Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/10 k. 5
  • Cela Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Cela Usizo
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Ongakuyeka Ngayo
    I-Phaphama!—2000
  • Kulungele Ukubhekana Nezinkinga
    I-Phaphama!—2010
  • Kungani Kumelwe Ukuyeke Ukubhema?
    I-Phaphama!—2000
  • “Ungawuyeka—Nathi Sawuyeka!”
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 5/10 k. 5

Cela Usizo

“Uma othile engase akwazi ukuhlula umuntu oyedwa kuphela, ababili ndawonye bangase bakwazi ukumelana naye.”—UmShumayeli 4:12.

LAPHO abanye besisekela, siba sethubeni elingcono lokunqoba isitha—kungakhathaliseki ukuthi siyini noma singubani. Ngakho uma ufuna ukunqoba umkhuba wokubhema, kungase kube ukuhlakanipha ukucela usizo kwabakini nakubangane—nakunoma ubani oyokusekela ngobuqotho nangesineke.

Cabangela ukucela usizo lwalabo abaye bawuyeka lo mkhuba, ngoba ngeke nje bagcine ngokuzwelana nawe kodwa futhi bayokusiza. UTorben waseDenmark ongumKristu, uthi, “Ukusekelwa abanye kwakuyinto ebaluleke kakhulu kimi.” U-Abraham, ohlala eNdiya, uyabhala: “Uthando oluqotho lomndeni wami nolwamanye amaKristu lwangisiza ukuba ngiyeke ukubhema.” Kodwa ngezinye izikhathi, ngisho nokusekelwa umndeni nabangane akwanele.

Indoda egama layo linguBhagwandas, ithi, “Kwase kuphele iminyaka engu-27 ngibhema, kodwa ngenxa yokuzwa lokho iBhayibheli elikushoyo ngemikhuba engcolile, nganquma ukukuyeka. Ngazama ukunciphisa izinga engangibhema ngalo. Ngashintsha abangane. Ngahamba ngayofuna usizo kubeluleki. Kodwa konke akuzange kusebenze. Ekugcineni ngolunye usuku ebusuku ngathulula isifuba sami kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo ngamncenga ukuba angisize ngiyeke ukubhema. Ekugcineni, ngaphumelela!”

Okunye okubalulekile ukukwenza ukuzilungiselela ukubhekana nobunzima. Yibuphi lobu bunzima? Isihloko esilandelayo sizochaza.

[Ibhokisi ekhasini 5]

INGABE KUFANELE USEBENZISE IMITHI?

Imithi esiza ababhemayo ukuba bayeke enjenge-nicotine patch, isiyimboni eyenza izigidi zamaRandi. Ngaphambi kokuyisebenzisa, cabangela imibuzo elandelayo:

Ziyini izinzuzo? Izindlela eziningi zokwelapha abantu abanalo mkhuba kuthiwa zikwenza lokhu ngokunciphisa ukuqaleka. Kodwa iyangatshazwa imiphumela lokhu okuyoyiveza ngokuhamba kwesikhathi.

Ziyini izingozi? Eminye yemithi yokwelapha ibangela izinkinga zempilo ezinjengesicanucanu, ukucindezeleka nemicabango yokuzibulala. Khumbula nokuthi ukwelashwa ngokukhipha i-nicotine ngesinye isidakamizwa nakho kubangela ezinye izinkinga zempilo. Ngakho, empeleni umuntu oyisebenzisayo usuke esewumlutha ngandlela-thile.

Yiziphi ezinye izindlela ezikhona? Kwenye inhlolo-vó, amaphesenti angu-88 abantu abakwazi ukuyeka ukubhema bathi bavele bayeka ukubhema ngaphandle kokusebenzisa imithi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela