Iplanethi Ephilayo
UMHLABA wondla inqwaba yezinto eziphilayo—mhlawumbe izigidi eziningi zezinto eziphilayo. Iningi lazo elisenhlabathini, emoyeni nasemanzini lincane kakhulu ukuba ungalibona ngeso lenyama. Ngokwesibonelo, kutholakale ukuthi igremu elilodwa lenhlabathi linezinhlobo zamagciwane ezingu-10 000, kungasakhulunywa ngengqikithi yezinto eziphilayo! Ezinye zalezi zinto ziye zatholakala ekujuleni okungamakhilomitha amathathu ngaphansi kwenhlabathi!
Umkhathi ugcwele ukuphila—hhayi nje izinyoni, amalulwane nezinambuzane kuphela. Kuye ngenkathi yonyaka, ugcwala impova nezinye izinhlayiyana ezisemahlamvwini, kanti ezindaweni ezithile, kuba nezinkulungwane zezinto eziphilayo ezihlukahlukene. Umagazini i-Scientific American uthi: “Lokhu kwenza izinhlobo zezinto eziphilayo ezisemoyeni zilingane nezinhlobo ezisenhlabathini.”
Ngesikhathi esifanayo, ulwandle luseyimfihlakalo ngoba ukuze ososayensi bafunde ngezinto ezisekujuleni kwalo, ngokuvamile kufanele basebenzise ubuchwepheshe obubiza imali ebomvu. Ngisho nezixhobo zamakhorali, okulula ukufinyelela kuzo nokuzihlola, zingase zibe nezinhlobonhlobo zezinto ezingakaziwa.
Kodwa esikwaziyo ukuthi iplanethi enguMhlaba inezinto eziningi kakhulu eziphilayo kangangokuthi ukuphila kushintsha ukwakheka kwamakhemikhali kuyo, ikakhulukazi esimisweni sezinto eziphilayo. Ngokwesibonelo, olwandle, i-calcium carbonate esemagobolondweni nakumakhorali isiza ekulinganiseni amakhemikhali asemanzini “njengoba nje kwenza amakhemikhali alwa ne-asidi esiswini,” kusho umbiko we-National Oceanic and Atmospheric Administration yase-United States. Izimila nolwelwe okuthiwa i-phytoplankton—olutholakala ekujuleni kwamachibi nasolwandle—kusiza ekulawuleni amazinga esikhutha nomoya-mpilo emanzini nasemoyeni. Enhlabathini, kunamagciwane nesikhunta okusebenza njengomanyolo owondla izimila. Yebo, umhlaba uye wabizwa ngokufanele ngokuthi iplanethi ephilayo.
Kodwa ukuphila emhlabeni bekungeke kube khona ngaphandle kohlelo olunembile ezintweni eziningi, ezinye ezazingaqondakali ngokuphelele kwaze kwaba sekhulwini lama-20. Lolo hlelo olunembile luhlanganisa okulandelayo:
1. Indawo umhlaba okuyo emthaleni i-Milky Way nasesimisweni sonozungezilanga, kanye nokujikeleza, ukutsheka kwawo, ijubane lokujikeleza kwawo nenyanga
2. Amandla kazibuthe kanye nomkhathi oyisivikelo esikabili
3. Amanzi amaningi
4. Imijikelezo engokwemvelo evuselela futhi ihlanze isimiso sezinto eziphilayo
Njengoba ucabangela la maphuzu ezihlokweni ezilandelayo, zibuze: ‘Ingabe izinto ezisemhlabeni zavela ngengozi noma zaklanywa ngokuhlakanipha? Uma kuwukuthi zaklanywa ngokuhlakanipha, yayiyini injongo yoMdali lapho enza umhlaba?’ Isihloko sokugcina salolu chungechunge sizowuphendula lowo mbuzo.
[Ibhokisi ekhasini 3]
“ASINAKUMVUMELA UNKULUNKULU UKUBA ANGENELE”
Naphezu kobufakazi bokuthi imvelo ibonakala iklanywe kahle kakhulu ukuba ibe into eyenzeka ngengozi, ososayensi abaningi bayenqaba ukukholelwa kuMdali. Akukhona ukuthi isayensi ngandlela-thile iphoqelela abaphika ubukhona bukaNkulunkulu ukuba “bamukele ubufakazi obubonakalayo” bemvelo, kusho isazi sokuziphendukela kwemvelo uRichard C. Lewontin. Kunalokho, uthi baphoqelelwa “ukuzimisela kwabo . . . ukuphishekela izinto ezibonakalayo,” okuyisifiso sabo sokuveza “imibono enobufakazi obubonakalayo.” Ekhulumela bonke ososayensi, unezela ukuthi “ukuphishekela lobo bufakazi obubonakalayo buqinisekile, ngoba asinakumvumela uNkulunkulu ukuba angenele.”
Ingabe ukugomela okunjalo kuwukuhlakanipha, ikakhulukazi uma kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuba khona koMdali? Wena ucabangani?—Roma 1:20.