Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/09 kk. 7-9
  • Indlela Intsha Engathola Ngayo Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Intsha Engathola Ngayo Usizo
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthombo Weseluleko Ongasethemba
  • Siza Umntanakho Akhule
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?—INgxenye 2
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 9/09 kk. 7-9

Indlela Intsha Engathola Ngayo Usizo

Ezweni elikahle, bonke abazali bebeyohlale benikeza izingane zabo isiqondiso sothando nokuqeqeshwa. Bebeyokhuluma nazo, bazifundele, badle nazo futhi bazazi kangcono. Kodwa, abazali abaphelele. IBhayibheli lisho ngokufanelekile ukuthi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.

Uma usemusha, ungase ube nomuzwa wokuthi ukuphila kwasekhaya akujabulisi kangako, futhi kungenzeka ukuthi uqinisile. Noma kunjalo, kuningi ongakwenza ukunciphisa ukukhathazeka futhi uthuthukise injabulo yakho. Phawula ezinye zezindlela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okungakusiza ngazo.

Icebiso lokuqala

Khetha Ukuba Nabantu Kunokuzihlukanisa

“Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Enye intsha ayikhululeki uma iphakathi kwabantu bese ikuthola kulula ukubuka i-TV noma ukudlala imidlalo ye-video. Enye inamahloni kakhulu, ngakho-ke ikhetha ukuhlala yodwa. U-Elizabeth ungomusha ozichaza ngokuthi “unamahloni ngendlela exakile.” Uthi: “Amahloni ami afana nokwesaba. Ngikuthola kunzima kakhulu ukuya kubantu ngixoxe nabo.”

U-Elizabeth uyisingathe kanjani lenselele yamahloni? Ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi njengengxenye yokukhulekela kwakhe, uya emihlanganweni yobuKristu njalo. Uthi: “Naphezu kokuba kwami namahloni, ngikwenza umgomo ukukhuluma nomuntu oyedwa emhlanganweni ngamunye. Uma kungenzekanga, ngizama ukungadumali. Kunalokho, ngigxila kulokho engikwazile ukukufeza. Ngithola ukuthi kungizuzise ngempela ukwazi abanye.”

Kungani ungabhali amagama abantu ababili noma abathathu ongathanda ukubazi kangcono? Kwenze umgomo kuleli sonto elizayo ukufunda okuthile okusha ngomunye wabo. Yibe usubhala okukodwa okuhle ongakwenzela ngamunye wabo enyangeni ezayo, futhi ukwenze.—IzEnzo 20:35.

Uma ubalekela izinkinga nabantu, ngokuzenzekelayo uyokhathazeka ngawe ngokweqile kunokuba kufanele. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liseluleka ukuba ‘singakhathaleli nje kuphela izindaba [zethu] siqu, kodwa futhi sikhathalele nezabanye.’ (Filipi 2:4) Uma usebenzisa lesi simiso lapho usebenzelana nabakini kanye nabanye abantu, uyobheka izinkinga zakho ngendlela efanele futhi ukwazi ukuzisingatha kangcono.

Icebiso lesibili

Balekela Ubufebe

‘Balekela ubufebe. Zonke ezinye izono umuntu angase azenze zingaphandle komzimba wakhe, kodwa lowo ofebayo wona owakhe umzimba.’ (1 Korinte 6:18) Ungakugwema kanjani ukunxenxelwa ukuba uhileleke ekuziphatheni okubi kobulili, njengoba kuyinto evame kangaka kwenye intsha?

Okokuqala, kudingeka ucabange ngale ndaba ngaphambi kokuba ubhekane nokucindezelwa noma nesilingo. IzAga zithi: “Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) UMbali, ongowesifazane osemusha waseNingizimu Afrika uthi: “Esikoleni samabanga aphakeme, kunomfana engangifunda naye ekilasini owayengishela njalo. Amanye amantombazane ayengicindezela ngokuthi ngimqome ngoba wayemuhle—engumkhangisi wemfashini futhi eseqenjini lebhola lesikole. Wayekhanga, kodwa ngase ngisenzile kakade isinqumo sokungayekethisi ezindinganisweni zami zokuziphatha. Ontanga yethu babenomuzwa wokuthi ukulala nomuntu ongathandani naye akunandaba ngempela. Kodwa ngangikwazi okulungile nokungalungile futhi ngenza isinqumo kusengaphambili sokuthi yini engiyoyenza uma ngibhekana nesimo esifana nalesi.”

Okwesibili, thandazela usizo kuNkulunkulu lokunamathela ezimisweni zakhe zokuziphatha. UMaggie, osemusha ohlala eNgilandi, uthi: “Umthandazo uyangisiza ukuba ngithole amandla engiwadingayo okubhekana nokucindezelwa kokuba ngihileleke ebulilini. Angizitsheli ukuthi ngingakwazi ukusisingatha ngokwami lesi simo. Ngiyakhuluma nabazali bami ngale ndaba futhi ngezinye izikhathi ngixoxe nabanye abangane abavuthiwe.”

