Ziyini Izinselele?
Ucabangani? Ingabe izinkinga intsha yanamuhla ebhekene nazo zinzima kakhulu kunezentsha yesikhathi esidlule? Uma uthi akunjalo, kungenzeka unomuzwa wokuthi intsha yanamuhla ijabula kakhulu kunanoma iyiphi intsha emlandweni.
Emazweni amaningi, sekunemithi elawula izifo ezazibulala intsha eningi. Ezobuchwepheshe zenze amathuluzi namathoyizi asebenza ngogesi okuyizinto izizukulwane ezidlule ezaziphupha ngazo. Intuthuko kwezomnotho itakule izigidi zemikhaya ebuphofwini. Empeleni, abazali abaningi basebenza kanzima ukuze balungiselele izingane zabo izidingo zokuphila namathuba emfundo bona abangazange bawathole.
Akungabazeki ukuthi intsha namuhla ijabulela izinto eziningi. Kodwa futhi ibhekene nezinselele ezingakaze zibonwe ngaphambili. Esinye sezizathu ukuthi isintu manje siphila phakathi nenkathi iBhayibheli eliyibiza ngokuthi “isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 24:3) UJesu Kristu wabikezela ngokunembile ukuthi le nkathi yayiyophawulwa iziyaluyalu ezinkulu ekuphileni kwesintu. (Mathewu 24:7, 8) IBhayibheli libiza le nkathi ngokuthi “izinsuku zokugcina,” bese lichaza izimo ezivamile emphakathini ‘njengokunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Cabanga ngezinye zezinselele okunzima ukuba intsha ibhekane nazo namuhla.
Inselele yokuqala
Ukwanda Kokuzihlukanisa
Amabhayisikobho, izinhlelo ze-TV nomagazini, kuye kwaveza intsha ehlala izungezwe iqembu labangane ekhula nabo esikoleni futhi lobo bungane buqhubeke noma isingabantu abadala. Amaqiniso okuphila ahluke kakhulu entsheni eningi.
Abacwaningi uBarbara Schneider noDavid Stevenson, abahlaziya izingxoxo ezaziqhutshwe nezinkulungwane zentsha yase-United States, bathola ukuthi “cishe babembalwa kakhulu abafundi ababelokhu benamathele kubangane babo abakhulu noma iqenjana labangane isikhathi eside.” Intsha eningi “iyasilela ekwakheni ubungane nabantu, ngenxa yalokho inabangane abambalwa kakhulu esondelene nabo ezizwa ikhululekile ukuxoxa nabo ngezinkinga zayo noma ukucobelelana ngolwazi nabo,” kusho uSchneider noStevenson.
Intsha ekwaziyo ukwakha abangane ibonakala inesikhathi esincane kakhulu engasichitha nabo. Ucwaningo olunzulu olwenziwa e-United States lwathola ukuthi iningi lentsha lichitha amaphesenti angaba yishumi esikhathi sayo ixoxa ubuso nobuso nabangane bayo, kodwa amaphesenti angaba ngaphezu kuka-20 iwachitha iyodwa phakathi nosuku—okuyisikhathi esiningi kunesikhathi esichitha nabomkhaya noma nabangane. Idla yodwa, ihamba yodwa, izijabulisa yodwa.
Into eyikhuthaza ukuba ithande ukuba yodwa ukwanda kwezinto ezisebenza ngogesi. Ngokwesibonelo, ngo-2006 umagazini i-Time wabika ukuthi intsha ephakathi kweminyaka engu-8 nengu-18 eMelika, ngokwesilinganiso ichitha amahora angaba isithupha nengxenye ngosuku igqolozele i-TV, ifake ama-earphone ezindlebeni, idlala imidlalo ye-video noma ichofozana nezinkinobho ze-computer.a
Yiqiniso, akuqali ngalesi sizukulwane sentsha ukuchitha amahora amaningi izijabulisa ngomculo noma ngemidlalo. (Mathewu 11:16, 17) Kodwa manje ukuchitha isikhathi esiningi idlala ngezinto ezisebenza ngogesi esikhundleni sokuzihlanganisa nomkhaya kungayilimaza. Abacwaningi uSchneider noStevenson bathi: “Kuthiwa intsha iyazinyeza, ayijabule, ayikujabuleli ngokugcwele lokho ekwenzayo futhi iyavilapha uma iyodwa.”
Inselele yesibili
Ingcindezi Yokuya Ocansini
Ngisho nentsha engaphansi kweminyaka engu-13 ibhekene nengcindezi enkulu yokuya ocansini. UNathan, osemusha ohlala e-Australia, uthi: “Izingane eziningi engizaziyo esikoleni zaqala ukuya ocansini zineminyaka ephakathi kuka-12 nengu-15.” Owesifazane osemusha okuthiwa uVinbay, ohlala eMexico, uthi ukulala nomuntu ongathandani naye kwakuvame kakhulu phakathi kwentsha ayefunda nayo esikoleni. Uthi: “Labo ababengayi ocansini babebhekwa njengabantu abangasile.” U-Ana oneminyaka engu-15 ubudala, ohlala eBrazil uthi: “Ukulala nomuntu ongathandani naye kuvamile kontanga yethu kangangokuthi ukwenqaba kanye nje akwanele. Kufanele usenqabe ngokuphindaphindiwe leso sicelo.”
Abacwaningi e-United Kingdom benza inhlolo-vo entsheni engu-1 000 ephakathi kweminyaka engu-12 nengu-19 futhi eyayivela ezizindeni ezihlukahlukene. Bathola ukuthi cishe amaphesenti angu-50 ale ntsha ayehileleka njalo ohlotsheni oluthile lwezenzo zobulili. Amaphesenti angaphezu kwangu-20 ale ntsha ayeneminyaka engu-12 nje kuphela! UDkt. uDylan Griffiths, owayengumqondisi walolu cwaningo, uthi: “Imingcele eyayibekwa ekhaya, eSontweni nakwezinye izikhungo iye yanyamalala, yashiya le ntsha iyizisulu.”
Ingabe intsha eya ocansini “iyizisulu” ngempela? Embikweni owakhishwa ngo-2003, abacwaningi uRector, uNoyes, noJohnson babonisa ukuhlobana okuphakathi kokuziphatha kwentsha ngokobulili, ukucindezeleka nokwanda kokuzama ukuzibulala. Bahlaziya izingxoxo ababa nazo nentsha engu-6 500, bathola ukuthi “amantombazane ayeya ocansini cishe ayecindezeleka izikhathi ezingaphezu kwezintathu kunalawo angayi.” Phakathi kwabafana, labo “ababeya ocansini cishe babecindezeleka izikhathi ezingaphezu kwezimbili kunalabo abangayi.”
Inselele yesithathu
Imikhaya Ehlukene
E-United States, intsha iye yabhekana noshintsho olukhulu endleleni umkhaya owakheka ngayo futhi kwaletha izinguquko ezindinganisweni zokuziphatha. Incwadi ethi The Ambitious Generation—America’s Teenagers, Motivated but Directionless ithi: “Emashumini eminyaka ambalwa adlule kuye kwaba nezinguquko ezinkulu eziningana ezithinta ukuphila kwentsha ngokuqondile. Ubukhulu bomkhaya ovamile eMelika buye bancipha, ngakho intsha kungenzeka ibe nabafowabo nodadewabo abambalwa. Njengoba isibalo sezehlukaniso sanda, izingane eziningi zichitha ingxenye yokuphila kwazo kobuntwana zikhuliswa umzali oyedwa. Omama abaningi abanezingane ezineminyaka engaphansi kweyisishiyalombili bayasebenza, ngakho cishe mancane amathuba okuba kube nomuntu omdala ngaso sonke isikhathi ekhaya.”
Kungakhathaliseki ukuthi izingane zihlala nomzali oyedwa noma zihlala nabo bobabili abazali, eziningi zizizwa zingasondelene nabo ngesikhathi ezibadinga ngaso kakhulu. Ucwaningo lokulandelela intsha engu-7 000 iminyaka eminingana, lwathola ukuthi iningi lentsha libheka abazali balo njengabanothando nabavumelana nayo. Noma kunjalo, “ingxenye eyodwa kwezintathu kuphela eyathi ithola ukunakwa okukhethekile nosizo uma inenkinga.” Lwathola nokuthi “entsheni eningi, izimo eziyinkinga zibhekwa njengesikhathi lapho abazali bengase bangenele futhi banikeze usizo.”
EJapane izibopho eziqinile imikhaya eyayinazo sezibuthaka ngenxa yesifiso sokuphumelela ngokwezinto ezibonakalayo. UYuko Kawanishi, uprofesa wezenhlalo, uthi: “Abazali abaningi bentsha yanamuhla bayisizukulwane senkathi yokuzala kakhulu yangemva kwempi, futhi bakhula bechayeke ezindinganisweni ezintsha zokuphila ezazikhuthaza ukuchuma kwezomnotho nangezinto ezibonakalayo.” Hlobo luni lwezindinganiso labo bazali abazidlulisela kubantwana babo? UKawanishi uthi: “Abazali abaningi namuhla bakhathalela ngokuyinhloko ukuphumelela kwezingane zabo kwezemfundo.” Uyaqhubeka: “Uma nje izingane zabo zitadisha, ezinye izinto ekhaya ziza kamuva noma zinganakwa nhlobo.”
Kungayithinta kanjani intsha ukugcizelelwa okungaka kokuba ichume ngokwezinto ezibonakalayo nokuphumelela kwezemfundo? EJapane abezindaba bavame ukukhuluma nge-kireru—okuyigama elichaza indlela intsha ecasuka kalula ngayo uma ingaphansi kwengcindezi yokwenza okuthile. UKawanishi uthi: “Uma izingane zibonakala sengathi ziyahlanya, mhlawumbe kungenxa yokuthi azibheki imikhaya yazo njengekwazi ukulawula indlela eziziphatha ngayo.”
Isizathu Sokuba Nethemba
Ngokuqinisekile, siphila “ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Nokho, iBhayibheli lenza okungaphezu nje kokubikezela ukuthi abantu abaphila kulesi sikhathi bayobhekana nezinkinga ezandayo.
IBhayibheli linikeza iseluleko esiwusizo ngendlela intsha engathuthukisa ngayo ukuphila kwayo. UJehova uNkulunkulu, uMlobi weBhayibheli, ngothando ulangazelela ukufundisa intsha indlela engabhekana ngayo nezinselele. (IzAga 2:1-6) Ufuna ikujabulele ukuphila. IZwi lakhe linganikeza “ongenalo ulwazi ukukhalipha, nensizwa ulwazi nekhono lokucabanga.” (IzAga 1:4) Ake ucabangele indlela izimiso zeBhayibheli ezingasiza ngayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuzihlukanisa kwentsha ihlale yodwa emakamelweni ayo sekujwayelekile eJapane kangangokuthi isinikezwe igama elithi ama-hikikomori (onkom’ idlayodwa) Abanye abantu balinganisela ukuthi sekunama-hikikomori aphakathi kuka-500 000 kuya ku-1 000 000 eJapane.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ngokolunye ucwaningo, amantombazane ayeya ocansini cishe ayecindezeleka izikhathi ezingaphezu kwezintathu kunalawo angayi
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]
Umkhuba Wokuzilimaza
Umbiko kahulumeni waseBrithani ngo-2006 wembula ukuthi isibalo sentsha ephakathi kweminyaka engu-11 nengu-15 ebhema i-cocaine saphindeka kabili phakathi nonyaka. Kuthiwa intsha engaba ngu-65 000 yayike yazibhema izidakamizwa. EHolland amaphesenti angaphezu kwangu-20 entsha ephakathi kweminyaka engu-16 nengu-24 kuthiwa aphila ngotshwala ngezinga elithile futhi aze abe nezifo ezihlobene notshwala.
Intsha eningi iveza ubuhlungu ebuzwayo ngendlela yokuzilimaza yona ngokuqondile. Iyazisika, izilume, noma izishise. Abacwaningi uLen Austin noJulie Kortum bathi: “Kulinganiselwa ukuthi izigidi ezintathu zentsha yaseMelika iyazilimaza, futhi oyedwa osemusha kwabangu-200 sekuwumkhuba wakhe ukuzilimaza.
[Isithombe ekhasini 3]
Intsha eningi ayinabo abangane abaseduze engabathululela isifuba