Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/11 k. 20
  • Ukulala—Kubaluleke Kangakanani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulala—Kubaluleke Kangakanani?
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
  • Ukulala—Ingabe Kuyisenzo Sokunethezeka Noma Kuyadingeka?
    I-Phaphama!—2003
  • Ukulala Ngokwanele
    I-Phaphama!—2004
  • Ingabe Kufanele Sikhathazeke Ngentsha Eyozelayo?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 1/11 k. 20

Ukulala—Kubaluleke Kangakanani?

● Ucwaningo lwamanje lubonisa ukuthi umuntu waseNyakatho Melika manje uselala amahora angaba yisikhombisa noma isikhombisa nesigamu ngosuku.a Kubaluleke kangakanani ukulala? Lapho umuntu elele, udlula ezigabeni zokulala okuthiwa ukunyakaza kwamehlo okusheshayo njalo ngemva kwemizuzu engu-60 kuya kwengu-90 phakathi nabo bonke ubusuku. Phakathi nale mijikelezo ingqondo isuke isebenza kakhulu futhi abacwaningi bakholelwa ukuthi isuke izivuselela. Abanye abacwaningi bathi uma umjikelezo wokulala uphazamiseka futhi umuntu ephelelwa ubuthongo, kancane kancane umzimba uyalimala. Ukusebenza kwengqondo kuyathikamezeka, okwenza ukuba umuntu ahluleke ukusebenza ngomdlandla kubangele nezinye izinkinga emzimbeni.

Izinto ezinjenge-caffeine, zingase zivimbe ikhemikhali ebangela ubuthongo okwesikhashana. Kodwa, ubuchopho bethu bunokuthile okubangela ubuthongo uma umzimba wethu usukhathele, okubangela lokho okubizwa ngokuthi isihlwathi. Ngokwephephandaba i-Toronto Star, “kungakhathaliseki ukuthi wenzani, ingqondo engazange ilale ngokwanele izolokhu iba neziqubu zokozela ezithatha imizuzwana eyishumi kuya emzuzwini owodwa.” Cabanga nje ushayela imoto ehamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-50 ngehora bese kulokhu kuthi lelele imizuzwana eyishumi. Phakathi naleso sikhathi, ungabe usuhambe ibanga elilingana nenkundla kanobhutshuzwayo. Ngaphezu kwalokho, ukungalali lapho kudingeka kungakhinyabeza amasosha omzimba, ngoba lapho silele umzimba ukhiqiza amangqamuzana okuthiwa ama-T cell alwa namagciwane. Uma silele imizimba yethu ikhiqiza ne-hormone okuthiwa i-leptin esiza ekulawuleni ukulamba. Ngempela, umzimba uyakudinga ukulala njengoba nje ukudinga nokuvivinywa nokondliwa okufanele.

Ingabe ukusebenza ngokweqile kukwenza ungalali ngokwanele? Kuthiwani ngezinkathazo zokuphila nokukhathazeka ngokuthi yini oyibekele ingomuso? Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Bumnandi ubuthongo balowo okhonzayo, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kuningi akudlayo; kodwa inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.”—UmShumayeli 5:12.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka izihloko ezikhulumela ukulala ngokwanele kuyi-Phaphama! ka-February 8, 2004.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela