Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/07 k. 30
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingakulutha Yini Imidlalo Yama-video?
  • Izinginga Ngokuvamile ‘Zizizwa Zingalondeki Futhi Zinezinkinga’
  • Ukulima Kuyimpilo Kwabagula Ngengqondo
  • Ukusetshenziswa Kwemibhoshongo Yamasonto
  • Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
    I-Phaphama!—1996
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?
    Intsha Iyabuza
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-computer?
    I-Phaphama!—2008
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-Computer?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 4/07 k. 30

Ukubuka Okwezwe

◼ Kule minyaka eyishumi edlule abalimi baseChina abangaba yizigidi ezingu-40 baye balahlekelwa indawo yabo ngenxa yokwanda ngokushesha kwezindawo zasemadolobheni.—CHINA DAILY, ECHINA.

◼ Emhlabeni wonke phakathi no-2005, kwalwiwa izimpi ezinkulu ezingu-28 nezincane ezingu-11.—VITAL SIGNS 2006-2007, WORLDWATCH INSTITUTE.

◼ Iqembu laseTokyo Institute of Technology liye laphumelela ekundiziseni indiza elula enomuntu enesisindo esingaphansi kwamakhilogremu angu-55, eyayisebenza ngamabhethri avamile asendlini. Le ndiza yandiza amamitha angu-391 ngemizuzwana engu-59.—MAINICHI DAILY NEWS, EJAPANE.

◼ Phakathi kwamaDashi asebenzisa i-Internet aneminyaka engu-12 kuya kwengu-20 angena ezingosini zokuxhumana okuthiwa “ama-profile site” esebenzisa ikhamera eveza lokho akwenzayo, “amaphesenti angu-40 abafana nangu-57 amantombazane abika ukuthi ake acelwa ukuba akhumule noma enze izenzo ezithile zocansi phambi kwale khamera.”—RUTGERS NISSO GROEP, ENETHERLANDS.

Ingakulutha Yini Imidlalo Yama-video?

“Indlela obusebenza ngayo ubuchopho babantu abadlala imidlalo yama-computer ngokweqile iyefana neyabantu abayimilutha yotshwala noma yensangu,” kusho isazi sokusebenza kwengqondo uRalf Thalemann, umholi weqembu elicwaninga ngokulutheka eCharité University Hospital, eBerlin, eJalimane. Kucatshangwa ukuthi ukushukuma kwengqondo ngenxa yokudlala imidlalo yama-computer ngokweqile kungabangela ukwanda kwekhemikhali i-dopamine ebuchosheni bomdlali, okubangela ukuba umuntu azizwe ewumqemane futhi ekugcineni okungamenza abe “umlutha.” Okunye ukuhlola kwabonisa ukuthi lokhu kungenzeka kumaphesenti angaphezu kwayishumi abantu abadlala imidlalo yama-video.

Izinginga Ngokuvamile ‘Zizizwa Zingalondeki Futhi Zinezinkinga’

“Osozigidi bazizwa bengalondekile futhi benezinkinga,” kusho iphephandaba laseBeijing i-China Daily. Kwenziwa ukuhlola phakathi kwabantu baseMpumalanga China nabaseNingizimu China, ababenengcebo elinganiselwa ezinkulungwaneni eziyizigidi ezingu-2,1 zamaRandi. Abacwaningi, abacwaninga “indlela yokucabanga yezicebi ngokuphathelene nezokholo, umshado, ukuphila, imikhakha yezomsebenzi nemali,” bathola ukuthi “iningi lalezi zicebi liyayithanda libuye lingayithandi imali.” Lapho ziziphendulela izicebi eziningi zathi ngaphandle nje kokuvelela nokuzigqaja, “into enkulu kakhulu imali ezilethele yona ukucasuka.”

Ukulima Kuyimpilo Kwabagula Ngengqondo

Ochwepheshe abangaphezu kwekhulu abavela emazweni angu-14 bebehlangene eStavanger, eNorway, muva nje bezofunda nge-Green Care, uhlelo oluhlanganisa ukulima, ukufundisa nokunakekelwa kwempilo. Ngokwenhlangano yezokusakaza i-NRK, abathile asebegule ngengqondo iminyaka eminingi akusadingeki ukuba bavalelwe ezikhungweni zabagula ngengqondo lapho beqala ukusebenza emasimini. “Kunempilo engqondweni nasemzimbeni.” Kunabalimi abavamile abangaphezu kuka-600 eNorway ababambisana ne-Green Care, futhi bathola inzuzo eyengeziwe ngalokho.

Ukusetshenziswa Kwemibhoshongo Yamasonto

“Amasonto aseNew England [e-United States] aye athola isisombululo sokwehla kwezimali: aqashisa imibhoshongo yawo ephakeme ezinkampanini ezidinga ukufaka izithungatha-maza zomakhalekhukhwini,” kusho umagazini i-Newsweek. Izindawo zezithungatha-maza zomakhalekhukhwini zilinganiselwe ngenxa yemingcele kamasipala ezindaweni okuhlalwa kuzo, futhi izakhamuzi azithandi ukuba nemibhoshongo emibi ngasemizini yazo. Ngakho-ke izinkampani zomakhalekhukhwini zifihla imishini yazo emibhoshongweni yamasonto. Umongameli wenye yezinkampani ezeluleka amasonto uthi: “Isonto lokuqala esafaka kulo le mishini manje selinemishini yezinkampani ezintathu, futhi lithola ama-dollar angu-74 000 [R567 000] ngonyaka ngendawo eyayingasetshenziswa muntu vele.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela