Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/07 k. 8-k. 9 isig. 6
  • Siza Intsha Yanelise Izidingo Zayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Intsha Yanelise Izidingo Zayo
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukukhulisa Abantwana Abajabulayo Ezweni Elikhathazekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 3/07 k. 8-k. 9 isig. 6

Siza Intsha Yanelise Izidingo Zayo

INTSHA iyamdinga umuntu engaxoxa naye ngemigomo, amathemba nezinkinga zayo. Idinga nabangane abahle. Njengoba iya ivuthwa, kudingeka yazi lokho eyikho, lokho okuyenza ihluke kwabanye. Lapho abazali besiza izingane zabo ukuba zanelise lezi zidingo, bayazivikela ekwakheni ubungane obungase buzilimaze, kuhlanganise nalobo osebakhiwe kakade nge-Internet.

◼ Intsha idinga ukuxoxa. Uma kuziwa endabeni yokuveza imizwa yayo, intsha ingase ibonakale ingangeneki noma ifihla. Kodwa qiniseka ukuthi iyakufuna ukuxoxa—empeleni, ifuna ukuxoxa nawe mzali—ngezinto ezibalulekile nezingasho lutho. Umbuzo-ke uwukuthi, Ingabe ukulungele futhi uzimisele ukulalela?—Jakobe 1:19.

Ungavumeli izingcindezi zokuphila zicinanise amathuba ayigugu okuxoxa nezingane zakho. Uma unezinkinga, kungase kube isikhathi sokucabanga kanzulu ngeseluleko seBhayibheli esinengqondo: ‘Qinisekani ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Yini engabaluleka kakhulu kunezingane zakho?

Ungasheshi uphethe ngokuthi intsha incamela ukuya kontanga kunokuya kubazali bayo ukuze ithole iseluleko. Kokunye ukuhlola okwenziwa, abafundi abangaphezu kuka-17 000 abasebangeni lesine kuya kweleshumi bacelwa ukuba basho ukuthi abazali, abangane, izilomo, imithombo yokwaziswa nothisha babo banethonya elingakanani kubo, bebanika amamaki asukela ku-0 kuya ku-5. U-0 usho ukuthi abanathonya, kanti u-5 usho ukuthi banethonya elikhulu. Cishe ingxenye yabo yanikeza abazali u-5.

Kusobala-ke ukuthi njengomzali ungafeza ingxenye ebaluleke kakhulu ekulolongeni izindinganiso nemigomo yezingane zakho. Omunye umzali wathi: “Ungase ungazifinyeleli inhliziyo ngakho konke okushoyo. Kodwa uma ungaxoxi nazo, ngeke uzifinyelele.”

◼ Intsha idinga abangane. Enye intombazane eneminyaka engu-15 ubudala ithi: “Abazali ngokuvamile abazi noma bamane nje abafuni nakwazi ukuthi ingane yabo ixhumana nobani kuyi-Internet.” Kule nkathi yamanje, abazali abanakuzithela ngabandayo endabeni yabangane bezingane zabo. Uyazi yini ukuthi izingane zakho zisichitha nobani isikhathi sazo, kungakhathaliseki ukuthi zixhumana nabo ubuso nobuso noma ngezinye izindlela? IBhayibheli lithi: “Abangane ababi bonakalisa isimilo esihle.” (1 Korinte 15:33, Today’s English Version) Yebo, kunesizathu esiphoqayo sokubhekisisa abangane bengane yakho.

Ukukhathalela kuhilela okungaphezu kokumane uvikele intsha emathonyeni amabi. Izingane zidinga uhlobo olufanele lwabangane. IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.” (IzAga 13:20) Ngakho, kunesidingo sokusiza izingane zakho ukuba zithole abangane abahle—kuhlanganise nenye intsha ebeka isibonelo esihle sokukhumbula uMdali wayo.—UmShumayeli 12:1.

UJehova uNkulunkulu uyabakhetha abantu ababa abangane bakhe, futhi kufanele sizame ukumlingisa. (IHubo 15:1-5; Efesu 5:1) Ngempela, ukukhetha abangane abakhayo kuphakathi kwamakhono abaluleke kakhulu ekuphileni ongawafundisa izingane zakho—ngomlomo nangesibonelo.—2 Thesalonika 3:6, 7.

◼ Intsha kudingeka iqonde lokho eyikho. Ingxenye ebalulekile yokukhula ukwakheka kwalokho umuntu ayikho—izimfanelo ezimenza ahluke kwezinye izingane. Isaga seBhayibheli sithi: “Ingane ibonisa lokho eyikho ngezenzo zayo.” (IzAga 20:11, The Holy Bible in the Language of Today, kaWilliam Beck) Omunye wemithwalo yakho njengomzali ukuhlakulela izimiso ezifanelekile enhliziyweni yezingane zakho.—Duteronomi 6:6, 7.

Ngokwesibonelo: Ngokuvamile abazali bakhethela izingane zabo izinto ezizozigqoka usuku nosuku, ngethemba lokuthi zizofunda indlela efanelekile yokugqoka. Kodwa ungake ucabange nje ngomqemane oneminyaka engu-30 osagqokiswa abazali? Leyo nto ibonakala ingenangqondo! Lisebenzisa umfanekiso wokugqoka, iBhayibheli liyasikhuthaza: “Gqokani ubuntu obusha”—ubuntu obufana nobukaKristu. (Kolose 3:10) Ungasiza izingane zakho ukuba zigqoke ubuntu obusha ngesiyalo “nangokuqondisa umqondo.” (Efesu 6:4) Khona-ke njengoba zikhula futhi zizimela, nazo zingase zikhethe “ukugqoka” ‘lobu buntu obusha,’ zibubheke njengento enhle nekhangayo.—Duteronomi 30:19, 20.

Zibuze: “Izingane zami zizizwa kanjani ngempela ngezindinganiso ezifundiswa iZwi likaNkulunkulu? Ngingazisiza kanjani “ukuba ziphile ngokuhluzeka kwengqondo”?’ (Thithu 2:12) Umgomo wakho awukona ukuba nengane elalela ngokuzenzisa. Ezinye izingane zibonakala zisampula ekwenzeni noma yini eziyitshelwayo, futhi azilokothi zibuze, ziqagulisane nozithumayo, noma zivukele. Kodwa ingane emane yenze lokho ofuna ukuba ikwenze namuhla ingase yenze lokho izwe elifuna ukuba ikwenze kusasa. Khona-ke, qeqesha izingane zakho ukuba zihlakulele ‘amandla azo okucabanga.’ (Roma 12:1) Zisize zibone ukuthi kungani izimiso zeBhayibheli zinengqondo nokuthi zisizuzisa kanjani sisonke.—Isaya 48:17, 18.

Yebo, kudinga umzamo ukusiza intsha ukuba yanelise izidingo zayo. Kodwa imiphumela iyifanele leyo mizamo! Uma izingane zakho ziphila ngezimiso ezinhle ozihlakulele kuzo, uyokusho ngenhliziyo yakho yonke ukuthi izingane ‘ziyifa elivela kuJehova’ ngempela.—IHubo 127:3.

[Izithombe ekhasini 9]

Siza izingane zakho ukuba zikhethe abangane abakhayo abangamaKristu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela