Ingabe Umhlaba Ubuyoba Ngcono Ngaphandle Kwenkolo?
IQEMBU elisha labangakholelwa kuNkulunkulu linombono womhlaba ongenayo inkolo—ongenabo abantu abaziqhumisa ngamabhomu babulale abanye, izimpi ezingokwenkolo nabefundisi abaqola abantu imali. Ingabe lo mbono uyakukhanga?
Ngaphambi kokuba uphendule, zibuze, ‘Ingabe bukhona yini ubufakazi bokuthi ukungakholelwa kuNkulunkulu kungenza umhlaba ube ngcono?’ Cabanga: Abantu baseCambodia abayizigidi ezingu-1,5 bafa lapho iKhmer Rouge izama ukumisa isifunda sabangakholelwa kuNkulunkulu sobuMarxist. E-USSR eyayinomthetho wokungakholelwa kuNkulunkulu, ukubusa kukaJoseph Stalin kwabangela ukufa kwamashumi ezinkulungwane zabantu. Kuyavunywa ukuthi, lezo zenzo ezimbi akunakuthiwa zabangelwa ukungakholelwa kuNkulunkulu ngokuqondile. Kodwa ziyabonisa ukuthi ukubusa kokungakholelwa kuNkulunkulu akuqinisekisi ukuthi kuzoba nokuthula nobunye.
Bambalwa abantu abangaphika ukuthi inkolo iye yabangela ukuhlupheka okuningi. Kodwa, ingabe lokhu kuyiphutha likaNkulunkulu? Cha! Akanakusolwa ngalokhu, njengoba nje nomakhi wemoto engenakusolwa ngengozi ebangelwe umshayeli obesebenzisa umakhalekhukwini. Ukuhlupheka kwesintu kunezimbangela eziningi, enye yazo inkulu kakhulu kunezinkolelo zabantu. IBhayibheli liyibiza ngokuthi ukungapheleli okuyifa. “Ngoba bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Lokhu kuthambekela esonweni kubangela ubugovu, ukuzidla, isifiso sokuba nezindinganiso zokuziphatha ezingalawulwa muntu kuhlanganise nobudlova. (Genesise 8:21) Kubangela nokuba abantu bakhethe izinkolelo ezivuna izenzo ezimbi. (Roma 1:24-27) UJesu Kristu washo kufanele ukuthi: “Enhliziyweni kuvela imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza.”—Mathewu 15:19.
Kubalulekile Ukwehlukanisa Kahle
Kuleli qophelo, kufanele kuhlukaniswe phakathi kokukhulekela kweqiniso—okuwukukhulekela okwamukelekayo emehlweni kaNkulunkulu—nokwamanga. Ukukhulekela kweqiniso kungasiza abantu ukuba balwe nokuthambekela ebubini. Kungakhuthaza uthando, ukuthula, umusa, ubuhle, ubumnene, ukuzithiba, ukwethembeka emshadweni nokuhlonipha abanye. (Galathiya 5:22, 23) Ngakolunye uhlangothi, inkolo yamanga ingase ihambisane nalokho okuthandwa yiningi—‘ukukitaza izindlebe,’ njengoba iBhayibheli lisho—ngokuthalalisa ezinye zezinto ezimbi uJesu azilahla.—2 Thimothewu 4:3.
Ingabe nokungakholelwa kuNkulunkulu kungaba nesandla endleleni yokuziphatha engaqondakali noma edidayo? ‘Ukungabikhona kukaNkulunkulu’ kusho ukungabikhona kwesibopho sokulandisa egunyeni elingokwaphezulu, kuhlanganise “nokungabi nezindinganiso okufanele sizihloniphe,” kusho uprofesa wezomthetho uPhillip Johnson. Ngakho-ke, umuntu uzinqumela yena indlela yokuziphatha ayibona ifanele—uma ekhetha ukwenze njalo. Akungabazeki ukuthi ukucabanga okunjalo kwenza ukungakholelwa kuNkulunkulu kube yifilosofi ekhangayo kubantu abathile.—IHubo 14:1.
Kodwa, iqiniso liwukuthi uNkulunkulu ngeke awabekezelele phakade amanga enkolo noma ukungakholelwa kuYe—kuhlanganise nalabo abawabhebhezelayo.a Uyathembisa: “Ngabaqotho [ngokokuziphatha nangokomoya] abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.” (IzAga 2:21, 22) Umphumela uyoba yinto engeke ifinyelelwe abantu, amafilosofi abo nemfundo yabo—okuwukuthula kwendawo yonke nenjabulo.—Isaya 11:9.
[Umbhalo waphansi]
a Incazelo enengqondo yeBhayibheli ngokuphathelene nokubekezelela kukaNkulunkulu kwesikhashana ububi nokuhlupheka, ingatholakala esahlukweni 11 sensiza-kufundisa ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 6]
UMBONO KANKULUNKULU NGOBUDLOVA OBUNYANTISAYO OBUNGOKWENKOLO
Izwe elanikwa u-Israyeli lalihlala amaKhanani, abantu abangcolile ababeziphatha kabi ngokobulili—okuhlanganisa ukulala nezihlobo, ucansi lwendunu nokulala nezilwane—benza nemikhosi yokunikela ngezingane zabo. (Levitikusi 18:2-27) Incwadi ethi Archaeology and the Old Testament ithi lapho kuvubukulwa “kutholakale izindunduma zemilotha namathambo ezingane ezincane emathuneni aseduze nama-altare onkulunkulu bezizwe, okubonisa ukuthi lo mkhuba [wokunikela ngezingane] wawande kangakanani kule ndawo.” Abantu baseKhanani babekhulekela onkulunkulu babo ngokuziphatha kabi ngokobulili futhi benikela ngamazibulo abo kulabo nkulunkulu, kusho incwadi ethile yeBhayibheli. Iyanezela: “Abavubukuli ababemba emanxiweni amadolobha aseKhanani bayamangala ukuthi uNkulunkulu akasheshanga ukuwabhubhisa.”
Ukubhubhisa kukaNkulunkulu abantu baseKhanani kuyisikhumbuzo esisangulukisayo kithi namuhla sokuthi ngeke abubekezelele phakade ububi obenziwa ngegama lakhe. “[UNkulunkulu] umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo umhlaba owakhiwe ngokulunga,” kusho izEnzo 17:31.
[Izithombe ekhasini 7]
Kokubili abakholwayo nabangakholwa baye bahileleka ezenzweni zobudlova ezinyantisayo
ISonto lisekela uHitler
Izingebhezi zezisulu zeKhmer Rouge, eCambodia
[Umthombo]
AP Photo