Icebiso lesithathu

Hlakulela Uzwela Ngabazali Bakho

“Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa.” (1 Petru 3:8) Awunakukulawula ukuthi abazali bakho bayahlukana noma cha, nokuthi bazosebenza bobabili yini. Kodwa ngezinga elithile ungakwazi ukunquma ukuthi uyazivumela yini izinselele ezinjalo ukuba zibuqede ubuhlobo bakho nabo. Enye indlela ongakunciphisa ngayo ukukhathazeka futhi wandise injabulo yakho iwukuhlakulela uzwela ngabazali bakho ngokuzama ukuqonda izinselele ababhekena nazo.

Osemusha okuthiwa u-Amber wasisebenzisa lesi seluleko. Uyavuma ukuthi ubuhlobo bakhe nonina ngezinye izikhathi buba nezingcindezi, ukungaqondani nokukhungatheka. Noma kunjalo, uthi: “Umama uye wabhekana nezinto eziningi ekuphileni kwakhe. Uye wasikhulisa sobane eyedwa. Ubelokhu eqiniseka ukuthi sinendawo yokuhlala, sinokudla futhi sinezingubo zokugqoka. Ngiwazisa kakhulu amandla akhe, futhi ngiyethemba ukuthi ngiyobonisa ukuzimisela okufanayo lapho ngibhekana nobunzima.”

Uma uzama ukuzibeka esimweni sabazali futhi uqonda nendlela abazizwa ngayo, kuyokusiza ukuba ubheke izinkinga zakho ngendlela efanele. Ukwenza kanjalo kungakusiza nokuba uqaphele futhi ulingise izimfanelo ezinhle zabazali bakho.

Umthombo Weseluleko Ongasethemba

Amacebiso angenhla ayisibonelo nje sokuhlakanipha okusebenzayo okutholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Njengoba ufunda okwengeziwe ngale ncwadi, uyosazisa iseluleko esinokwethenjelwa esinikezayo.a

Enye indlela ongafunda ngayo okwengeziwe ngeBhayibheli iwukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova nokulifunda kanye nabo. Phakathi kwabo uyothola abangane beqiniso abayokusekela ngezikhathi ezinzima futhi bakusize usebenzise iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli ekuphileni kwakho. Ukuphila ngezimiso zeBhayibheli akulula neze. Kodwa uma ukhetha le ndlela yokuphila, uyozizuzisa phakade.—Isaya 48:17, 18.

[Umbhalo waphansi]

a Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo Umqulu 2, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, iwumthombo omuhle kakhulu weseluleko esisekelwe eBhayibhelini ngokuqondene nokuthi intsha ingazisingatha kanjani izingcindezi ebhekana nazo. Ukwaziswa okufanayo kuyatholakala naseNgosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 8, 9]

Lokho Abasha Abakudinga Kubazali

Ukuchitha Isikhathi Nabo: UJehova uNkulunkulu watshela abazali abangama-Israyeli ukuthi kwakufanele bakhulume njalo nezingane zabo—“lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Lokhu kudinga ukuba abazali bachithe isikhathi nezingane zabo. Ngokusobala uJesu wayenomuzwa wokuthi izingane zazikufanelekela ukuba nesikhathi naye. Ngokwesibonelo, lapho ‘abantu beletha abantwana kuye ukuze abathinte,’ uJesu wasabela kanjani? “Wabasingatha abantwana wababusisa.” (Marku 10:13, 16) Yeka isibonelo esihle kubazali!

Ukuxoxa Okuqotho, Okukhululekile: IBhayibheli lithi: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba.” (IzAga 15:22) Ukuthululelana isifuba nezingane zakho kwakudingeka lapho zisencane. Lokhu kubaluleke nakakhulu phakathi neminyaka yokukhula, lapho abasha cishe bechitha khona isikhathi esincane ekhaya nesiningi besesikoleni nabangane noma abanye abantu. Uma kungekho ukuthululelana izifuba—kungekho ukuxoxa okuqotho nokukhululekile phakathi kwezingane nabazali—abasha bangaphenduka izihambi ekhaya.

Isiyalo Esifanelekile: Isiyalo sinikeza umqondo wokulungiswa nokuqeqeshwa—nakuba ukujezisa nakho kungase kudingeke. IzAga 15:5 zithi: “Noma ngubani oyisiwula uyasedelela isiyalo sikayise, kodwa noma ngubani okunakayo ukusolwa ukhaliphile.” Osemusha ngeke ‘akunake ukusolwa’ uma kunganikezwa. Yiqiniso, lapho beyala abasebasha, abazali kudingeka balinganisele. Kufanele bakugweme ukuba nesandla esiqine ngokweqile baze bakhungathekise abantwana, mhlawumbe babenze bazinyeze nokuzinyeza. (Kolose 3:21) Ngesikhathi esifanayo, abazali abafuni ukuba ovuma zonke baze bahluleke ukunikeza izingane zabo ukuqeqeshwa okufanele. Ukuvuma yonke into kungaba nomphumela oyingozi.b

[Umbhalo waphansi]

b Ukuze uthole indaba eyengeziwe bheka izahluko 5 no-6 encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela