawo ngezindawo. Okuningi kuxhomeke ohlotsheni lwezihlahla eziwohloza amaqabunga ezikhona kuleyo ndawo. Ngokwesibonelo, izinhlobo ezihlukahlukene zesihlahla se-maple zikhiqiza imibala ebomvu emihle kakhulu. Izinhlobo eziningi zalezi zihlahla ziyazimilela emazweni aseMpumalanga, futhi zivame ukutshalwa emapaki nasezingadini.

Esinye isici isimo sezulu—izinga le-anthocyanin ekhiqizwa amaqabunga lixhomeke kakhulu esimweni sezulu. Izinsuku ezicwathile lapho ilanga libalele nobusuku obupholile kwenza amaqabunga akwazi ukukhiqiza i-anthocyanin eningi. Ekwindla eMpumalanga Ekude kuvame ukuba nalezi zimo. Kokubili iJapane neKorea, amazwe anezintaba. Amagquma amaningi anamahlathi anezihlahla eziwohloza amaqabunga, ngakho anikeza izivakashi indawo ekahle yokubona imibala yasekwindla.

Inqubo Ephambili Yokusetshenziswa Kabusha Kwezinto

Isiyonke le nqubo yokuba izihlahla ziwohloze amaqabunga azo iwusizo futhi yinhle. Ngokuwohloza amaqabunga azo, izihlahla zilondoloza amanzi namandla ebusika. Futhi zikhipha ukungcola okunobuthi okukuzo okwakhela emaqabungeni ehlobo.

Kwenzekani ezinkulungwaneni zezigidi zamaqabunga awela enhlabathini? Ngenxa yezinambuzane, isikhunta, izibungu nezinye izilwane zasenhlabathini, wonke ngokushesha aguqulwa isivundisi, isakhi esibalulekile enhlabathini evundile. Ngakho ngemva kokwenza umbukiso ohlaba umxhwele, amaqabunga awile aba nayisivundisi sezitshalo ezintsha ezizohluma entwasahlobo! Ungayicabanga inqubo yokusetshenziswa kabusha kwezinto ekhanga ukwedlula le? Uma sima kancane ukuze sijabulele umsebenzi wobuciko onje, singase sibe nomuzwa wokuthi ‘imithi yonke yasendle ishaya ihlombe’ njengoba idumisa uMenzi wayo buthule.—Isaya 55:12; IHubo 148:7-9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela